Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Sinikwe Amandla Okumelana Nokulingwa Nokubhekana Nokudangala

Sinikwe Amandla Okumelana Nokulingwa Nokubhekana Nokudangala

Sinikwe Amandla Okumelana Nokulingwa Nokubhekana Nokudangala

“Nizokwamukela amandla lapho umoya ongcwele ufika phezu kwenu.”—IZE. 1:8.

1, 2. Iluphi usizo uJesu aluthembisa abafundi bakhe, futhi kungani babeyoludinga?

UJESU wayazi ukuthi abafundi bakhe babengeke bakwazi ukugcina konke ayebayale ngakho ngamandla abo. Ecabanga ngobubanzi bomsebenzi wabo wokushumayela, amandla abaphikisi babo nobuthaka bemizimba yabantu, kwaba sobala ukuthi babeyodinga amandla angaphezu kwavamile. Ngakho, ngaphambi nje kokuba enyukele ezulwini, uJesu waqinisekisa abafundi bakhe: “Nizokwamukela amandla lapho umoya ongcwele ufika phezu kwenu, futhi nizoba ofakazi bami eJerusalema nakulo lonke elaseJudiya neSamariya nasezingxenyeni ezikude kakhulu zomhlaba.”—IzE. 1:8.

2 Leso sithembiso saqala ukugcwaliseka ngePhentekoste lika-33 C.E. lapho umoya ongcwele unika abalandeli bakaJesu Kristu amandla okushumayela kulo lonke iJerusalema. Akukho kuphikiswa okwaphumelela ukubavimba. (IzE. 4:20) Abalandeli bakaJesu abathembekile, kuhlanganise nathi, babeyowadinga kakhulu lawo mandla anikezwa uNkulunkulu “izinsuku zonke kuze kube isiphelo sesimiso sezinto.”—Math. 28:20.

3. (a) Chaza umahluko phakathi komoya ongcwele namandla. (b) Amandla avela kuJehova angasisiza ukuba senzeni?

3 UJesu wathembisa abafundi bakhe ukuthi ‘babezokwamukela amandla lapho umoya ongcwele ufika phezu kwabo.’ Elithi “amandla” nelithi “umoya” anezincazelo ezingafani. Umoya kaNkulunkulu, amandla akhe asebenzayo, ungamandla afakwa futhi asetshenziswa kubantu noma ezintweni ukuze kufezeke intando kaNkulunkulu. Nokho, amandla avamile angachazwa ngokuthi “ikhono lokwenza noma lokuveza umphumela othile.” Leli khono lingahlala lingasebenzi kumuntu noma entweni ethile kuze kube yilapho lidingeka ukuze kuvezwe umphumela othile. Ngakho, umoya ongcwele ungase ufaniswe namandla kagesi anika ibhetri eliphelile amandla, kanti amandla avamile afana namandla angasebenzi agcinwa kulelo bhetri. Amandla uJehova awanika izinceku zakhe ngomoya ongcwele anikeza umuntu ngamunye kithi ikhono lokufeza ukuzinikezela kwethu kobuKristu futhi lapho kudingeka, asinikeza nekhono lokumelana namathonya amabi esihlangabezana nawo.—Funda uMika 3:8; Kolose 1:29.

4. Yini esizoxoxa ngayo kulesi sihloko, futhi ngani?

4 Amandla esiwanikwa umoya ongcwele abonakala kanjani? Iziphi izenzo ezishukunyiswa umoya ongcwele? Njengoba sifuna ukukhonza uNkulunkulu ngokwethembeka, sibhekana nezithiyo eziningi ezibangelwa uSathane, isimiso sakhe sezinto noma inyama yethu engaphelele. Kubalulekile ukuba sinqobe izithiyo ezinjalo ukuze siphikelele njengamaKristu, sihlanganyele njalo enkonzweni futhi sihlale sinobuhlobo obuhle noJehova. Ake sicabangele indlela umoya ongcwele osisiza ngayo ukuba simelane nokulingwa futhi sibhekane nokukhathala nokudangala.

Ukunikwa Amandla Okumelana Nokulingwa

5. Umthandazo ungasinika kanjani amandla?

5 UJesu wafundisa abalandeli bakhe ukuba bathandaze: “Ungasingenisi esilingweni, kodwa usikhulule komubi.” (Math. 6:13) UJehova ngeke azilahle izinceku zakhe ezithembekile ezenza lesi sicelo. Ngesinye isikhathi, uJesu wathi “[uBaba] osezulwini uyobanika umoya ongcwele labo abawucela kuye.” (Luka 11:13) Yeka ukuthi kuqinisa idolo kanjani ukwazi ukuthi uJehova usithembisa ukusinika umoya wakhe oyosisiza ukuba senze okulungile! Yiqiniso, lokho akusho ukuthi uJehova uyosivimbela ukuba singalingwa. (1 Kor. 10:13) Kodwa lapho sibhekene nokulingwa, kusuke kuyisikhathi sokuthandaza ngokujule ngisho nangokwengeziwe.—Math. 26:42.

6. UJesu wazisekelaphi izimpendulo zakhe lapho elingwa uSathane?

6 UJesu waphendula ngokucaphuna imiBhalo lapho elingwa uDeveli. UJesu wayelikhumbula kahle iZwi likaNkulunkulu lapho ephendula: “Kulotshiwe . . . Kulotshiwe futhi . . . Hamba, Sathane! Ngoba kulotshiwe ukuthi, ‘NguJehova uNkulunkulu wakho okumelwe umkhulekele, futhi nguye yedwa okumelwe unikele kuye inkonzo engcwele.’” Uthando ngoJehova nangeZwi lakhe lwashukumisela uJesu ukuba enqabe izinto eziyengayo uMlingi azibeka phambi kwakhe. (Math. 4:1-10) Ngemva kokuba uJesu emelane ngokuphindaphindiwe nokulingwa, uSathane wamshiya.

7. IBhayibheli lisisiza kanjani ukuba simelane nokulingwa?

7 Njengoba uJesu ancika emiBhalweni ukuze amelane nezilingo zikaDeveli, yeka ukuthi kufanele sincike kangakanani thina kuyo! Ngempela, ikhono lethu lokumelana noDeveli namanxusa akhe liqala ngokuzimisela ukujwayelana nezindinganiso zikaNkulunkulu bese sinamathela kuzo ngokugcwele. Abantu abaningi baye bashukumiseleka ukuba baphile ngezindinganiso zeBhayibheli njengoba betadisha imiBhalo futhi beqala ukuqonda ukuhlakanipha nokulunga kukaNkulunkulu. Ngempela, “izwi likaNkulunkulu” linamandla akwazi ukuqonda “imicabango nezinhloso zenhliziyo.” (Heb. 4:12) Lapho umuntu efunda futhi ezindla ngemiBhalo ngokwengeziwe, ‘uyokuqondisisa ngokwengeziwe ukuba neqiniso kukaJehova.’ (Dan. 9:13) Ngenxa yalokho, siyobe senza kahle ngokuzindla ngemiBhalo ephathelene ngokuqondile nobuthakathaka esinabo.

8. Singawuthola kanjani umoya ongcwele?

8 Ngaphezu kokuthi wayazi imiBhalo, uJesu wakwazi ukumelana nokulingwa ngoba ‘wayegcwele umoya ongcwele.’ (Luka 4:1) Ukuze sibe namandla nekhono elinjalo, kudingeka sisondele kuJehova ngokuwasebenzisa ngokugcwele wonke amalungiselelo asinika ngawo umoya wakhe. (Jak. 4:7, 8) La malungiselelo ahlanganisa isifundo seBhayibheli, umthandazo nobudlelwane nesikholwa nabo. Abaningi baye baqaphela nokuba yinzuzo kokuba nesimiso esigcwele emisebenzini yobuKristu, esisisiza ukuba sigcine izingqondo zethu zigxile emicabangweni engokomoya eyakhayo.

9, 10. (a) Iziphi izilingo ezivamile endaweni yakini? (b) Ukuzindla nokuthandaza kungakunika kanjani amandla okumelana nokulingwa ngisho nalapho uzizwa ukhathele?

9 Iziphi izilingo okudingeka umelane nazo? Wake walingelwa yini ukuba udlale ngothando nothile ongeyena umngane wakho womshado? Uma ungashadile, ingabe wake wafikelwa umuzwa onamandla wokuvuma lapho umuntu ongeyena umKristu ecela ukukukhipha? Lapho ebukele ithelevishini noma esebenzisa i-Internet, amaKristu angase azithole eselingelwa ukubheka okuthile okungahlanzekile. Ingabe lokho kwake kwenzeka kuwe, uma kunjalo, wasabela kanjani? Kuyoba ukuhlakanipha ukuzindla ngendlela isinyathelo esisodwa esiyiphutha esingaholela ngayo kwesinye, ekugcineni siholele ekwenzeni ububi obungathí sina. (Jak. 1:14, 15) Cabanga ngobuhlungu isenzo sokungathembeki esingabulethela uJehova, ibandla nomkhaya wakini. Ngakolunye uhlangothi, unembeza ohlanzekile uwumphumela wokuhlale uqotho ezimisweni zikaNkulunkulu. (Funda iHubo 119:37; IzAga 22:3.) Noma nini lapho ubhekene novivinyo olunjalo, zimisele ukuthandazela amandla okumelana nalo.

10 Kunokunye okudingeka sikukhumbule ngezilingo zikaDeveli. USathane waya kuJesu ngemva kokuba ezile ukudla izinsuku ezingu-40 ehlane. Akungabazeki ukuthi uDeveli wacabanga ukuthi leso ‘kwakuyisikhathi esikahle’ sokuvivinya ubuqotho bukaJesu. (Luka 4:13) USathane ucinga izikhathi ezikahle ukuze avivinye nobethu ubuqotho. Ngakho-ke, kubalulekile ukuba sizigcine siqinile ngokomoya. USathane uvame ukuhlasela lapho ebona ukuthi isisulu sakhe sibuthaka kakhulu. Ngakho, noma nini lapho sizizwa sikhathele noma sidangele, kufanele sizimisele kunanini ngaphambili ukunxusa uJehova ukuba asivikele futhi asinike umoya ongcwele.—2 Kor. 12:8-10.

Ukunikwa Amandla Okubhekana Nokukhathala Nokudangala

11, 12. (a) Kungani abaningi bezizwa bedangele namuhla? (b) Yini engasinika amandla okumelana nokudangala?

11 Njengabantu abangaphelele, ngezikhathi ezithile siyadangala. Lokhu kungaba njalo ikakhulu namuhla ngoba inkathi esiphila kuyo ayive icindezela. Kungenzeka ukuthi inkathi esiphila kuyo ingenzima kakhulu kunazo zonke isintu esake sabhekana nazo. (2 Thim. 3:1-5) Njengoba i-Armagedoni isondela, izingcindezi ezingokomnotho, ezingokomzwelo nezinye ziyanda. Ngakho, akufanele kusimangaze ukuthi abanye bakuthola kunzima kakhulu ukufeza umthwalo wabo wemfanelo wokunakekela nokondla imikhaya yabo. Bazizwa bekhathele, besindwa, bekhandlekile futhi becobekile. Uma nawe uzizwa ngale ndlela, ungabhekana kanjani nalezi zingcindezi?

12 Khumbula, uJesu waqinisekisa abafundi bakhe ukuthi wayeyobanika umsizi—umoya ongcwele kaNkulunkulu. (Funda uJohane 14:16, 17.) Lawa amandla amakhulu kunawo wonke endaweni yonke. Ngawo, uJehova angasinika amandla esiwadingayo ngesilinganiso ‘esiphezulu kakhulu’ ukuze sikhuthazelele noma isiphi isilingo. (Efe. 3:20) Umphostoli uPawulu wathi uma sincika kuwo, sithola “amandla angaphezu kwavamile” ngisho noma “sicindezelwe ngazo zonke izindlela.” (2 Kor. 4:7, 8) UJehova akathembisi ukususa ukucindezeleka kodwa uyasiqinisekisa ukuthi uyosinika amandla okubhekana nakho ngomoya wakhe.—Fil. 4:13.

13. (a) Omunye osemusha wanikwa kanjani amandla okubhekana nesimo esinzima? (b) Ingabe zikhona izibonelo ezithi azifane ozaziyo?

13 Cabanga ngesibonelo sikaStephanie, iphayona elivamile elineminyaka engu-19. Lapho eneminyaka engu-12, washaywa unhlangothi futhi kwatholakala ukuthi unesimila ebuchosheni. Kusukela ngaleso sikhathi, usehlinzwe kabili, welashwa ngemisebe futhi waphinde washaywa unhlangothi kabili, okumshiye engasakwazi ukulunyakazisa kahle uhlangothi lwesobunxele futhi engasaboni kahle. UStephanie kudingeka onge amandla akhe ukuze awasebenzisele izinto azibheka njengezibaluleke kakhulu njengokuya emihlanganweni yobuKristu nasenkonzweni yasensimini. Noma kunjalo, uyasibona isandla sikaJehova esinamandla simsiza ngezindlela eziningi ukuba akhuthazele. Izincwadi ezisekelwe eBhayibhelini ezinokuhlangenwe nakho kwamanye amaKristu ziye zamkhuthaza lapho edangele. Abazalwane nodade baye bamsekela ngokumbhalela izincwadi noma ngokukhuluma naye ngendlela ekhuthazayo ngaphambi nangemva kwemihlangano. Abantu abathakazelayo nabo baye babonisa ukuthi bayakujabulela lokho uStephanie abafundisa kona ngokuya kuye ukuze abafundise iBhayibheli. Ngenxa yakho konke lokhu, uStephanie uzizwa emkweleta kakhulu uJehova. UmBhalo awuthanda kakhulu iHubo 41:3, akholelwa ukuthi ugcwalisekile kuye.

14. Yini okumelwe siyigweme lapho sidangele, futhi ngani?

14 Lapho sikhathele noma sicindezelekile, akumelwe nanini sicabange ukuthi indlela yokubhekana nokucindezeleka iwukunciphisa imisebenzi engokomoya. Siyobe senza iphutha elikhulu. Ngani? Ngoba imisebenzi enjengesifundo seBhayibheli somuntu siqu noma somkhaya, inkonzo yasensimini nokuya emihlanganweni iyizindlela esithola ngazo umoya ongcwele osivuselelayo. Imisebenzi yobuKristu iyaqabula ngaso sonke isikhathi. (Funda uMathewu 11:28, 29.) Kukangaki abafowethu nodadewethu befika emihlanganweni bezizwa bekhathele beyingcuba, kodwa lapho kufika isikhathi sokuya ekhaya kube njengokungathi amandla abo avuselelwe, amabhetri abo angokomoya agcwalisiwe!

15. (a) Ingabe uJehova uthembisa ukuthi uzokwenza ukuphila komKristu kube lula? Chaza usebenzisa imiBhalo. (b) Yini uNkulunkulu asithembisa yona, okuholela kumuphi umbuzo?

15 Yiqiniso, lokho akusho ukuthi umthwalo wokuba umfundi kaKristu awunzima neze. Kudinga umzamo ukuba umKristu othembekile. (Math. 16:24-26; Luka 13:24) Noma kunjalo, ngomoya ongcwele, uJehova anganikeza okhathele amandla. Umprofethi u-Isaya waloba: “Labo abathemba uJehova bayothola amandla kabusha. Bayokhuphuka ngamaphiko njengezinkozi. Bayogijima bangaphelelwa amandla; bayohamba bangakhathali.” (Isaya 40:29-31) Uma kunjalo, siyobe senza kahle ngokuzibuza, Yini ngempela engenza ngihlale ngizizwa ngikhathele ngokomoya?

16. Yini esingayenza ukuze sisuse izimbangela zokukhathala noma ukudangala?

16 IZwi likaJehova lisinxusa ukuba ‘siqiniseke ngezinto ezibaluleke kakhulu.’ (Fil. 1:10) Efanisa inkambo yokuphila komKristu nomncintiswano wokugijima ibanga elide, umphostoli uPawulu waphefumulelwa ukuba asho lokhu: “Masilahle konke okusindayo . . . , futhi masiwugijime ngokukhuthazela lo mncintiswano obekwe phambi kwethu.” (Heb. 12:1) Iphuzu ayeligcizelela elokuthi kumelwe sigweme ukuphishekela izinto ezingadingekile, ukuzethwesa imithwalo engadingekile ezosenza sikhathale. Kungenzeka ukuthi abanye kithi bazama ukufaka izinto eziningi kakhulu ekuphileni osekuvele kumatasa. Ngakho, uma uvame ukuzizwa ukhathele futhi ucindezelekile, ungase uzuze ngokuphinde uhlole ukuthi umsebenzi wakho wokuziphilisa ukhandla kangakanani, ukuthi uhamba kaningi kangakanani uyongcebeleka nokuthi uphishekela imidlalo noma eminye imisebenzi yokuzilibazisa ngezinga elingakanani. Ukuba nengqondo nesizotha kufanele kusishukumisele sonke ukuba siqaphele ukulinganiselwa kwethu futhi sigcine imisebenzi engabalulekile edinga isikhathi isesilinganisweni esiphansi ngangokunokwenzeka.

17. Kungani abanye bengase bazizwe bedangele, kodwa isiphi isiqinisekiso uJehova asinika sona kule ndaba?

17 Kungenzeka nokuthi abanye phakathi kwethu bazizwa bedangele ngoba isiphelo salesi simiso sezinto singafikanga ngesikhathi ababesilindele. (IzAga 13:12) Nokho, noma ubani ozizwa ngale ndlela angathola isikhuthazo emazwini akuHabakuki 2:3: “Umbono usengowesikhathi esimisiwe, ulokhu uphuthuma ekupheleni, futhi ngeke uqambe amanga. Ngisho noma ungase ulibale, hlala uwulindele; ngoba nakanjani uzogcwaliseka. Ngeke wephuze.” UJehova uyasiqinisekisa ukuthi isiphelo salesi simiso sezinto sizofika ngesikhathi asihlelile!

18. (a) Iziphi izithembiso ezikunika amandla? (b) Isihloko esilandelayo sizosizuzisa kanjani?

18 Ngokuqinisekile, zonke izinceku zikaJehova ezithembekile zilangazelela isikhathi lapho ukukhathala nokudangala kuyobe kungasekho, lapho bonke abaphilayo beyojabulela khona ‘ubungqabavu bobusha.’ (Jobe 33:25) Njengoba sihlanganyela emisebenzini engokomoya evuselelayo, ngisho namanje umoya ongcwele ungasenza sibe namandla ngaphakathi. (2 Kor. 4:16; Efe. 3:16) Ungavumeli ukuzizwa ukhathele njalo kukwenze uphuthelwe izibusiso zaphakade. Bonke ubunzima—kungakhathaliseki ukuthi obubangelwa ukulingwa, ukukhathala noma ukudangala—buzodlula, uma bungenakudlula masinyane, buyodlula ezweni elisha likaNkulunkulu. Esihlokweni esilandelayo, sizohlola indlela umoya ongcwele onika ngayo amaKristu amandla okumelana noshushiso, ukucindezela kontanga okubi nawokukhuthazelela obunye ubunzima obuhlukahlukene.

Ungaphendula Kanjani?

• Ukufunda iBhayibheli kusinikeza kanjani amandla?

• Umthandazo nokuzindla kusinikeza kanjani amandla?

• Ungazinciphisa kanjani izinto ezingaba yizimbangela zokudangala?

[Imibuzo Yesifundo]

[Isithombe ekhasini 24]

Imihlangano yobuKristu ingasivuselela ngokomoya