Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Kusebenzise Ngokunenzuzo Ukungashadi Kwakho

Kusebenzise Ngokunenzuzo Ukungashadi Kwakho

Kusebenzise Ngokunenzuzo Ukungashadi Kwakho

“Lowo ongase akwazi ukukutholela indawo makakutholele indawo.”—MATH. 19:12.

1, 2. (a) UJesu, uPawulu nabanye bakubheka kanjani ukungashadi? (b) Kungani abanye bengase bangacabangi ukuthi ukungashadi kuyisipho?

AKUNGABAZEKI ukuthi umshado ungesinye sezipho eziyigugu kakhulu uNkulunkulu aziphe abantu. (IzAga 19:14) Nokho, kunamaKristu amaningi angashadile nawo ajabulela ukuphila okucebile nokwanelisayo. UHarold, umzalwane oneminyaka engu-95 ongakaze ashade, uthi: “Nakuba ngikujabulela ukuba nabanye nokubonisa umoya wokungenisa izihambi, lapho ngingedwa angibi nesizungu. Ngicabanga ukuthi kungashiwo ngempela ngami ukuthi nginesipho sokungashadi.”

2 Yiqiniso, uJesu Kristu nomphostoli uPawulu babiza kokubili ukungashadi nokushada ngokuthi isipho esivela kuNkulunkulu. (Funda uMathewu 19:11, 12; 1 Korinte 7:7.) Kuyavunywa, akuyena wonke umuntu ongashadile ozikhethele lokho. Ngezinye izikhathi izimo zenza kube nzima ukuthola umngane womshado ofanelekayo. Noma ngemva kweminyaka ethile beshadile, abanye bazithola bengasashadile ngenxa yesahlukaniso noma ukufelwa. Khona-ke, ukungashadi kungaba isipho ngamuphi umqondo? AmaKristu angashadile angakusebenzisa kanjani-ke ngokunenzuzo ukungashadi kwawo?

Isipho Esiyingqayizivele

3. Iziphi izinzuzo ezivame ukujatshulelwa amaKristu angashadile?

3 Umuntu ongashadile uvame ukuba nesikhathi esiningi nenkululeko ethé xaxa kunomuntu oshadile. (1 Kor. 7:32-35) Lezi zinzuzo eziyingqayizivele zingamvumela ukuba andise inkonzo yakhe, anuleke othandweni lwakhe ngabanye futhi asondele kakhudlwana kuJehova. Ngenxa yalokho, amaKristu amaningana aye aqaphela izinzuzo zokungashadi, anquma “ukukutholela indawo” okungenani isikhathi esithile. Kungenzeka ukuthi amanye kwakungeyona injongo yawo yasekuqaleni ukuba angashadi, kodwa lapho izimo zawo zishintsha, acabangisisa ngesimo sawo ngomthandazo futhi aqaphela ukuthi ngosizo lukaJehova nawo angakwazi ukusamukela. Ngakho, azamukela izimo zawo ezishintshile, ayesekutholela indawo ukungashadi.—1 Kor. 7:37, 38.

4. Kungani amaKristu angashadile engenasizathu sokuzizwa engaphelele enkonzweni kaNkulunkulu?

4 AmaKristu angashadile ayazi ukuthi akudingeki ukuba ashade ukuze aqashelwe noma aziswe uJehova noma inhlangano yakhe. UNkulunkulu usithanda sonke ngabanye. (Math. 10:29-31) Akukho muntu futhi akukho lutho olungasehlukanisa nothando lukaNkulunkulu. (Roma 8:38, 39) Kungakhathaliseki ukuthi sishadile noma cha, asinaso isizathu sokuzizwa singaphelele enkonzweni kaNkulunkulu.

5. Yini edingekayo ukuze uyithole ngokugcwele imivuzo yokuba ongashadile?

5 Ukuze isipho sokungashadi sizuzise ngokugcwele kudingeka sihlakulelwe njengoba nje kunjalo ngezipho ezinjengekhono lomculo noma lokugijima. Ngakho, amaKristu angashadile namuhla—kungaba abazalwane noma odade, asemasha noma amadala, azikhethele ukungashadi noma aphoqwe izimo—angasisebenzisa kanjani ngokunenzuzo isimo sawo? Ake sixoxe ngezinye zezibonelo ezikhuthazayo zasebandleni lamaKristu okuqala futhi sibone ukuthi singafundani kuzo.

Ukuba Ongashadile Ebusheni

6, 7. (a) Iliphi ilungelo amadodakazi kaFiliphu ayizintombi aba nalo enkonzweni kaNkulunkulu? (b) UThimothewu wayisebenzisa kahle kanjani iminyaka ayichitha engashadile, futhi wabusiswa kanjani ngokuzimisela kwakhe ukukhonza esemusha?

6 Umvangeli uFiliphu wayenamadodakazi amane ayeyizintombi ayeshiseka njengoyise emsebenzini wobuvangeli. (IzE. 21:8, 9) Ukuprofetha kwakuphakathi kwezipho zomoya ongcwele ezazitholakala ngokuyisimangaliso, futhi lezi zintokazi zasisebenzisa leso sipho njengoba kwaprofethwa kuJoweli 2:28, 29.

7 UThimothewu wayeyinsizwa eyakusebenzisa kahle ukuba kwayo engashadile. Unina u-Evnike noninakhulu uLowisi bamfundisa “imibhalo engcwele” kusukela esewusana. (2 Thim. 1:5; 3:14, 15) Kodwa baze baba amaKristu cishe ngo-47 C.E. ngenkathi uPawulu evakashele eListra okokuqala, umuzi ababehlala kuwo. Ngemva kweminyaka emibili, lapho uPawulu ebahambela okwesibili, cishe uThimothewu wayeseneminyaka ecela noma engaphezudlwana kwengu-20. Nakuba ayesemncane futhi emusha eqinisweni, “wayekhulunyelwa kahle” abadala bebandla laseListra nelase-Ikoniyu elalingumakhelwane. (IzE. 16:1, 2) Ngakho, uPawulu wacela uThimothewu ukuba ajikeleze naye. (1 Thim. 1:18; 4:14) Asinakugomela ngokuthi uThimothewu wahlale engashadile. Kodwa siyazi ukuthi ngesikhathi eseyinsizwa, wasamukela ngenjabulo isicelo sikaPawulu, futhi eminyakeni eminingi eyalandela, wajabulela ukuba umbonisi nesithunywa sevangeli esingashadile.—Fil. 2:20-22.

8. Yini eyenza uJohane Marku ukuba aphishekele imigomo engokomoya, futhi iziphi izibusiso azithola ngokwenza kanjalo?

8 UJohane Marku naye wayisebenzisa ngokunenzuzo iminyaka yobusha bakhe ayichitha engashadile. Yena nonina uMariya, kanye nomzala wakhe uBarnaba, babephakathi kwamalungu okuqala ebandla laseJerusalema. Kungenzeka ukuthi umkhaya wakubo kaMarku wawumi kahle, ngoba wawunendlu emzini futhi unenceku. (IzE. 12:12, 13) Nokho, naphezu kwalezi zinzuzo, ngisho nalapho eseyinsizwa, uMarku akazange azitotose noma azicabangele yena kuphela futhi akazange abe nomqondo wokuzinza, abe nomkhaya futhi aphile ukuphila okuntofontofo. Ubudlelwane bakhe nabaphostoli esemncane cishe batshala kuye isifiso sokuba isithunywa sevangeli. Ngakho, wakujabulela ukuhamba noPawulu noBarnaba ohambweni lwabo lokuqala lwezithunywa zevangeli futhi waba isikhonzi sabo. (IzE. 13:5) Kamuva wahamba noBarnaba, futhi ngemva kweminye iminyaka, simthola ekhonza noPetru eBhabhiloni. (IzE. 15:39; 1 Pet. 5:13) Asazi ukuthi uMarku wahlala isikhathi esingakanani engashadile. Kodwa wazakhela idumela elihle kakhulu njengomuntu owayezimisele ukukhonza abanye nokwenza okwengeziwe enkonzweni kaNkulunkulu.

9, 10. Imaphi amathuba okwandisa inkonzo amaKristu amasha angashadile anawo? Nikeza isibonelo.

9 Namuhla, intsha eningi ebandleni nayo ijabulela ukusebenzisa iminyaka ethile yokuba kwayo engashadile ukuze yandise ingxenye yayo enkonzweni kaNkulunkulu. NjengoMarku noThimothewu, iyaqaphela ukuthi ukungashadi kuyivumela ukuba ‘ikhonze iNkosi njalo ngaphandle kokuthikamezeka.’ (1 Kor. 7:35) Lokhu kuyinzuzo ngempela. Kunendathane yamathuba ayivulekele—ukuphayona, ukukhonza lapho kunendingeko enkulu khona yabamemezeli boMbuso, ukufunda olunye ulimi, ukusiza lapho kwakhiwa amaHholo OMbuso noma amagatsha, ukuya eSikoleni Sokuqeqeshela Inkonzo nokukhonza eBethel. Uma usemusha futhi ungashadile, ingabe uwasebenzisa ngokunenzuzo amathuba onawo?

10 Umzalwane okuthiwa uMark waqala ukuphayona esecela eminyakeni engu-20, waya eSikoleni Sokuqeqeshela Inkonzo futhi usekhonze ezabelweni ezihlukahlukene emhlabeni wonke. Ecabanga ngeminyaka engu-25 ayichitha esenkonzweni yesikhathi esigcwele, uthi: “Ngiye ngazama ukuzihlanganisa nawo wonke umuntu ebandleni, ngokuhlanganyela nabo enkonzweni, ukubamemela isidlo ekhaya, ukwenza ukuhambela kokwelusa ngisho nangokuhlela imibuthano egxile ezintweni ezingokomoya. Zonke lezi zinto ziye zangilethela injabulo enkulu.” Njengoba amazwi kaMark ebonisa, injabulo enkulu ekuphileni itholakala ngokupha futhi ukuphila okugxile enkonzweni engcwele kusinikeza amathuba amaningi okupha abanye. (IzE. 20:35) Abantu abasha namuhla banokuningi kokukwenza emsebenzini weNkosi kungakhathaliseki ukuthi banaziphi izithakazelo, amakhono noma okuhlangenwe nakho ekuphileni.—1 Kor. 15:58.

11. Iziphi ezinye zezinzuzo zokungajahi ukushada?

11 Nakuba abantu abasha abaningi bengathanda ukuba ngokuhamba kwesikhathi bashade, kunezizathu ezinhle zokungajahi ukushada. UPawulu ukhuthaza intsha ukuba okungenani ilinde kuze kudlule “ukuqhuma kobusha,” lapho izifiso zobulili zinamandla kakhulu khona. (1 Kor. 7:36) Kuthatha isikhathi ukuba uzazi kahle wena futhi uqongelele nolwazi oludingekayo ekukhetheni umngane womshado ofanelekayo. Ukwenza isifungo somshado kuyisinyathelo esingathí sina sokuphila konke.—UmSh. 5:2-5.

Ukuba Ongashadile Lapho Usukhulile

12. (a) Umfelokazi u-Ana wabhekana kanjani nezimo zakhe ezase zishintshile? (b) Iliphi ilungelo alithola?

12 U-Ana, okukhulunywa ngaye eVangelini likaLuka, cishe waba lusizi kakhulu lapho umyeni wakhe eshona kungalindelekile ngemva kweminyaka engu-7 kuphela beshadile. Asazi ukuthi babenazo yini izingane noma ukuthi wake wakucabanga yini ukuphinde ashade. Kodwa iBhayibheli lithi lapho u-Ana eneminyaka engu-84, wayesalokhu engumfelokazi. Ngokwalokho okushiwo iBhayibheli, singaphetha ngokuthi u-Ana wasebenzisa izimo zakhe ezase zishintshile ukuze asondele kakhudlwana kuJehova. “Wayengakaze aphuthe ethempelini, enikela inkonzo engcwele ubusuku nemini ngokuzila ukudla nangokunxusa.” (Luka 2:36, 37) Ngakho, izinto ezingokomoya zaziza kuqala ekuphileni kwakhe. Lokho kwakudinga ukuzimisela nokuzikhandla okukhulu, kodwa wavuzwa kakhulu. Waba nelungelo lokubona uJesu esewusana futhi wafakaza kwabanye ngokukhululwa okwase kuzotholakala ngalo Mesiya othenjisiwe.—Luka 2:38.

13. (a) Yini ebonisa ukuthi uDorka wayekhuthele ebandleni? (b) UDorka wavuzwa kanjani ngobuhle nangomusa wakhe?

13 Owesifazane okuthiwa uDorka, noma uThabitha, wayehlala eJopha, itheku lasendulo elalisenyakatho-ntshonalanga yeJerusalema. Njengoba iBhayibheli lingasho ukuthi wayenomyeni, cishe wayengashadile ngaleso sikhathi. UDorka “wayenezenzo eziningi ezinhle nezipho eziningi zesihe.” Kusobala ukuthi wathungela abafelokazi abaswele nabanye izingubo eziningi futhi lokhu kwabenza bamthanda kakhulu. Ngakho, lapho ehlatshwa ukugula futhi efa ngokuzumayo, lonke ibandla lathumela ukuba kulandwe uPetru limnxusa ukuba azovusa lo dadewabo othandekayo. Njengoba izindaba zokuvuswa kwakhe zisakazeka kulo lonke iJopha, abaningi baba amakholwa. (IzE. 9:36-42) Kungenzeka ukuthi uDorka, ngenxa yomusa wakhe ongaphezu kovamile, waba nengxenye ekusizeni abanye babo.

14. Yini eshukumisela amaKristu angashadile ukuba asondele kakhudlwana kuJehova?

14 Njengo-Ana noDorka, abaningi ebandleni namuhla bazithola bengashadile yize sebekhulile. Abanye kungenzeka ukuthi abazange bamthole umngane womshado ofanelekayo. Abanye bahlukanisile noma bashonelwe. Njengoba engenabo abangane bomshado angathululela kubo isifuba, amaKristu angashadile avame ukufunda ukuncika kakhulu kuJehova. (IzAga 16:3) USilvia, udade ongashadile osekhonze eBethel iminyaka engaphezu kuka-38, ubheka lokhu njengesibusiso. Uyavuma: “Ngezinye izikhathi ngiyakhathala ngokuthi kuhlale kuyimina okhuthaza abanye, futhi ngizibuze, ‘Kazi mina ngizokhuthazwa ngubani?’” Kodwa ube esenezela: “Ukuba nethemba lokuthi uJehova ukwazi kangcono kunami engikudingayo kungisiza ukuba ngisondele ngokwengeziwe kuye. Ngisithola njalo isikhuthazo lapho ngisidinga, ngezinye izikhathi ngisithola emithonjeni ebengingayilindele nhlobo.” Noma nini lapho sisondela kuJehova, uhlale esabela ngendlela enobubele obukhulu nenozwela.

15. AmaKristu angashadile ‘anganuleka’ kanjani othandweni lwawo?

15 Ukungashadi kunikeza ithuba elikhethekile ‘lokwanuleka’ othandweni. (Funda eyesi-2 Korinte 6:11-13.) UJolene, udade ongashadile oseneminyaka engu-34 esenkonzweni yesikhathi esigcwele, uthi: “Ngiye ngazama kanzima ukwakha ubuhlobo obuseduze nabanye, hhayi ontanga yami kuphela, kodwa nazo zonke izinhlobo zabantu. Ukungashadi kuyithuba elihle kakhulu lokupha uJehova, umkhaya wakini, abafowenu nodadewenu kanye nomakhelwane. Njengoba ngikhula, ngiya ngijabula ngokungashadi kwami.” Ngokuqinisekile, asebekhulile, abaxhwalile, abazali abangabodwa, intsha nabanye ebandleni bayakwazisa ukusekelwa ngokungenabugovu abantu abangashadile. Ngempela, noma nini lapho sibonisa abanye uthando, nathi siyajabula. Ingabe nawe ‘unganuleka’ othandweni lwakho ngabanye?

Ukuba Ongashadile Ukuphila Kwakho Konke

16. (a) Kungani uJesu ahlala engashadile ukuphila kwakhe konke? (b) UPawulu wakusebenzisa kanjani ngokuhlakanipha ukungashadi kwakhe?

16 UJesu akazange ashade; kwakudingeka alungiselele futhi afeze inkonzo yakhe ayeyabelwe. Wayehamba amabanga amade, esebenza kusukela ekuseni kakhulu kuze kube sebusuku, futhi ekugcineni wanikela ngokuphila kwakhe njengomhlatshelo. Ukungashadi kwakuyinzuzo kuye. Umphostoli uPawulu wahamba izinkulungwane zamakhilomitha futhi wabhekana nobunzima obukhulu enkonzweni. (2 Kor. 11:23-27) Nakuba kungenzeka ukuthi ngaphambili wayeshadile, uPawulu wakhetha ukuhlale engashadile ngemva kokuba ethunywe ukuba abe umphostoli. (1 Kor. 7:7; 9:5) Bobabili uJesu noPawulu bakhuthaza abanye ukuthi uma kungenzeka balingise isibonelo sabo sokungashadi ngenxa yenkonzo. Nokho, akekho kubo owathi ubumpohlo buyimfuneko yokuba izikhonzi.—1 Thim. 4:1-3.

17. Abanye namuhla baye basilingisa kanjani isibonelo sikaJesu noPawulu, futhi kungani singaqiniseka ngokuthi uJehova uyabazisa labo abazidela ngaleyo ndlela?

17 Namuhla, nabanye baye bazikhethela ukuhlala bengashadile ukuze bayiphishekele kangcono inkonzo yabo. UHarold, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, uye wakhonza eBethel iminyaka engaphezu kuka-56. Uthi: “Ngesikhathi ngiqeda iminyaka eyishumi ngiseBethel, ngase ngibone imibhangqwana eminingi eshadile ihamba eBethel ngenxa yokugula noma isidingo sokuyonakekela umzali osekhulile. Bobabili abazali bami base beshonile. Kodwa ngangiyithanda kakhulu iBethel kangangokuthi angithandanga ukubeka leli lungelo engozini ngokushada.” Ngokufanayo, eminyakeni edlule, iphayona eselinesikhathi eside okuthiwa uMargaret, lathi: “Ngiye ngaba namathuba okushada, kodwa angiwasebenzisanga ngenxa yokuba matasa. Kunokuba ngishade, ngiye ngakwazi ukusebenzisa inkululeko eyengeziwe ehlanganisa nokuya nomaphi ngokuthanda abantu abangashadile abanayo ukuze ngiqhubeke ngimatasa enkonzweni, futhi lokhu kuye kwangilethela injabulo enkulu.” Ngokuqinisekile, uJehova ngeke abakhohlwe labo abenza noma ikuphi ukuzidela okungenabugovu ngenxa yokukhulekela kweqiniso.—Funda u-Isaya 56:4, 5.

Zisebenzise Ngokunenzuzo Izimo Zakho

18. Abanye bangawakhuthaza futhi bawasekele kanjani amaKristu angashadile?

18 Kufanele siwancome ngobuqotho futhi siwakhuthaze wonke amaKristu angashadile enza konke angakwenza enkonzweni kaJehova. Siyawathanda ngenxa yalokho ayikho nangeqhaza elikhulu analo ebandleni. Ngeke aze abe nesizungu uma ngempela siba “abafowabo nodadewabo nonina nabantwana” abangokomoya.—Funda uMarku 10:28-30.

19. Yini ongayenza ukuze ukusebenzise ngokunenzuzo ukungashadi kwakho?

19 Kungakhathaliseki ukuthi uzikhethele ukungashadi noma kungenxa yezimo, kwangathi lezi zibonelo ezisemiBhalweni nezanamuhla zingakuqinisekisa ngokuthi ungaba nokuphila okujabulisayo nokuthelayo. Ezinye izipho sizilindela ngokulangazelela, kanti ezinye zifika singazilindele ngempela. Ezinye sisheshe sizazise, kuyilapho ezinye ziba igugu ngokuhamba kwesikhathi. Ngakho, okuningi kuxhomeke esimweni sethu sengqondo. Yini ongayenza ukuze ukusebenzise ngokunenzuzo ukungashadi kwakho? Sondela kuJehova, yiba nokuningi kokukwenza enkonzweni yakhe futhi wanuleke othandweni lwakho ngabanye. Njengomshado, ukungashadi kungaba nomvuzo lapho sikubheka ngendlela kaNkulunkulu futhi sisisebenzisa ngokuhlakanipha lesi sipho.

Ingabe Uyakhumbula?

• Ukungashadi kungaba isipho ngaziphi izindlela?

• Ukungashadi kungaba kanjani isibusiso ebusheni?

• Imaphi amathuba amaKristu angashadile anawo okusondela kuJehova nokwanuleka othandweni?

[Imibuzo Yesifundo]

[Izithombe ekhasini 18]

Ingabe uwasebenzisa ngokunenzuzo amathuba onawo enkonzweni kaNkulunkulu?