Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

“Isikhathi Sokuthula”

“Isikhathi Sokuthula”

“Isikhathi Sokuthula”

“UKUKHULUMA kunjengesiliva, kodwa ukuthula kunjengegolide.” Sisho njalo isaga esidala okuthiwa esaseMpumalanga. Ngokwe-Brewer’s Dictionary of Phrase and Fable, isaga sesiHebheru esisho okufanayo sithi: “Ukube umuntu ubethola ishekeli elilodwa ngokukhuluma igama elilodwa, ubengathola amabili ngokuthula.” USolomoni, inkosi ehlakaniphile yakwa-Israyeli wasendulo, naye wabhala: “Konke kunesikhathi sakho, yonke indaba inomzuzu wayo phansi kwezulu . . . isikhathi sokuthula nesikhathi sokukhuluma.”—UmSh. 3:1, 7, iBhayibheli lesiZulu elivamile.

Nokho, kunini lapho kufaneleka khona ukuthula kunokukhuluma? Igama elithi “ukuthula” livela kaningi eBhayibhelini. Umongo leli gama elivela kuwo ubonisa ukuthi ukuthula kuyafaneleka okungenani ezimweni ezintathu ekuphileni. Ake sixoxe kabanzi ngokuthi kunini lapho ukuthula kuwuphawu lwenhlonipho khona, kuwubufakazi bokuqonda futhi kuyithuba lokuzindla.

Uphawu Lwenhlonipho

Ukuthula kuwuphawu lwenhlonipho. Umprofethi uHabakuki wathi: “UJehova usethempelini lakhe elingcwele. Thula phambi kwakhe, mhlaba wonke!” (Hab. 2:20) Abakhulekeli beqiniso kumelwe ‘balinde, yebo buthule, balindele insindiso kaJehova.’ (IsiL. 3:26) Umhubi wahlabelela: “Thula phambi kukaJehova umlinde ngokulangazela. Ungafuthelani ngenxa yomuntu owenza indlela yakhe iphumelele.”—IHu. 37:7.

Singakwazi yini ukudumisa uJehova ngaphandle kokukhuluma? Akwenzeki yini ngezinye izikhathi sikhexe lapho sibuka ubuhle bendalo? Ukucabanga ngalobo buhle obumangalisayo akuyona yini indlela yokudumisa uMdali ngenhliziyo? Umhubi uDavide waqala enye yezingoma zakhe ngala mazwi: “O Nkulunkulu, kukhona ukudunyiswa kwakho—ukuthula—eZiyoni; futhi siyofezwa kuwe isithembiso esifungelwe.”—IHu. 65:1.

Njengoba kufanele sihloniphe uJehova, namazwi akhe kufanele siwahloniphe. Ngokwesibonelo, ngesikhathi umprofethi kaNkulunkulu, uMose, ebeka inkulumo yakhe yokuvalelisa isizwe sakwa-Israyeli, yena nabapristi banxusa bonke ababethamele: ‘Thulani nilalele. Kumelwe nililalele izwi likaJehova uNkulunkulu wenu.’ Ngisho nezingane zama-Israyeli kwakumelwe zilalelisise lapho isizwe sakwa-Israyeli sihlangene ngenjongo yokufunda uMthetho kaNkulunkulu. UMose wathi: ‘Buthani abantu, amadoda nabesifazane nabancane ukuze bafunde.’—Dut. 27:9, 10; 31:11, 12.

Yeka indlela okufaneleka ngayo ukuba abakhulekeli bakaJehova banamuhla balalelisise ngenhlonipho lapho befundiswa emihlanganweni yebandla nakwemikhulu! Lapho isikhulumi sisifundisa amaqiniso eBhayibheli abalulekile, uma silokhu sikhuluma ngokungadingekile ngeke yini kwabonisa ukuthi sintula inhlonipho ngeZwi likaNkulunkulu nangenhlangano yakhe? Lapho imihlangano iqhubeka, kuyisikhathi sokuthula nokulalela.

Ngisho nalapho sixoxa nothile, ukuba isilaleli esihle kuwuphawu lwenhlonipho. Ngokwesibonelo, inzalamizi uJobe yatshela ababeyibeka icala: ‘Ngiyaleni, mina ngizothula.’ UJobe wayezimisele ukuthula alalele ngesikhathi bekhuluma. Lapho sekuyithuba lokuba akhulume, wacela: “Thulani phambi kwami ukuze mina ngikhulume.”—Jobe 6:24; 13:13.

Ubufakazi Bokuqonda

IBhayibheli lithi: “Obamba izindebe zakhe wenza ngokuqonda.” “Umuntu onokuqonda okubanzi yilowo othulayo.” (IzAga 10:19; 11:12) Cabanga ngendlela uJesu akubonisa kahle ngayo ukuqonda ngokungasho lutho. Lapho ebona ukuthi ukukhuluma esimweni esishubile esasidalwe izitha zakhe kwakungeke kusize ngalutho, “uJesu waqhubeka ethule.” (Math. 26:63) Kamuva, lapho equliswa uPilatu, uJesu “akaphendulanga.” Wabonisa ukuqonda, wakhetha ukuba idumela lakhe limkhulumele.—Math. 27:11-14.

Nathi senza ngokuhlakanipha uma sithula, ikakhulu lapho sicasukile. Isaga seBhayibheli sithi: “Owephuzayo ukuthukuthela ugcwele ukuqonda, kodwa ongenaso isineke uphakamisa ubuwula.” (IzAga 14:29) Ukusheshe siphendule lapho isimo sishubile kungaholela ekukhulumeni amazwi esiyozisola ngawo. Ezimweni ezinjalo, amazwi ethu angase azwakale ewubuwula futhi ngenxa yalokho singase siziphuce ukuthula kwengqondo.

Kubonisa ukuqonda ukuqapha esikushoyo lapho siphakathi kwabantu ababi. Lapho abantu besihleka usulu enkonzweni yethu, kungase kufaneleke ukuba sithule. Ngaphezu kwalokho, ngeke yini kwaba ukuhlakanipha ukuba ngezinye izikhathi sithule ukuze kungabonakali sengathi sihambisana namahlaya noma nenkulumo engcolile eshiwo esifunda nabo noma esisebenza nabo? (Efe. 5:3) Umhubi wabhala: “Ngizofaka isifonyo sibe ngumqaphi emlonyeni wami, uma nje omubi esengaphambi kwami.”—IHu. 39:1.

Umuntu “onokuqonda okubanzi” uyayigcina imfihlo. (IzAga 11:12) UmKristu weqiniso ngeke aphahluke, akhiphe izindaba eziyimfihlo. Abadala abangamaKristu kumelwe baqaphe ngokukhethekile kule ndaba ukuze amalungu ebandla ahlale ebathemba.

Ukuthula kungasho lukhulu. Kungaba nemiphumela emihle. Umlobi oyiNgisi wekhulu le-19 leminyaka, uSydney Smith wabhala lokhu ngomunye wabantu ayephila nabo: “Ngezinye izikhathi uyathula futhi lokho kwenza ukuxoxa naye kube mnandi kakhulu.” Ngempela, engxoxweni yabo yansuku zonke, abantu ababili abangabangane kufanele banikezane ithuba lokukhuluma. Umuntu onekhono elihle lokuxoxa kumelwe abe isilaleli esihle.

USolomoni waxwayisa: “Lapho kukhona amazwi amaningi asiphuthi iseqo, kodwa obamba izindebe zakhe wenza ngokuqonda.” (IzAga 10:19) Ngakho, lapho umuntu engakhulumi kakhulu, aba mancane namathuba okuba akhulume engacabanganga. Empeleni, “ngisho noma ubani oyisiwula, lapho ethule, uyobhekwa njengohlakaniphile; noma ubani ovala izindebe zakhe, uyobhekwa njengonokuqonda.” (IzAga 17:28) Ngakho-ke, kwangathi singacela uJehova ukuba ‘abekele izindebe zethu umqaphi.’—IHu. 141:3.

Kusinika Ithuba Lokuzindla

ImiBhalo isitshela ukuthi umuntu olandela indlela yokulunga “ufunda umthetho [kaNkulunkulu] ngezwi eliphansi imini nobusuku.” (IHu. 1:2) I-Amplified Bible ifundeka kanje: “Unomkhuba wokuzindla ngomthetho waKhe . . . emini nasebusuku.” Isiphi isimo esikufanelekela kangcono ukuzindla okunjalo?

U-Isaka, indodana yenzalamizi u-Abrahama, “wayephumile ehambahamba ukuze azindle esigangeni kusihlwa.” (Gen. 24:63) Wakhetha ukuzindla ngesikhathi esithule nasendaweni ethule. INkosi uDavide yayizindla ngesikhathi esithule semilindo yasebusuku. (IHu. 63:6) Umuntu ophelele uJesu wenza umzamo ukuze anelise isidingo sakhe sokuba yedwa futhi azindle, ekude nokuxokozela kwezixuku, kude le ezintabeni, ezingwadule nakwezinye izindawo ezingenabantu.—Math. 14:23; Luka 4:42; 5:16.

Akunakuphikwa ukuthi ukuthula kuyaqabula. Ukuthula kungasinikeza ithuba lokuzihlola kahle—into edingekayo ukuze sithuthuke. Ukuthula kungasinika ukuthula kwengqondo. Ukuzindla ngezikhathi ezithule kungasenza sibe nesizotha, sithobeke futhi kungajulisa ukwazisa kwethu izinto ezibaluleke ngempela ekuphileni.

Nakuba ukuthula kukuhle, ‘kunesikhathi sokukhuluma.’ (UmSh. 3:7) Namuhla abakhulekeli beqiniso bamatasa bashumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu “emhlabeni wonke owakhiwe.” (Math. 24:14) Kuba nenhlokomo yenjabulo njengoba laba bakhulekeli banda. (Mika 2:12) Ngakho-ke, masilwele ukuba phakathi kwalabo abamemezela izindaba ezinhle zoMbuso ngentshiseko nabakhuluma ngemisebenzi kaNkulunkulu emangalisayo. Njengoba sihlanganyela kulo msebenzi obalulekile, kwangathi indlela yethu yokuphila nayo ingabonisa ukuthi siyaqaphela ukuthi ngezinye izikhathi ukuthula kunjengegolide.

[Isithombe ekhasini 3]

Lapho sisemihlanganweni yethu yobuKristu kufanele silalele futhi sifunde

[Isithombe ekhasini 4]

Lapho sithukwa enkonzweni yethu kungase kufaneleke ukuba sithule

[Isithombe ekhasini 5]

Ukuthula kusisiza ukuba sizindle