Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Imithandazo Yakho Yembulani Ngawe?

Imithandazo Yakho Yembulani Ngawe?

Imithandazo Yakho Yembulani Ngawe?

“O Muzwi womthandazo, impela abantu bayo yonke inyama bayokuza kuwe.”—IHU. 65:2.

1, 2. Kungani izinceku zikaJehova zingathandaza kuye ngokuqiniseka?

 UJEHOVA uzilalela njalo izicelo zezinceku zakhe ezithembekile. Singaqiniseka ukuthi uyasizwa. Ngisho noma izigidi zoFakazi BakaJehova zingathandaza kuNkulunkulu ngesikhathi esifanayo, akekho noyedwa kuzo obeyotshelwa ukuthi umatasa.

2 Eqiniseka ngokuthi uNkulunkulu wayekuzwile ukuncenga kwakhe, umhubi uDavide wahlabelela: “O Muzwi womthandazo, impela abantu bayo yonke inyama bayokuza kuwe.” (IHu. 65:2) UJehova wayiphendula imithandazo kaDavide ngoba wayengumkhulekeli wakhe oqotho. Singase sizibuze nathi: ‘Ingabe ukunxusa kwami kubonisa ukuthi ngithembele kuJehova nokuthi ukukhulekela okuhlanzekile kuyinto engiyikhathalela ngokuyinhloko? Imithandazo yami yembulani ngami?’

Zithobe Lapho Uthandaza

3, 4. (a) Kufanele sibe nasiphi isimo sengqondo lapho sithandaza kuNkulunkulu? (b) Yini okufanele siyenze uma sikhathazwa ‘imicabango esincisha ukuthula’ ngenxa yesono esingathí sina?

3 Ukuze uNkulunkulu ayiphendule imithandazo yethu, kumelwe sithandaze kuye ngokuthobeka. (IHu. 138:6) Kufanele simcele ukuba asihlole, njengoba kwenza uDavide lapho ethi: “O Nkulunkulu ngihlolisise, wazi inhliziyo yami. Ngihlole, wazi imicabango yami engincisha ukuthula, ubone ukuthi ikhona yini indlela ebangela ubuhlungu kimi, ungihole ngendlela yaphakade.” (IHu. 139:23, 24) Masingagcini ngokuthandaza kodwa masivumele uNkulunkulu asihlole futhi samukele iseluleko esiseZwini lakhe. UJehova angasihola ‘endleleni yaphakade,’ asisize ukuba siphishekele inkambo eholela ekuphileni okuphakade.

4 Kufanele senzeni uma sikhathazwa ‘imicabango esincisha ukuthula’ ngenxa yesono esingathí sina? (Funda iHubo 32:1-5.) Ukuzama ukucindezela unembeza onecala kungasiqeda amandla njengoba nje nesihlahla sihwamuka lapho sishiswa ilanga lasehlobo. Ngenxa yesono sakhe, uDavide waphelelwa injabulo futhi kungenzeka ukuthi waze wagula. Kodwa, yeka impumuzo ayithola ngokuvuma isono sakhe kuNkulunkulu! Cabanga ukuthi uDavide wajabula kangakanani lapho ezwa ngaphakathi ukuthi ‘ukuvukela kwakhe kuxolelwe’ nokuthi uJehova wayemthethelele. Ukuvuma isono kuNkulunkulu kungaletha impumuzo futhi usizo lwabadala luyomsiza owonile ukuba asimame ngokomoya.—IzAga 28:13; Jak. 5:13-16.

Nxusa UNkulunkulu Futhi Umbonge

5. Kusho ukuthini ukunxusa uJehova?

5 Uma kunokuthile okusikhathazayo, kufanele sisebenzise iseluleko sikaPawulu: “Ningakhathazeki ngalutho, kodwa kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngomthandazo nangokunxusa kanye nokubonga.” (Fil. 4:6) “Ukunxusa” kusho “ukuncenga ngokuthobeka.” Kufanele sinxuse uJehova ukuba asisize futhi asiqondise ikakhulu lapho sibhekene nengozi noma sishushiswa.

6, 7. Kungenxa yaziphi izizathu imithandazo yethu kufanele ihlanganise nokubonga?

6 Uma sithandaza kuphela lapho sidinga okuthile, lokhu bekuyokwembulani ngezisusa zethu? UPawulu wathi kufanele senze izicelo zethu zaziwe nguNkulunkulu “kanye nokubonga.” Ngokuqinisekile, sinesizathu sokubonga njengoDavide owathi: “Ngobakho, Jehova, ubukhulu namandla nobuhle nokuhlonipheka nesithunzi; ngoba konke okusemazulwini nokusemhlabeni kungokwakho. O Jehova, ngowakho umbuso, Wena oziphakamisayo njengenhloko phezu kwakho konke. . . . Nkulunkulu wethu, siyakubonga futhi sidumisa igama lakho elihle.”—1 IziKr. 29:11-13.

7 UJesu wabonga uNkulunkulu ngokudla nangesinkwa newayini akusebenzisa eSidlweni SeNkosi Sakusihlwa. (Math. 15:36; Marku 14:22, 23) Ngaphandle kokubonga uJehova ngalezi zinto, kufanele ‘simbonge nangenxa yemisebenzi yakhe emangalisayo kubantwana babantu, ngenxa yezinqumo zakhe zokwahlulela ezilungile’ nangenxa yezwi lakhe, noma isigijimi, esitholakala eBhayibhelini.—IHu. 107:15; 119:62, 105.

Thandazela Abanye

8, 9. Kungani kufanele sithandazele amanye amaKristu?

8 Akungabazeki ukuthi siyazithandazela, kodwa kumelwe sithandazele nabanye—ngisho namaKristu esingawazi. Nakuba kungenzeka ukuthi umphostoli uPawulu wayengawazi wonke amaKristu aseKolose, wathi: “Siyambonga uNkulunkulu uYise weNkosi yethu uJesu Kristu ngaso sonke isikhathi uma sinithandazela, ngoba sezwa ngokholo lwenu mayelana noKristu Jesu nangothando eninalo ngabo bonke abangcwele.” (Kol. 1:3, 4) UPawulu wathandazela namaKristu aseThesalonika. (2 Thes. 1:11, 12) Imithandazo enjalo yembula lukhulu ngathi nangendlela esibabheka ngayo abafowethu nodadewethu abangokomoya.

9 Lapho sithandazela amaKristu agcotshiwe nabangane bawo ‘bezinye izimvu,’ sinikeza ubufakazi bokuthi siyayikhathalela inhlangano kaNkulunkulu. (Joh. 10:16) UPawulu wacela amanye amaKristu ukuba amthandazele ukuze ‘aphiwe ikhono lokukhuluma ukuze azise imfihlo engcwele yezindaba ezinhle.’ (Efe. 6:17-20) Ingabe yilokho nathi esikuthandazelayo ngamanye amaKristu?

10. Ukuthandazela abanye kungasithinta kanjani?

10 Ukuthandazela abanye kungase kushintshe indlela esibabheka ngayo. Uma kunomuntu esingamthandisisi kodwa simthandazela, kungenzeka kanjani ukuba simphathe ngendlela engabonisi uthando? (1 Joh. 4:20, 21) Imithandazo enjalo iyakha futhi ithuthukisa ubunye esinabo nabafowethu. Ngaphezu kwalokho, imithandazo enjalo ibonisa ukuthi sinothando olunjengolukaKristu. (Joh. 13:34, 35) Leyo mfanelo iyingxenye yezithelo zomoya kaNkulunkulu. Ingabe siyawuthandazela umoya ongcwele, sicele uJehova ukuba asisize sibonakalise izithelo zawo eziwuthando, injabulo, ukuthula, ukubekezela, umusa, ubuhle, ukholo, ubumnene nokuzithiba? (Luka 11:13; Gal. 5:22, 23) Uma kunjalo, esikushoyo nezenzo zethu ziyobonisa ukuthi sihamba ngomoya futhi siphila ngawo.—Funda eyabaseGalathiya 5:16, 25.

11. Kungani ungase uthi kuyafaneleka ukucela abanye ukuba basithandazele?

11 Uma sizwa ukuthi abantabethu balingelwa ukuba bakopele esikoleni, kufanele sibathandazele futhi sibasize ngemiBhalo ukuze bathembeke futhi bangenzi lutho olubi. UPawulu watshela amaKristu aseKorinte: “Sithandaza kuNkulunkulu ukuba ningenzi lutho olubi.” (2 Kor. 13:7) Imithandazo enjalo ebonisa ukuthobeka iyamjabulisa uJehova futhi isimelela kahle. (Funda izAga 15:8.) Singacela abanye ukuba basithandazele, njengoba kwenza umphostoli uPawulu. Wabhala: “Qhubekani nisithandazela, ngoba sithemba ukuthi sinonembeza othembekile, njengoba sifisa ukuziphatha ngokwethembeka ezintweni zonke.”—Heb. 13:18.

Imithandazo Yethu Yembula Nezinye Izinto Ngathi

12. Iziphi izici okufanele zibe yinhloko emithandazweni yethu?

12 Ingabe imithandazo yethu ibonisa ukuthi singoFakazi BakaJehova abajabulayo nabashisekayo? Ingabe ukunxusa kwethu ngokuyinhloko kugxile ekwenziweni kwentando kaNkulunkulu, ekushunyayelweni kwesigijimi soMbuso, ekulwelweni kobukhosi bukaJehova nasekungcwelisweni kwegama lakhe? Lezi zinto kufanele zibe izici eziyinhloko emithandazweni yethu, njengoba kubonisa umthandazo oyisibonelo kaJesu, oqala ngokuthi: “Baba wethu osemazulwini, malingcweliswe igama lakho. Umbuso wakho mawuze. Intando yakho mayenzeke nasemhlabeni, njengasezulwini.”—Math. 6:9, 10.

13, 14. Imithandazo yethu yembulani ngathi?

13 Imithandazo yethu kuNkulunkulu yembula izisusa zethu, izinto esizithandayo nezifiso zethu. UJehova wazi lokho esiyikho ngaphakathi. IzAga 17:3 zithi: “Imbiza yokucwenga ingeyesiliva nesithando somlilo singesegolide, kodwa uJehova ungumhloli wezinhliziyo.” UNkulunkulu ubona okusezinhliziyweni zethu. (1 Sam. 16:7) Uyazi ukuthi sizizwa kanjani ngemihlangano, inkonzo yethu nangabafowethu nodadewethu abangokomoya. UJehova uyazi ukuthi sicabangani ‘ngabafowabo’ bakaKristu. (Math. 25:40) Uyazi ukuthi siqotho ngempela yini kulokho esikuthandazelayo noma simane siphindaphinda amagama nje. UJesu wathi: “Lapho uthandaza, ungaphindaphindi izinto ezifanayo, njengoba nje kwenza abantu bezizwe, ngoba bacabanga [ngokungeyikho] ukuthi bayozwiwa ngokusebenzisa kwabo amazwi amaningi.”—Math. 6:7.

14 Esikushoyo emithandazweni yethu kwembula nokuthi sithembela kangakanani kuNkulunkulu. UDavide wathi: “[Wena Jehova] ube yisiphephelo sami, umbhoshongo oqinile ebusweni besitha. Ngizoba yisimenywa etendeni lakho kuze kube nini nanini; ngizophephela esikhoselweni samaphiko akho.” (IHu. 61:3, 4) Lapho uNkulunkulu ‘endlala itende lakhe phezu kwethu’ ngokomfanekiso, siyalondeka futhi sivikeleke. (IsAm. 7:15) Yeka ukuthi kusiduduza kanjani ukusondela kuJehova ngomthandazo siqiniseka ngokuthi ‘ungakithi’ lapho sibhekene nanoma iluphi uvivinyo lokholo lwethu!—Funda amaHubo 118:5-9.

15, 16. Umthandazo ungasisiza ukuba siqonde ini ngezifiso zethu zokufinyelela amalungelo enkonzo?

15 Imithandazo esiyenza kuJehova ngobuqotho ngokuphathelene nezisusa zethu ingasisiza sibone ukuthi zinjani. Ngokwesibonelo, ingabe ukulangazelela kwethu ukukhonza esikhundleni sokwengamela phakathi kwabantu bakaNkulunkulu kushukunyiswa isifiso sangempela sokuthobeka sokufuna ukuba usizo futhi senze konke esingakwenza ekuthuthukiseni izithakazelo zoMbuso? Noma, ingabe simane sifuna ukuba “nendawo ephambili” noma ‘ukuzenza izingqongqo’ phezu kwabanye? Lena akuyona indlela okumelwe kube ngayo phakathi kwabantu bakaJehova. (Funda eyesi-3 Johane 9, 10; Luka 22:24-27.) Uma sinezifiso ezingalungile, ukuthandaza ngazo ngobuqotho kuJehova uNkulunkulu kungazidalula futhi kusisize sishintshe ngaphambi kokuba zigxile.

16 Amakhosikazi angamaKristu angase abe nesifiso esikhulu sokuba abayeni bawo bakhonze njengezinceku ezikhonzayo futhi mhlawumbe bagcine sebengababonisi, noma abadala. Lab’ odade bangalwela ukuziphatha ngendlela eyisibonelo ukuze benze ngokuvumelana nemizwa abayiveza emithandazweni yabo yangasese. Lokhu kubalulekile, ngoba amazwi nokuziphatha komkhaya wendoda kunethonya endleleni ebhekwa ngayo ebandleni.

Ukumelela Abanye Ngomthandazo Wasobala

17. Kungani kukuhle ukuba wedwa lapho uthandaza ngasese?

17 UJesu wayevame ukusuka ezixukwini ukuze athandaze ngasese kuYise. (Math. 14:13; Luka 5:16; 6:12) Nathi siyazidinga izikhathi zokuba sodwa. Lapho sithandaza ngesizotha endaweni ethule, cishe siyokwenza izinqumo ezijabulisa uJehova nezizosizuzisa kakhulu ngokomoya. Nokho, uJesu wathandaza nasobala, futhi kuhle ukucabangela ukuthi lokhu kungenziwa kanjani ngendlela efanele.

18. Imaphi amaphuzu abazalwane okufanele bawakhumbule lapho bemelela ibandla ngomthandazo wasobala?

18 Emihlanganweni yethu, amadoda aqotho amelela ibandla ngomthandazo wasobala. (1 Thim. 2:8) Amanye amaKristu kufanele akwazi ukuthi “amen,” okusho ukuthi “makube njalo,” ekupheleni kwalowo mthandazo. Nokho, ukuze enze kanjalo kumelwe ebe evumelana nalokho okushiwo. Akukho lutho olwethusayo noma olulumelayo emthandazweni kaJesu oyisibonelo. (Luka 11:2-4) Ngaphezu kwalokho, akazange asho zonke izidingo nezinkinga zomuntu ngamunye owayemlalele. Izinto ezisikhathazayo njengabantu ngabanye kufaneleka kangcono uma zishiwo emthandazweni wangasese, hhayi wasobala. Lapho simelela iqembu ngomthandazo, kufanele sigweme ukusho izinto eziyimfihlo.

19. Kufanele siziphathe kanjani phakathi nomthandazo wasobala?

19 Phakathi nomthandazo wasobala, kudingeka sibonise ‘ukwesaba uNkulunkulu’ okunenhlonipho. (1 Pet. 2:17) Izinto ezithile zingafaneleka endaweni ethile nangesikhathi esithile kodwa zingafaneleki emihlanganweni yobuKristu. (UmSh. 3:1) Ngokwesibonelo, ake sithi othile ufuna ukuba bonke eqenjini bagaxane noma babambane lapho kuthandazwa. Lokhu kungase kubacasule noma kubaphazamise abanye, kuhlanganise nabasivakashele abangakholelwa kwesikukholelwayo. Abanye abantu abashadile bangase babambane ngezandla, kodwa uma begaxana phakathi nomthandazo wasobala, labo abakubonile lokhu bangase bakhubeke. Bangase bacabange noma babe nomuzwa wokuthi lo mbhangqwana ubugxile kakhulu othandweni lwawo kunokugxila ekukhulekeleni uJehova. Ngakho-ke, ngenxa yenhlonipho ejulile ngoNkulunkulu, ‘zonke izinto masizenzele inkazimulo yakhe’ futhi sigweme ukuziphatha okungaphazamisa, kwethuse noma kukhube abanye.—1 Kor. 10:31, 32; 2 Kor. 6:3.

Yini Esingayithandazela?

20. Ungawachaza kanjani amaRoma 8:26, 27?

20 Ngezinye izikhathi, singase singazi ukuthi sithini emithandazweni yethu yangasese. Umphostoli uPawulu wabhala: “Inkinga yokuthi yini okufanele siyithandazele njengoba kudingeka, asiyazi, kodwa umoya [ongcwele] ngokwawo uyasincengela ngokububula okungaphinyiselwe. Nokho [uNkulunkulu] ohlola izinhliziyo uyakwazi okushiwo umoya.” (Roma 8:26, 27) UJehova wenza ukuba kulotshwe imithandazo eminingi emiBhalweni. Wamukela lezi zicelo eziphefumulelwe njengezivela kithi abese eziphendula. UNkulunkulu uyasazi futhi wazi nencazelo yezinto aye wenza ukuba umoya wakhe uzisho usebenzisa abalobi beBhayibheli. UJehova uphendula ukunxusa kwethu lapho umoya ‘usincengela,’ noma usikhulumela. Kodwa njengoba siya silazi kangcono iZwi likaNkulunkulu, lokho okufanele sikuthandazele kungase kuzifikele engqondweni.

21. Yini esizoyihlola esihlokweni esilandelayo?

21 Njengoba sesifundile, imithandazo yethu isho lukhulu ngathi. Ngokwesibonelo, ingembula ukuthi sisondele kangakanani kuJehova nokuthi silazi kahle kangakanani iZwi lakhe. (Jak. 4:8) Esihlokweni esilandelayo sizohlola eminye imithandazo namazwi alotshwe eBhayibhelini. Ukuhlola leyo miBhalo cishe kuzoba naliphi ithonya endleleni esithandaza ngayo kuNkulunkulu?

Ungaphendula Kanjani?

• Kufanele sibe nasiphi isimo sengqondo lapho sithandaza kuJehova?

• Kungani kufanele sithandazele amanye amaKristu?

• Imithandazo yethu ingembulani ngathi nangezisusa zethu?

• Kufanele siziphathe kanjani phakathi nomthandazo wasobala?

[Imibuzo Yesifundo]

[Isithombe ekhasini 4]

Ingabe umdumisa futhi umbonge njalo uJehova?

[Isithombe ekhasini 6]

Ukuziphatha kwethu phakathi nomthandazo wasobala kufanele kukhazimulise uJehova njalo