Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UkuKhulekela Komkhaya Kubalulekile Ukuze Sisinde!

UkuKhulekela Komkhaya Kubalulekile Ukuze Sisinde!

UkuKhulekela Komkhaya Kubalulekile Ukuze Sisinde!

YEKA ukuthi ‘impi yosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke’ iyobe yesabeka kanjani! (IsAm. 16:14) UMika wasebenzisa imifanekiso ecacile yalokho okuyokwenzeka: “Izintaba ziyoncibilika . . . , namathafa aphansi ayoqhekezeka ahlukane, njengengcina ngenxa yomlilo, njengamanzi athululwa endaweni eyehlelayo.” (Mika 1:4) Iyoba namuphi umphumela oyinhlekelele kulabo abangamkhonzi uJehova? IZwi likaNkulunkulu lithi: “Ababulewe nguJehova ngalolo suku ngokuqinisekile bayosukela komunye umkhawulo womhlaba kuze kube komunye umkhawulo womhlaba.”—Jer. 25:33.

Ngenxa yalezi zixwayiso, izinhloko zemikhaya—iningi lazo elingabazali abangabodwa—kufanele zizibuze ngezingane zazo esezikwazi ukusebenzisa umqondo, ‘Ingabe ziyosinda kule nhlekelele?’ IBhayibheli liyaqinisekisa ukuthi ziyosinda uma zinobuhlobo obuhle noJehova ngokuvumelana neminyaka yazo.—Math. 24:21.

Ukubaluleka Kokuba Nesikhathi SokuKhulekela Komkhaya

Njengomzali, qiniseka ukuthi wenza konke ongakwenza ukuze ukhulise izingane zakho “ngesiyalo nangokuqondisa umqondo kukaJehova.” (Efe. 6:4) Akuve kubalulekile ukutadisha iBhayibheli nezingane zakho. Sifuna ukuba izingane zethu zibe njengamaKristu aseFilipi uPawulu awancoma ngokuzimisela kwawo ukulalela uJehova. Wabhala: “Bathandekayo, ngendlela ebenilalela ngayo ngaso sonke isikhathi, kungekhona phakathi nokuba khona kwami kuphela, kodwa manje ngokuzithandela nakakhulu ngesikhathi ngingekho, qhubekani nisebenzela ukusindiswa kwenu siqu ngokwesaba nangokuthuthumela.”—Fil. 2:12.

Ingabe izingane zakho ziyayilalela imithetho kaJehova uma ungekho? Kuthiwani lapho zisesikoleni? Ungazisiza kanjani ukuba zikholiseke ukuthi ukulalela imithetho kaJehova kuwukuhlakanipha ukuze ziqondiswe yiyo ngisho nalapho ungekho?

Ukukhulekela komkhaya kungaba nendima ebalulekile ekwakheni ukholo lwengane yakho. Ngakho-ke, ake sixoxe ngezici ezintathu eziyinhloko zokwenza isifundo seBhayibheli somkhaya sibe impumelelo.

Ungaguquguquki

IBhayibheli libonisa ukuthi uNkulunkulu umema amadodana akhe ayizingelosi ngezikhathi ezimisiwe. (Jobe 1:6) Yenza okufanayo nezingane zakho. Beka usuku nesikhathi esiqondile sokuKhulekela Komkhaya kwakusihlwa bese ninamathela kuso. Ngaphezu kwalokho, bekani esinye isikhathi eniyosisebenzisa uma kwenzeka kuba nezimo ebeningazilindele.

Njengoba isikhathi sihamba, ningavumi ukuba ningenwe umkhuba wokuthi ukuKhulekela Komkhaya niyokuqhuba uma nje kwenzekile. Khumbulani ukuthi izifundo zeBhayibheli ezibaluleke kunazo zonke yilezo eniziqhuba nezingane zenu. Noma kunjalo, uSathane angathanda ukuba zibe yizisulu zakhe. (1 Pet. 5:8) Uma esikhundleni sokuKhulekela Komkhaya kwakusihlwa okuzuzisayo, nikhetha ukubuka ithelevishini noma ukwenza okunye okungabalulekile, uSathane uyobe enqobile.—Efe. 5:15, 16; 6:12; Fil. 1:10.

Kwenze Kuzuzise

UkuKhulekela Komkhaya kwakusihlwa akufanele kube indaba efundwayo nje. Lwela ukuba kuzuzise. Kanjani? Ngezinye izikhathi, khetha izihloko ezikhuluma ngalokho ingane yakho ezobhekana nakho ezinsukwini noma emasontweni azayo. Ngokwesibonelo, kunganjani nibe nesikhathi sokuprakthiza izintshumayelo zasensimini? Izingane ziyakujabulela ukwenza into ezikwazi ukuyenza kahle. Ukuprakthiza izintshumayelo nokucabangela izindlela zokuphendula abaphikisayo kuyozisiza ukuba zizethembe kakhudlwana njengoba zihlanganyela ezicini ezihlukahlukene zomsebenzi wokushumayela ngoMbuso.—2 Thim. 2:15.

Ningasebenzisa leso sikhathi ukuze niprakthize nezinto eziyosiza izingane zenu ukuba zibhekane nokucindezela kontanga. Phakathi nokuKhulekela Komkhaya, ningasebenzisa isahluko 15 sencwadi ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, uMqulu 2. Ishadi elithi “Uhlelo Lokumelana Nokucindezela Kontanga” elisemakhasini 132 no-133 linokusikisela okuhle futhi linika ingane yakho ithuba lokubhala izimpendulo eyokhululeka ukuzisebenzisa. Amazwi asekugcineni kwekhasi 133 analesi sikhuthazo entsheni: “Indlela oyosabela ngayo yiprakthize nomzali noma umngane ovuthiwe.” Kunganjani uma ngezinye izikhathi ningenza ukuprakthiza okunjengalokhu kube ingxenye yokuKhulekela Komkhaya kwakusihlwa?

UkuKhulekela Komkhaya kunikeza abazali ithuba lokugcizelela izinzuzo zokuba nemigomo engokomoya. Mayelana nalokhu, Intsha Iyabuza, uMqulu 2, inokwaziswa okuhle kakhulu esahlukweni 38, esithi “Ngizokwenzani Ngokuphila Kwami?” Lapho nixoxa ngalesi sahluko, siza ingane yakho ukuba iqonde ukuthi ukugxilisa ukuphila kwayo ekukhonzeni uJehova kuyinkambo engcono kakhulu. Hlakulela enhliziyweni yengane yakho isifiso sokuba iphayona, isikhonzi saseBethel, ukuya eSikoleni Sokuqeqeshela Inkonzo noma sokuphishekela olunye uhlobo lwenkonzo yesikhathi esigcwele.

Nasi isixwayiso: Abanye abazali abasuke behlose okuhle bagxila kakhulu kulokho abafuna ingane yabo ibe yikho kangangokuthi abakunaki lokho ekwenzayo kakade. Yebo, kuhle ukukhuthaza izingane zakho ukuba zizibekele imigomo emihle enjengokukhonza eBethel nokuba isithunywa sevangeli. Nokho, lapho wenza lokho, qaphela ukuba ungayicasuli ingane yakho ngalokho okulindele kuyo noma uyenze idangale. (Kol. 3:21) Ngaso sonke isikhathi khumbula ukuthi indodana noma indodakazi yakho kumelwe ithande uJehova ngenhliziyo yayo, hhayi eyakho. (Math. 22:37) Ngakho, thola izindlela zokuncoma ingane ngalokho ekwenza kahle, ugweme ukuthambekela kokugxila kulokho engakwenzi. Yakha ukwazisa kuyo ngakho konke uJehova akwenzile. Yibe usuvumela inhliziyo yayo ukuba isabele ebuhleni bukaJehova.

Kwenze Kujabulise

Isici sesithathu esiyinhloko sokwenza ukuKhulekela Komkhaya kwakusihlwa kuphumelele siwukukwenza kujabulise. Ungakwenza kanjani lokhu? Mhlawumbe ngezinye izikhathi ningalalela enye yamadrama noma nibuke futhi nixoxe ngenye yama-video oFakazi BakaJehova. Noma ningafunda ingxenye ethile yeBhayibheli ndawonye, wabele ilungu ngalinye lomkhaya ingxenye elizoyifunda.

Omagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! banezihloko ezinhle kakhulu eningazisebenzisa ezingxoxweni zomkhaya. Ngokwesibonelo, ningasebenzisa isihloko esithi “Ubungaphendula Kanjani?” esiba sekhasini 31 le-Phaphama! ngayinye. Umagazini we-Nqabayokulinda yomphakathi uba nezihloko ezishintshanayo, komunye kuba nesithi “Ezentsha Yethu,” kolandelayo kube nesithi “Fundisa Izingane Zakho” esingasiza abafanyana namantombazanyana.

Izihloko eziwuchungechunge ezithi “Intsha Iyabuza” ezikuyi-Phaphama! nencwadi ethi Intsha Iyabuza, uMqulu 2, ziyobathakazelisa kakhulu abazali abanezingane esezevile eminyakeni eyishumi nambili. Lapho nisebenzisa le ncwadi, ningalishiyi ibhokisi elithi “Ucabangani?” elisekupheleni kwesahluko ngasinye. Lelo bhokisi akulona nje elokubukeza. Imibuzo ekulo ingasetshenziswa njengohlaka lwezingxoxo zomkhaya.

Nokho, qaphela ukuba isifundo somkhaya singabi isikhathi sokuphenya ngemibuzo. Ngokwesibonelo, ungazami ukuphoqelela ingane yakho ukuba ikufundele lokho ekubhale emakhasini anesihloko esithi “Imizwa Yami” noma kwezinye izingxenye zencwadi okudingeka ibhale kuzo ekucabangayo. Kwesithi “Umyalezo Wabazali,” ekhasini 3, le ncwadi ithi: “Ukuze nikhuthaze izingane zenu zikukhiphe konke okusezifubeni zazo, kwamukeleni uma zingathandi ukunibonisa kona. Ngokuhamba kwesikhathi zingase zinitshele imizwa yazo ngalokho ezikubhalile.”

Uma ningaguquguquki ekuqhubeni ukukhulekela komkhaya futhi nikwenza kuzuzise futhi kujabulise, uJehova uyoyibusisa ngokucebile imizamo yenu. Lesi sikhathi esikhethekile somkhaya siyoba usizo ekugcineni abathandekayo benu bephilile futhi beqinile ngokomoya.

[Ibhokisi ekhasini 31]

Sungula

“Lapho sitadisha namadodakazi ethu amancane, mina nomyeni wami sasilungiselela nawo imihlangano yebandla bese sicela amadodakazi ethu ukuba adwebe isithombe esifingqa lokho esikufundile. Ngezinye izikhathi, sasilingisa izigcawu eziseBhayibhelini noma siprakthize izintshumayelo zenkonzo yasensimini. Sasigcina isifundo sithakazelisa, sakha, sijabulisa futhi sifanelekela iminyaka yawo.”—J.M., United States.

“Ukuze sisize indodana yomuntu engimfundelayo ukuba ibone ukuthi kwakunjani ukusebenzisa umqulu ngezikhathi zeBhayibheli, saprinta amakhasi encwadi ka-Isaya kodwa sasusa izinombolo zezahluko nezamavesi. Sahlanganisa lawo makhasi sabe sesiwagoqela entweni esapayipi. Lo mfana wabe esezama ukwenza lokho okwenziwa uJesu esinagogeni eNazaretha. Ukulandisa okukuLuka 4:16-21 kuthi uJesu “wawuvula umqulu [ka-Isaya] wathola” indima ayeyifuna. (Isaya 61:1, 2) Nokho, lapho lo mfana ezama ukwenza okufanayo, kwaba nzima ukuba athole u-Isaya 61 esebenzisa lowo mqulu owawungenazo izinombolo zezahluko namavesi. Ehlatshwe umxhwele ikhono likaJesu lokusebenzisa imiqulu, lo mfana wababaza: ‘UJesu wayehlakaniphe ngempela!’”—Y.T., Japan.

[Isithombe ekhasini 30]

Izikhathi zokuprakthiza zingasiza izingane zakho ukuba zibhekane ngokuphumelelayo nokucindezela kontanga

[Isithombe ekhasini 31]

Lwela ukwenza ukuKhulekela Komkhaya kwakusihlwa kujabulise