Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Bazise Abafowenu Nodadewenu Abayizithulu!

Bazise Abafowenu Nodadewenu Abayizithulu!

Bazise Abafowenu Nodadewenu Abayizithulu!

ABANTU bakaNkulunkulu namuhla bawumkhaya omkhulu owakhiwa abafowethu nodadewethu abangokomoya abahlanganisa amadoda nabesifazane basendulo. Kulaba singabala abantu abanjengoSamuweli, uDavide, uSamsoni, uRahabi, uMose, u-Abrahama, uSara, uNowa no-Abela. Phakathi kwezinceku zikaJehova eziqotho kunabaningi abayizithulu. Ngokwesibonelo, abantu ababili bokuqala ababa oFakazi BakaJehova eMongolia kwakuwumbhangqwana oyizithulu. Ubuqotho babafowethu nodadewethu abayizithulu eRussia basenza sanqoba ecaleni elalisezithebeni zeNkantolo YaseYurophu Yamalungelo Abantu.

Ezikhathini zanamuhla, “inceku ethembekileyo neqondayo” iye yalungiselela ama-DVD olimi lwezandla, yamisa amabandla futhi yahlela imihlangano yesifunda neyesigodi yolimi lwezandla. (Math. 24:45) La malungiselelo aye abazuzisa kakhulu abantu abayizithulu. * Kodwa ingabe wake wazibuza ukuthi kwakunjani ngabantu abayizithulu ukuba bafunde ngoNkulunkulu weqiniso futhi bathuthuke eqinisweni ngaphambi kokuba kube nala malungiselelo? Wake wacabanga ukuthi yini ongayenza ukuze usize abantu abayizithulu abahlala endaweni yakini?

Ngaphambi Kwamalungiselelo Anamuhla

Bangathini omakad’ ebona abayizithulu uma ubabuza ukuthi kwakunjani lapho beqala ukwazi ngoNkulunkulu? Bangase bakutshele indlela abazizwa ngayo lapho beqala ukufunda ukuthi uNkulunkulu unegama—indlela lelo qiniso elilodwa elakushintsha ngayo ukuphila kwabo futhi labaqinisa iminyaka ngaphambi kokuba kube nama-video noma ama-DVD abasiza ukuba bafunde amaqiniso ajulile emiBhalo. Bangase bakuchazele ukuthi kwakunjani ukuba semihlanganweni yobuKristu eyayingaqhutshwa noma ihunyushelwe olimini lwezandla. Kwakumane kube nomuntu owayehlala eduze kwabo ababhalele amaphuzu ukuze abasize baqonde okwakushiwo isikhulumi. Omunye umzalwane oyisithulu wafunda amaqiniso eBhayibheli ngale ndlela iminyaka engu-7 ngaphambi kokuba kufike umuntu ozohumushela olimini lwezandla.

OFakazi abayizithulu asebekhulile bayakhumbula ukuthi kwakunjani ukuya ensimini “yabezwayo.” Kwesinye isandla babephatha ipheshana elalibhalwe isigijimi esifushane bese kuthi kwesinye baphathe INqabayokulinda ne-Phaphama! yamuva. Kwakuba inselele ukuqhubela omunye umuntu oyisithulu isifundo seBhayibheli besebenzisa izincwadi bobabili ababengaziqondi kahle. Kungenzeka ukuthi abamemezeli abayizithulu asebekhulile bayakhumbula ukuthi kwakukhungathekisa kanjani lapho abantu bengabaqondi ukuthi bathini bese kuba nzima ukuqhubeka bexoxa ngamaqiniso angokomoya. Bayazi nokuthi babezizwa kanjani ngokuba nothando olujulile ngoJehova kodwa bengakwazi ukulubonisa ngokuzethemba. Ngani? Ngoba babengaqiniseki ukuthi indlela abayiqonda ngayo indaba ethile inembile yini.

Naphezu kwazo zonke lezi zingqinamba, abafowethu nodadewethu abayizithulu babelokhu begcina ubuqotho babo. (Jobe 2:3) Baye balindela uJehova ngokulangazelela. (IHu. 37:7) Manje usebabusisa ngaphezu kwalokho iningi labo elalikulindele.

Cabanga ngemizamo yomzalwane othile oyisithulu oshadile futhi onabantwana. Ngaphambi kokuba kube nama-video olimi lwezandla, wayehola ngokwethembeka ekuqhubeni isifundo somkhaya. Indodana yakhe iyakhumbula: “Isifundo somkhaya sasihlale sinzima kubaba, ngoba kwakudingeka asebenzise izincwadi kuphela. Ezikhathini eziningi, wayengakuqondi ngokugcwele okwakukuzo. Nathi sasimthena amandla singanakile. Sasisheshe simbonise uma engazichazi ngokunembile izinto. Naphezu kwakho konke lokhu, wayesiqhuba njalo isifundo somkhaya. Wayenomuzwa wokuthi ukufunda kwethu okuthile ngoJehova kwakubaluleke ngaphezu kokuphoxeka kwakhe ngezikhathi ezithile ngenxa yokuhluleka ukuqonda isiNgisi.”

Esinye isibonelo esikaRichard, umzalwane osevile eminyakeni engu-70 oyisithulu noyimpumputhe ohlala eBrooklyn, eNew York, e-U.S.A. URichard waziwa ngokungaphuthi emihlanganweni yobuKristu. Lapho eya kuyo, uhamba yedwa ngesitimela esihamba ngaphansi komhlaba, abale iziteshi ukuze azi ukuthi uzokwehla kuphi. Ngobunye ubusika, lakhithika kakhulu kangangokuthi kwanqunywa ukuba umhlangano ungabi khona. Bonke abasebandleni batshelwa, kodwa uRichard walibaleka. Lapho abazalwane bekhumbula ukuthi abamtshelanga, bahamba beyombheka, bamthola emi ngaphandle kweHholo LoMbuso, elinde ngesineke ukuba livulwe. Lapho ebuzwa ukuthi kungani ephume likhithika, wathi, “Kungenxa yokuthi ngiyamthanda uJehova.”

Yini Ongayenza?

Ingabe bakhona abantu abayizithulu endaweni yakini? Ingabe ungafunda ukwenza izimpawu ezithile zolimi lwezandla ukuze ukwazi ukuxoxa nabo? Ngokuvamile abantu abayizithulu banomusa nesineke lapho befundisa abanye ulimi lwabo. Ngezinye izikhathi ungase uhlangane nomuntu oyisithulu lapho uzihambela nje noma usenkonzweni. Yini ongayenza? Zama ukuxoxa naye. Sebenzisa ukushukuma komzimba, izinto ezibhaliwe, imidwebo, izithombe noma inhlanganisela yalezi zinto. Ngisho noma lowo muntu ebonisa ukuthi akanasithakazelo eqinisweni, tshela uFakazi oyisithulu noma owazi ulimi lwezandla ngalowo muntu. Umuntu oyisithulu angase abe nesithakazelo esigijimini uma esizwa ngolimi lwezandla.

Mhlawumbe ufunda ulimi lwezandla futhi usebandleni lalo. Ungalithuthukisa kanjani ikhono lakho lokulukhuluma nokuluqonda? Nakuba kungase kube nabanye abamemezeli abezwayo ebandleni, kunganjani uvele usebenzise ulimi lwezandla kuphela? Lokhu kuyokusiza ukuba ucabange ngolimi lwezandla. Ngezinye izikhathi, ungase ulingeke ukuba uvele ukhulume. Nokho, lapho ufunda noma iluphi ulimi, kumelwe ubekezelele izinselele zokulukhuluma ngokushelelayo.

Ukuqhubeka uzikhandla ukuze usebenzise ulimi lwezandla kubonisa uthando nenhlonipho ngabafowethu nodade abayizithulu. Cabanga ngokukhungatheka abantu abayizithulu ababhekana nakho usuku nosuku ngoba bengabezwa abantu abasebenza nabo noma abafunda nabo esikoleni. Omunye umzalwane oyisithulu wathi: “Abantu engihlangana nabo nsuku zonke bayakhuluma. Ngivame ukuba nesizungu futhi ngizizwe ngilahliwe bese ngithukuthela. Angikwazi ukuyichaza kahle indlela engizizwa ngayo ngezinye izikhathi.” Imihlangano yethu kufanele ibe indawo abafowethu nodadewethu abayizithulu abathola kuyo ukudla okungokomoya futhi bajabulele ubudlelwane nezingxoxo ezakhayo.—Joh. 13:34, 35.

Asifuni ukukhohlwa amaqembu amaningi amancane abantu abayizithulu ahlanganyela namabandla asebenzisa ulimi olukhulunywayo. Abayizithulu bayahunyushelwa kule mihlangano. Ukuze bakuqonde ngokugcwele okushiwoyo, bahlala phambili eHholo LoMbuso. Lokhu kwenza ukuba basibone kahle isikhulumi nohumushayo. Okuhlangenwe nakho kuye kwabonisa ukuthi lonke ibandla liyashesha ukukujwayela lokhu futhi aliphazamiseki. La malungiselelo ayasebenza nasemihlanganweni yesifunda neyesigodi ehunyushelwa olimini lwezandla. Kufanele siwancome amalungu ebandla azikhandlayo ukuze ahumushe izinkulumo ngendlela ecacile nengokwemvelo abayizithulu abayiqonda kahle.

Mhlawumbe usebandleni elihlanganyela neqembu labantu abasebenzisa ulimi lwezandla noma elinabantu abambalwa abayizithulu abahunyushelwa imihlangano. Yini ongayenza ukuze ubonise ukuthi uyabakhathalela la bafowethu abayizithulu? Bamemele emzini wakho. Uma kungenzeka, funda ukwenza izimpawu ezimbalwa. Akufanele wesatshiswe ukungakwazi ukuxoxa nabo. Uzoyithola indlela ongaxoxa ngayo nabo futhi ukubonisa lolo thando kuyosenza sibe nezinkumbulo ezijabulisayo. (1 Joh. 4:8) Abafowethu abayizithulu bangasifundisa lukhulu. Bayakuthanda ukuxoxa, banokuqonda futhi banamancoko. Omunye umzalwane onabazali abayizithulu uthi: “Ukuphila kwami konke bengilokhu ngihlala nabantu abayizithulu, futhi ngizuze okuningi kakhulu kubo engingenakukwazi ukukukhokhela. Singafunda okuningi kubafowethu nodadewethu abayizithulu.”

UJehova uyabathanda abakhulekeli bakhe abathembekile, kuhlanganise nabayizithulu. Isibonelo sabo sokholo nokukhuthazela ngokuqinisekile siyanezela ebuhleni benhlangano kaJehova. Kwangathi singabazisa abafowethu nodadewethu abayizithulu!

[Umbhalo waphansi]

^ Bheka isihloko esithi “UJehova Wenze Ubuso Bakhe Bakhanya Kubo,” kuyi-Nqabayokulinda ka-August 15, 2009.

[Isithombe ekhasini 31]

Isigijimi soMbuso singase sikhange ngokwengeziwe kumuntu oyisithulu uma esizwa ngolimi lwakhe

[Isithombe ekhasini 32]

Imihlangano yethu kufanele ibe indawo abafowethu nodadewethu abayizithulu abathola kuyo isikhuthazo esingokomoya