Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ngiyabonga Ngokukhonza UJehova Nasebunzimeni

Ngiyabonga Ngokukhonza UJehova Nasebunzimeni

Ngiyabonga Ngokukhonza UJehova Nasebunzimeni

Njengoba ilandiswa uMaatje de Jonge-van den Heuvel

NGINEMINYAKA engu-98 ubudala. Ngiyajabula ngokuthi engu-70 yayo ngiyichithe ngikhonza uJehova—kodwa bekungelula njalo. Ukholo lwami luye lwavivinywa. Phakathi neMpi Yezwe II, ngaboshwa futhi ngathunyelwa ekamu lokuhlushwa. Ngesinye isikhathi ngilapho ngadangala ngaze ngenza isinqumo engazisola ngaso kamuva. Ngemva kweminyaka ethile, ngabhekana nolunye uvivinyo olubuhlungu. Noma kunjalo, angive ngimbonga uJehova ngokuthi ngiye ngaba nelungelo lokumkhonza ngisho nasebunzimeni.

Ukuphila kwami kwashintsha ngo-October 1940. Ngangihlala eHilversum, idolobhana eliqhele ngamakhilomitha angu-24 eningizimu-mpumalanga ye-Amsterdam eNetherlands. Ngaleso sikhathi leli zwe lalibuswa amaNazi. Ngase ngineminyaka emihlanu ngishade noJaap de Jonge, umyeni okhathalelayo, futhi sinendodakazi eyigugu eneminyaka emithathu, uWilly. Umkhaya ongumakhelwane wawuhlupheka futhi kunzima ukuba wondle izingane zawo ezingu-8. Noma kunjalo, wahlalisa nensizwa ethile futhi udla nayo. Ngazibuza, ‘Kungani bezithwesa omunye umthwalo?’ Ngelinye ilanga ngibahambisele ukudlana, bangitshela ukuthi le nsizwa iyiphayona. Yangixoxela ngoMbuso kaNkulunkulu nezibusiso ozoziletha. Kwangithinta kakhulu lokho engakuzwa futhi ngalamukela ngokushesha iqiniso. Ngawo lowo nyaka, ngazinikezela kuJehova futhi ngabhapathizwa. Ngemva konyaka ngibhapathiziwe, umyeni wami naye walamukela iqiniso.

Nakuba nganginolwazi oluncane lweBhayibheli, ngangikuqonda ngokugcwele ukuthi ukuba kwami uFakazi, kwakungenza ngibe ingxenye yenhlangano evinjelwe. Ngangazi nokuthi kukhona oFakazi abaningi ababeboshiwe ngenxa yokushumayela isigijimi soMbuso. Noma kunjalo, ngasheshe ngaqala ukushumayela endlini ngendlu, futhi sinomyeni wami savula umuzi wethu ukuba ube indawo yokuhlala amaphayona nababonisi abajikelezayo. Umuzi wethu wabuye waba yindawo yokugcina izincwadi zeBhayibheli, ezazilethwa abazalwane nodade ababevela e-Amsterdam. Amabhayisikili abo ayethwala izincwadi eziningi ababezimboza ngoseyili. Yeka uthando nesibindi salaba bafowethu! Babefaka ukuphila kwabo engozini ngenxa yabafowabo.—1 Joh. 3:16.

“Uzosheshe Ubuye Yini Mama?”

Cishe ngemva kwezinyanga eziyisithupha ngibhapathiziwe, kwatheleka amaphoyisa amathathu. Angena endlini apeketula. Nakuba engalibonanga iwodilobhu elaligcwele izincwadi, athola izincwadi ezithile esasizifihle ngaphansi kombhede wethu. Awabange esabuza, angiyala ukuba ngiwalandele siye esiteshini samaphoyisa eHilversum. Lapho ngivalelisa uWilly, indodakazi yami ngokuyanga, yangibuza, “Uzosheshe ubuye yini mama?” Ngathi, “Yebo muntuza, umama uzosheshe abuye.” Ngangingazi ukuthi kwakuzophela izinyanga ezingu-18 ezinzima ngaphambi kokuba ngimgone futhi umntanami.

Phela ngafike ngathathwa iphoyisa elithile langiyisa e-Amsterdam ngesitimela ukuze ngiyophenywa. Abashushisi bazama ukungenza ukuba ngikhombe abazalwane abathathu baseHilversum. Ngathi: “Ngazi oyedwa kuphela. Usilethela ubisi.” Ngangikhuluma iqiniso; lo mzalwane wayediliva ubisi. Nganezela, “Ukuthi unguFakazi kaJehova noma cha, buzani yena hhayi mina.” Lapho ngenqaba ukuqhubeka ngibaphendula, bangishaya ebusweni base bengigquma esitokisini izinyanga ezimbili. Lapho umyeni wami ethola ukuthi ngangikuphi, wakwazi ukungilethela izingubo nokudla. Ngo-August 1941, ngathunyelwa eRavensbrück—ikamu lokuhlushwa labesifazane elalinedumela elibi, elaliqhele ngamakhilomitha angaba ngu-80, enyakatho yeBerlin, eJalimane.

“Qina Mntakwethu”

Lapho sifika, sasitshelwa ukuthi sasingaya emakhaya uma nje singasayina incwadi yokuphika ukholo lwethu. Nokho-ke, angiyisayinanga. Kunalokho, kwadingeka ngibanike izinto zami futhi ngikhumule ngibe nqunu endlini yokugezela, lapho ngahlangana khona nabanye odade ababevela eNetherlands. Sanikezwa izingubo zasekamu ezazithungelwe unxantathu onsomi, ipuleti, inkomishi nokhezo. Ngobusuku bokuqala, salaliswa ebhalekisi elaligcina iziboshwa okwesikhashana. Ngasidinda lapho okokuqala isililo kusukela ngaboshwa. Ngazibuza le mibuzo ngibibitheka, “Kuzokwenzekani? Ngizohlala isikhathi esingakanani lapha?” Uma ngikhuluma iqiniso, ngaleso sikhathi ubuhlobo bami noJehova babungaqinile kangako ngoba nganginezinyanga ezimbalwa ngiseqinisweni. Kwakunokuningi okwakusadingeka ngikufunde. Ngakusasa lapho kubizwa amagama eziboshwa, udade othile waseNetherlands kumelwe ukuba wabona ukuthi ngangidabukile. Wathi: “Qina mntakwethu, qina! Ngeke sivelelwe yilutho.”

Esebiziwe amagama ethu, sayiswa kwelinye ibhalekisi, lapho samukelwa khona amakhulu amaningana odade abavela eJalimane naseNetherlands. Abanye balab’ odade baseJalimane base benesikhathi esingaphezu konyaka behlala kulelo bhalekisi. Ukuhlala nabo kwangiqinisa—kwangikhuthaza isibili. Kwangihlaba umxhwele nokubona ukuthi ibhalekisi elalihlala odadewethu lalihlanzekile uma liqhathaniswa namanye ekamu. Ngaphandle kokuhlanzeka, lalaziwa nangokuthi kulo akwebiwa, akuthukwa nhlamba, futhi akulwiwa. Lapho liqhathaniswa nezimo ezinonya esasizibona ekamu, ibhalekisi lethu lalinjengesiqhingi esihlanzekile olwandle olungcolile.

Ukuphila Kwansuku Zonke Ekamu

Ekamu sasifukuza kodwa sinikwa ukudla okuncane kakhulu. Kwakudingeka sivuke ngehora lesihlanu ekuseni, futhi ngemva kwalokho kubizwe amagama eziboshwa. Onogada babesimisa ngaphandle isikhathi esingangehora kungakhathaliseki ukuthi liyana noma libalele. Ngehora lesihlanu ntambama, ngemva kokufukuza usuku lonke, kwakuphinde kubizwe amagama eziboshwa. Ngemva kwalokho sasidla isinkwa nesobho bese siyolala—sikhathele siyingcuba.

Usuku ngalunye ngaphandle kwangeSonto, ngangisebenza emapulazini, lapho ngangisika khona ukolweni ngesikela, ngimbe imisele bese ngihlanza amagoqo ezingulube. Nakuba lo msebenzi wawunzima futhi ungcolisana, ngangikwazi ukuwenza usuku nosuku ngoba ngangisemusha futhi nginamandla. Ngangiziqinisa nangokucula izingoma ezisekelwe eBhayibhelini ngesikhathi ngisebenza. Nokho, usuku nosuku ngangilangazelela ukubona umyeni wami nomntanami.

Sasithola ukudla okuncane kakhulu, kodwa thina sonke odade sasilwela ukubekela eceleni ucezu lwesinkwa usuku ngalunye ukuze sibe nokudla okwengeziwe ngamaSonto lapho sasinethuba lokuhlangana ukuze sixoxe ngezihloko zeBhayibheli. Sasingenazo izincwadi ezisekelwe eBhayibhelini, kodwa ngangikulangazelela ukulalela lapho odade baseJalimane abathembekile, ababebadala kunami, bexoxa ngezinto ezingokomoya. Sakwazi ngisho nokugcina iSikhumbuzo sokufa kukaKristu.

Ukucindezeleka, Ukuzisola Nesikhuthazo

Ngesinye isikhathi, sayalwa ukuba senze umsebenzi oyisekela ngokuqondile impi yamaNazi. Ngenxa yokungathathi hlangothi kwethu kwezombusazwe, bonke odade benqaba ukuwenza lowo msebenzi futhi nami ngalingisa isibonelo sabo sokuba nesibindi. Sajeziswa ngokuncishwa ukudla izinsuku eziningi kodwa kube kudingeka ukuba sime amahora amaningi ngesikhathi kubizwa amagama ethu. Ngesinye isikhathi kusebusika, sake savalelwa izinsuku ezingu-40 ebhalekisi elingenazo izinto zokubasa.

NjengoFakazi BakaJehova, sasihlale sitshelwa ukuthi singakhululwa sibuyele emakhaya uma singasayina ifomu lokuphika ukholo lwethu. Ngemva kokuba sengihlale eRavensbrück isikhathi esingaphezu konyaka, ngadikibala kakhulu. Isifiso sokubona umyeni wami nomntanami saba namandla kakhulu kangangokuba ngaya konogada, ngacela lelo fomu lokuthi ngeke ngisaba uMfundi WeBhayibheli, ngalisayina.

Lapho abanye odade bezwa ngalokho engangikwenzile, bangikhipha inyumbazane. Nokho, odade ababili baseJalimane abase bekhulile, uHedwig noGertrud, bangifuna base bekhuluma nami bangiqinisekisa ngokuthi basangithanda. Ngesikhathi sisebenza ndawonye emagoqweni ezingulube, bangichazela ngomusa ukubaluleka kokugcina ubuqotho kuJehova nokuthi sibonisa ukuthi siyamthanda ngokungahlehli okholweni lwethu. Ukukhathalela kwabo okunjengokukamama nothando lwabo kwangithinta ngokujulile. * Ngangazi ukuthi engangikwenzile kwakukubi, futhi ngangifuna isinqumo sami sihoxiswe. Ngelinye ilanga kusihlwa ngatshela omunye udade ngesinqumo sami sokuhoxisa ifomu engangilisayinile. Kumelwe ukuba isikhulu sasekamu sayizwa le ngxoxo yethu ngoba ngabo lobo busuku ngakhishwa kungalindelekile ekamu futhi ngafakwa esitimeleni esiya eNetherlands. Omunye umphathi wekamu ongowesifazane—engingamkhomba namanje—wathi kimi, “Wena useyi-Bibelforscher (uMfundi WeBhayibheli), futhi uyohlale uyiyo.” Ngaphendula, “Yebo, uma uJehova ethanda.” Noma kunjalo, ngangilokhu ngicabanga, ‘Ngingalihoxisa kanjani ifomu engase ngilisayinile?’

Elinye iphuzu elalisefomini lokuphika ukholo lalithi: “Ngiyafunga ukuthi angisophinde ngihlanganyele emisebenzini yeNhlangano Yomhlaba Wonke YabaFundi BeBhayibheli.” Ngagcina ngicabangile ukuthi ngizokwenzenjani! Nganele ngafika ekhaya ngo-January 1943, ngaqala ukuhlanganyela emsebenzini wokushumayela. Ngangazi ukuthi uma ngangingaphinde ngibanjwe iziphathimandla zamaNazi ngishumayela ngoMbuso kaNkulunkulu, isigwebo sami sasiyoba nzima nakakhulu.

Ukuze ngimbonise ngokwengeziwe uJehova isifiso sami esisuka enhliziyweni sokuba inceku yakhe eqotho, mina nomyeni wami saphinde savula umuzi wethu ukuba uhlale abafowethu ababeletha izincwadi nababonisi abajikelezayo. Angive ngajabula ngokuthola elinye ithuba lokubonisa uthando lwami ngoJehova nabantu bakhe!

Sehlelwa Into Ebuhlungu Kakhulu

Sekusele izinyanga ezimbalwa ukuba impi iphele, mina nomyeni wami sehlelwa into ebuhlungu kakhulu. Ngo-October 1944, indodakazi yethu yagula isigubhukane. Yaphathwa uklilo. Isimo sayo saba sibi kakhulu futhi yashona ngemva kwezinsuku ezintathu. Yayineminyaka engu-7 nje kuphela.

Ukushonelwa uzinyo-bulala wethu kwakubuhlungu kakhulu. Empeleni, ubunzima engabhekana nabo eRavensbrück babungelutho uma buqhathaniswa nobuhlungu engabuzwa ngokushonelwa ingane yethu. Nokho, lapho sifikelwa ukucindezeleka, sasithola induduzo njalo emazwini akumaHubo 16:8: “Ngimbeké njalo uJehova phambi kwami. Ngeke ngintengantengiswe, ngoba yena ungakwesokunene sami.” Mina nomyeni sasiqiniseka kakhulu ngesithembiso sikaJehova sovuko. Sakhuthazela eqinisweni futhi sahlale singabashumayeli abashisekayo bezindaba ezinhle. Ngempela, umyeni wami wangisiza ukuba ngikhonze uJehova ngokubonga, kwaze kwaba sekushoneni kwakhe ngo-1969.

Izibusiso Nezikhathi Ezijabulisayo

Enye into eye yasilethela injabulo phakathi nawo wonke la mashumi eminyaka, ukuba nobudlelwane obuseduze nezikhonzi zesikhathi esigcwele. Njengoba kwakunjalo ngesikhathi sempi, umuzi wethu wawulokhu uvulekele ababonisi abajikelezayo nomkabo lapho bevakashele ibandla lethu. Omunye umbhangqwana owawujikeleza, uMaarten Kaptein nomkakhe uNel, waze wahlala emzini wethu iminyaka engu-13! Lapho uNel esegulela ukufa, ngaba nelungelo lokumnakekela emzini wethu izinyanga ezintathu waze washona. Ukuba nobudlelwane nabo kanye nabazalwane nodade bendawo abathandekayo kuye kwangisiza ukuba ngijabulele ipharadesi elingokomoya esikulo manje.

Esinye sezikhathi ezijabulisa kunazo zonke ekuphileni kwami saba ngo-1995—lapho ngimenyelwa eRavensbrück emcimbini wokuhlanganisa ababeboshwe lapho. Ngahlangana nodade engangihlala nabo ekamu okwase kuyiminyaka engaphezu kwengu-50 ngabagcina! Ukuhlangana nabo kwaba okuhlangenwe nakho okwangithinta inhliziyo engingasoze ngakukhohlwa futhi kwaba ithuba elihle lokukhuthazana ukuba sibheke phambili osukwini lapho abantu esibathandayo beyovuka khona.

KweyabaseRoma 15:4, umphostoli uPawulu uthi “ngokukhuthazela kwethu nangenduduzo evela emiBhalweni [singaba] nethemba.” Ngiyambonga uJehova ngaleli themba, eliye langenza ngamkhonza ngenjabulo ngisho nasebunzimeni.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 19 Ngenxa yokuthi yayingekho indlela yokuxhumana nendlunkulu, abafowethu ngaleso sikhathi babesingatha izindaba ezihlobene nokungathathi hlangothi ngendlela ababebona ngayo. Ngenxa yalokho, babesingatha lolu daba ngezindlela ezihlukahlukene.

[Isithombe ekhasini 10]

NginoJaap ngo-1930

[Isithombe ekhasini 10]

Indodakazi yethu, uWilly, ngesikhathi ineminyaka engu-7

[Isithombe ekhasini 12]

Ngo-1995, kwangithinta inhliziyo ukuphinde ngihlangane nengangiboshwe nabo. Ngingowesibili ukusuka kwesobunxele emgqeni wokuqala