Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Indlela Imihlangano Yesigodi Emithathu Eyakushintsha Ngayo Ukuphila Kwami

Indlela Imihlangano Yesigodi Emithathu Eyakushintsha Ngayo Ukuphila Kwami

Indlela Imihlangano Yesigodi Emithathu Eyakushintsha Ngayo Ukuphila Kwami

Ilandiswa uGeorge Warienchuck

UKE wathintwa okuthile okuzwe komunye wemihlangano yethu yesigodi, kwakushukumisela ukuba wenze izinguquko ezinkulu ekuphileni kwakho? Yilokho okwenzeka kimi. Uma ngicabanga, ngiyabona ukuthi mithathu imihlangano yesigodi eyakuthinta ngokukhethekile ukuphila kwami. Owokuqala wangisiza ukuba nginciphise amahloni; owesibili wangifundisa ukwaneliseka; owesithathu wangifundisa ukupha ngokwengeziwe. Nokho, ngaphambi kokuba ngikhulume ngalezo zinguquko, ake nginixoxele ngezinye zezenzakalo ezenzeka eminyakeni eminingi ngaphambi kwaleyo mihlangano—ezenzeka lapho ngisemncane.

Ngazalwa ngo-1928, nginguthunjana ezinganeni ezintathu. Mina nawodadewethu, uMargie no-Olga, sakhulela eSouth Bound Brook, eNew Jersey, e-U.S.A., ngaleso sikhathi eyayiyidolobha elinezakhamuzi ezingaba ngu-2 000. Nakuba sasimpofu, umama wayephana. Noma nini lapho eba nemali wayepheka ukudla okumnandi, abize nomakhelwane. Lapho ngineminyaka engu-9 ubudala, umama wavakashelwa uFakazi okhuluma isiHungary, okuwulimi umama aluncela, futhi lokho kwamshukumisela ukuba alalele isigijimi seBhayibheli. Kamuva, leso sifundo saqhutshwa uBertha, udade owayesanda kweva eminyakeni engu-20, futhi wamsiza ukuba abe inceku kaJehova.

Ngokungafani nomama, mina nganginamahloni ngokwemvelo futhi ngizenyeza. Okubi nakakhulu ukuthi umama wayevame ukungigxeka. Lapho ngimbuza ngikhala izinyembezi, “Kungani uhlale ungigxeka?” wayethi uyangithanda kodwa akafuni ukungitotosa. Nakuba ayenezinhloso ezinhle, ukungangincomi kwakhe kwakungenza ngizizwe ngingelutho.

Ngelinye ilanga, umakhelwane owayevame ukukhuluma nami ngomusa wangicela ukuba ngiphelezele amadodana akhe kuSonto-sikole wesonto labo. Ngangazi ukuthi uJehova uzodumala uma ngihamba, kodwa ngesaba ukudumaza lo makhelwane onomusa. Ngakho kwaphela izinyanga eziningana ngiya esontweni nakuba nganginamahloni ngalokho engangikwenza. Esikoleni, ukwesaba abantu nakho kwangenza ngenza ngokuphambene nonembeza wami. Uthishanhloko, indoda engundlovukayiphikiswa, watshela othisha ukuba baqiniseke ukuthi zonke izingane zishayela ifulege indesheni. Nami ngalishayela. Unyaka wacishe waphela ngikwenza lokhu, kwabe sekuba noshintsho.

Ngifunda Ukuba Nesibindi

Ngo-1939 iqembu lesifundo sencwadi laqala ukuhlanganyela kithi. Umqhubi kwakunguBen Mieszkalski, umzalwane osemusha oyiphayona. Sasimbiza ngokuthi “uBig Ben”—futhi kube kufanele. Kimina, wayebukeka emude futhi emkhulu elingana nomnyango. Nakuba ayeyisidlakela, wayenenhliziyo enhle futhi ukumomotheka kwakhe kwangenza ngamthanda ngokushesha. Ngakho lapho uBen engicela ukuba ngihambe naye ensimini, ngavumela phezulu. Saba abangane. Lapho ngidangele, wayekhuluma nami ngendlela ubhuti onothando akhuluma ngayo nomfowabo omncane. Lokhu kwangithinta ngokujulile futhi ngamthanda kakhulu.

Ngo-1941, uBen wasicela sonke ekhaya ukuba sihambe naye ngemoto yakhe siye emhlanganweni wesigodi waseSt. Louis, eMissouri. Ngachichima injabulo! Ngangingakaze ngihambe amakhilomitha angaphezu kuka-80 ukusuka ekhaya, kodwa manje ngangiya endaweni eqhele ngamakhilomitha angaphezu kuka-1 500! Nokho, sabhekana nezinkinga eSt. Louis. Abefundisi babeyale amalungu amasonto abo ukuba ahoxise zonke izithembiso ayezenzile zokwamukela oFakazi emizini yawo. Amaningi ahoxa. Umkhaya owawusithembise indawo yokuhlala nawo wawutshelwe okufanayo, kodwa wasamukela. Wasitshela ukuthi wawungeke wephule isithembiso owawusenzile. Isibindi owasibonisa sangihlaba umxhwele.

Odadewethu babhapathizwa kulowo mhlangano. Ngalo lolo suku, uMfoweth’ uRutherford ovela eBethel eseBrooklyn, wabeka inkulumo eshukumisayo, futhi phakathi nayo wacela zonke izingane ezifuna ukwenza intando kaNkulunkulu ukuba zisukume. Kwasukuma ezingaba ngu-15 000. Nami ngasukuma. Wabe esecela lezo ezazifuna ukwenza okuthé xaxa emsebenzini wokushumayela ukuba zithi, “Elethu.” Ngamemeza nezinye ngathi, “Elethu!” Kwaduma ihlombe. Ngakhuthazeka kakhulu.

Ngemva komhlangano, savakashela omunye umzalwane eWest Virginia. Wasixoxela ukuthi ngesinye isikhathi esenkonzweni yasensimini, washaywa isixuku esithukuthele samthela ngetiyela sabe sesimnameka ngezimpaphe. Amehlo ayethe njo kuye. Lo mzalwane wathi: “Kodwa ngizoqhubeka ngishumayela.” Lapho sihamba, ngazizwa njengoDavide. Ngangikulungele ukulwa noGoliyati—uthishanhloko wasesikoleni.

Lapho ngibuyela esikoleni, ngaqonda kuthishanhloko. Wangigqolozela. Ngathandaza buthule ngicela usizo kuJehova. Ngabe sengithi: “Bengisemhlanganweni woFakazi BakaJehova. Ngeke ngiphinde ngishayele ifulege indesheni!” Kwathi cwaka isikhathi eside. Uthishanhloko wabe esesukuma weza kimi ehamba kancane, ubuso bakhe bubhejile. Wamemeza: “Shayela ifulege indesheni noma uphume uphele la!” Kulokhu, angizange ngiyekethise futhi ngaphakathi enhliziyweni ngezwa injabulo engangingakaze ngibe nayo ngaphambili.

Ngangibheke phambili ekutsheleni uBen ngalokho okwenzekile. Lapho ngimbona eHholo LoMbuso, ngamemeza: “Bangixoshile esikoleni! Angilishayelanga ifulege indesheni!” UBen wangigaxa, wamomotheka, wathi: “Ungakhathazeki uJehova uyakuthanda.” (Dut. 31:6) Angikhuthaza ngempela lawo mazwi! Ngo-June 15, 1942 ngabhapathizwa.

Ngifunda Imfihlo Yokwaneliseka

Ngemva kweMpi Yezwe II, izwe lachuma masinyane ngokomnotho futhi abaningi bangenwa umoya wokuthanda izinto ezibonakalayo. Ngangisebenza kahle futhi ngikwazi ukuthenga izinto engangizifisa. Abanye babangane bami bathenga izithuthuthu; abanye balungisa izindlu zabo. Mina ngathenga imoto entsha shá. Kungakabiphi isifiso sokuba nezinto ezibonakalayo ezengeziwe saqala ukufiphaza izithakazelo zoMbuso. Ngangibona ukuthi ngiyaduka. Ngenhlanhla, ngo-1950 umhlangano waseNew York City wangisiza ukuba ngibuyele endleleni.

Kulowo mhlangano, izikhulumi ngokulandelana kwazo zakhuthaza izilaleli ukuba ziqhubekele phambili nomsebenzi wokushumayela. Esinye sathi: “Lahlani izinto ezingadingekile, nigijime umncintiswano.” Kwaba sengathi sikhuluma nami. Ngaphinde ngabona nalapho kuthweswa abafundi iziqu eGileyadi, okwangenza ngacabanga, ‘Uma lab’ oFakazi abangontanga yami bekwazi ukushiya ukuphila okuntofontofo ukuze bayokhonza kwamanye amazwe, nami kufanele ngabe ngizimisele ukwenza okufanayo lapha.’ Kwathi kuphela umhlangano, ngabe senginqume ukuba iphayona.

Ngaleso sikhathi, ngangithandana no-Evelyn Mondak, udade oshisekayo wasebandleni engangihlanganyela kulo. Umama ka-Evelyn, owakhulisa abantwana abayisithupha, wayengowesifazane onesibindi. Wayethanda ukuhambisa umagazini phambi kweSonto LamaRoma Katolika. Lokhu kwakucasula umpristi kodwa kungakhathaliseki ukuthi wayemtshela kangaki ukuthi ahambe, wayengamgqizi qakala. Njengonina, u-Evelyn wayengesabi muntu.—IzAga 29:25.

Ngo-1951, mina no-Evelyn sashada, sayeka umsebenzi, saphayona. Umbonisi wesifunda wasikhuthaza ukuba sithuthele e-Amagansett, idolobha elisogwini lwe-Atlantic, eliqhele ngamakhilomitha angaba ngu-160 ukusuka eNew York City. Ngesikhathi ibandla lisitshela ukuthi indawo yokuhlala ayikho, safuna umahambanendlwana kodwa asiwutholanga oshibhile. Sabe sesibona osugugile. Umnikazi wasibiza amadollar angu-900—okuyiyona mali esayiphiwa ngomshado. Sawuthenga, sawulungisa, sahamba nawo saya esabelweni sethu esisha. Nokho, safika singenamali futhi sizibuza ukuthi kazi siyokwazi yini ukuphayona.

U-Evelyn wathola itoho lokuhlanza izindlu, mina ngathola elokuhlanza ebusuku esitolo sokudla samaNtaliyane. Umnikazi wayengikhululile ukuba ngithathe ukudla okusalayo ngiyokudla nomkami. Ngakho lapho ngifika ngehora lesibili entathakusa, umahambanendlwana wethu wawuba nephunga elimnandi lama-pizza ne-pasta. Lokho kudla esasikufudumeza kwakumnandi, ikakhulukazi ebusika lapho sasiququdwa amakhaza. Ngaphezu kwalokho, ngezinye izikhathi abafowethu babesibekela inhlanzi enkulu ezitebhisini zikamahambanendlwana. Phakathi naleyo minyaka sikhonza nalabo bazalwane abahle e-Amagansett, safunda ukuthi ukwaneliswa yizidingo eziyisisekelo kwenza ukuphila kujabulise. Kwakumnandi ngaleyo minyaka.

Sishukumiseleka Ukuba Sizinikele Ngokwengeziwe

Ngo-July 1953, sahlangana namakhulu ezithunywa zevangeli ezazize emhlanganweni wezizwe eNew York City zivela ezabelweni zazo. Zasixoxela okuhlangenwe nakho okuthakazelisayo. Zasithelela ngenjabulo yazo. Ngaphezu kwalokho, lapho esinye isikhulumi somhlangano sigcizelela ukuthi amazwe amaningi ayengakafinyelelwa ngesigijimi soMbuso, kwacaca okwakufanele sikwenze—ukuzinikela kakhudlwana ngokwandisa inkonzo yethu. Sasifaka khona lapho emhlanganweni isicelo sokuqeqeshelwa ukuba izithunywa zevangeli. Ngawo lowo nyaka, samenyelwa ekilasini lama-23 leSikole SaseGileyadi, elaqala ngo-February 1954. Yeka ilungelo!

Sajabula lapho sizwa ukuthi sabelwe ukuyokhonza eBrazil. Ngaphambi kokuba sithathe uhambo lwezinsuku ezingu-14 ngomkhumbi, omunye wabazalwane abanemithwalo yemfanelo eBethel wathi kimi: “Nizohamba nabanye odade abangu-9 abangashadile abayizithunywa zevangeli. Sicela ubanakekele!” Cabanga indlela amatilosi angibheka ngayo lapho ngingena emkhunjini nezintokazi eziyishumi! Nokho, lab’ odade bakwazi ukusisingatha kahle leso simo. Noma kunjalo, ngaqala ukukhululeka lapho sifika ngokuphepha eBrazil.

Ngemva kokufunda isiPutukezi, nganikwa isabelo sokujikeleza eRio Grande do Sul, isifundazwe esiseningizimu yeBrazil. Umbonisi wesifunda engangiyongena esikhundleni sakhe wayengashadile futhi wathi kithi: “Kuyangimangaza ukuthi kuthunyelwe umzalwane oshadile lapha. Le ndawo imagebhugebhu.” Amabandla ayegqagqene kule ndawo ebanzi engamaphandle futhi kwamanye sasifika kuwo ngamaloli kuphela. Abashayeli babekugibeza kuphela uma ubathengele ukudla. Sasihlala phezu kwezimpahla sigxamalaze, sibambe izindophi okuboshwe ngazo izimpahla ngezandla zombili. Noma nini lapho sifika emajikeni amabi sasizibamba siqinise lezi zindophi njengoba le mithwalo egcwele itsheka futhi sibona amawa. Nokho, ukubona ubuso obuchachambile babafowethu ababesilinda ngokulangazela kwakwenza kuwufanele umzamo wokuhamba usuku lonke.

Sasihlala emizini yabafowethu. Nakuba babempofu, babephana. Kwenye indawo eqhelile, bonke abazalwane babesebenza enkampanini yokupakisha inyama. Imali ababeyithola yayincane kakhulu, bedla kanye kuphela ngosuku. Uma bengazange basebenze ngosuku oluthile, babengaholi. Noma kunjalo, lapho sibahambele, babecela izinsuku ezimbili emsebenzini ukuze basekele imisebenzi yebandla. Babethembela kuJehova. Labo bazalwane abathobekile basifundisa isifundo esingeke sisikhohlwe sokuzidela ngenxa yoMbuso kaNkulunkulu. Ngesikhathi sihlala nabo, sathola imfundo okungekho sikole esingayinikeza. Uma ngikhumbula labo bazalwane, ngifikelwa izinyembezi zenjabulo.

Ngo-1976, sabuyela e-United States siyonakekela umama njengoba ayegula. Kwakunzima ukusuka eBrazil, kodwa asive sijabula ngokuthi sakubona ngawethu ukwanda okukhulu kwabamemezeli kulelo zwe. Noma nini lapho sithola izincwadi ezivela eBrazil, kubuya izinkumbulo eziningi zesikhathi esimnandi sokuphila kwethu.

Siphinde Sihlangane Nabangane Abayigugu

Lapho sinakekela umama, sabamba amatoho okuhlanza futhi saphayona. Umama washona ethembekile kuJehova ngo-1980. Ngemva kwalokho, ngathola isabelo sokukhonza njengombonisi wesifunda e-United States. Ngo-1990, lapho sihambele ibandla laseConnecticut sazithela komunye wabangane bethu abakhulu. Phela, omunye wabadala balelo bandla kwakunguBen—yebo, yena kanye lo Ben owangisiza eminyakeni engaba ngu-50 ngaphambili ukuba ngikhonze uJehova. Yeka injabulo esaba nayo lapho sangana!

Kusukela ngo-1996, mina no-Evelyn siye sakhonza njengamaphayona akhethekile anempilo ebuthaka ebandleni lesiPutukezi e-Elizabeth, eNew Jersey. Nginempilo ebuthaka, kodwa ngosizo lomkami engimthandayo ngisahlanganyela enkonzweni ngangokunokwenzeka. Kukhona nomunye umakhelwane osekhulile obuthaka onakekelwa u-Evelyn. Qagela ukuthi ubani. UBertha—yebo, yena kanye lowaya Bertha owafundela umama waze waba inceku kaJehova eminyakeni engaphezu kuka-70 edlule! Siyajabula ngokuthola ithuba lokubonisa ukubonga ngakho konke akwenzile ukuze asize umkhaya wakithi ukuba ufunde iqiniso.

Ave ngibonga ngokuthi leyo mihlangano yangishukumisela ukuba ngimelele ukukhulekela kweqiniso, ngenze ukuphila kwami kube lula futhi ngandise inkonzo yami. Yebo, leyo mihlangano yakushintsha ukuphila kwami.

[Isithombe ekhasini 23]

Umkhwekazi (ngakwesobunxele) nomama

[Isithombe ekhasini 23]

Umngane wami uBen

[Isithombe ekhasini 24]

SiseBrazil

[Isithombe ekhasini 25]

Ngino-Evelyn namuhla