Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

“Vuthani Emoyeni”

“Vuthani Emoyeni”

“Vuthani Emoyeni”

“Ningavilaphi emsebenzini wenu. Vuthani emoyeni. Yibani izigqila zikaJehova.”—ROMA 12:11.

1. Kungani ama-Israyeli enza imihlatshelo yezilwane neminye iminikelo?

 UJEHOVA uyakwazisa ukuzidela okwenziwa izinceku zakhe ukuze zibonise ukuthi ziyamthanda futhi ziyazithoba entandweni yakhe. Ezikhathini zasendulo, wamukela imihlatshelo ehlukahlukene yezilwane neminye iminikelo. Ama-Israyeli ayenza imihlatshelo enjalo ngokuvumelana noMthetho kaMose ukuze athethelelwe izono zawo futhi abonise ukubonga kwawo. Ebandleni lobuKristu, uJehova akalindele ukuba sinikele ngemihlatshelo enjalo engokoqobo, ehleliwe. Nokho, esahlukweni 12 sencwadi yakhe ayibhalela amaKristu aseRoma, umphostoli uPawulu ubonisa ukuthi ikhona imihlatshelo okusalindeleke ukuba siyinikele. Ake sibone ukuthi imiphi.

Umhlatshelo Ophilayo

2. NjengamaKristu, siphila ukuphila okunjani, futhi lokhu kuhilelani?

2 Funda amaRoma 12:1, 2. Ekuqaleni kwencwadi yakhe, uPawulu wabonisa ngokucacile ukuthi amaKristu agcotshiwe, kungakhathaliseki ukuthi angamaJuda noma angaweZizwe, kwakuthiwa alungile kuNkulunkulu ngokuba nokholo, hhayi ngemisebenzi. (Roma 1:16; 3:20-24) Esahlukweni 12, uchaza ukuthi amaKristu kufanele abonise ukubonga kwawo ngokuphila kokuzidela. Ukuze senze lokhu, kudingeka sishintshe izingqondo zethu. Ngenxa yesono esisizuze ngefa, singaphansi ‘komthetho wesono nokufa.’ (Roma 8:2) Ngenxa yalokho, kufanele siguqulwe, ‘senziwe basha emandleni ashukumisa ingqondo yethu,’ ngokuthatha isinyathelo esinqala sokushintsha ukuthambekela kwethu. (Efe. 4:23) Lolu shintsho oluphelele lungenzeka kuphela ngosizo lukaNkulunkulu nomoya wakhe. Kudingeka nokuba sizikhandle, sisebenzise ‘amandla ethu okucabanga.’ Lokhu kusho ukuthi senza konke esingakwenza ukuze ‘singalolongwa sifane nalesi simiso sezinto’ esonakele, esizijabulisa ngamanyala nesicabanga ngendlela esontekile.—Efe. 2:1-3.

3. Kungani sihlanganyela emisebenzini yobuKristu?

3 UPawulu usinxusa nokuba sisebenzise ‘amandla ethu okucabanga’ ukuze sizitholele ngokwethu “okuyintando kaNkulunkulu enhle neyamukelekayo nepheleleyo.” Kungani sifunda iBhayibheli nsuku zonke, sizindla ngalokho esikufundayo, sithandaza, siya emihlanganweni yobuKristu futhi sishumayela izindaba ezinhle zoMbuso? Ingabe kungenxa yokuthi abadala basikhuthaza ukuba senze kanjalo? Yiqiniso, siyazazisa izikhumbuzo zabo eziwusizo. Kodwa sihlanganyela emisebenzini yobuKristu ngoba sishukunyiswa umoya kaNkulunkulu ukuba sibonise uthando lwethu olusuka enhliziyweni ngoJehova. Ngaphezu kwalokho, siyaqiniseka ngabanye ukuthi ukwenza leyo misebenzi kuyintando kaNkulunkulu ngathi. (Zak. 4:6; Efe. 5:10) Kusijabulisa kakhulu futhi kusilethela ukwaneliseka ukwazi ukuthi lapho siphila njengamaKristu eqiniso, singamukeleka kuNkulunkulu.

Izipho Ezihlukahlukene

4, 5. Abadala kufanele bazisebenzise kanjani izipho zabo?

4 Funda amaRoma 12:6-8, 11. UPawulu uthi “sinezipho ezihlukahlukayo ngokomusa ongafanelwe esiwuphiwe.” Ezinye zezipho akhuluma ngazo—ukuyala nokwengamela—zithinta ikakhulu abadala, abayalwa ukuba bengamele “ngenkuthalo yangempela.”

5 UPawulu uthi inkuthalo efanayo kufanele ibonakale nasendleleni ababonisi abakhonza ngayo njengabafundisi nabafeza ngayo “inkonzo.” Umongo ubonakala ubonisa ukuthi lapha uPawulu ubhekisela ‘enkonzweni’ eyenziwa ebandleni, noma eyenziwa “umzimba owodwa.” (Roma 12:4, 5) Leyo nkonzo iyafana naleyo okukhulunywa ngayo kuzEnzo 6:4, lapho abaphostoli bathi khona: “Thina sizogxila emthandazweni nasenkonzweni yezwi.” Leyo nkonzo ihilelani? Abadala basebenzisa izipho zabo ukuze bakhe amalungu ebandla. Bazibonakalisa ‘bekule nkonzo’ lapho ngobuqotho benikeza isiqondiso nesiyalo ebandleni esivela eZwini likaNkulunkulu ngokutadisha ngosizo lomthandazo, ngokucwaninga, ngokufundisa nangokwalusa. Ababonisi kufanele basebenzise izipho zabo ngobuqotho futhi banakekele izimvu “ngokwenama.”—Roma 12:7, 8; 1 Pet. 5:1-3.

6. Singasilalela kanjani iseluleko esikumaRoma 12:11, umBhalo lesi sihloko esisekelwe kuwo?

6 UPawulu uqhubeka athi: “Ningavilaphi emsebenzini wenu. Vuthani emoyeni. Yibani izigqila zikaJehova.” Uma sibona ukuthi sesiqala ukuvilapha enkonzweni yethu, kungase kudingeke sibukeze imikhuba yethu yokutadisha bese sithandazela umoya kaJehova ngokujulile nangokwengeziwe, ongasisiza ukuba sinqobe noma ikuphi ukuba sivivi futhi sivuselele intshiseko yethu. (Luka 11:9, 13; IsAm. 2:4; 3:14, 15, 19) Umoya ongcwele wanikeza amaKristu okuqala amandla okukhuluma “ngezinto ezinhle kakhulu zikaNkulunkulu.” (IzE. 2:4, 11) Ngokufanayo, ungasishukumisela ukuba sishiseke enkonzweni, ‘sivuthe emoyeni.’

Ukuthobeka Nesizotha

7. Kungani kufanele sikhonze ngokuthobeka nangesizotha?

7 Funda amaRoma 12:3, 16. Izipho okungenzeka sinazo sizithole ngenxa ‘yomusa ongafanelwe’ kaJehova. Kwenye incwadi uPawulu wathi: “Ukufaneleka kwethu ngokwanele kuvela kuNkulunkulu.” (2 Kor. 3:5) Ngenxa yalesi sizathu akufanele siziphakamise. Kufanele sithobeke, siqaphela ukuthi noma iziphi izithelo esizithola enkonzweni yethu ziwumphumela wesibusiso sikaNkulunkulu, hhayi amakhono ethu. (1 Kor. 3:6, 7) Ngokuvumelana nalokhu, uPawulu uthi: “Ngitshela wonke umuntu lapho phakathi kwenu ukuba angazicabangi emkhulu kunalokho okudingeke ukuba akucabange.” Kudingeka sizihloniphe, sijabule futhi saneliseke enkonzweni yethu yoMbuso. Nokho, ukuba nesizotha, noma ukuqaphela ukulinganiselwa kwethu, kuyosinqanda ukuba sibe ondlovukayiphikiswa. Kunalokho, sifuna ‘ukucabanga ukuze sibe nengqondo ehluzekile.’

8. Singakugwema kanjani ukuba “ngabahlakaniphileyo emehlweni [ethu] siqu”?

8 Kungaba ubuwula ukuqhosha ngalokho esikwenzile ngoba “uNkulunkulu okhulisayo.” (1 Kor. 3:7) UPawulu uthi uNkulunkulu unikeze ilungu ngalinye lebandla “isilinganiso esithile sokholo.” Kunokuba sibe nomuzwa wokuthi singcono kunabanye, kufanele siqaphele lokho abakufezayo ngokwesilinganiso sokholo abaluphiwe. UPawulu uqhubeka athi: “Yibani nomqondo ofanayo ngabanye njengalowo eninawo ngani.” Kwenye yezincwadi zakhe lo mphostoli usitshela ukuba ‘singenzi lutho ngombango noma ngokuzazisa, kodwa ngokuthobeka kwengqondo sibheke abanye njengabakhulu kunathi.’ (Fil. 2:3) Kudinga ukuthobeka kwangempela nomzamo oqotho ukuze siqaphele ukuthi ngamunye wabafowethu nodadewethu mkhulu kunathi ngandlela-thile. Ukuthobeka kuyosenza singabi “ngabahlakaniphileyo emehlweni [ethu] siqu.” Nakuba amalungelo enkonzo ekhethekile engase enze abanye baziwe, sonke siyothola injabulo enkulu ngokwenza “izinto eziphansi,” imisebenzi ebukelwa phansi ngokuvamile enganakwa abanye.—1 Pet. 5:5.

Ubunye Bethu BobuKristu

9. Kungani uPawulu eqhathanisa amaKristu azelwe ngomoya namalungu omzimba?

9 Funda amaRoma 12:4, 5, 9, 10. UPawulu uqhathanisa amaKristu agcotshiwe namalungu omzimba akhonza ngobunye ngaphansi kweNhloko yawo, uKristu. (Kol. 1:18) Ukhumbuza amaKristu azelwe ngomoya ukuthi umzimba unamalungu amaningi anemisebenzi ehlukahlukene nokuthi nawo ‘nakuba emaningi, angumzimba owodwa omunye noKristu.’ Esebenzisa umfanekiso ofanayo, uPawulu wanxusa amaKristu agcotshiwe e-Efesu: “Masikhule ngothando kuzo zonke izinto sikhulele kuye oyinhloko, uKristu. Wonke umzimba ubangela ukukhula komzimba usuka kuye ukuze uzakhe othandweni, ngokuhlanganiswa ndawonye ngokuvumelanayo nangokwenziwa ukuba ubambisane ngawo wonke amalunga anikeza lokho okudingekayo, ngokokusebenza kwelungu ngalinye ngokuhluka kwalo ngesilinganiso esifanele.”—Efe. 4:15, 16.

10. Iliphi igunya okufanele “ezinye izimvu” ziliqaphele?

10 Nakuba “ezinye izimvu” zingeyona ingxenye yomzimba kaKristu, zingafunda okuningi kulo mfanekiso. (Joh. 10:16) UPawulu uthi uJehova “wabeka . . . zonke izinto ngaphansi kwezinyawo [zikaKristu], wamenza inhloko phezu kwazo zonke izinto ebandleni.” (Efe. 1:22) Namuhla, ezinye izimvu ziyingxenye yazo “zonke izinto” uJehova azibeke ngaphansi kobunhloko beNdodana yakhe. Ziphakathi “kwakho konke” uKristu akuphathise “inceku ethembekileyo neqondayo.” (Math. 24:45-47) Ngakho, labo abanethemba lasemhlabeni kufanele baqaphele uKristu njengeNhloko yabo futhi bazithobe encekwini ethembekileyo neqondayo neNdikimba yayo Ebusayo nasemadodeni amiswe njengababonisi ebandleni. (Heb. 13:7, 17) Lokhu kwenza amaKristu abe nobunye.

11. Ubunye bethu busekelwephi, futhi isiphi esinye iseluleko uPawulu asinikeza?

11 Ubunye obunjalo busekelwe othandweni, ‘oluyisibopho esiphelele sobunye.’ (Kol. 3:14) KumaRoma isahluko 12, uPawulu uyakugcizelela lokhu, uthi uthando lwethu kufanele “lungabi nabuzenzisi” futhi uthi “othandweni lobuzalwane” kufanele ‘sithandane omunye nomunye.’ Lokhu kwenza ukuba sihloniphane. Lo mphostoli uthi: “Ekubonisaneni udumo nihole.” Yiqiniso, akumelwe sididanise uthando nozwela olungafanele. Kufanele senze konke esingakwenza ukuze sigcine ibandla lihlanzekile. Lapho enikeza iseluleko ngokuphathelene nothando, uPawulu unezela ngokuthi: “Yenyanyani okubi, bambelelani kokuhle.”

Ukungenisa Izihambi

12. Endabeni yokungenisa izihambi, yini esingayifunda kumaKristu aseMakedoniya yasendulo?

12 Funda amaRoma 12:13. Uthando lwethu ngabafowethu luyosishukumisela ukuba ‘sihlanganyele izinto nabangcwele ngokwezidingo zabo’ nangokwamandla ethu. Ngisho noma simpofu, singakwazi ukukuhlanganyela nabanye esinakho. Ebhala ngamaKristu aseMakedoniya, uPawulu wathi: “Phakathi nokuvivinywa okukhulu ngaphansi kokuhlupheka, ukuchichima kwenjabulo yawo nobumpofu bawo obukhulu kwenza ingcebo yokuphana kwawo yavama. Ngoba enza okwakusemandleni awo, yebo, ngiyafakaza, okwakungaphezu kwamandla awo, lapho ngokuzithandela elokhu esincenga ngokuncenga okukhulu ecela ilungelo lokupha ngomusa nokuba abe nengxenye enkonzweni emiselwe abangcwele [eJudiya].” (2 Kor. 8:2-4) Nakuba ayempofu, amaKristu aseMakedoniya ayengeve enesandla esivulekile. Ayekubheka njengelungelo ukuhlanganyela izinto zawo nabafowabo abaswele eJudiya.

13. Kusho ukuthini ‘ukulandela inkambo yokungenisa izihambi’?

13 Inkulumo ethi “landelani inkambo yokungenisa izihambi” ihumusha eyesiGreki esikisela ukuthatha isinyathelo kuqala. I-New Jerusalem Bible iyibeka kanje le nkulumo, “funani amathuba okungenisa izihambi.” Ngezinye izikhathi umoya wokungenisa izihambi uboniswa ngokumemela othile esidlweni, futhi uma lokhu kwenziwa ngothando, kuyancomeka. Kodwa uma siwafuna amathuba okubonisa lo moya, siyothola ukuthi kunezinye izindlela eziningi esingawubonisa ngazo. Ngokwesibonelo, uma singenawo amandla okumemela othile esidlweni, ukummemela inkomishi yetiye noma esinye isiphuzo kusengenye indlela yokungenisa izihambi.

14. (a) Igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “ukungenisa izihambi” lakhiwa imaphi amagama? (b) Lapho sisenkonzweni, singabonisa kanjani ukuthi siyabakhathalela abantu abavela kwamanye amazwe?

14 Ukungenisa izihambi kuhilela isimo sethu sengqondo. Igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “ukungenisa izihambi” lakhiwa amagama amabili anomsuka welithi “uthando” nelithi “isihambi.” Sizizwa kanjani ngezihambi, noma abantu bakwamanye amazwe? Kungashiwo kufanele ukuthi amaKristu alwela ukufunda olunye ulimi ukuze ashumayele izindaba ezinhle kubantu abavela kwamanye amazwe abathuthele ensimini yebandla lawo alandela inkambo yokungenisa izihambi. Yiqiniso, iningi lethu alikho esimweni sokufunda olunye ulimi. Noma kunjalo, sonke singaba nengxenye enkulu ekusizeni abantu bakwamanye amazwe ngokuyisebenzisa kahle incwajana ethi Good News for People of All Nations, equkethe isigijimi seBhayibheli ngezilimi eziningi. Ikhona yini imiphumela emihle oyithole ngokusebenzisa le ncwajana enkonzweni?

Ukuzwelana

15. UJesu wakubonisa kanjani okushiwo iseluleko esikumaRoma 12:15?

15 Funda amaRoma 12:15. Iseluleko sikaPawulu esikuleli vesi singafingqwa ngamagama amabili: Bonisa uzwela. Kudingeka sifunde ukuqonda futhi size sizwelane nomunye umuntu, ejabule noma esosizini. Uma sivutha emoyeni, kuyobonakala lapho sijabula noma sizwelana nabo. Lapho abafundi bakaKristu abangu-70 bebuya bejabule emkhankasweni wokushumayela futhi belandisa ngemiphumela emihle yomsebenzi wabo, uJesu uqobo lwakhe ‘wachichima injabulo ngomoya ongcwele.’ (Luka 10:17-21) Wajabula kanye nabo. Ngakolunye uhlangothi, uJesu ‘wakhala nabantu ababekhala’ lapho kushona umngane wakhe uLazaru.—Joh. 11:32-35.

16. Singalubonisa kanjani uzwela, futhi obani ngokukhethekile okudingeka balubonise?

16 Sifuna ukulingisa isibonelo sikaJesu sokubonisa uzwela. Lapho omunye umKristu ejabule, sifisa ukujabula naye. Ngokufanayo, kufanele sizwelane nabafowethu nodadewethu lapho besosizini noma besezinhlungwini. Ngokuvamile, singawaduduza kakhulu amanye amaKristu abhekene nobuhlungu obungokomzwelo uma ngempela sizinika isikhathi sokuwalalela ngozwela. Ngezinye izikhathi, singase sithole ukuthi izinhliziyo zethu zithinteka kangangokuthi size sikhale izinyembezi. (1 Pet. 1:22) Abadala ngokukhethekile kufanele balalele iseluleko sikaPawulu sokubonisa uzwela.

17. Yini esesiyifundile kumaRoma isahluko 12, futhi sizoxoxa ngani esihlokweni esilandelayo?

17 Amavesi esesixoxe ngawo kumaRoma isahluko 12 asinikeze iseluleko esingasisebenzisa ekuphileni kwethu njengamaKristu nasebuhlotsheni bethu nabafowethu. Esihlokweni esilandelayo, sizohlola amavesi asele alesi sahluko, axoxa ngendlela okufanele sibheke futhi sisebenzelane ngayo nabantu abangaphandle kwebandla lobuKristu, kuhlanganise abaphikisi nabashushisi.

Ake Sibukeze

• Sibonisa kanjani ukuthi ‘siyavutha emoyeni’?

• Kungani kufanele sikhonze uNkulunkulu ngokuthobeka nangesizotha?

• Singalubonisa ngaziphi izindlela uzwela kwamanye amaKristu?

[Imibuzo Yesifundo]

[Izithombe ekhasini 4]

Kungani senza le misebenzi yobuKristu?

[Isithombe ekhasini 6]

Ngamunye wethu angahlanganyela kanjani ekusizeni abantu abavela kwamanye amazwe ukuba bafunde ngoMbuso?