Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Thuthukisa Imithandazo Yakho Ngokutadisha IBhayibheli

Thuthukisa Imithandazo Yakho Ngokutadisha IBhayibheli

Thuthukisa Imithandazo Yakho Ngokutadisha IBhayibheli

“Awu, Jehova, ngiyacela, indlebe yakho mayilalele umthandazo wenceku yakho.”—NEH. 1:11.

1, 2. Kungani kuzosizuzisa ukucabangela eminye yemithandazo elotshwe eBhayibhelini?

 UKUTHANDAZA nokutadisha iBhayibheli kuyizici ezibalulekile zokukhulekela kweqiniso. (1 Thes. 5:17; 2 Thim. 3:16, 17) Kuyavunywa, iBhayibheli aliyona incwadi yemithandazo. Kodwa, linemithandazo eminingi, kuhlanganise neminingi esencwadini yamaHubo.

2 Njengoba ufunda futhi utadisha iBhayibheli, cishe uzothola imithandazo efanelana nezimo obhekene nazo. Eqinisweni, lapho imithandazo yakho ihlanganisa namazwi emithandazo esemiBhalweni, lokho kuyayithuthukisa. Yini ongayifunda kulabo abazicelo zabo zosizo zaphendulwa nakulokho okwakuqukethwe imithandazo yabo?

Funa Futhi Ulandele Isiqondiso SikaNkulunkulu

3, 4. U-Abrahama wathuma inceku yakhe ukuba iyokwenzani, futhi yini esingayifunda endleleni uJehova awuphendula ngayo umthandazo wayo?

3 Ukutadisha iBhayibheli kukwenza kucace ukuthi kufanele uthandazele isiqondiso sikaNkulunkulu ngaso sonke isikhathi. Cabanga ngalokho okwenzeka lapho inzalamizi u-Abrahama ithumela inceku yayo endala—cishe u-Eliyezeri—eMesophothamiya ukuba iyofunela u-Isaka umfazi owesaba uNkulunkulu. Njengoba yayingasemthonjeni, le nceku yathandaza: “Jehova . . . , okumelwe kwenzeke ukuthi intombi engizothi kuyo, ‘Ngicela wehlise imbiza yakho yamanzi ngiphuze,’ futhi ngempela ithi, ‘Phuza, futhi ngizophuzisa namakamela akho,’ leyo kube yiyo okumelwe uyabele inceku yakho, u-Isaka; futhi ungazise ngalokhu ukuthi uyenzele uthando oluthembekile inkosi yami.”—Gen. 24:12-14.

4 Umthandazo wenceku ka-Abrahama waphendulwa lapho uRebheka ephuzisa amakamela ayo. URebheka washeshe wahamba nayo baya eKhanani, futhi waba umka-Isaka amthandayo. Yiqiniso, ngeke ulindele uNkulunkulu ukuba akunike isibonakaliso esikhethekile. Noma kunjalo, uyokuqondisa ekuphileni uma uthandaza futhi uzimisele ukuholwa umoya wakhe.—Gal. 5:18.

Ukuthandaza Kusiza Ekunciphiseni Ukukhathazeka

5, 6. Yini ephawulekayo ngomthandazo uJakobe awenza lapho esezohlangana no-Esawu?

5 Ukuthandaza kunganciphisa ukukhathazeka. Enovalo lokuthi hleze u-Esawu, iwele lakhe, amlimaze, uJakobe wathandaza: “Jehova, . . . angiwufanelekele wonke lo musa wothando nakho konke lokhu kuthembeka okubonise encekwini yakho . . . Ngiyakuncenga, ngikhulule esandleni somfowethu, esandleni sika-Esawu, ngoba ngiyamesaba ukuthi angase afike futhi nakanjani angihlasele, onina kanye nabantwana. Kanti wena, wena uthé, ‘Ngokungangabazeki ngizosebenzelana kahle nawe futhi ngizokwenza inzalo yakho ibe ngangesihlabathi solwandle, esingenakubalwa ngenxa yobuningi.’”—Gen. 32:9-12.

6 Nakuba zikhona izinyathelo uJakobe azithatha ukuze adambise intukuthelo ka-Esawu, umthandazo wakhe waphenduleka lapho bebuyisana. (Gen. 33:1-4) Sifundisise lesi sicelo, futhi uzobona ukuthi uJakobe akagcinanga nje ngokuthandazela usizo. Wabonisa ukholo esithembisweni seNzalo, futhi wabonga nomusa wothando kaNkulunkulu. Zikhona yini izinto ezikwenza ‘wesabe ngaphakathi’? (2 Kor. 7:5) Uma zikhona, umthandazo kaJakobe wokunxusa ungakukhumbuza ukuthi imithandazo inganciphisa ukukhathazeka. Nokho, akufanele ibe izicelo kuphela kodwa kufanele ihlanganise namazwi abonisa ukholo.

Thandazela Ukuhlakanipha

7. Kungani uMose athandazela ukuba azi izindlela zikaJehova?

7 Isifiso sokujabulisa uJehova kufanele sikushukumisele ukuba uthandazele ukuhlakanipha. UMose wathandazela ukuba azi izindlela zikaNkulunkulu. Wanxusa: “Bheka, wena [Jehova] uthi kimi, ‘Hola lesi sizwe usikhuphule [eGibhithe] . . . Manje, ngiyacela, uma ngithole umusa emehlweni akho, ngicela ungenze ngazi izindlela zakho ukuze . . . ngithole umusa emehlweni akho.” (Eks. 33:12, 13) UNkulunkulu wawuphendula lo mthandazo, wanika uMose ulwazi olwengeziwe ngezindlela zaKhe—into ayeyidinga ukuze ahole abantu bakaJehova.

8. Ukuzindla ngeyoku-1 AmaKhosi 3:7-14 kungakuzuzisa kanjani?

8 UDavide naye wathandaza: “O Jehova, ngazise izindlela zakho.” (IHu. 25:4) Indodana kaDavide, uSolomoni, yacela ukuhlakanipha kuNkulunkulu ukuze ifeze imisebenzi yayo njengenkosi yakwa-Israyeli. Umthandazo kaSolomoni wajabulisa uJehova, ongagcinanga ngokumnika lokho ayekucelile kodwa nengcebo nenkazimulo. (Funda eyoku-1 AmaKhosi 3:7-14.) Uma uthola amalungelo enkonzo abonakala engaphezu kwamandla akho, thandazela ukuhlakanipha nokuthobeka. Uma wenza kanjalo, uNkulunkulu uyokusiza uzuze ulwazi futhi usebenzise ukuhlakanipha okudingekayo ukuze ufeze imithwalo yakho yemfanelo ngendlela efanele nangothando.

Thandaza Ngokusuka Enhliziyweni

9, 10. Yini oyithole iphawuleka ngokubhekisela kukaSolomoni enhliziyweni emthandazweni wakhe wokunikezela ithempeli?

9 Ukuze uNkulunkulu awuzwe umthandazo, kumelwe usuke enhliziyweni. Kweyoku-1 AmaKhosi isahluko 8, uSolomoni wathandaza ngokusuka enhliziyweni phambi kwezixuku ezazibuthene eJerusalema ngenkathi kunikezelwa ithempeli likaJehova ngo-1026 B.C.E. Ngemva kokuba umphongolo wesivumelwano ubekwe eNgcwelengcwele nefu likaJehova ligcwalise ithempeli, uSolomoni wadumisa uNkulunkulu.

10 Funda ngokucophelela umthandazo kaSolomoni futhi uphawule indlela obhekisela ngayo enhliziyweni. USolomoni wavuma ukuthi nguJehova kuphela owazi inhliziyo yomuntu. (1 AmaKh. 8:38, 39) Wona lo mthandazo ubonisa ukuthi isoni ‘esibuyela kuNkulunkulu ngayo yonke inhliziyo yaso’ singaba nethemba lokuthethelelwa. Uma abantu bakaNkulunkulu babethunjwe isitha, uJehova wayeyozizwa izicelo zabo uma inhliziyo yabo iphelele kuye. (1 AmaKh. 8:48, 58, 61) Ngokuqinisekile, imithandazo yakho kufanele isuke enhliziyweni.

Indlela AmaHubo Angayithuthukisa Ngayo Imithandazo Yakho

11, 12. Ufundeni emthandazweni womLevi osimo sasingamvumeli ukuba aye endlini kaNkulunkulu engcwele isikhathi esithile?

11 Ukufunda amaHubo kungayithuthukisa imithandazo yakho futhi kukusize ukuba ulindele uNkulunkulu ukuba ayiphendule. Cabanga ngokubekezela komLevi owayedingisiwe. Nakuba ayengenakukwazi ukuya endlini kaJehova engcwele isikhathi esithile, wahlabelela: “O mphefumulo wami, kungani uphelelwa yithemba, futhi kungani uyaluza ngaphakathi kimi? Linda uNkulunkulu, ngoba ngisazomdumisa njengensindiso yami enkulu.”—IHu. 42:5, 11; 43:5.

12 Yini ongayifunda kulo mLevi? Uma kuwukuthi uboshelwe ukulunga futhi awukwazi ukuhlangana namanye amaKristu endaweni yokukhulekela isikhathi esithile, bekezela ulinde uNkulunkulu ukuba akusize. (IHu. 37:5) Zindla ngenjabulo owawuyithola esikhathini esidlule enkonzweni kaNkulunkulu futhi uthandazele ukukhuthazela njengoba ‘usalinde uNkulunkulu’ ukuba aphinde akuhlanganise nabantu bakhe.

Thandaza Ngokholo

13. Ngokuvumelana nalokho okushiwo uJakobe 1:5-8, kungani kufanele uthandaze ngokholo?

13 Kungakhathaliseki ukuthi ubhekene naziphi izimo, ngaso sonke isikhathi thandaza ngokholo. Uma ubuqotho bakho buvivinywa, lalela iseluleko somfundi uJakobe. Thandaza kuJehova futhi ungangabazi ukuthi angakunika ukuhlakanipha okudingayo ukuze ukhuthazele. (Funda uJakobe 1:5-8.) UNkulunkulu uyayazi imicabango ekukhathazayo futhi angakuqondisa futhi akududuze ngomoya wakhe. Mtshele okusenhliziyweni yakho unokholo oluqinile, ‘ungangabazi neze,’ bese wamukela isiqondiso somoya wakhe neseluleko esivela eZwini lakhe.

14, 15. Kungani kungase kuthiwe uHana wathandaza ngokholo futhi wenza imisebenzi elubonisayo?

14 UHana, omunye wamakhosikazi amabili omLevi u-Elkana, wathandaza futhi wenza ngokholo. UHana owayengenabantwana wayegconwa uzakwabo uPhenina, owayenabantwana abaningana. Ngenkathi esetabernakele, uHana wathembisa ukuthi uma ayengabeletha indodana, wayeyoyinikela kuJehova. Ngenxa yokuthi izindebe zakhe zazinyakaza lapho ethandaza, u-Eli, umPristi Ophakeme, wacabanga ukuthi udakiwe. Lapho ezwa ukuthi kwakungenjalo, wathi: “Kwangathi uNkulunkulu ka-Israyeli angakunika lokho okucelile kuye.” Nakuba uHana ayengazi ukuthi umphumela wawuyoba yini, waba nokholo lokuthi uJehova wayeyowuphendula umthandazo wakhe. Ngakho-ke, “akabange esakhathazeka.” Akabange esadabuka noma ahluname.—1 Sam. 1:9-18.

15 Ngemva kokuzalwa nokulunyulwa kukaSamuweli, uHana wamyisa kuJehova ukuze akhonze etabernakele. (1 Sam. 1:19-28) Ukuzinika isikhathi sokuzindla ngomthandazo uHana awenza ngaleso sikhathi kungayithuthukisa kakhulu imithandazo yakho futhi kukusize ukuba ubone ukuthi ngisho nokudabuka ngenkinga ethile ecindezelayo kunganqotshwa uma uthandaza unokholo lokuthi uJehova uzokuphendula.—1 Sam. 2:1-10.

16, 17. Ukuthandaza nokwenza kukaNehemiyia ngokholo kwaba namiphi imiphumela?

16 Umuntu oqotho uNehemiya wangekhulu lesihlanu B.C.E. wathandaza futhi wenza ngokholo. Wanxusa: “Awu, Jehova, ngiyacela, indlebe yakho mayilalele umthandazo wenceku yakho nomthandazo wezinceku zakho ezijabulayo ngokwesaba igama lakho; futhi siza unike inceku yakho namuhla impumelelo uyenze ibe umuntu wokuhawukelwa phambi kwalo muntu.” Kwakungubani “lo muntu”? Kwakuyinkosi yasePheresiya u-Aritahishashita, uNehemiya ayengumphathindebe wayo.—Neh. 1:11.

17 UNehemiya wathandaza ngokholo izinsuku eziningi ngemva kokuzwa ukuthi amaJuda ayekhululwe ekuthunjweni eBhabhiloni ‘ayesesimweni esibi kakhulu futhi esesihlambeni; nokuthi udonga lwaseJerusalema lwalubhidlikile.’ (Neh. 1:3, 4) Imithandazo kaNehemiya yaphendulwa ngendlela engaphezu kwalokho ayekulindele lapho iNkosi u-Aritahishashita imvumela ukuba aye eJerusalema ayokwakha kabusha udonga lwalo. (Neh. 2:1-8) Kungakabiphi udonga lwase lwakhiwe. Imithandazo kaNehemiya yaphendulwa ngoba wagxila ekukhulekeleni kweqiniso futhi wathandaza ngokholo. Ingabe injalo nemithandazo yakho?

Khumbula Ukumdumisa Nokumbonga

18, 19. Iziphi izizathu okufanele inceku kaJehova imdumise futhi imbonge ngazo?

18 Lapho uthandaza, khumbula ukudumisa nokubonga uJehova. Sinezizathu eziningi zokwenza lokhu! Ngokwesibonelo, uDavide wayekulangazelela ukudumisa ubukhosi bukaJehova. (Funda iHubo 145:10-13.) Ingabe imithandazo yakho ibonisa ukuthi uyalazisa ilungelo lokumemezela uMbuso kaJehova? Okwashiwo abahubi kungase kukusize nokuba uthandaze kuNkulunkulu ngokusuka enhliziyweni umbonge ngemihlangano yebandla, eyesifunda nekhethekile kanye neyesigodi.—IHu. 27:4; 122:1.

19 Ukwazisa ubuhlobo bakho obuyigugu noNkulunkulu kungase kukushukumisele ukuba uthandaze ngokusuka enhliziyweni ngamazwi anjengalawa: “O Jehova, ngizokudumisa phakathi kwezizwe; ngizokuhubela phakathi kwamaqembu ezizwe. Ngoba umusa wakho wothando mkhulu ufika emazulwini, neqiniso lakho lifika esibhakabhakeni. O Nkulunkulu, phakanyiswa ngaphezu kwamazulu; inkazimulo yakho mayibe ngaphezu kwawo wonke umhlaba.” (IHu. 57:9-11) Yeka amazwi akhuthazayo! Ingabe la mazwi athinta inhliziyo awanakuyithinta futhi ayithuthukise imithandazo yakho?

Cela UNkulunkulu Ngenhlonipho

20. UMariya wakubonisa kanjani ukuzinikela kwakhe kuNkulunkulu?

20 Inhlonipho ngoNkulunkulu kufanele ibonakale emithandazweni yakho. Amazwi enhlonipho ashiwo uMariya ngemva nje kokuzwa ukuthi wayezoba unina kaMesiya acishe afane nalawo ashiwo uHana lapho eyisa uSamuweli omncane ukuba ayokhonza etabernakele. Inhlonipho uMariya ayenayo ngoNkulunkulu ibonakala kulokho akusho: “Umphefumulo wami uyamdumisa uJehova, futhi umoya wami awukwazi ukungachichimi injabulo ngoNkulunkulu uMsindisi wami.” (Luka 1:46, 47) Amazwi afana nalawa awanakuyithuthukisa yini imithandazo yakho? Shono kwakhethwa uMariya owesaba uNkulunkulu ukuba abe unina kaJesu, uMesiya!

21. Imithandazo kaJesu yabonisa kanjani ukuthi wayenenhlonipho nokholo?

21 UJesu wathandaza ngenhlonipho, enokholo olugcwele. Ngokwesibonelo, ngaphambi kokuba avuse uLazaru, “uJesu waphakamisela amehlo akhe ezulwini wathi: ‘Baba, ngiyakubonga ngoba ungizwile. Yiqiniso, bengazi ukuthi uyangizwa ngaso sonke isikhathi.’” (Joh. 11:41, 42) Ingabe imithandazo yakho ibonisa inhlonipho nokholo olunjalo? Funda ngokucophelela umthandazo kaJesu oyisibonelo obonisa inhlonipho, futhi uyobona ukuthi izici eziphawuleka ngokukhethekile kuwo ziwukungcweliswa kwegama likaJehova, ukuza koMbuso wakhe nokwenziwa kwentando yakhe. (Math. 6:9, 10) Cabanga ngemithandazo yakho. Ingabe ibonisa ukuthi unesithakazelo esijulile eMbusweni kaJehova, ekwenzeni intando yakhe nasekungcwelisweni kwegama lakhe elingcwele? Kufanele ibe njalo.

22. Kungani ungaqiniseka ngokuthi uJehova uyokunika isibindi sokumemezela izindaba ezinhle?

22 Ngenxa yoshushiso noma olunye uvivinyo, imithandazo ivame ukuhlanganisa nokucela usizo ukuze sikhonze uJehova ngesibindi. Lapho iSanhedrini iyala uPetru noJohane ukuba bayeke ‘ukufundisa ngegama likaJesu,’ laba baphostoli baba nesibindi, benqaba ukuyeka. (IzE. 4:18-20) Sebekhululiwe, batshela amanye amaKristu okwakubehlele. Bonke ababekhona babe sebecela uNkulunkulu ukuba abasize ukuba bashumayele izwi lakhe ngesibindi. Yeka indlela okumelwe ukuba bajabula ngayo lapho lowo mthandazo uphendulwa, ngoba “bagcwala umoya ongcwele, bakhuluma izwi likaNkulunkulu ngesibindi”! (Funda izEnzo 4:24-31.) Ngenxa yalokho, abantu abaningi baba abakhulekeli bakaJehova. Umthandazo ungakuqinisa ukuze umemezele izindaba ezinhle ngesibindi.

Qhubeka Uthuthukisa Imithandazo Yakho

23, 24. (a) Nikeza ezinye izibonelo ezibonisa indlela ukutadisha iBhayibheli okungathuthukisa ngayo imithandazo yakho. (b) Yini ozoyenza ukuze uthuthukise imithandazo yakho?

23 Kungashiwo ezinye izibonelo eziningi ezibonisa ukuthi ukufunda nokutadisha iBhayibheli kungathuthukisa imithandazo yakho. Ngokwesibonelo, ungavuma emthandazweni ukuthi “insindiso ingekaJehova” njengoba kwenza uJona. (Jona 2:1-10) Uma ukhathazwa isono esingathí sina futhi uye wafuna usizo lwabadala, imizwa evezwe uDavide emthandazweni wakhe ingakusiza ukuba uveze ukuphenduka kwakho nakweyakho imithandazo. (IHu. 51:1-12) Kweminye imithandazo ungadumisa uJehova njengoJeremiya. (Jer. 32:16-19) Uma ufuna umuntu ozoshada naye, ukufunda umthandazo otholakala ku-Ezra isahluko 9 kanye nokunxusa kwakho siqu, kungaqinisa ukuzimisela kwakho ukulalela uNkulunkulu ‘ngokushada kuphela eNkosini.’—1 Kor. 7:39; Ezra 9:6, 10-15.

24 Qhubeka ufunda iBhayibheli, ulitadisha futhi ucwaninga ngalo. Bheka amaphuzu ongawafaka emithandazweni yakho. Ungase ukwazi ukusebenzisa lawo maphuzu angokomBhalo emithandazweni yakho yokunxusa, yokubonga neyokudumisa. Ngokuqinisekile, uzosondela kakhudlwana kuJehova uNkulunkulu njengoba uthuthukisa imithandazo yakho ngokutadisha iBhayibheli.

Ungaphendula Kanjani?

• Kungani kufanele sifune futhi silandele isiqondiso sikaNkulunkulu?

• Yini okufanele isishukumisele ukuba sithandazele ukuhlakanipha?

• Incwadi yamaHubo ingayithuthukisa kanjani imithandazo yethu?

• Kungani kufanele sithandaze ngokholo nangenhlonipho?

[Imibuzo Yesifundo]

[Isithombe ekhasini 8]

Inceku ka-Abrahama yacela isiqondiso kuNkulunkulu. Wena-ke?

[Isithombe ekhasini 10]

UkuKhulekela Komkhaya kungathuthukisa imithandazo yakho