Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Qhubeka Ukhula Othandweni Lobuzalwane

Qhubeka Ukhula Othandweni Lobuzalwane

Qhubeka Ukhula Othandweni Lobuzalwane

“Niqhubeke nihamba othandweni njengoba nje noKristu anithanda.”—EFE. 5:2.

1. Isiphi isici esibalulekile uJesu athi abalandeli bakhe babeyobonakala ngaso?

 OFAKAZI BAKAJEHOVA baziwa ngokushumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu endlini ngendlu. Noma kunjalo, uJesu Kristu wakhetha isici esihlukile sobuKristu njengesasiyobonakalisa abafundi bakhe beqiniso. Wathi: “Ngininika umyalo omusha, wokuba nithandane; njengoba nje nami nginithandile, ukuba nani nithandane. Bonke bayokwazi ngalokho ukuthi ningabafundi bami, uma ninothando phakathi kwenu.”—Joh. 13:34, 35.

2, 3. Uthando lwethu lobuzalwane luba namuphi umphumela kulabo abeza emihlanganweni yethu yobuKristu?

2 Abekho abantu ababonisa uthando ukudlula amaKristu eqiniso. Njengoba nje uzibuthe ubamba insimbi, kanjalo nothando lwenza izinceku zikaJehova zibe nobunye futhi ludonsela abantu abaqotho ekukhulekeleni kweqiniso. Ngokwesibonelo, cabanga ngoMarcelino, indoda yaseCameroon eyalimala emsebenzini futhi yaba impumputhe. Ngemva kokulimala kwakhe, kwasakazeka amahlebezi okuthi ube impumputhe ngenxa yokuthi uyathakatha. Kunokuba umfundisi namanye amalungu esonto bamduduze, bamxosha esontweni. Lapho omunye woFakazi BakaJehova emmemela emhlanganweni, uMarcelino waba manqikanqika. Wayesekhathele ukukhishwa inyumbazane.

3 UMarcelino wamangala lapho efika eHholo LoMbuso. Wamukelwa ngemfudumalo, futhi izimfundiso zeBhayibheli azizwa zamduduza. Waqala ukuba khona kuyo yonke imihlangano yebandla, wathuthuka esifundweni sakhe seBhayibheli futhi wabhapathizwa ngo-2006. Manje uhlanganyela iqiniso nomkhaya wakhe nomakhelwane futhi useqale izifundo zeBhayibheli eziningana. UMarcelino ufuna ukuba abantu afunda nabo iBhayibheli bezwe lolo thando aluzwa phakathi kwabantu bakaNkulunkulu.

4. Kungani kufanele silalele iseluleko sikaPawulu ‘sokuqhubeka sihamba othandweni’?

4 Nakuba uthando lwethu lukhanga abaningi, akufanele siluthathe kalula. Cabanga ngabantu abotha umlilo ebusuku. Uma bengawukhwezeli, uzocima. Ngendlela efanayo, isibopho esihle sothando ebandleni singaba buthaka uma umKristu ngamunye engalweli ukusiqinisa. Singasiqinisa kanjani? Umphostoli uPawulu uyaphendula: “Niqhubeke nihamba othandweni njengoba nje noKristu anithanda futhi wazinikela ngenxa yenu njengomnikelo nomhlatshelo kuNkulunkulu kube yiphunga elimnandi.” (Efe. 5:2) Nanku umbuzo esifuna ukuzibuza wona, Ngingaqhubeka kanjani ngihamba othandweni?

“Nani Yanulekani”

5, 6. Kungani uPawulu anxusa amaKristu aseKorinte ukuba ‘anuleke’?

5 Ebhalela amaKristu eKorinte lasendulo, umphostoli uPawulu wathi: “Umlomo wethu uvulekele kini baseKorinte, inhliziyo yethu yanulekile. Animinyene ngaphakathi kithi, kodwa niminyene othandweni lwenu. Ngakho, njengembuyiselo—ngikhuluma njengokungathi ngikhuluma nabantwana—nani yanulekani.” (2 Kor. 6:11-13) Kungani uPawulu anxusa abaseKorinte ukuba banuleke othandweni lwabo?

6 Cabanga indlela ibandla laseKorinte yasendulo elaqala ngayo. UPawulu waya eKorinte ekwindla ka-50 C.E. Nakuba ekuqaleni abantu bengasabelanga kahle emsebenzini wakhe wokushumayela, lo mphostoli akazange adikibale. Ngesikhashana nje, abaningi kulowo muzi baba nokholo ezindabeni ezinhle. UPawulu wazikhandla lapho “unyaka nezinyanga eziyisithupha” efundisa futhi eqinisa lelo bandla elisha. Kusobala ukuthi wayewathanda kakhulu amaKristu aseKorinte. (IzE. 18:5, 6, 9-11) Ayenesizathu esizwakalayo nawo sokumthanda nokumhlonipha. Nokho, abanye ebandleni base benomkhuba wokuqhela kuye. Kungenzeka kunedlanzana elalingayithandi indlela engagunci ayeleluleka ngayo. (1 Kor. 5:1-5; 6:1-10) Abanye kungenzeka babelalele ukunyundela ‘kwabaphostoli abahle kakhulu.’ (2 Kor. 11:5, 6) UPawulu wayefuna ukuba bonke abazalwane nodade bamthande ngobuqotho. Ngakho wabanxusa ukuba ‘banuleke’ ngokuba basondelane naye nanamanye amaKristu.

7. ‘Singanuleka’ kanjani ekuboniseni uthando lobuzalwane?

7 Kuthiwani ngathi? ‘Singanuleka’ kanjani ekuboniseni uthando lobuzalwane? Kulula ngontanga noma ngabantu bohlanga olulodwa ukuba bathandane. Labo abathanda izinto ezifanayo zokuzijabulisa bavame ukuchitha isikhathi esiningi bendawonye. Kodwa uma izinto esithanda ukuzenza namaKristu athile zisihlukanisa namanye, kudingeka ‘sanuleke.’ Kuyoba ukuhlakanipha uma singazibuza: ‘Ingabe kuyaqabukela ngiya ensimini noma ngizijabulisa nabafowethu nodadewethu abangebona abangane bami? EHholo LoMbuso, ingabe angizihlanganisi nalabo abasanda kuhlanganyela ngoba ngikholelwa ukuthi kusafanele bazibonakalise ukuthi bangaba yini abangane bami? Ingabe ngibingelela abadala nabancane ebandleni?’

8, 9. Iseluleko sikaPawulu esikumaRoma 15:17 singasisiza kanjani ukuba sibingelelane ngendlela eyothuthukisa uthando lwethu lobuzalwane?

8 Endabeni yokubingelelana, amazwi uPawulu awabhalela amaRoma angasisiza ukuba sihlakulele umbono ofanele ngamanye amaKristu. (Funda amaRoma 15:7.) Igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “yamukela” lisho “ukwamukela ngomusa noma ngezandla zombili, ukuvumela othile ukuba abe ilungu noma umngane.” Ngezikhathi zeBhayibheli, lapho umuntu engenisa abangane emzini wakhe, wayebatshela ukuthi ujabula kangakanani ukubabona. Ngokomfanekiso, uKristu usamukele ngaleyo ndlela, futhi sikhuthazwa ukuba simlingise ekwamukeleni amanye amaKristu.

9 Njengoba sibingelela abafowethu eHholo LoMbuso nakwezinye izindawo, singase sinake labo osekuyisikhashana sagcina ukubabona noma ukukhuluma nabo. Zinike imizuzu embalwa uxoxa nabo. Emhlanganweni olandelayo singenza okufanayo kwabanye. Kungakabiphi, siyobe sesixoxe kamnandi cishe nabo bonke abafowethu nodadewethu. Akudingeki sikhathazeke uma singakwazanga ukukhuluma nawo wonke umuntu ngosuku olulodwa. Akekho okufanele acasuke uma singakwazi ukumbingelela emhlanganweni ngamunye.

10. Iliphi ithuba eliyigugu esinalo sonke ebandleni, futhi singalisebenzisa kanjani ngokugcwele?

10 Ukubingelela abanye kuyisinyathelo sokuqala sokubamukela. Kuyisinyathelo esingaholela ezingxoxweni ezimnandi nasebunganini obuhlala isikhathi eside. Ngokwesibonelo, lapho labo abeza emihlanganweni yesigodi, yesifunda nekhethekile bezethula komunye nomunye futhi beqala ukuxoxa, babheka phambili ekuphindeni babonane. Izisebenzi zokuzithandela ezakha amaHholo OMbuso nalabo abasizayo lapho kuvele inhlekelele bavame ukuba abangane ngoba bagcina sebazi izimfanelo ezinhle zomunye nomunye njengoba besebenza ndawonye. Maningi amathuba okwakha ubungane obuhlala njalo enhlanganweni kaJehova. Uma ‘sanuleka,’ siyoba nabangane abaningi futhi uthando olusenza sibe nobunye ekukhulekeleni kweqiniso luyojula.

Yiba Nesikhathi Sabanye

11. Njengoba kuboniswe kuMarku 10:13-16, isiphi isibonelo uJesu asibekela sona?

11 Wonke amaKristu angalwela ukungeneka, njengoJesu. Cabanga ngendlela uJesu asabela ngayo lapho abafundi bakhe bezama ukuvimbela abazali ukuba balethe abantwana babo kuye. Wathi: “Bayekeni abantwana beze kimi; ningazami ukubavimba, ngoba umbuso kaNkulunkulu ungowabanjalo.” Wabe ‘esebasingatha abantwana wababusisa, ebabeka izandla.’ (Marku 10:13-16) Cabanga nje ukuthi kumelwe ukuba labo bantwana bajabula kanjani lapho uMfundisi Omkhulu ebabonisa lolu thando!

12. Yini engasivimba ukuba singaxoxi nabanye?

12 UmKristu ngamunye kufanele azibuze, ‘Ingabe nginaso isikhathi sabanye abantu noma ingabe ngihlale ngibonakala ngimatasa kakhulu?’ Imikhuba engemibi ngokwayo, ngezinye izikhathi ingase yenze kube nzima ukuba abantu bakhulume nathi. Ngokwesibonelo, uma sivame ukusebenzisa omakhalekhukhwini noma ukulalela izinto eziqoshiwe kuma-earphone lapho siphakathi kwabantu, kungase kubonakale sengathi asifuni ukuba lapho nabo. Uma abanye bevame ukusibona sichofochofoza i-computer ephathwayo, bangase baphethe ngokuthi asinandaba nabo. Yiqiniso, sikhona “isikhathi sokuthula.” Kodwa lapho siphakathi kwabantu, ngokuvamile leso kusuke ‘kuyisikhathi sokukhuluma.’ (UmSh. 3:7) Abanye bangase bathi, “Ngithanda ukuzithulela” noma “Angikuthandi ukukhuluma ekuseni.” Noma kunjalo, ukuxoxa ngobungane ngisho nalapho singathambekele ekwenzeni kanjalo kuwubufakazi bothando ‘olungazifuneli izinzuzo zalo siqu.’—1 Kor. 13:5.

13. UPawulu wakhuthaza uThimothewu ukuba ababheke kanjani abafowabo nodadewabo abangamaKristu?

13 UPawulu wakhuthaza uThimothewu osemusha ukuba ahloniphe wonke amalungu ebandla. (Funda eyoku-1 Thimothewu 5:1, 2.) Nathi, kufanele siphathe amaKristu amadala kunathi njengomama nobaba, namancane njengezingane zakwethu. Uma sinalesi simo sengqondo, akekho kubafowethu nodadewethu oyozizwa elahliwe sikhona.

14. Iziphi ezinye zezinzuzo zokuba nezingxoxo ezakhayo nabanye?

14 Njengoba sixoxa nabanye ngezinto ezakhayo, siba nesandla ekwakheni ingokomoya labo futhi sibenze bazizwe kangcono. Umzalwane othile okhonza ehhovisi legatsha ukhumbula ngenjabulo izikhonzi zaseBethel eziningana esezikhulile ezazivame ukuxoxa naye lapho esanda kufika eBethel. Amazwi azo akhuthazayo amenza wazizwa eyingxenye yomkhaya waseBethel ngempela. Manje uzama ukuzilingisa ngokuxoxa nezinye izikhonzi zaseBethel.

Ukuthobeka Kusisiza Ukuba Senze Ukuthula

15. Yini ebonisa ukuthi zingaba khona izingxabano phakathi kwethu?

15 Kubonakala sengathi u-Evodiya noSintike, odade ababili baseFilipi yasendulo, babenobunzima ekuxazululeni ingxabano ethile eyaba khona phakathi kwabo. (Fil. 4:2, 3) Ingxabano enkulu phakathi kukaPawulu noBarnaba yaziwa abaningi futhi yabangela ukuba bahlukane isikhashana. (IzE. 15:37-39) Lokhu kulandisa kubonisa ukuthi abakhulekeli beqiniso bayaba nezingxabano. UJehova usinikeza izindlela zokuxazulula izingxabano nokubuyisela ubungane. Kodwa kukhona afuna sikwenze.

16, 17. (a) Kubaluleke kangakanani ukuthobeka lapho sixazulula izingxabano? (b) Ukulandisa kwendlela uJakobe enza ngayo lapho esezohlangana no-Esawu kukubonisa kanjani ukubaluleka kokuthobeka?

16 Ake sithi wena nomngane wakho nisemotweni nilungele ukuhamba. Imoto ngeke ihambe ungazange usebenzise isihluthulelo uyidumise. Ngendlela efanayo, kunesihluthulelo sokuxazulula ukungezwani. Leso sihluthulelo ukuthobeka. (Funda uJakobe 4:10.) Njengoba isibonelo esilandelayo esingokomBhalo sibonisa, lesi sihluthulelo senza ukuba labo abaxabene baqale ukusebenzisa izimiso zeBhayibheli.

17 Kwase kudlule iminyaka engu-20 u-Esawu ethukuthelele iwele lakhe, uJakobe, futhi efuna ukulibulala ngokumthathela ubuzibulo. Ngemva kwayo yonke le minyaka, la mawele ayesezohlangana, futhi “uJakobe wesaba kakhulu, wakhathazeka.” Wayesaba ukuthi cishe u-Esawu wayezomhlasela. Kodwa, lapho behlangana, uJakobe wenza okuthile u-Esawu ayengakulindele. Njengoba esondela kumfowabo, ‘wakhothama emhlabathini.’ Kwabe sekwenzekani? “U-Esawu wagijima wamhlangabeza, wamgona wawela entanyeni yakhe wamanga, base beqhumuka bekhala izinyembezi.” Yagwemeka kanjalo impi. Ukuzithoba kukaJakobe kwaqeda noma iyiphi inzondo okungenzeka ukuthi u-Esawu wayeyifukamele.—Gen. 27:41; 32:3-8; 33:3, 4.

18, 19. (a) Lapho kuvela izingxabano, kungani kubalulekile ukuba sithathe isinyathelo kuqala sokusebenzisa iseluleko esingokomBhalo? (b) Kungani kufanele singayeki uma umuntu esixabene naye engasabeli kahle ekuqaleni?

18 IBhayibheli linezeluleko ezinhle kakhulu zokuxazulula ukungezwani. (Math. 5:23, 24; 18:15-17; Efe. 4:26, 27) * Nokho, ngaphandle kokuba sizithobe sisebenzise lezi zeluleko kuyoba nzima kakhulu ukwenza ukuthula. Ukulinda ukuba umuntu enixabene naye abonise ukuthobeka akulona ikhambi njengoba nathi sisuke sinaso isihluthulelo.

19 Uma imizamo yethu yokuqala yokwenza ukuthula ibonakala ingaphumeleli ngasizathu simbe, akufanele siphelelwe ithemba. Umuntu esixabene naye angase adinge isikhathi sokulungisa imizwa yakhe. Abafowabo bakaJosefa abazange bamphathe kahle. Kwaphela isikhathi eside ngaphambi lokuba bahlangane naye esengundunankulu waseGibhithe. Nokho, ekugcineni baphenduka ezinhliziyweni futhi bacela ukuba abathethelele. UJosefa wabaxolela, futhi amadodana kaJakobe aba isizwe esaba nelungelo lokubizwa ngegama likaJehova. (Gen. 50:15-21) Ngokuhlala sinokuthula nabafowethu nodadewethu, siba nengxenye ebunyeni nasenjabulweni yebandla.—Funda eyabaseKolose 3:12-14.

Masithande “Ngesenzo Nangeqiniso”

20, 21. Isiphi isifundo esingasifunda ngokugeza kukaJesu izinyawo zabaphostoli bakhe?

20 Ngaphambi nje kokufa kwakhe, uJesu watshela abaphostoli bakhe: “Nginibekela isibonelo, sokuthi njengoba nje ngenzile kini, nani nenze kanjalo.” (Joh. 13:15) Wayesanda kuqeda ukugeza izinyawo zabayishumi nambili. Akukhona nje ukuthi uJesu wayegcina isiko noma enza isenzo somusa. Ngaphambi kokuba alandise le ndaba yokugezwa izinyawo, uJohane wabhala: “UJesu ebathandile abakhe abasezweni, wabathanda kwaze kwaba sekupheleni.” (Joh. 13:1) Wayeshukunyiswa uthando lwakhe ngabafundi ukuba enze inkonzo eyayivame ukwenziwa inceku. Manje, kwase kumelwe bazithobe, benzelane izenzo zothando. Yebo, uthando lobuzalwane lwangempela kufanele lusishukumisele ukuba sibanakekele futhi sibakhathalele bonke abafowethu nodadewethu abangamaKristu.

21 Umphostoli uPetru, owagezwa iNdodana kaNkulunkulu izinyawo, wakuqonda okwakushiwo yilokho okwenziwa uJesu. Wabhala: “Njengoba seniye nahlanza imiphefumulo yenu ngokulalela kwenu iqiniso umphumela waba uthando lobuzalwane lokungazenzisi, thandanani kakhulu ngokusuka enhliziyweni.” (1 Pet. 1:22) Umphostoli uJohane, naye owagezwa izinyawo yiNkosi, wathi: “Bantwanyana, masibe nothando, hhayi ngezwi noma ngomlomo, kodwa ngesenzo nangeqiniso.” (1 Joh. 3:18) Kwangathi izinhliziyo zethu zingasishukumisela ukuba sifakazele uthando lwethu lobuzalwane ngezenzo.

[Umbhalo waphansi]

^ Bheka incwadi ethi Ukuhlelelwa Ukwenza Intando KaJehova, amakhasi 144-150.

Ingabe Uyakhumbula?

• Iziphi izindlela ‘esinganuleka’ ngazo othandweni lwethu ngabanye?

• Yini ezosisiza ukuba sizinike isikhathi sokuba nabanye?

• Ukuthobeka kunayiphi indima ekwenzeni ukuthula?

• Yini okufanele isishukumisele ukuba sinakekele amanye amaKristu?

[Imibuzo Yesifundo]

[Isithombe ekhasini 21]

Wamukele ngemfudumalo amanye amaKristu

[Isithombe ekhasini 23]

Wasebenzise kahle amathuba okuba nabanye