Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Ususibekile Isikhathi Sokutadisha IBhayibheli?

Ingabe Ususibekile Isikhathi Sokutadisha IBhayibheli?

Ingabe Ususibekile Isikhathi Sokutadisha IBhayibheli?

NGONYAKA odlule, iNdikimba Ebusayo yamemezela ushintsho esimisweni semihlangano yebandla olwenza kube nesikhathi esengeziwe sokutadisha nesokuxoxa ngeBhayibheli njengomkhaya. Uma uyinhloko yomkhaya, qiniseka ukuthi usiqhuba njalo isifundo seBhayibheli somkhaya nomkakho kanye nabantwana nokuthi siyazuzisa. Kuyoba kuhle ukuba imibhangqwana eshadile kodwa engenabantwana isebenzise lesi sikhathi ukuze itadishe iBhayibheli ndawonye. Abafowethu nodade abangashadile abangenayo imithwalo yemfanelo yomkhaya bayokwazi ukusisebenzisela isifundo somuntu siqu seBhayibheli.

Abaningi baye bazwakalisa ukwazisa ngaleli lungiselelo lokuKhulekela Komkhaya kwakusihlwa. Ngokwesibonelo, uKevin ongumdala, wabhala: “Amazwi athi ‘siyabonga’ awanele ukuchaza indlela esizizwa ngayo njengebandla. Njengabadala, sixoxe ngendlela esisebenzisa ngayo ubusuku obukhululekile ukuze senze lokho okushiwo iNdikimba Ebusayo—sifunde nemikhaya yethu.”

UJodi, onomyeni ongumdala, wabhala: “Sinamadodakazi amathathu, enye ineminyaka engu-15, enye engu-11 kanti enye inemibili. Muva nje sithuthele ebandleni lolimi lwezandla. Kudinga isikhathi esiningi nomzamo ukulungiselela yonke imihlangano. Manje, njengoba kube nalolu shintsho, sinobunye ubusuku bokugxila ekukhulekeleni komkhaya!”

UJohn noJoAnn, umbhangqwana okhonza njengamaphayona avamile, wabhala: “Ngokuvamile isifundo sethu somkhaya sasingabi into yasikhathi sonke ngoba kwakudingeka sisimpintshe emisebenzini eminingi yebandla esinayo. Leli lungiselelo elisha liyisipho esivela kuJehova elisiqabulayo ngokomoya—uma sisebenzisa isikhathi ngendlela okumelwe sisisebenzise ngayo.”

UTony, umzalwane ongashadile, cishe oneminyaka engu-25, ukhetha ukuba nesifundo somuntu siqu ngoLwesibili. Esinye isikhathi sesonto usisebenzisela ukulungiselela imihlangano yebandla. Nokho, uTony uthi: “Ngihlale ngilangazelela uLwesibili.” Ngani? “Lobo busuku buyisikhathi esikhethekile sami noJehova.” Uyachaza: “Ngisebenzisa amahora amabili ngitadisha izihloko eziqinisa ubuhlobo bami noJehova. Ukuba nesikhathi esengeziwe sokutadisha kungenza ngikwazi ukuzindla ngamavesi eBhayibheli engiwafundayo.” Uba yini umphumela? “Iseluleko sikaJehova siyifinyelela ngokujulile inhliziyo yami kunangaphambili.” Sikhona yini isibonelo asinikezayo? Uthi: “Emqulwini we-Insight, ngafunda ngobuhlobo bukaDavide noJonathani. Umoya kaJonathani wokungabi nabugovu wangifundisa okuningi. Isibonelo sakhe sangisiza ukuba ngibone ngokucacile ukuthi kusho ukuthini ukuba umngane wangempela. Ngibheke phambili ekutholeni amagugu amaningi anjalo ngawoLwesibili kusihlwa!”

Ngokungangabazeki, zonke izinceku zikaJehova zizozuza kakhulu ngokusebenzisa kahle isikhathi esengeziwe esezinaso sokutadisha iBhayibheli okunenjongo nokukhulekela komkhaya.