Bona Igama Esigodini
Bona Igama Esigodini
IST. MORITZ. Ingabe ulijwayele leli gama? Kungenzeka, ngoba lena yindawo yokungcebeleka edume umhlaba wonke eSigodini Sase-Engadine esiseSwitzerland. Kodwa akuyona yodwa iSt. Moritz osekuyisikhathi eside iheha abantu ukuba beze kulesi sigodi esihle esiphakathi kwezintaba zama-Alp ezihlale zilele iqhwa eningizimu-mpumalanga yeSwitzerland eduze komngcele we-Italy. Kulesi sigodi kukhona nesiqiwu iSwiss National Park esidle ngobuhle bemvelo nezitshalo nezilwane ezihlukahlukene okudumisa uMdali wethu Omkhulu, uJehova. (IHu. 148:7-10) Zenza okufanayo nezinsalela zesiko elisukela maphakathi nekhulu le-17.
Kunento engajwayelekile engase ikukhange ezindlini eziningi kulesi sigodi. Kuvamile ukuthola igama likaNkulunkulu libhalwe phambi kwezindlu, njengaphezu komnyango omkhulu. Emakhulwini eminyaka adlule, kwakuyisiko ukuhlobisa ingaphandle lemizi ngemibhalo
edwetshiwe, noma eqoshwe kukhonkolo noma etsheni. Umfanekiso olapha ubonisa umbhalo osendlini ethile esedolobhaneni laseBever. Uma uhunyushwa lo mbhalo ufundeka kanje: “Ngonyaka ka-1715. UJehova uyisiqalo futhi uJehova uyisiphetho. Zonke izinto sizenza ngoNkulunkulu, ngaphandle kwakhe ngeke senze lutho.” Yebo, igama likaNkulunkulu livela kabili kulolu phawu oludala.Kunombhalo omdala ngisho nakulo ongawubona edolobheni laseMadulain. Wona uthi: “AmaHubo 127. Uma uJehova engayakhi indlu, basebenzele ize abayakhe kanzima. ULucius Rumedius. Ngonyaka ka-1654.”
Kungani igama likaNkulunkulu liboniswa obala kangaka kulesi sigodi? Emuva ngeNkathi Yezinguquko, iBhayibheli lalinyatheliswa ngesiRomansh, okuwulimi oluthathelwe kolwesiLatini olukhulunywa e-Engadine. Eqinisweni, liyincwadi yokuqala ngqá eyahunyushelwa kulolo limi. Beshukunyiswe yilokho abakufunda eZwini likaNkulunkulu, abantu abaningi bendawo abagcinanga ngokubhala amagama abo ngaphandle kwemizi yabo kodwa babhala nezingcaphuno ezivela eBhayibhelini ezinegama likaNkulunkulu.
Yebo, le mibhalo isalimemezela igama likaJehova futhi isamdumisa kuze kube namuhla yize sekudlule amakhulu eminyaka yabhalwa kule mizi. Izivakashi nezakhamuzi zamukelekile ukufunda okwengeziwe ngoNkulunkulu omuhle, uJehova, ngokuvakashela esinye isakhiwo esinaleli gama—iHholo LoMbuso LoFakazi BakaJehova eBever.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 7]
© Stähli Rolf A/age fotostock