Hlonipha Umshado Njengesipho Esivela KuNkulunkulu
Hlonipha Umshado Njengesipho Esivela KuNkulunkulu
“Yingakho indoda iyoshiya uyise nonina inamathele kumkayo babe nyamanye.”—GEN. 2:24.
1. Kungani uJehova ekufanelekela ukuba simhloniphe?
NGOKUQINISEKILE, uJehova uNkulunkulu onguMsunguli womshado uyakufanelekela ukuba simhloniphe. NjengoMdali wethu, iNkosi EnguMbusi noBaba osezulwini, uchazwa ngokufanele ngokuthi uMuphi wazo “zonke izipho ezinhle nazo zonke izipho eziphelele.” (Jak. 1:17; IsAm. 4:11) Lokhu kuyisibonakaliso sothando lwakhe olukhulu. (1 Joh. 4:8) Konke asifundise kona, akufuna kithi nakho konke asinike kona kungokwenhlalakahle nenzuzo yethu.—Isaya 48:17.
2. Iziphi iziyalezo uJehova azinika umbhangqwana wokuqala?
2 IBhayibheli lithi umshado ungesinye salezi zipho “ezinhle” ezivela kuNkulunkulu. (Ruthe 1:9; 2:12) Lapho eshadisa umbhangqwana wokuqala, u-Adamu no-Eva, uJehova wawunika iziyalezo ezicacile zokuthi ungaphumelela kanjani. (Funda uMathewu 19:4-6.) Ukube walandela isiqondiso sikaNkulunkulu, wawuyoba nenjabulo ehlala njalo. Nokho, ngobuwula wawushaya indiva umyalo kaNkulunkulu futhi wabhekana nemiphumela ebuhlungu.—Gen. 3:6-13, 16-19, 23.
3, 4. (a) Abaningi namuhla babonisa kanjani ukuthi abamhloniphi uJehova uNkulunkulu nelungiselelo lomshado? (b) Iziphi izibonelo esizoxoxa ngazo kulesi sihloko?
3 Njengombhangqwana wokuqala, abantu abaningi namuhla benza izinqumo eziphathelene nomshado bengazinaki noma bengenandaba neziqondiso zikaJehova. Abanye bawudelela ngokuqondile umshado, kanti abanye bazama ukuwenza uvumelane nabo. (Roma 1:24-32; 2 Thim. 3:1-5) Abalinaki iqiniso lokuthi umshado uyisipho esivela kuNkulunkulu, nokuthi ngokungasihloniphi leso sipho, abamhloniphi noMuphi waso uJehova uNkulunkulu.
4 Ngezinye izikhathi, ngisho nabanye babantu bakaJehova balahlekelwa umbono wakhe ocacile ngomshado. Eminye imibhangqwana engamaKristu inquma ukuhlala ngokwehlukana, noma ihlukanise ngezizathu ezingezona ezingokomBhalo. Singakugwema kanjani lokhu? Isiqondiso sikaNkulunkulu esikuGenesise 2:24 singawasiza kanjani amaKristu ashadile ukuba aqinise umshado wawo? Labo abacabangela ukushada bangawulungiselela kanjani umshado? Ake sixoxe ngemishado emithathu eyaphumelela ngezikhathi zeBhayibheli ebonisa indlela ukuhlonipha uJehova okubaluleke ngayo ekwenzeni umshado ube ohlala njalo.
Hlakulelani Ukwethembeka
5, 6. Isiphi isimo okungenzeka savivinya uZakariya no-Elizabethe, futhi kwavuzwa kanjani ukwethembeka kwabo?
5 UZakariya no-Elizabethe benza konke kahle. Bakhethana ngoba bengabantu abangokomoya. UZakariya wayeyifeza ngokwethembeka imisebenzi yakhe yobupristi futhi bobabili babenza konke okusemandleni abo ukuze bagcine uMthetho kaNkulunkulu. Ngokuqinisekile, babenokuningi ababengabonga ngakho. Nokho, uma wawungavakasha kwaJuda emzini wabo, wawungasheshe ubone ukuthi kukhona okwakungekho. Babengenabantwana. U-Elizabethe wayeyinyumba futhi bobabili base bekhulile impela.—Luka 1:5-7.
6 Kwa-Israyeli wasendulo, ukuba nabantwana kwakubhekwa njengento ebaluleke kakhulu futhi imikhaya yayivame ukuba mikhulu. (1 Sam. 1:2, 6, 10; IHu. 128:3, 4) Ngaleso sikhathi, indoda engumIsrayeli yayingahlukanisa nomkayo ngobuqili uma engatholi bantwana. Nokho, uZakariya wathembeka, wangamlahla u-Elizabethe. Akazange afune indlela elula yokuphuma emshadweni nomkakhe wenza ngokufanayo. Nakuba kwakubadabukisa ukuthi abanabantwana, baqhubeka bekhonza uJehova ndawonye ngokwethembeka. Ngokuhamba kwesikhathi, uJehova wabavuza ngokucebile ngokuba bathole indodana ngokuyisimangaliso sebekhulile.—Luka 1:8-14.
7. Iyiphi enye indlela u-Elizabethe abonisa ngayo ukwethembeka kumyeni wakhe?
7 U-Elizabethe wabonisa ukwethembeka okutusekayo nangenye indlela. Lapho kuzalwa indodana yakhe, uJohane, uZakariya wayengasakwazi ukukhuluma ngenxa yokuthi wayeshaywe ngokuba isimungulu ngokungayikholwa ingelosi kaNkulunkulu. Nokho, kumelwe ukuba wayemazisile ngandlela-thile umkakhe ukuthi ingelosi kaJehova yayimtshele ukuthi igama lomfana kuzoba “uJohane.” Omakhelwane nezihlobo babefuna ukwetha umfana ngegama likayise. Kodwa u-Elizabethe wanamathela ngokwethembeka esiqondisweni ayesinikwe umyeni wakhe. Wathi: “Lutho! uzobizwa ngokuthi uJohane.”—Luka 1:59-63.
8, 9. (a) Ukwethembeka kuwuqinisa kanjani umshado? (b) Iziphi ezinye izindlela eziqondile indoda nomfazi abangabonisa ngazo ukwethembeka?
8 NjengoZakariya no-Elizabethe, imibhangqwana eshadile namuhla ibhekana nokudumazeka nezinye izinselele. Umshado ongenakho ukwethembeka ngeke uchume. Ukudlala ngothando, ukubuka izithombe ezingcolile zobulili, ukuphinga nezinye izinto ezisongela umshado ojabulayo zingakuqeda nyá ukwethembana emshadweni. Lapho ukwethembana kuphela emishadweni, uthando luqala ukuncipha. Ngomqondo othile, ukwethembeka kunjengothango olubiyele umuzi oluvimbela izivakashi ezingamukelekile noma izinsongo, lwenze abangaphakathi komuzi balondeke. Ngakho, lapho indoda nomfazi bethembekile komunye nomunye, bayakwazi ukuhlala ndawonye ngokulondeka futhi bathululelane izifuba nothando lwabo lukhule. Yebo, ukwethembeka kubalulekile.
9 UJehova watshela u-Adamu: “Indoda iyoshiya uyise nonina inamathele kumkayo.” (Gen. 2:24) Kusho ukuthini lokho? Ubuhlobo ababenabo nabangane babo nezihlobo zabo kudingeka bushintshe. Abangane bomshado kumelwe banikezane isikhathi futhi banakane kuqala. Ngeke besakhathalela abangane nezihlobo kuqala, bangakunaki ukuphila komkhaya wabo omusha futhi akufanele bavumele abazali ukuba bangenele ezinqumweni abazenzayo nasezingxabanweni zabo. Lo mbhangqwana kumelwe manje unamathelane. Yisiqondiso sikaNkulunkulu leso.
10. Yini eyosiza abantu abashadile ukuba bahlakulele ukwethembeka?
10 Ngisho nasemikhayeni ehlukene ngokwenkolo, ukwethembeka kunomvuzo. Udade onomyeni ongakholwa uthi: “Angive ngimbonga uJehova ngokungifundisa ukuthi kufanele ngimthobele kanjani umyeni wami futhi ngimhloniphe ngokujulile. Ukuhlala sethembekile komunye nomunye kusenze sajabulela iminyaka engu-47 yothando nenhlonipho ehlala njalo.” (1 Kor. 7:10, 11; 1 Pet. 3:1, 2) Ngakho, zikhandle ukuze wenze umngane wakho womshado azizwe elondekile. Ngamazwi nangezenzo, funa izindlela zokuqinisekisa umngane wakho ukuthi kuwe ubaluleke kunabo bonke emhlabeni. Ngokusemandleni akho, ungavumeli muntu noma nanoma yini ukuba ingene phakathi kwenu. (Funda izAga 5:15-20.) URon noJeannette, asebeneminyaka engaphezu kuka-35 beshadile futhi bejabule, uthi, “Ngenxa yokuthi sikwenza ngokwethembeka lokho uNkulunkulu akufuna kithi, umshado wethu uyajabulisa futhi uyaphumelela.”
Ubunye Buqinisa Umshado
11, 12. U-Akhwila noPrisila babebambisana kanjani (a) ekhaya, (b) emsebenzini wokuziphilisa (c) nasenkonzweni yobuKristu?
11 Lapho umphostoli uPawulu ekhuluma ngabangane bakhe abakhulu u-Akhwila noPrisila, kwakungenzeki akhulume ngomunye angamphathi omunye. Lo mbhangqwana onobunye uyisibonelo esihle sokuthi uNkulunkulu wayesho ukuthini lapho ethi indoda nomfazi Gen. 2:24) Babehlale besebenza ndawonye ekhaya, emsebenzini wokuziphilisa nasenkonzweni yobuKristu. Ngokwesibonelo, lapho uPawulu efika okokuqala eKorinte, u-Akhwila noPrisila babonisa umusa bamcela ukuba ahlale emzini wabo, okungenzeka ukuthi wasebenzela kuwo isikhathi esithile. Kamuva, e-Efesu, umuzi wabo wasetshenziselwa imihlangano yebandla futhi basebenza ndawonye ekusizeni abasanda kukholwa, njengo-Apholo, ukuba bakhule ngokomoya. (IzE. 18:2, 18-26) Lo mbhangqwana oshisekayo wabe usulibhekisa eRoma, nakhona waphinde wavula umuzi wawo ukuze kuqhutshelwe khona imihlangano yebandla. Kamuva, wabuyela e-Efesu, waqinisa abazalwane.—Roma 16:3-5.
kufanele babe “nyamanye.” (12 U-Akhwila noPrisila basebenza noPawulu isikhathi esithile emsebenzini wabo wokwenza amatende. Nalapha, sithola lo mbhangqwana undawonye usebenza ngokubambisana ngaphandle kokuncintisana nezingxabano. (IzE. 18:3) Kodwa-ke isikhathi owawusichitha ndawonye emisebenzini yobuKristu yiso ngokuqinisekile esagcina umshado wawo uqinile ngokomoya. Kungakhathaliseki ukuthi babeseKorinte, e-Efesu noma eRoma, baziwa kakhulu ngokuba “izisebenzi ezikanye [nabafowabo] kuKristu Jesu.” (Roma 16:3) Babesebenza ndawonye ukuze bathuthukise umsebenzi wokushumayela ngoMbuso nomaphi lapho babekhonza khona.
13, 14. (a) Iziphi izimo ezingaphazamisa ubunye emshadweni? (b) Iziphi ezinye zezinto abashadile abangazenza ukuze baqinise isibopho sabo sokuba “nyamanye”?
13 Ngempela, ukuba nemigomo efanayo nokusebenza ndawonye kuyawuqinisa umshado. (UmSh. 4:9, 10) Kuyadabukisa ukuthi imibhangqwana eminingi namuhla ichitha isikhathi esincane ndawonye. Isebenza amahora amaningi emisebenzini ehlukene. Abanye imisebenzi yabo yokuziphilisa ibahambisa kakhulu noma bahlale bodwa emazweni aphesheya bese bethumela imali ekhaya. Ngisho noma behlala ekhaya, abanye abantu abashadile bazithola behlukene ngenxa yesikhathi abasichitha bebuka ithelevishini, emisebenzini yokuzilibazisa, kwezemidlalo, emidlalweni yama-video noma kuyi-Internet. Ingabe kunjalo nasemkhayeni wakho? Uma kunjalo, ningazilungisa yini izimo zenu ukuze nichithe isikhathi ndawonye? Kungani ningayenzi ndawonye imisebenzi evamile enjengokupheka, ukugeza izitsha noma ukulungisa igceke? Ningasebenza yini ndawonye ekunakekeleni izingane noma ekusizeni abazali benu asebekhulile?
14 Okubaluleke kakhulu, chithani njalo isikhathi ndawonye emisebenzini ehlobene nokukhulekela uJehova. Ukuthatha itekisi losuku ndawonye nokuhlanganyela ekukhulekeleni komkhaya kuninika amathuba amahle kakhulu okugcina ukucabanga nemigomo yomkhaya kufana. Sebenzani ndawonye nasenkonzweni. Uma kungenzeka, zamani ukuphayona ndawonye ngisho noma izimo zenu zinivumela inyanga eyodwa noma unyaka owodwa. (Funda eyoku-1 Korinte 15:58.) Udade owaphayona nomyeni wakhe uthi: “Inkonzo yayingenye yezindlela esasichitha ngazo isikhathi ndawonye futhi sixoxe ngempela. Ngenxa yokuthi sobabili sasinomgomo ofanayo wokusiza abanye ngokomoya, ngangizwa ukuthi simunye ngempela. Ngazizwa ngisondelene naye hhayi njengomyeni kuphela kodwa nanjengomngane omuhle.” Njengoba nisebenza ndawonye ekuphishekeleni imigomo ezuzisayo, izinto enizithandayo, izinto eziza kuqala nemikhuba yenu kuyovumelana kancane kancane nokomuntu oshade naye kuze kube yilapho senicabanga, nizizwa futhi nenza njengabantu ‘abanyamanye’ ngokwengeziwe njengo-Akhwila noPrisila.
Qondiswani Izinto Ezingokomoya
15. Yini ebalulekile ukuze umshado uphumelele? Chaza.
15 UJesu wayazi ukuthi kubalulekile ukubeka uNkulunkulu kuqala emshadweni. Wambona uJehova eshadisa abantu bokuqala. Wabona indlela u-Adamu no-Eva ababejabule ngayo lapho besalalela isiqondiso sikaNkulunkulu, futhi wazibonela mathupha izinkinga ezaba khona lapho besishaya indiva. Ngakho, lapho uJesu efundisa abanye, waphinda isiqondiso sikaYise esikuGenesise 2:24. Wabuye wanezela leli phuzu: “Lokho uNkulunkulu akubophele ndawonye makungahlukaniswa muntu.” (Math. 19:6) Ngakho-ke, inhlonipho ejulile ngoJehova isabalulekile ukuze umshado ube ojabulisayo nophumelelayo. Kule ndaba, abazali bakaJesu basemhlabeni, uJosefa noMariya, bayisibonelo esivelele.
16. UJosefa noMariya babonisa kanjani ukuthi babekhathalela izinto ezingokomoya ekuphileni komkhaya wabo?
16 UJosefa wayenomusa futhi emhlonipha uMariya. Lapho eqala ukuzwa ukuthi ukhulelwe, wafuna ukusebenzelana naye ngesihe, ngisho nangaphambi kokuba ingelosi kaNkulunkulu imchazele lokho okwakwenzeke kuMariya. (Math. 1:18-20) Njengombhangqwana, balalela umyalo kaKhesari futhi banamathela eMthethweni KaMose. (Luka 2:1-5, 21, 22) Nakuba kwakungamadoda kuphela okwakudingeka ukuba aye emikhosini emikhulu engokwenkolo eJerusalema, uJosefa noMariya, kanye namalungu omkhaya wabo, babeya bonke kule mikhosi unyaka ngamunye. (Dut. 16:16; Luka 2:41) Ngalezi zindlela nezinye, lo mbhangqwana owesaba uNkulunkulu wazama ukujabulisa uJehova futhi wabonisa inhlonipho ejulile ngezinto ezingokomoya. Akumangalisi ukuthi uJehova wakhetha wona ukuba unakekele iNdodana yakhe engxenyeni yokuqala yokuphila kwayo emhlabeni.
17, 18. (a) Umbhangqwana ungazibeka kanjani izinto ezingokomoya kuqala emkhayeni wawo? (b) Lokhu kuyowuzuzisa kanjani?
17 Ingabe izinto ezingokomoya zikuqondisa ngendlela efanayo ukuphila komkhaya wenu? Ngokwesibonelo, lapho nenza izinqumo ezibalulekile, ingabe niqale nicwaninge izimiso zeBhayibheli, nithandaze ngalolo daba bese nifuna iseluleko somKristu ovuthiwe? Noma ingabe nithambekele ekuxazululeni izinkinga ngokulandela imizwa yenu noma yabomndeni nabangane? Ingabe nilwela ukusebenzisa ukusikisela okuningi okuwusizo okunyatheliswa inceku ethembekile ngomshado nokuphila komkhaya? Noma ingabe nizithola nimane nje nilandela amasiko endawo noma nisebenzisa iseluleko esithandwayo ezweni? Ingabe nithandaza ndawonye futhi nitadishe ndawonye njalo, nibeke imigomo engokomoya futhi nixoxe ngezinto eziza kuqala emkhayeni wenu?
18 Ngokuphathelene neminyaka yabo engu-50 beshadile futhi bejabule, uRay uthi, “Asikaze sibe nenkinga eyasehlula ngoba sasigcina uJehova eyingxenye ‘yentambo yethu emicu mithathu.’” (Funda umShumayeli 4:12.) UDanny noTrina bayavuma: “Njengoba siye sakhonza uNkulunkulu ndawonye, umshado wethu uye waqina ngokwengeziwe.” Sebeneminyaka engaphezu kuka-34 beshadile futhi bejabule. Uma ngaso sonke isikhathi nibeka uJehova kuqala emshadweni wenu, uyonisiza ukuba niphumelele futhi uyonibusisa ngokucebile.—IHu. 127:1.
Qhubeka Usihlonipha Lesi Sipho Esivela KuNkulunkulu
19. Kungani uNkulunkulu asinikeza isipho somshado?
19 Abantu abaningi namuhla bakhathalela injabulo yabo siqu kuphela. Kodwa inceku kaJehova ibheka izinto ngendlela ehlukile. Iyazi ukuthi uNkulunkulu walungiselela umshado njengesipho ukuze afeze injongo yakhe. (Gen. 1:26-28) Ukube u-Adamu no-Eva basihlonipha leso sipho, ngabe wonke umhlaba waba ipharadesi eligcwele izinceku zikaNkulunkulu ezilungile nezijabulayo.
20, 21. (a) Kungani kufanele sibheke umshado njengongcwele? (b) Isiphi isipho esizofunda ngaso ngesonto elizayo?
20 Ngaphezu kwakho konke, izinceku zikaJehova zibheka umshado njengethuba lokumkhazimulisa. (Funda eyoku-1 Korinte 10:31.) Njengoba sibonile, ukwethembeka, ubunye nengokomoya kuyizimfanelo zokwesaba uNkulunkulu eziqinisa umshado. Ngakho, kungakhathaliseki ukuthi silungiselela umshado, siyawuqinisa noma sizama ukuwusindisa, okokuqala kumelwe sibheke umshado ngokwalokho oyikho: ilungiselelo likaNkulunkulu elingcwele. Ukuhlale silikhumbula leli qiniso kuyosishukumisela ukuba senze konke esingakwenza ukuze sisekele izinqumo ezihilela umshado eZwini likaNkulunkulu. Ngale ndlela sibonisa inhlonipho hhayi nje ngesipho somshado kodwa nangoMuphi waso, uJehova uNkulunkulu.
21 Yiqiniso, umshado awusona ukuphela kwesipho esisinikwe uJehova; futhi awuyona ukuphela kwendlela yokuthola injabulo ekuphileni. Esihlokweni sethu esilandelayo, sizohlola esinye isipho esiyigugu esivela kuNkulunkulu—isipho sokungashadi.
Ungaphendula Kanjani?
• Ukwethembeka kufanele kube naliphi ithonya kumaKristu ashadile?
• Kungani ukusebenza ndawonye ngobunye kuyowuqinisa umshado?
• Iziphi ezinye izindlela abantu abashadile abangavumela ngazo ukuba izinto ezingokomoya zibaqondise?
• Singayibonisa kanjani inhlonipho ngoJehova, uMsunguli womshado?
[Imibuzo Yesifundo]
[Izithombe ekhasini 15]
Ukusebenza ndawonye kusiza imibhangqwana ukuba ibe nobunye