Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Madoda, Lingisani Uthando LukaKristu!

Madoda, Lingisani Uthando LukaKristu!

Madoda, Lingisani Uthando LukaKristu!

NGOBUSUKU bokugcina ngaphambi kokufa kwakhe, uJesu watshela abaphostoli bakhe abathembekile: “Ngininika umyalo omusha, wokuba nithandane; njengoba nje nami nginithandile, ukuba nani nithandane. Bonke bayokwazi ngalokho ukuthi ningabafundi bami, uma ninothando phakathi kwenu.” (Joh. 13:34, 35) Ngempela, amaKristu eqiniso kumelwe athandane.

Ekhuluma ngokukhethekile namadoda ashadile angabalandeli bakaKristu, umphostoli uPawulu wabhala: “Madoda, qhubekani nithanda omkenu, njengoba nje noKristu alithanda ibandla futhi wazinikela ngenxa yalo.” (Efe. 5:25) Indoda engumKristu ingasisebenzisa kanjani lesi seluleko somBhalo emshadweni wayo, ikakhulukazi uma umkayo eyinceku kaJehova ezinikezele?

UKristu Wayelazisa Ibandla

IBhayibheli lithi: “Amadoda kufanele athande omkawo njengemizimba yawo siqu. Lowo othanda umkakhe uzithanda yena, ngoba akekho umuntu owake wazonda inyama yakhe; kodwa uyayondla futhi ayinakekele ngesisa, njengoba noKristu enza kulo ibandla.” (Efe. 5:28, 29) UJesu wayebathanda abafundi bakhe futhi babengaconsi phansi kuye. Wayebazisa. Nakuba babengaphelele, wayenesineke nomusa kubo. Wagxila ezimfanelweni ezinhle zabafundi bakhe ukuze “ethule ibandla kuye ngokwakhe lisebukhazikhazini balo.”—Efe. 5:27.

Njengoba uKristu alibonisa uthando ibandla, kanjalo nendoda kumelwe ibonise umkayo uthando ngamazwi nangezenzo. Inkosikazi eboniswa njalo ukuthi iyathandwa izizwa yaziswa futhi iyajabula. Ngakolunye uhlangothi, inkosikazi enekhaya elihle nazo zonke izinto ezidingayo, ingase izizwe ingajabule neze uma umyeni wayo engayinaki.

Indoda ibonisa kanjani ukuthi iyamazisa umkayo? Uma bephambi kwabantu, indoda imethula ngendlela ebonisa inhlonipho umkayo futhi iyamncoma ngokukhululekile ngokuyisekela kwakhe. Uma umkayo ebe neqhaza elikhulu ekuphumeleleni kwento ethile ephathelene nomkhaya, ayinanazi ukutshela abanye ngakho. Noma bebodwa, umkayo uyezwa ukuthi uyathandwa. Ukumthinta, ukummomothekela, ukumanga nokumncoma kungase kube yizinto ezincane, kodwa kuye, zisho lukhulu.

“Akanamahloni Okubabiza Ngokuthi ‘Abafowethu’”

UKristu Jesu ‘wayengenamahloni ukubiza [abalandeli bakhe abagcotshiwe] ngokuthi “abafowethu.”’ (Heb. 2:11, 12, 17) Uma uyindoda engumKristu, khumbula nokuthi umkakho ubuye abe udadewenu ongumKristu. Ukuzinikezela kwakhe kuJehova kubaluleke kakhulu ukwedlula izibopho zenu zomshado, kungakhathaliseki ukuthi wabhapathizwa ngaphambi noma ngemva kokuba nishadile. Ebandleni, lapho umzalwane ekhomba umkakho ukuba aphendule, umbiza ngokufanele ngokuthi “Dade.” Nawe ungudadewenu, hhayi eHholo LoMbuso kuphela kodwa nasekhaya. Kubalulekile ukuba ukhulume kahle naye futhi umbonise umusa lapho nisekhaya ngendlela okufanele kube ngayo naseHholo LoMbuso.

Uma unemithwalo yemfanelo yenkonzo eyengeziwe ebandleni, kungase kube inselele ngezinye izikhathi ukulinganisela phakathi kwemithwalo yakho yemfanelo yasebandleni neyasekhaya. Ukubambisana okuhle phakathi kwabadala nezinceku ezikhonzayo nokwaba imisebenzi ngendlela enhle kungakunika isikhathi sokuba unakekele udade okudinga kakhulu kunabo bonke—umkakho. Khumbula, ngokungangabazeki baningana abazalwane abangafeza imisebenzi oyinikeziwe ebandleni, kodwa nguwe kuphela ongumyeni womkakho.

Ngaphezu kwalokho, nguwe inhloko yomkakho. IBhayibheli lithi: “Inhloko yawo wonke amadoda nguKristu; nenhloko yowesifazane yindoda.” (1 Kor. 11:3) Kufanele ubusebenzise kanjani lobu bunhloko? Ngendlela enothando, hhayi ngokulokhu umcaphunela leli vesi elisanda kushiwo, ufune ukuhlonishwa ngenkani. Isihluthulelo sokuba inhloko enhle siwukulingisa uJesu Kristu endleleni ophatha ngayo umkakho.—1 Pet. 2:21.

“Ningabangane Bami”

UJesu wabiza abalandeli bakhe ngokuthi abangane bakhe. Wabatshela: “Angisanibizi ngokuthi niyizinceku, ngoba inceku ayikwazi lokho inkosi yayo ekwenzayo. Kodwa nginibizé ngokuthi ningabangane, ngoba zonke izinto engizizwe kuBaba nginazisile zona.” (Joh. 15:14, 15) UJesu nabafundi bakhe babexoxa ngokukhululekile. Babenza nezinto ndawonye. “UJesu” wamenywa edilini lomshado eKhana “nabafundi bakhe.” (Joh. 2:2) Babenezindawo abathanda ukuya kuzo, njengasensimini yaseGetsemane. IBhayibheli lithi “uJesu nabafundi bakhe babeye bahlangana khona izikhathi eziningi.”—Joh. 18:2.

Ngokuqinisekile inkosikazi kudingeka izwe ukuthi ingumngane omkhulu womyeni wayo. Yeka ukuthi kubaluleke kangakanani ukuthi nina madoda nani makhosikazi nenze izinto ndawonye! Khonzani uNkulunkulu ndawonye. Kujabuleleni ukutadisha iBhayibheli ndawonye. Chithani isikhathi ndawonye—nihambe, nixoxe futhi nidle ndawonye. Ningagcini nje ngokuba umbhangqwana oshadile; yibani amathe nolimi.

“Wabathanda Kwaze Kwaba Sekupheleni”

UJesu ‘wathanda abafundi bakhe kwaze kwaba sekupheleni.’ (Joh. 13:1) Amanye amadoda ayehluleka ukulingisa uKristu kulokhu. Amanye aze ashiye ‘umfazi wobusha bawo,’ ngoba mhlawumbe efuna osemusha.—Mal. 2:14, 15.

Amanye, njengoWilli, alingisa uKristu. Ngenxa yempilo yayo ewohlokayo, inkosikazi yakhe kwaphela iminyaka eminingi idinga ukunakekelwa njalo. UWilli wayezizwa kanjani ngalokhu? Wathi: “Selokhu sashada, umkami ngimbheka njengesipho esivela kuNkulunkulu futhi ngimazisa kakhulu. Ngaphandle nje kwalokho, eminyakeni engu-60 edlule, ngamthembisa ukuthi ngiyomnakekela ebuhleni nasebubini. Angisoze ngasilibala leso sithembiso.”

Madoda angamaKristu, lingisani uthando lukaKristu. Baziseni omkenu abesaba uNkulunkulu—abangodadewenu nabangane benu.

[Isithombe ekhasini 20]

Ingabe umkakho ungumngane wakho omkhulu?

[Isithombe ekhasini 20]

‘Qhubeka uthanda umkakho’