Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukubonisa Imikhuba Emihle Njengezikhonzi ZikaNkulunkulu

Ukubonisa Imikhuba Emihle Njengezikhonzi ZikaNkulunkulu

Ukubonisa Imikhuba Emihle Njengezikhonzi ZikaNkulunkulu

“Yibani ngabalingisi bakaNkulunkulu.”—EFE. 5:1.

1, 2. (a) Kungani kubalulekile ukuba nemikhuba emihle? (b) Sizoxoxa ngani kulesi sihloko?

 NGOKUPHATHELENE nokuziphatha okunenhlonipho, umlobi uSue Fox uthi: “Akukho ukuhlaba ikhefu ekuboniseni imikhuba emihle. Imikhuba emihle idingeka yonke indawo nangaso sonke isikhathi.” Lapho abantu bezijwayeza ukubonisa imikhuba emihle, izinkinga ababa nazo nabanye ziyancipha futhi ngokuvamile ziyanyamalala. Lapho senza okuphambene nalokhu, siyovuna imiphumela yalokho. Ukuphatha abanye ngendelelo kubanga izingxabano, ukucasuka nosizi.

2 Ngokuvamile ibandla lamaKristu eqiniso lichichima imikhuba emihle. Noma kunjalo, kumelwe siqaphe ukuba singangenwa imikhuba emibi eyandile ezweni namuhla. Ake sibone ukuthi ukusebenzisa izimiso zeBhayibheli endabeni yokuba nemikhuba emihle kungasivikela kanjani kulokhu futhi kudonsele abantu ekukhulekeleni kweqiniso. Ukuze siqonde ukuthi lokhu kuhilelani, ake sixoxe ngesibonelo sikaJehova uNkulunkulu neseNdodana yakhe.

UJehova NeNdodana Yakhe Bayizibonelo Zokuba Nemikhuba Emihle

3. Isiphi isibonelo semikhuba emihle uJehova asibekela sona?

3 UJehova uNkulunkulu usibekela isibonelo esiphelele sokuba nemikhuba emihle. Naphezu kwesikhundla sakhe esiphakeme njengoMbusi wendawo yonke, uphatha abantu ngomusa nangenhlonipho. Lapho ekhuluma no-Abrahama noMose, uJehova wasebenzisa igama lesiHebheru elivame ukuhunyushwa ngokuthi “ngiyacela.” (Gen. 13:14; Eks. 4:6) Lapho izinceku zakhe zenza amaphutha, uJehova ubonisa ‘isihe nomusa, ephuze ukuthukuthela futhi achichime umusa wothando neqiniso.’ (IHu. 86:15) Uhluke kakhulu kubantu abavele baqhume ngolaka lapho abanye bengenzi lokho abakulindele.

4. Singamlingisa kanjani uJehova lapho abanye bekhuluma nathi?

4 Imikhuba emihle kaNkulunkulu ibonakala nasendleleni alalela ngayo abantu. Lapho u-Abrahama ebuza imibuzo ngokuphathelene nabantu baseSodoma, uJehova wayiphendula yonke ngesineke. (Gen. 18:23-32) Akazange abheke lokho okwakukhathaza u-Abrahama njengento emchithela isikhathi. UJehova ulalela imithandazo yezinceku zakhe nokukhala kwezoni eziphendukayo. (Funda iHubo 51:11, 17.) Akufanele yini nathi silingise uJehova ngokulalela lapho abanye bekhuluma nathi?

5. Ukulingisa imikhuba emihle kaJesu kungabuthuthukisa kanjani ubuhlobo bethu nabanye?

5 Phakathi kwezinto eziningi uJesu Kristu azifunda kuYise kwakuyimikhuba emihle. Nakuba ngezinye izikhathi inkonzo yakhe yayithatha isikhathi sakhe esiningi namandla, uJesu wayehlale enomusa nesineke. Abantu abanochoko, abayizimpumputhe abanxibayo, kanye nabanye ababeswele bamthola ekulungele futhi ezimisele ukubasiza. Akazange abashalazelele, nakuba babeza kuye bengashongo. Wayevame ukuyeka lokho ayekwenza ukuze asize umuntu ohluphekile. UJesu wayebacabangela kakhulu labo ababenokholo kuye. (Marku 5:30-34; Luka 18:35-41) NjengamaKristu, silingisa isibonelo sikaJesu ngokuba nomusa nangokuzimisela ukusiza abanye. Izihlobo zethu, omakhelwane nabanye bayakuqaphela ukuziphatha okunjalo. Ngaphezu kwalokho, kukhazimulisa uJehova futhi kusilethele nenjabulo.

6. UJesu wasibekela siphi isibonelo sothando nobungane?

6 UJesu wabonisa ukuthi uyabahlonipha abantu ngokubabiza ngamagama. Ingabe abaholi benkolo bamaJuda babebahlonipha abanye ngale ndlela? Cha. Babebheka futhi bephatha labo ababengawazi uMthetho ‘njengabantu abaqalekisiwe.’ (Joh. 7:49) INdodana kaNkulunkulu yayingabaphathi ngaleyo ndlela. UMarta, uMariya, uZakewu nabanye abaningi bamuzwa ebabiza ngamagama. (Luka 10:41, 42; 19:5) Nakuba amasiko nezimo kungase kunqume indlela esibiza abantu ngayo namuhla, izinceku zikaJehova zihlakulela ubungane nabanye. * Azivumeli ukuhlukanisa abantu ngezigaba kunciphise inhlonipho okufanele ziyibonise amanye amaKristu nabanye abantu.—Funda uJakobe 2:1-4.

7. Izimiso zeBhayibheli zisisiza kanjani ekuboniseni inhlonipho kwabanye abantu yonke indawo?

7 Indlela yomusa uNkulunkulu neNdodana yakhe abaphatha ngayo abantu bazo zonke izizwe nezinhlanga ibonisa inhlonipho ngalabo bantu futhi ikhanga labo abathambekele ngokufanele eqinisweni. Kuyavunywa, imikhuba emihle iyahluka kuye ngokwezindawo. Ngakho, uma kuziwa endabeni yemikhuba emihle awukho umthetho oqinile esiwulandelayo. Kunalokho sivumela izimiso zeBhayibheli ukuba zisenze sishintshashintshe indlela esibonisa ngayo inhlonipho kuyo yonke indawo. Ake sihlole ukuthi ukuphatha abantu ngenhlonipho kungasenza kanjani sikhiqize ngokwengeziwe enkonzweni yethu njengamaKristu.

Ukubingelela Nokukhuluma Nabantu

8, 9. (a) Yini engase ibhekwe njengomkhuba omubi? (b) Kungani kufanele sivumele amazwi kaJesu akuMathewu 5:47 athonye indlela esiphatha ngayo abantu?

8 Kulesi sikhathi sanamuhla sokuphila okusheshayo okuvamile ezindaweni eziningi, abantu bavame ukudlulana bangabingelelani. Yiqiniso, akekho okulindeleke ukuba abingelele wonke umuntu ahlangana naye emgwaqweni ophithizelayo. Nokho, kwezinye izimo eziningi, kuyafaneleka futhi kuhle ukubingelela. Ingabe kuwumkhuba wakho ukubingelela abanye? Noma ingabe uvame ukubadlula ngaphandle kokumomotheka noma ukubabingelela? Umuntu angagcina esenalo mkhuba omubi engahlosile.

9 UJesu wasikhumbuza ngalokhu lapho ethi: “Uma nibingelela abafowenu kuphela, nenza lukhulu luni na? Abantu bezizwe abenzi yini nabo into efanayo?” (Math. 5:47) Ngokuqondene nalokhu, umeluleki uDonald Weiss, wabhala: “Abantu bayacasuka lapho ubadlula sengathi udlula isihlahla. Ngempela azikho izaba ongazixolisela ngazo kulabo obazibile. Ikhambi lilula: Bingelela abantu. Khuluma nabo.” Uma silwa nomoya wokuzihlukanisa noma ukungabanaki abantu, siyothola imiphumela emihle.

10. Imikhuba emihle ingasisiza kanjani ukuba sikhiqize ensimini? (Bheka ibhokisi elithi  “Qala Ngokumomotheka.”)

10 Cabanga ngalokho okwenziwa uTom noCarol, umbhangqwana ongamaKristu, ohlala edolobheni elikhulu eliseNyakatho Melika. Baye benza ukuxoxa kamnandi nomakhelwane babo kwaba ingxenye yenkonzo yabo. Bakwenza kanjani lokhu? Ebhekisela kuJakobe 3:18, uTom uthi: “Sizama ukuba nobungane nokuthula nabantu. Siya kulabo esibabona bengaphandle kwemizi yabo nalabo abasebenza endaweni. Siyamomotheka bese sibabingelela. Sikhuluma nabo ngezinto abazithandayo—izingane zabo, izinja, imizi nemisebenzi yabo. Ngokuhamba kwesikhathi, basibheka njengabangane babo.” UCarol uyanezela: “Kamuva lapho sibavakashela, siyazazisa kubo, sibatshele lokho esikwenzayo endaweni kodwa sigcine izingxoxo zethu zimfushane. Ekugcineni sibe sesibashumayeza.” UTom noCarol benza ukuba omakhelwane babo abaningi babethembe. Abaningi baye bamukela izincwadi ezisekelwe eBhayibhelini, futhi abambalwa baye babonisa isithakazelo esikhulu sokufunda iqiniso.

Ukubonisa Imikhuba Emihle Ezimweni Ezinzima

11, 12. Kungani kufanele silindele ukuphathwa kabi lapho sishumayela izindaba ezinhle, futhi kufanele sisabele kanjani?

11 Ngezinye izikhathi, siyedelelwa lapho sishumayela izindaba ezinhle. Sikulindele lokhu ngoba uJesu Kristu waxwayisa abafundi bakhe kusengaphambili: “Uma beye bashushisa mina, bayonishushisa nani.” (Joh. 15:20) Kodwa ukusabela ngendelelo lapho seyiswa akubi nemiphumela emihle. Kufanele sisabele kanjani? Umphostoli uPetru wabhala: “Ngcwelisani uKristu njengeNkosi ezinhliziyweni zenu, ngaso sonke isikhathi nikulungele ukuvikela phambi kwabo bonke abafuna ngenkani isizathu sethemba elikini, kodwa nenze kanjalo ngomoya omnene nangenhlonipho ejulile.” (1 Pet. 3:15) Ukuba nemikhuba emihle—ukusabela ngobumnene nangenhlonipho—kungathambisa isimo sengqondo salabo abaseyisayo.—Thithu 2:7, 8.

12 Ingabe singalungiselela ukubhekana nokwedelelwa ngendlela eyamukelwa uNkulunkulu? Yebo. UPawulu watusa lokhu: “Amazwi enu ngaso sonke isikhathi mawabe nomusa, ayoliswe ngosawoti, ukuze nazi ukuthi kufanele nimphendule kanjani umuntu ngamunye.” (Kol. 4:6) Uma sizijwayeza ukubonisa imikhuba emihle ekhaya, emsebenzini, esikoleni, ebandleni nakubantu basendaweni esihlala kuyo, siyokulungela kangcono ukubhekana nokugconwa nokwedelelwa ngendlela efanele amaKristu.—Funda amaRoma 12:17-21.

13. Nikeza isibonelo sendlela ukubonisa imikhuba emihle okungathambisa ngayo abaphikisi.

13 Ukubonisa imikhuba emihle ezimweni ezinzima kunezithelo ezinhle. Ngokwesibonelo, uFakazi othile eJapane wadelelwa umninikhaya nesivakashi sakhe. Lo mzalwane wahamba ubuso bakhe bulokhu bubuhle. Njengoba ayeqhubeka eshumayela kuleyo nsimu, waphawula ukuthi lesiya sivakashi sasimbhekile sibuqamama. Lapho lo mzalwane eya kuso, sathi: “Ngiyaxolisa ngalokho okwenzekile. Ngisho noma besikuchwensa, ngiphawule ukuthi ubulokhu umomotheka. Yini okufanele ngiyenze ukuze ngifane nawe?” Ngenxa yokuthi le ndoda yayiphelelwe umsebenzi futhi isanda kushonelwa unina, yayingasenalo ithemba lokuthi yayizophinde ijabule. Lo Fakazi wasikisela isifundo seBhayibheli futhi yavuma ukufundelwa. Kungakabiphi yayisifunda kabili ngesonto.

Indlela Engcono Kakhulu Yokuhlakulela Ukuziphatha Okunenhlonipho

14, 15. Izinceku zikaJehova zangezikhathi zeBhayibheli zaziqeqesha kanjani izingane zazo?

14 Ngezikhathi zeBhayibheli abazali abesaba uNkulunkulu babeqikelela ukuthi izingane zabo zifunda imikhuba emihle ekhaya. Qaphela indlela ebonisa inhlonipho u-Abrahama no-Isaka indodana yakhe ababexoxa ngayo kuGenesise 22:7. UJosefa naye wabonisa ukuthi wayeqeqeshwe kahle abazali bakhe. Lapho eboshiwe, wayezihlonipha ezinye iziboshwa. (Gen. 40:8, 14) Akusho kuFaro kubonisa ukuthi wayefundisiwe indlela efanele yokukhuluma nomuntu osesikhundleni esiphakeme.—Gen. 41:16, 33, 34.

15 IMiyalo Eyishumi eyanikezwa abantwana bakwa-Israyeli yayihlanganisa nalo myalo: “Hlonipha uyihlo nonyoko ukuze izinsuku zakho zibe zinde ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona.” (Eks. 20:12) Enye indlela izingane ezazingabonisa ngayo ukuthi ziyabahlonipha abazali bazo yayiwukuba nemikhuba emihle ekhaya. Indodakazi kaJefta yabonisa inhlonipho ephawulekayo ngoyise ngokwenza ngokuvumelana nesifungo sakhe esimweni esinzima kakhulu.—AbaHl. 11:35-40.

16-18. (a) Yini engenziwa ukuze izingane zifundiswe imikhuba emihle? (b) Iziphi ezinye zezinzuzo zokufundisa izingane imikhuba emihle?

16 Akuve kubalulekile ukuqeqesha izingane zethu ukuba zibe nemikhuba emihle. Ukuze zikhule zibe abantu abadala abahle, kufanele zifundiswe indlela efanele yokubingelela izivakashi, ukuphendula ucingo nendlela yokudla lapho kukhona abantu. Kufanele zisizwe ukuba ziqonde ukuthi kungani kufanele zibambele abanye iminyango, zibe nomusa kwabakhulile nabagulayo futhi ziphathise abantu lapho besindwa. Kudingeka ziqonde ukubaluleka kokuthi “ngiyacela,” “ngiyabonga,” “ngicela ukukusiza” nokuthi “ngiyaxolisa” ngobuqotho.

17 Akuwona umsebenzi onzima ukufundisa izingane imikhuba emihle. Indlela engcono kakhulu yokwenza lokhu iwukubeka isibonelo esihle. UKurt, oneminyaka engu-25, lapho echaza ukuthi yena nabafowabo abathathu bafunda kanjani ukubonisa inhlonipho, uthi: “Sasibuka futhi silalela lapho umama nobaba bekhulumisana ngomusa futhi bephatha abanye abantu ngesineke nangokucabangela. EHholo LoMbuso, ubaba wayehamba nami ngaphambi nangemva kwemihlangano lapho eyoxoxa nogogo nomkhulu. Ngangizwa indlela ayebabingelela ngayo futhi ngibona nenhlonipho ayenayo ngabo.” UKurt uqhubeka athi: “Ngokuhamba kwesikhathi, imikhuba yakhe emihle yangithelela. Ukuphatha abanye ngenhlonipho kuyazenzakalela. Akubi indlela okufanele wenze ngayo, kodwa kuba indlela ofuna ukwenza ngayo.”

18 Cishe yini engenzeka uma abazali befundisa izingane zabo imikhuba emihle? Lezi zingane ziyokwazi ukuba nabangane futhi ziyoba nokuthula nabanye. Ziyokuhlomela kahle ukusebenza nabaqashi nezinye izisebenzi. Ngaphezu kwalokho, izingane ezinemikhuba emihle neziqotho ziyolethela abazali bazo injabulo nokwaneliseka.—Funda izAga 23:24, 25.

Imikhuba Emihle Isenza Sehluke

19, 20. Kungani kufanele sizimisele ukulingisa uNkulunkulu wethu onomusa neNdodana yakhe?

19 UPawulu wabhala: “Yibani ngabalingisi bakaNkulunkulu, njengabantwana abathandekayo.” (Efe. 5:1) Ukulingisa uJehova uNkulunkulu neNdodana yakhe kuhilela ukusebenzisa izimiso zeBhayibheli, njengalezo okuxoxwe ngazo kulesi sihloko. Ngokwenza kanjalo, siyogwema ukubonisa imikhuba emihle ngobuzenzisi ngoba nje sifuna ukuthandwa yilabo abasemagunyeni noma ukuthola inzuzo ethile.—Jude 16.

20 Kulezi zinsuku zokugcina zokubusa kwakhe okubi, uSathane uzimisele ukuqeda izindinganiso zokuziphatha okunenhlonipho ezamiswa uJehova. Kodwa uDeveli ngeke aphumelele ukuyiqeda imikhuba emihle yamaKristu eqiniso. Kwangathi ngamunye wethu angazimisela ukulingisa isibonelo sikaNkulunkulu wethu onomusa neseNdodana yakhe. Ngaleyo ndlela amazwi nokuziphatha kwethu kuyohlale kuhlukile ekuziphatheni kwalabo abakhetha ukuba luhlaza. Siyoletha udumo egameni likaNkulunkulu wethu onemikhuba emihle, uJehova, futhi siyodonsela abantu abaqotho ekukhulekeleni kwakhe kweqiniso.

[Umbhalo waphansi]

^ Kwamanye amasiko, kuwukwedelela ukubiza umuntu omdala kunawe ngegama ngaphandle kwalapho kunguyena othi mbize ngalo. AmaKristu enza kahle ngokuhlonipha lawo masiko.

Ingabe Uyakhumbula?

• Yini esiyifundayo kuJehova naseNdodaneni yakhe ngokubonisa imikhuba emihle?

• Kungani ukubingelela abantu ngobungane kusimelela kahle njengamaKristu?

• Imikhuba emihle ingasenza kanjani sikhiqize enkonzweni yethu?

• Abazali banayiphi indima ekufundiseni izingane zabo imikhuba emihle?

[Imibuzo Yesifundo]

[Ibhokisi ekhasini 27]

 Qala Ngokumomotheka Ngothando

Abantu abaningi bamanqikanqika ukuxoxa nomuntu abangamazi. Nokho, ngenxa yokuthi bathanda uNkulunkulu nomakhelwane babo, oFakazi BakaJehova bayazikhandla befunda indlela yokuxoxa nabanye ukuze bahlanganyele nabo amaqiniso eBhayibheli. Yini engakusiza ukuba uthuthuke kulesi sici?

Isimiso esiwusizo sitholakala kweyabaseFilipi 2:4, esithi: ‘Ungakhathaleli nje kuphela izindaba zakho siqu, kodwa futhi khathalela nezabanye.’ Cabanga ngala mazwi ngale ndlela: Uma uqala ukuhlangana nomuntu , ukubheka njengesihambi. Ungamenza kanjani akhululeke? Ukumomotheka nokumbingelela ngobungane kungaba usizo. Kodwa kunokunye okufanele sikucabangele.

Lapho uzama ukuqala ingxoxo nothile, kungenzeka ukuthi umphazamise kulokho abekucabanga. Uma uzama ukumenza ukuba axoxe ngalokho okucatshangwa nguwe, ungabi nandaba nalokho yena akucabangayo, angase angasabeli kahle. Ngakho-ke, uma ungase ukwazi ukuthola lokho yena abecabanga ngakho, zama ukuqala ingxoxo naye ngakho. Yilokho uJesu akwenza lapho ehlangana nowesifazane ongumSamariya emthonjeni. (Joh. 4:7-26) Lona wesifazane wayecabanga ngokukha amanzi. UJesu waqala ingxoxo yakhe ngalokho, futhi wakwazi ukuyishintsha masinyane yaba ingxoxo egxile ezintweni ezingokomoya.

[Isithombe ekhasini 26]

Ukuba nobungane kungaholela ekunikezeni ubufakazi obuhle

[Isithombe ekhasini 28]

Imikhuba emihle ihlale ifaneleka