Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

Ingabe kuyafaneleka ukuba udade athwale ekhanda lapho ehumushela izinkulumo zeBhayibheli olimini lwezandla emihlanganweni yebandla, yesifunda nekhethekile noma yesigodi?

Ngokuvamile, owesifazane ongumKristu kumelwe athwale lapho enza imisebenzi evame ukunakekelwa umyeni wakhe noma umzalwane ebandleni. Lokhu kuvumelana nesimiso esashiwo umphostoli uPawulu esithi “yilowo nalowo wesifazane othandaza noma aprofethe inhloko yakhe ingamboziwe uhlazisa inhloko yakhe” ngoba ‘inhloko yowesifazane yindoda.’ (1 Kor. 11:3-10) Lapho owesifazane ethwala ngendlela enesizotha nehloniphekile kulezo zimo, lokhu kuwuphawu lokuzithoba elungiselelweni elingokwasezulwini lebandla lobuKristu.—1 Thim. 2:11, 12. *

Nokho, yini okumelwe yenziwe uma udade ohumushela olimini lwezandla ehumushela umzalwane onikeza inkulumo? Yiqiniso, udade umane nje udlulisela inkulumo kolunye ulimi. Ngamanye amazwi, akafundisi kodwa ngumzalwane amhumushelayo ofundisayo. Nokho, ukuhumushela olimini lwezandla kuhluke kakhulu kunokuhumushela kwezinye izilimi ezikhulunywayo. Ezilimini ezikhulunywayo, izilaleli zingagxila esikhulumini kuyilapho zilalele umhumushi. Ngaphezu kwalokho, ngokungafani nodade abahumushela olimini lwezandla, izilaleli azigxili kulab’ odade abahumushela ezilimini ezikhulunywayo. Ngezinye izikhathi, bangase bahlale phansi uma bethanda lapho behumusha noma uma bemile, babheke isikhulumi kunokubheka izilaleli. Ngakho, ngeke kudingeke ukuba udade ohumushela olimini olukhulunywayo athwale.

Ngaphezu kwalokho, ngenxa yentuthuko kwezobuchwepheshe obusetshenziswa lapho izinkulumo zihunyushelwa olimini lwezandla, indima yomhumushi ingase igqanyiswe ngokwengeziwe. Izilaleli zingase zingasiboni nhlobo isikhulumi ngoba kuvela isithombe somuntu ohumushayo esihenqweni esikhulu. Ngenxa yalokhu, kubonakala kufaneleka ukuba udade ohumushela olimini lwezandla aqaphele indima yakhe njengomhumushi ngokuthwala ekhanda.

Lesi siqondiso esibukeziwe sikuthinta kanjani ukuhumushela olimini lwezandla izinkulumo zeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini, imiboniso, nezimpendulo eSifundweni SeBhayibheli Sebandla, eMhlanganweni Wenkonzo nezeSifundo Se-Nqabayokulinda? Ingabe udade ohumushela olimini lwezandla kufanele athwale nakulezi zimo? Kubonakala sengathi kunezimo ezithile okungeke kudingeke ukuba udade athwale kuzo, ngoba bonke abakhona cishe bayoqonda ukuthi empeleni akaqhubi umhlangano. Ngokwesibonelo, ngeke kudingeke athwale lapho ehumusha izimpendulo zezilaleli, izinkulumo ezinikezwa odade noma imiboniso. Nokho, lapho ehumusha izinkulumo ezinikezwa abazalwane kule mihlangano, lapho ehumushela umqhubi weSifundo Se-Nqabayokulinda noma weSifundo SeBhayibheli Sebandla, noma ehola ekuculeni ngolimi lwezandla, kufanele athwale. Phakathi nemihlangano, kungase kudingeke ukuba udade ahumushele abazalwane, odade, abantwana nabadala. Ngenxa yalokhu, kungase kube ukuhlakanipha ukuba athwale phakathi nawo wonke umhlangano.

[Umbhalo waphansi]

^ Ukuze uthole ingxoxo eningiliziwe ngokuthwala ekhanda kwabesifazane abangamaKristu, bheka incwadi ethi “Zigcineni Othandweni LukaNkulunkulu,” amakhasi 209-212.