Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Yazise Indawo Yakho Ebandleni

Yazise Indawo Yakho Ebandleni

Yazise Indawo Yakho Ebandleni

“UNkulunkulu uye wabeka amalungu emzimbeni, ngalinye lawo, njengoba nje ethanda.”—1 KOR. 12:18.

1, 2. (a) Yini ebonisa ukuthi wonke umuntu ebandleni angaba nendawo angayazisa? (b) Imiphi imibuzo esizoxoxa ngayo kulesi sihloko?

 KUSUKELA ezinsukwini zika-Israyeli wasendulo, ibandla belilokhu liyilungiselelo likaJehova lokondla abantu bakhe ngokomoya nokubaqondisa. Ngokwesibonelo, ngemva kokuba ama-Israyeli enqobe umuzi wase-Ayi, uJoshuwa “wafunda ngokuzwakalayo wonke amazwi omthetho, isibusiso nesiqalekiso, ngokuvumelana nakho konke okulotshwe encwadini yomthetho . . . phambi kwalo lonke ibandla lika-Israyeli.”—Josh. 8:34, 35.

2 Ekhulwini lokuqala C.E., umphostoli uPawulu watshela uThimothewu owayengumdala ebandleni, ukuthi ibandla lobuKristu ‘laliyindlu kaNkulunkulu nensika nozime lweqiniso.’ (1 Thim. 3:15) Namuhla ‘indlu’ kaNkulunkulu iwubuzalwane bomhlaba wonke bamaKristu eqiniso. Esahlukweni 12 sencwadi yakhe yokuqala ephefumulelwe ayibhalela abaseKorinte, uPawulu ufanisa ibandla nomzimba womuntu. Uthi, nakuba ilungu ngalinye linomsebenzi ohlukile, wonke ayadingeka. Wabhala: “UNkulunkulu uye wabeka amalungu emzimbeni, ngalinye lawo, njengoba nje ethanda.” Uze athi “nezingxenye zomzimba esicabanga ukuthi azihloniphekile kangako, yizo esizibiyela ngodumo olukhulu ngokwengeziwe.” (1 Kor. 12:18, 23) Ngakho, indima yomKristu ngamunye othembekile endlini kaNkulunkulu ibalulekile, ayikho engcono kunenye. Imane nje ihlukile. Ngakho-ke, singayibona kanjani indawo yethu elungiselelweni likaNkulunkulu futhi siyazise? Iziphi izici ezinquma indawo yethu ebandleni? Singayenza kanjani ‘intuthuko yethu ibonakale kubo bonke abantu’?—1 Thim. 4:15.

Siyazisa Kanjani Indawo Yethu?

3. Iyiphi enye indlela esingayibona ngayo indawo yethu ebandleni nesingabonisa ngayo ukuthi siyayazisa?

3 Enye indlela yokubona indawo yethu ebandleni futhi sibonise ukuthi siyayazisa iwukubambisana ngokugcwele ‘nenceku ethembekileyo neqondayo’ kanye nommeleli wayo oyiNdikimba Ebusayo. (Funda uMathewu 24:45-47.) Kudingeka sihlole indlela esisabela ngayo esiqondisweni esivela esigabeni senceku. Ngokwesibonelo, eminyakeni yamuva siye sathola iziqondiso ezicacile endabeni yokugqoka nokuzilungisa, ukuzijabulisa nokusebenzisa kabi i-Internet. Ingabe siyasilalelisisa lesi seluleko esihle ukuze sivikeleke ngokomoya? Kuthiwani ngesikhuthazo sokuba nesimiso sokukhulekela komkhaya njalo? Ingabe siye sasilalela lesi seluleko futhi sabekela eceleni ubusuku bokwenza lokhu? Uma singashadile, ingabe sinaso isikhathi sesifundo seBhayibheli somuntu siqu? UJehova uyosibusisa ngabanye nanjengemikhaya uma silandela isiqondiso esivela esigabeni senceku.

4. Yini okufanele siyicabangele lapho senza izinqumo ezindabeni zomuntu siqu?

4 Abanye bangase bathi ukukhetha ezokuzijabulisa, ukugqoka nokuzilungisa kuxhomeke kulokho umuntu ngamunye akuthandayo. Nokho, lapho umKristu ozinikezele oyazisayo indawo yakhe ebandleni enza izinqumo akufanele acabangele kuphela lokho akuthandayo. Kumelwe acabangele ngokukhethekile umbono kaJehova njengoba wembulwe eZwini lakhe, iBhayibheli. Isigijimi salo kufanele sibe ‘yisibani onyaweni lwethu nokukhanya endleleni yethu.’ (IHu. 119:105) Siyobe sihlakaniphile uma sicabangela nendlela izinqumo zethu ezindabeni zomuntu siqu ezithinta ngayo inkonzo yethu nabanye abantu, kungaba amaKrisu noma abantu bezwe.—Funda eyesi-2 Korinte 6:3, 4.

5. Kungani kufanele sigweme umoya wokuzibusa?

5 “Umoya manje osebenza emadodaneni okungalaleli” uthe chithi saka kangangokuthi usufana nomoya esiwuphefumulayo. (Efe. 2:2) Lo moya ungasenza sicabange ukuthi asisidingi isiqondiso senhlangano kaJehova. Ngokuqinisekile, asifuni ukuba njengoDiyotrefe, ‘owayengamukeli lutho oluvela kumphostoli uJohane ngenhlonipho.’ (3 Joh. 9, 10) Kudingeka siqaphe singangenwa umoya wokuzibusa. Ngamazwi nangezenzo, kwangathi singelokothe sedelele umzila wokuxhumana osetshenziswa uJehova namuhla. (Num. 16:1-3) Kunalokho, kufanele silazise ilungelo lethu lokubambisana nesigaba senceku. Kufanele futhi silwele ukulalela nokuzithoba kulabo abaholayo ebandleni esikulo.—Funda amaHebheru 13:7, 17.

6. Kungani kufanele sihlole izimo zethu?

6 Enye indlela esibonisa ngayo ukuthi siyayazisa indawo yethu ebandleni iwukuhlolisisa izimo zethu bese senza konke esingakwenza ukuze ‘sikhazimulise inkonzo yethu’ futhi sidumise uJehova. (Roma 11:13) Abanye bayakwazi ukuba amaphayona avamile. Abanye bangenela imikhakha ekhethekile yenkonzo yesikhathi esigcwele njengokuba izithunywa zevangeli, ababonisi abajikelezayo namalungu omkhaya waseBethel emhlabeni wonke. Abafowethu nodadewethu abaningi basiza ekwakheni amaHholo OMbuso. Iningi labantu bakaJehova lenza konke elingakwenza ekunakekeleni izidingo ezingokomoya zomkhaya futhi lihlanganyele ngokugcwele enkonzweni isonto ngalinye. (Funda eyabaseKolose 3:23, 24.) Singaqiniseka ukuthi lapho sizinikela ngokuzithandela enkonzweni kaNkulunkulu futhi senza konke esingakwenza ukuze simkhonze ngomphefumulo wonke, siyohlale sinendawo elungiselelweni lakhe.

Izici Ezinquma Indawo Yethu

7. Chaza indlela izimo zethu ezinganquma ngayo indawo yethu ebandleni.

7 Kubalulekile ukuhlolisisa izimo zethu ngoba, ngezinga elithile, indawo yethu ebandleni incike kulokho esikwazi ukukwenza noma kulokho izimo zethu ezisivumela ukuba sikwenze. Ngokwesibonelo, indawo yomzalwane ebandleni ihlukile kwekadade ezicini ezithile. Iminyaka, impilo kanye nezinye izici nako kungathinta lokho esikwazi ukukwenza enkonzweni kaJehova. IzAga 20:29 zithi: “Ubuhle bezinsizwa ngamandla azo; nobukhazikhazi bamaxhegu ngubumpunga bawo.” Amalungu ebandla asemasha angase akwazi ukwenza okwengeziwe ngenxa yobungqabavu bawo, kuyilapho asekhulile elizuzisa kakhulu ibandla ngenxa yokuhlakanipha nokuhlangenwe nakho kwawo. Kudingeka sikhumbule nokuthi yonke into esikwazi ukuyenza enhlanganweni kaJehova incike emseni kaNkulunkulu ongafanelwe.—IzE. 14:26; Roma 12:6-8.

8. Isifiso sinaliphi ithonya kulokho esikwenzayo ebandleni?

8 Umfanekiso wamantombazane amabili andawonye ubonisa esinye isici esinquma indawo esiyoba nayo ebandleni. Womabili aphothula esikoleni samabanga aphakeme. Anezimo ezifanayo. Abazali bawo benze konke ababengakwenza ukuwakhuthaza ukuba angenele inkonzo yamaphayona avamile lapho eseqedile esikoleni. Nokho, lapho eqeda, enye ingenela inkonzo yamaphayona, enye iqale ukusebenza isikhathi esigcwele. Kungani akhetha ngokungafani? Yisifiso. Ekugcineni, ngayinye yenza lokho eyayikufuna. Lokhu akulona yini iqiniso ngeningi lethu? Kudingeka sicabange ngokungathí sina ngalokho esifuna ukukwenza enkonzweni kaNkulunkulu. Ingabe singayandisa ingxenye yethu kuyo, ngisho noma lokhu kusho ukushintsha izimo zethu?—2 Kor. 9:7.

9, 10. Yini okufanele siyenze uma singenalo ugqozi lokwenza okwengeziwe enkonzweni kaJehova?

9 Kuthiwani uma kumane kuwukuthi asinalo ugqozi lokwenza okwengeziwe enkonzweni kaJehova futhi akusikhathazi nalapho senza okuncane ebandleni? Encwadini yakhe ayibhalela abaseFilipi, uPawulu uthi: “UNkulunkulu nguye osebenza ngaphakathi kini, ngentando yakhe, ukuze nithande futhi nenze.” Yebo, uJehova angasebenza ngaphakathi kithi futhi athonye esikuthandayo noma izifiso zethu.—Fil. 2:13; 4:13.

10 Akufanele yini-ke sicele uJehova ukuba asenze sifune ukwenza intando yakhe? Yilokho kanye okwenziwa uDavide, inkosi yakwa-Israyeli wasendulo. Wathandaza: “O Jehova, ngazise izindlela zakho; ngifundise imikhondo yakho. Ngihambise eqinisweni lakho ungifundise, ngoba wena unguNkulunkulu wami wensindiso. Usuku lonke ngithembé wena.” (IHu. 25:4, 5) Singenza okufanayo ngokuthandazela ukuba uJehova asenze sifune ukwenza okumjabulisayo. Lapho sicabanga ngendlela uJehova uNkulunkulu neNdodana yakhe abazizwa ngayo ngalokho esikwenzayo enkonzweni, izinhliziyo zethu zichichima ukubazisa. (Math. 26:6-10; Luka 21:1-4) Lowo muzwa wokubonga ungasishukumisela ukuba sicele uJehova ukuba asenze sifune ukuthuthuka ngokomoya. Umprofethi u-Isaya uyisibonelo esihle sesimo sengqondo okufanele sisihlakulele. Lapho ezwa izwi likaJehova libuza: “Ngizothuma bani, ubani ozosiyela?” lo mprofethi waphendula: “Nangu mina! Thuma mina.”—Isaya 6:8.

Indlela Esingathuthuka Ngayo

11. (a) Isiphi isidingo esenza kudingeke ukuba abazalwane bafinyelele imithwalo yemfanelo enhlanganweni? (b) Umzalwane angawafinyelela kanjani amalungelo enkonzo?

11 Njengoba kwabhapathizwa abantu abangu-289 678 emhlabeni wonke ngonyaka wenkonzo ka-2008, kusobala ukuthi kunesidingo esikhulu sabazalwane abazohola. Umzalwane kufanele asabele kanjani kulesi sidingo? Kufanele alwele ukuhlangabezana nezimfanelo zezinceku ezikhonzayo nezabadala ezisemiBhalweni. (1 Thim. 3:1-10, 12, 13; Thithu 1:5-9) Umzalwane angalwela kanjani ukuhlangabezana nalezi zimfuneko ezingokomBhalo? Ngokuhlanganyela ngentshiseko enkonzweni, ngokuzifeza ngenkuthalo izabelo zakhe ebandleni, ngokuzikhandla ukuze anikeze izimpendulo ezinhle emihlanganweni yebandla nangokuba nesithakazelo esiqotho kwabanye. Ngaleyo ndlela ubonisa kuthi uyayazisa indawo yakhe ebandleni.

12. Intsha ingabonisa kanjani ukuthi iyalishisekela iqiniso?

12 Yini abazalwane abasebasha abangayenza, ikakhulu labo abasengamabhungu, ukuze bathuthuke ebandleni? Bangazikhandla ukuze bakhule ‘ekuhlakanipheni nasekuqondeni okungokomoya’ ngokungenisa ulwazi lwemiBhalo. (Kol. 1:9) Ngokuqinisekile, ukuba abafundi beZwi likaNkulunkulu abakhuthele nokuhlanganyela ngentshiseko emihlanganweni yebandla kuyoba nengxenye kulokhu. Izinsizwa zingazikhandla ukuze zifanelekele ukungena ‘ngomnyango omkhulu oholela emsebenzini’ nangokungenela imikhakha ehlukahlukene yenkonzo yesikhathi esigcwele. (1 Kor. 16:9) Ukuphishekela ukukhonza uJehova njengomsebenzi wokuphila konke kuyindlela yokuphila ejabulisa ngempela futhi kuyinkambo eyosenza sithole izibusiso ezicebile.—Funda umShumayeli 12:1.

13, 14. Odade bangabonisa kanjani ukuthi bayayazisa indawo yabo ebandleni?

13 Odade nabo bangabonisa ukuthi bayalazisa ilungelo labo lokuhlanganyela ekugcwaliseni iHubo 68:11. Kulo sifunda lokhu: “UJehova ngokwakhe unika izwi; abesifazane abalandisa izindaba ezinhle bayibutho elikhulu.” Enye indlela enhle kakhulu odade abangabonisa ngayo ukwazisa ngendawo yabo ebandleni iwukuhlanganyela emsebenzini wokwenza abafundi. (Math. 28:19, 20) Ngakho, odade babonisa ukuthi bayayazisa indima yabo ebandleni ngokuhlanganyela ngokugcwele enkonzweni nangokuzidela ukuze benze lo msebenzi.

14 Ebhalela uThithu, uPawulu wathi: “Abesifazane asebekhulile mabaziphathe ngenhlonipho, . . . babe abafundisi bokuhle; ukuze basangulukise abesifazane abasebasha ukuba bathande abayeni babo, bathande abantwana babo, babe abahluzekile engqondweni, abamsulwa, abasebenzayo ekhaya, abahle, abazithobayo kubayeni babo, ukuze izwi likaNkulunkulu lingahlanjalazwa.” (Thithu 2:3-5) Yeka ukuthi odade abavuthiwe bangaba ithonya elihle kanjani ebandleni! Babekela abanye isibonelo esihle futhi babonisa ukuthi bayayazisa indawo yabo ebandleni ngokuhlonipha abazalwane abaholayo nangokwenza izinqumo ezihlakaniphile ezindabeni ezinjengokugqoka nokuzilungisa nokuzijabulisa.

15. Udade ongashadile angase enzeni ukuze anqobe isizungu?

15 Ngezinye izikhathi, kungase kube nzima ngodade ongashadile ukuba abone indawo yakhe ebandleni. Omunye udade owakubona mathupha lokhu, wathi: “Ngezinye izikhathi umuntu ongashadile uba nesizungu.” Lapho ebuzwa ukuthi ubhekana kanjani nalesi simo, wathi: “Ukuthandaza nokutadisha kungisiza ukuba ngiphinde ngiyibone indawo yami. Ngitadisha izihloko ezibonisa indlela uJehova angibheka ngayo. Ngibe sengizama ukuba usizo kwabanye ebandleni. Lokhu kungisiza ukuba ngingacabangi ngami kuphela.” NgokweHubo 32:8, uJehova wathi kuDavide: “Ngiyonika iseluleko iso lami likubhekile.” Yebo, uJehova unesithakazelo kuzo zonke izinceku zakhe, kuhlanganise nodade abangashadile, futhi uyozisiza zonke ukuba zibone indawo yazo ebandleni.

Gcina Indawo Yakho!

16, 17. (a) Kungani ukwamukela isimemo sikaJehova sokuba ingxenye yenhlangano yakhe kube yisinqumo esihle kunazo zonke? (b) Singayilondoloza kanjani indawo yethu enhlanganweni kaJehova?

16 UJehova uye wadonsa ngayinye yezinceku zakhe ukuba ibe nobuhlobo naye ngoba eyithanda. UJesu wathi: “Akekho umuntu ongeza kimi ngaphandle kokuba uBaba ongithumileyo emdonsa.” (Joh. 6:44) Kuzo zonke izigidigidi zabantu abasemhlabeni, uJehova uye wasimema ukuba sibe ingxenye yebandla lakhe namuhla. Ukusamukela lesi simemo kube isinqumo esihle kunazo zonke esake sazenza. Kuye kwenza ukuphila kwethu kwaba nenjongo. Yeka injabulo nokwaneliseka esikuthola ngenxa yokuba nendawo ebandleni!

17 Umhubi wathi: “Jehova, ngiyithandile indawo yokuhlala yendlu yakho.” Wabuye wahlabelela: “Unyawo lwami ngokuqinisekile luyokuma endaweni ehlelembekile; phakathi kwezihlwele ezibuthene ngiyomtusa uJehova.” (IHu. 26:8, 12) UNkulunkulu weqiniso unendawo yethu sonke enhlanganweni yakhe. Ngokuqhubeka silandela isiqondiso esingokwasezulwini nangokuzigcina simatasa enkonzweni kaNkulunkulu, singalondoloza indawo yethu eyigugu elungiselelweni likaJehova.

Ingabe Uyakhumbula?

• Kungani kunengqondo ukuphetha ngokuthi wonke amaKristu anendawo ebandleni?

• Sibonisa kanjani ukuthi siyayazisa indawo yethu enhlanganweni kaNkulunkulu?

• Iziphi izici ezinganquma indawo yethu ebandleni?

• AmaKristu asemasha nasekhulile angabonisa kanjani ukuthi ayayazisa indawo yawo elungiselelweni likaNkulunkulu?

[Imibuzo Yesifundo]

[Isithombe ekhasini 16]

Abazalwane bangawafinyelela kanjani amalungelo ebandleni?

[Isithombe ekhasini 17]

Odade bangabonisa kanjani ukuthi bayayazisa indawo yabo ebandleni?