Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

“Yibani Nokuthula Nabantu Bonke”

“Yibani Nokuthula Nabantu Bonke”

“Yibani Nokuthula Nabantu Bonke”

“Uma kungenzeka, ngokusemandleni enu, yibani nokuthula nabantu bonke.”—ROMA 12:18.

1, 2. (a) Isiphi isixwayiso uJesu asinikeza abalandeli bakhe? (b) Singasitholaphi iseluleko sendlela okufanele sisabele ngayo lapho siphikiswa?

 UJESU waxwayisa abalandeli bakhe ngokuthi izwe laliyobaphikisa, futhi ngobusuku bangaphambi kokufa kwakhe wabachazela isizathu. Wathi kubaphostoli bakhe: “Uma beniyingxenye yezwe, izwe belizothanda okungokwalo. Manje ngenxa yokuthi aniyona ingxenye yezwe, kodwa nginikhethile kuleli zwe, ngenxa yalokhu izwe liyanizonda.”—Joh. 15:19.

2 Umphostoli uPawulu wakubona mathupha ukuba yiqiniso kwala mazwi kaJesu. Encwadini yakhe yesibili ayibhalela umngane wakhe osemusha uThimothewu, uPawulu wathi: “Wena uye wayilandela eduze imfundiso yami, inkambo yami yokuphila, injongo yami, ukholo lwami, ukubekezela kwami, uthando lwami, ukukhuthazela kwami, ukushushiswa kwami, izinhlupheko zami.” UPawulu wabe esenezela: “Eqinisweni, bonke labo abafisa ukuphila ngokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu kanye noKristu Jesu nabo futhi bayoshushiswa.” (2 Thim. 3:10-12) Esahlukweni 12 sencwadi yakhe ayibhalela amaKristu aseRoma, uPawulu wanikeza iseluleko esihlakaniphile sendlela okwakufanele asabele ngayo lapho ephikiswa. Amazwi akhe angasiqondisa kulesi sikhathi sokuphela.

“Yenzani Izinto Ezinhle”

3, 4. Iseluleko esikweyabaseRoma 12:17 singasetshenziswa kanjani (a) emkhayeni ohlukene ngokwenkolo? (b) ekusebenzelaneni kwethu nomakhelwane?

3 Funda amaRoma 12:17. UPawulu wathi lapho siphathwa kabi akufanele siziphindiselele. Kubalulekile ukulalela lesi seluleko ikakhulu emikhayeni ehlukene ngokwenkolo. Umngane womshado ongumKristu umelana nesilingo sokubuyisela ukhahlo ngokhahlo. ‘Ukubuyisela okubi ngokubi’ akufezi lutho oluhle. Kunalokho, isimo sengqondo esinjalo singamane senze isimo sishube.

4 UPawulu utusa le ndlela engcono: “Yenzani izinto ezinhle emehlweni abo bonke abantu.” Ekhaya, inkosikazi ebonisa umusa wangempela kumyeni wayo ogxeka izinkolelo zayo ingase inqande isimo ebesingaholela empikiswaneni evuthayo. (IzAga 31:12) UCarlos, manje oyilungu lomkhaya waseBethel, ulandisa indlela unina anqoba ngayo ukuphikisa kukayise okukhulu ngokuhlale enomusa futhi elinakekela kahle ikhaya. “Wayesikhuthaza thina bantwana ukuba simhloniphe ngaso sonke isikhathi ubaba. Wayephikelela ukuba ngidlale naye i-boules (umdlalo wamaFulentshi wokugingqa ibhola) ngisho noma kwakungewona umdlalo engiwuthandayo. Kodwa lokho kwakumenza ajabule.” Ngokuhamba kwesikhathi waqala ukutadisha iBhayibheli futhi wabhapathizwa. Kuleli phuzu ‘lokwenza izinto ezinhle emehlweni abo bonke abantu,’ ngokuvamile oFakazi BakaJehova baye banqoba ubandlululo ngokunikeza usizo komakhelwane babo ngezikhathi zenhlekelele.

Ukuqeda Ukuphikiswa ‘Ngamalahle Avuthayo’

5, 6. (a) “Amalahle avuthayo” anqwatshelaniswa ngamuphi umqondo ekhanda lesitha? (b) Landisa okuhlangenwe nakho kwasendaweni okubonisa indlela ukusebenzisa iseluleko esitholakala kumaRoma 12:20 okungaba ngayo nemiphumela emihle.

5 Funda amaRoma 12:20. Lapho ekhetha la mazwi akuleli vesi, akungabazeki ukuthi uPawulu wayecabanga ngalokho esikufunda kuzAga 25:21, 22: “Uma okuzondayo elambile, mnike isinkwa adle; uma omile mnike amanzi aphuze. Ngoba uqoqela amalahle phezu kwekhanda lakhe, futhi uJehova uyokuvuza.” Ngenxa yeseluleko sakhe esitholakala kumaRoma isahluko 12, akunakwenzeka ukuthi uPawulu wayesho ukuthi la malahle angokomfanekiso ayehloselwe ukujezisa noma ukuhlaza umphikisi. Kunalokho, lesi saga—kanye namazwi kaPawulu kwabaseRoma acishe afane—sibonakala sibhekisele endleleni yasendulo yokuncibilikisa insimbi engahluziwe. Isazi esiyiNgisi sekhulu le-19 uCharles Bridges saphawula: “Beka amalahle ngaphansi nangaphezu kwensimbi engahluziwe; ungamane nje uyifake emlilweni, kodwa unqwabelanise amalahle avuthayo phezu kwayo. Zimbalwa izinhliziyo eziqine kangangokuba ngeke zincibilike lapho zibhekene namandla amakhulu othando olunesineke, oluzidelayo noluvuthayo.”

6 ‘Njengamalahle avuthayo,’ izenzo zomusa zingathambisa izinhliziyo zabaphikisi futhi mhlawumbe zize ziqede nenzondo yabo. Izenzo zomusa zingenza abantu babe nesimo sengqondo esihle ngabantu bakaJehova nangesigijimi seBhayibheli abasishumayelayo. Umphostoli uPetru wabhala: “Gcinani ukuziphatha kwenu kukuhle phakathi kwezizwe, ukuze kuthi, entweni ezikhuluma kabi ngani kuyo njengokungathi ningabenzi bokubi, zikhazimulise uNkulunkulu ngosuku lokuhlola kwakhe ngenxa yemisebenzi yenu emihle ezingofakazi bayo bokuzibonela.”—1 Pet. 2:12.

“Yibani Nokuthula Nabantu Bonke”

7. Kuyini ukuthula uKristu akushiyela abafundi bakhe, futhi kufanele kusishukumisele ukuba senzeni?

7 Funda amaRoma 12:18. Ngobusuku bokugcina enabaphostoli bakhe, uJesu wathi kubo: “Nginishiyela ukuthula, ngininika ukuthula kwami.” (Joh. 14:27) Ukuthula uKristu akushiyela abafundi bakhe kuwukuzola kwangaphakathi abakuthola lapho bezwa ukuthi uJehova uNkulunkulu neNdodana yakhe ayithandayo bayabathanda futhi bayabamukela. Lokhu kuthula kwangaphakathi kufanele kusishukumisele ukuba siphile ngokuthula nabanye. AmaKristu eqiniso angabathandi bokuthula futhi angabenzi bokuthula.—Math. 5:9.

8. Singaba kanjani abenzi bokuthula ekhaya nasebandleni?

8 Enye indlela yokuba umenzi wokuthula ekhaya iwukuxazulula ukungezwani ngokushesha ngangokunokwenzeka kunokuba sikuyeke kuze kube kubi kakhulu. (IzAga 15:18; Efe. 4:26) Lokhu kufanele sikwenze nasebandleni lobuKristu. Umphostoli uPetru uhlobanisa ukuphishekela ukuthula nokubamba ulimi. (1 Pet. 3:10, 11) UJakobe, ngemva kokunikeza iseluleko esiqinile ngendlela yokusebenzisa ulimi ngokufanele nangesidingo sokugwema umona nokubanga, naye wabhala: “Ukuhlakanipha kwaphezulu okokuqala kumsulwa, kunokuthula, kuyabonelela, kuyashesha ukulalela, kugcwele isihe nezithelo ezinhle, akuhlukanisi abantu ngokukhetha, akuzenzisi. Ngaphezu kwalokho, imbewu yesithelo sokulunga ihlwanyelwa ngaphansi kwezimo zokuthula kulabo abenza ukuthula.”—Jak. 3:17, 18.

9. Lapho sizama ‘ukuba nokuthula nabantu bonke,’ yini okufanele sihlale siyikhumbula?

9 Emazwini akhe akumaRoma 12:18, uPawulu udlulela ngalé kwesidingo sokuba nokuthula emkhayeni nasebandleni. Uthi kufanele sibe “nokuthula nabantu bonke.” Lokhu kuhlanganisa omakhelwane, abantu esisebenza nabo, esifunda nabo esikoleni nalabo esihlangana nabo enkonzweni yasobala. Nokho, lo mphostoli wendlalela iseluleko sakhe ngokuthi: “Uma kungenzeka, ngokusemandleni enu.” Lokhu kusho ukuthi nakuba kufanele senze konke esingakwenza ukuze ‘sibe nokuthula nabo bonke abantu’ akufanele siyekethise ezimisweni zikaNkulunkulu zokulunga.

Impindiselo NgekaJehova

10, 11. ‘Siqhelela ulaka’ ngamuphi umqondo, futhi kungani lokhu kufaneleka?

10 Funda amaRoma 12:19. Ngisho nakulabo “abangenaso isimo sengqondo esihle” ngomsebenzi nangesigijimi sethu, kuhlanganise nalabo abasiphikisa ngokuqondile, siyoqhubeka ‘sizibambile ngaphansi kobubi’ futhi senze “ngobumnene.” (2 Thim. 2:23-25) UPawulu weluleka amaKristu ukuba angaziphindiseleli kodwa ‘aqhelele ulaka.’ Wayekhuluma ngolaka lukabani? Wayengakhulumi ngolaka lwethu. Ngokusobala, siqhelela ulaka lukaNkulunkulu. NjengamaKristu, siyazi ukuthi akukhona okwethu ukuziphindiselela. Umhubi wabhala: “Hlukana nentukuthelo uyeke ukufutheka; ungafuthelani ukuba nje wenze okubi.” (IHu. 37:8) USolomoni naye weluleka: “Ungasho ukuthi: ‘Ngizobuyisela ngokubi!’ Thembela kuJehova, uyokusindisa.”—IzAga 20:22.

11 Uma abaphikisi besilimaza, inkambo yokuhlakanipha iwukushiyela kuJehova ukuba abajezise ngesikhathi sakhe uma kufaneleka. Ebonisa ukuthi wayecabanga ngolaka lukaJehova, uPawulu wenezela: “Kulotshiwe ukuthi: ‘Impindiselo ingeyami; ngizobuyisela mina, kusho uJehova.’” (Qhathanisa noDuteronomi 32:35.) Ukube besingazama ukuziphindiselela besiyobe siyagabadela, sithathela uJehova umsebenzi wakhe. Ngaphezu kwalokho, besiyobe sibonisa ukuthi sintula ukholo esithembisweni sikaJehova esithi: “Ngizobuyisela mina.”

12. Intukuthelo kaJehova iyokwembulwa nini, futhi kanjani?

12 Ekuqaleni kwencwadi yakhe ayibhalela abaseRoma, uPawulu wathi: “Ulaka lukaNkulunkulu luyembulwa luvela ezulwini ngokumelene nakho konke ukungamhloniphi uNkulunkulu nokungalungi kwabantu abacindezela iqiniso ngendlela engalungile.” (Roma 1:18) Ulaka lukaJehova luyokwembulwa luvela ezulwini ngeNdodana yakhe ngesikhathi ‘sosizi olukhulu.’ (IsAm. 7:14) Lokho kuyoba “ubufakazi besahlulelo esilungileyo sikaNkulunkulu,” njengoba uPawulu achaza kwenye yezincwadi zakhe eziphefumulelwe: “Lokhu kuhlanganisa nokuthi kuwukulunga ngoNkulunkulu ukuba abuyisele usizi kulabo abanibangela usizi, kodwa, kini enibhekene nosizi, impumuzo kanye nathi ekwambulweni kweNkosi uJesu ivela ezulwini ikanye nezingelosi zayo ezinamandla emlilweni ovutha amalangabi, njengoba iletha impindiselo phezu kwalabo abangamazi uNkulunkulu nakulabo abangazilaleli izindaba ezinhle mayelana neNkosi yethu uJesu.”—2 Thes. 1:5-8.

Ukunqoba Okubi Ngokuhle

13, 14. (a) Kungani singamangali lapho sibhekana nokuphikiswa? (b) Singababusisa kanjani labo abasishushisayo?

13 Funda amaRoma 12:14, 21. Njengoba siqiniseka ngokugcwele ukuthi uJehova uzoyifeza injongo yakhe, singazikhandla ngokugcwele emsebenzini asinike ukuba siwenze—ukushumayela ‘izindaba ezinhle zombuso’ “emhlabeni wonke owakhiwe.” (Math. 24:14) Siyazi ukuthi lo msebenzi wethu njengamaKristu uyozicasula izitha zethu, ngoba uJesu wasixwayisa: “Niyoba yizinto zokuzondwa yizizwe zonke ngenxa yegama lami.” (Math. 24:9) Ngenxa yalokho, asimangali noma sidumale lapho siphikiswa. Umphostoli uPetru wabhala: “Bathandekayo, ningakhungathekiswa ukusha enikuzwayo, okwenzeka kini ngenjongo yokunivivinya, njengokungathi nehlelwa yinto eyinqaba. Ngokuphambene nalokho, qhubekani nijabula njengoba nje ningabahlanganyeli ezinhluphekweni zikaKristu.”—1 Pet. 4:12, 13.

14 Kunokuba sibazonde abantu abasishushisayo, sizama ukubafundisa, ngoba siqaphela ukuthi abanye babo kungenzeka benziwa ukungazi. (2 Kor. 4:4) Sizama ukulalela iseluleko sikaPawulu: “Qhubekani nibusisa labo abashushisayo; busisani ningaqalekisi.” (Roma 12:14) Enye indlela yokubusisa abasiphikisayo, iwukubathandazela. ENtshumayelweni yakhe yaseNtabeni, uJesu wathi: “Qhubekani nithanda izitha zenu, nenza okuhle kwabanizondayo, nibusisa abaniqalekisayo, nithandazela abanithukayo.” (Luka 6:27, 28) Umphostoli uPawulu wayazi kokuhlangenwe nakho kwakhe ukuthi umshushisi angaba umfundi kaKristu othembekile futhi abe inceku kaJehova eshisekayo. (Gal. 1:13-16, 23) Kwenye incwadi, uPawulu wathi: “Lapho sethukwa, siyabusisa; lapho sishushiswa, siyabekezela; lapho sihlaziswa, siyancenga.”—1 Kor. 4:12, 13.

15. Iyiphi indlela engcono kakhulu yokunqoba okubi ngokuhle?

15 Ngakho, umKristu weqiniso ulalela amazwi evesi lokugcina lamaRoma isahluko 12: “Ungazivumeli ukuba unqotshwe okubi, kodwa qhubeka unqoba okubi ngokuhle.” Umthombo wabo bonke ububi uSathane uDeveli. (Joh. 8:44; 1 Joh. 5:19) Esambulweni esanikezwa umphostoli uJohane, uJesu wembula ukuthi abafowabo abagcotshiwe baye ‘banqoba uSathane ngenxa yegazi leWundlu nangenxa yezwi lokufakaza kwabo.’ (IsAm. 12:11) Lokhu kubonisa ukuthi indlela engcono kakhulu yokunqoba uSathane nethonya elibi analo kulesi simiso sezinto iwukwenza okuhle ngokushumayela izindaba ezinhle zoMbuso.

Jabulani Ethembeni

16, 17. AmaRoma isahluko 12 asifundiseni (a) ngendlela okufanele sisebenzise ngayo ukuphila kwethu? (b) ngendlela okufanele siziphathe ngayo ebandleni? (c) ngendlela okufanele siphathe ngayo labo abasiphikisayo?

16 Ukucabangela isahluko 12 sencwadi kaPawulu ayibhalela amaKristu aseRoma kuye kwasikhumbuza izinto eziningi. Sifunde ukuthi njengezinceku zikaJehova ezizinikezele, kufanele sizimisele ukuzidela. Sishukunyiswa umoya kaNkulunkulu, senza lokhu kuzidela ngokuzithandela ngenxa yokuthi amandla ethu okucabanga aye asenza saqiniseka ukuthi lokhu kuyintando kaNkulunkulu. Siyavutha emoyeni futhi sisebenzisa izipho zethu ezihlukahlukene ngentshiseko. Sikhonza ngokuthobeka nangesizotha, futhi senza konke esingakwenza ukuze silondoloze ubunye bethu bobuKristu. Silandela inkambo yokungenisa izihambi futhi sibonisa uzwela lwangempela.

17 AmaRoma isahluko 12 asinikeza neseluleko sendlela okufanele sisabele ngayo lapho siphikiswa. Akufanele siziphindiselele. Kufanele sizame ukunqoba ukuphikiswa ngokwenza izinto ezibonisa umusa. Uma kungenzeka, ngaphandle kokwephula izimiso zeBhayibheli, kufanele silwele ukuphila ngokuthula nabo bonke abantu. Lokhu kusebenza ekhaya, ebandleni, komakhelwane, emsebenzini, esikoleni nasenkonzweni yethu yasobala. Ngisho nalapho sishushiswa ngokuqondile, senza konke esingakwenza ukuze sinqobe okubi ngokuhle, sikhumbula ukuthi impindiselo ingekaJehova.

18. Imiphi imiyalo emithathu amaRoma 12:12 asiyala ngayo?

18 Funda amaRoma 12:12. UPawulu unikeza eminye imiyalo emithathu ngaphezu kwezeluleko ezihlakaniphile neziwusizo asezinikezile. Njengoba singenakukwazi ukuzenza zonke lezi zinto ngaphandle kosizo lukaJehova, lo mphostoli usiyala ukuba ‘siphikelele emthandazweni.’ Lokhu kuyosenza sikwazi ukulalela esinye iseluleko asinikeza sona ‘sokukhuthazela osizini.’ Okokugcina, kudingeka sihlale sigxilise izingqondo zethu ekusaseni uJehova asigcinele lona futhi ‘sijabule ethembeni’ lokuphila okuphakade, kungaba sezulwini noma emhlabeni.

Ake Sibukeze

• Kufanele sisabele kanjani lapho siphikiswa?

• Iziphi izindawo okufanele sizame kuzo ukuba abenzi bokuthula, futhi singakwenza kanjani?

• Kungani kungafanele sifune ukuziphindiselela?

[Imibuzo Yesifundo]

[Isithombe ekhasini 8]

Ukubasiza ngokoqobo omakhelwane bethu kungasiza ekunqobeni ubandlululo

[Isithombe ekhasini 9]

Ingabe ulwela ukuba umenzi wokuthula ebandleni?