Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

Isiphi isifundo esisencwadini yezAga 24:27?

Lapho umlobi wezAga eluleka insizwa, uthi: “Lungisa umsebenzi wakho ngaphandle, uzilungisele wona ensimini. Kamuva wakhe futhi indlu yakho.” Lesi saga esiphefumulelwe siveza liphi iphuzu? Lokuthi indoda kufanele ilungiselele kahle ngaphambi kokuba ishade futhi ibe nabantwana, iqaphela imithwalo yemfanelo ehambisana nomshado.

Esikhathini esedlule, ngezinye izikhathi leli vesi belichazwa ngokuthi indoda eshadile futhi enezingane akumelwe ikhathalele kuphela umsebenzi wayo wokuziphilisa kodwa futhi kufanele yakhe, noma ikhuthaze, umkhaya wayo, ngokwesibonelo ngokuwufundisa izinto ezingokomoya. Nakuba lo mqondo ngokuqinisekile uyiqiniso futhi ungokomBhalo, akubonakali uyilokho okushiwo yileli vesi. Ngaziphi izizathu? Cabangela ezimbili.

Esokuqala, leli vesi alikhulumi ngokwakha ngomqondo wokukhuthaza noma ukuqinisa umkhaya osukhona. Kunalokho, lidlulisela umqondo wokwakha indlu. Igama elihunyushwe ngokuthi ‘akha’ lingasebenza nangomqondo ongokomfanekiso, ngomqondo wokwakha noma wokuqala umkhaya—okungukuthi ukushada nokuba nabantwana.

Esesibili, leli vesi ligcizelela ukwenza izinto ngokulandelana kwazo, kunjengokungathi lithi, “Qale wenze lokhu, bese wenza lokhuya.” Ngakho-ke, ingabe lesi saga sisho ukuthi umsebenzi wokuziphilisa uza ngaphambi kwezinto ezingokomoya? Lutho neze!

Ngezikhathi zeBhayibheli, uma indoda yayifuna ‘ukwakha umuzi wayo,’ okungukuthi ukuqala umkhaya ngokushada, kwakudingeka izibuze, ‘Ingabe ngikulungele ukunakekela nokondla umkami nabantwana esingase sibe nabo?’ Ngaphambi kokuba ibe nomkhaya, kwakudingeka isebenze, inakekele amasimu. Yingakho i-Today’s English Version isho ngokuqondile kuleli vesi: “Ungayakhi indlu yakho futhi uqale umkhaya kuze kube yilapho amasimu eselungile, futhi usuqiniseka ukuthi uzokwazi ukuziphilisa.” Ingabe isimiso esifanayo siyasebenza nanamuhla?

Yebo. Indoda efuna ukushada kufanele ikulungele kahle ukuthwala lo mthwalo wemfanelo. Uma iphilile ukuba ingasebenza, kuyomelwe isebenze. Iqiniso, indoda akufanele isebenze kanzima ukuze nje yondle umkhaya wayo. IZwi likaNkulunkulu libonisa ukuthi indoda engawunakekeli umkhaya wayo ngokwenyama, ngokomzwelo nangokomoya yimbi kunendoda engenalo ukholo! (1 Thim. 5:8) Yingakho insizwa efuna ukushada nokuba nabantwana kufanele izibuze imibuzo enjengale: ‘Ingabe ngikulungele ukondla umkhaya wami? Ingabe ngikulungele ukuhola umkhaya wami ezintweni ezingokomoya? Ingabe ngizowufeza umthwalo wami wemfanelo wokuqhuba isifundo seBhayibheli sasikhathi sonke nomkami nabantabami?’ Ngokuqinisekile, iZwi likaNkulunkulu ligcizelela le mithwalo yemfanelo ebalulekile.—Dut. 6:6-8; Efe. 6:4.

Ngakho, insizwa efuna ukushada kufanele icabangisise ngalesi simiso esisencwadini yezAga 24:27. Ngokufanayo, intokazi kufanele izibuze ukuthi ingabe ikulungele ukusingatha imithwalo yemfanelo ehambisana nokuba inkosikazi nomama. Umbhangqwana osemusha ungase uzibuze imibuzo efanayo lapho ucabangela ukuba nabantwana. (Luka 14:28) Ukuphila ngalesi siqondiso esiphefumulelwe kungasiza abantu bakaNkulunkulu ukuba bagweme usizi oluningi futhi babe nokuphila komkhaya okwanelisayo.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 12]

Yimiphi imibuzo maqondana nomshado insizwa okufanele izibuze yona?