Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Sinikwe Amandla Okunqoba Noma Iluphi Uvivinyo

Sinikwe Amandla Okunqoba Noma Iluphi Uvivinyo

Sinikwe Amandla Okunqoba Noma Iluphi Uvivinyo

“Nginamandla azo zonke izinto ngenxa yalowo ongipha amandla.”—FIL. 4:13.

1. Kungani abantu bakaJehova bebhekana nobunzima obuningi?

ABANTU bakaJehova bajwayelene nobunzima obunhlobonhlobo. Obunye bubangelwa ukungapheleli kwethu noma isimiso sezinto esiphila kuso. Obunye bubangelwa ubutha obukhona phakathi kwalabo abakhonza uNkulunkulu nalabo abangamkhonzi. (Gen. 3:15) Kusukela ekuqaleni komlando womuntu, uNkulunkulu uye wasiza izinceku zakhe ezithembekile ukuba zimelane nokushushiswa ngokwenkolo, ukucindezela kontanga okubi futhi zikhuthazelele zonke izinhlobo zobunye ubunzima. Umoya wakhe ongcwele ungasinika amandla okwenza okufanayo.

Sisizwa Ukuba Simelane Nokushushiswa Ngokwenkolo

2. Iyini injongo yokushushiswa ngokwenkolo, futhi kungeza ngaziphi izindlela?

2 Ukushushiswa ngokwenkolo kuwukuhlushwa noma ukulinyazwa kwabantu ngamabomu ngenxa yokholo noma izinkolelo zabo. Injongo yako iwukuqeda lezo zinkolelo, ukunqanda ukubhebhetheka kwazo, noma ukwephula ubuqotho balabo abazikholelwayo. Ushushiso lungeza ngezindlela eziningi, kungaba ezisobala noma ezicashile. IBhayibheli lifanisa ukuhlasela kukaSathane nokwebhongo lengonyama nokwemfezi.—Funda iHubo 91:13.

3. Yini eyenza ushushiso lufaniswe nokuhlasela kwengonyama nokwemfezi?

3 Njengengonyama enolaka, ngokuvamile uSathane uye wahlasela abantu bakaJehova ngokusobala nangokuqondile esebenzisa ubudlova, ukubagquma emajele noma ukubavimbela. (IHu. 94:20) Imibiko ye-Ncwadi Yonyaka echaza imisebenzi yoFakazi BakaJehova yezikhathi zanamuhla iqukethe ukulandisa okuningi kwalezi zindlela. Izixuku ezingenamthetho, ezinye eziholwa abefundisi noma izishoshovu zezombusazwe, ziye zabaphatha kabi abantu bakaNkulunkulu ezindaweni eziningi. Lokhu kuhlasela okunjengokwengonyama kuye kwawisa abambalwa. Njengemfezi, uDeveli ubuye agadle ngobuqili ecashile ngenjongo yokonakalisa izingqondo zabantu futhi abakhohlise ukuze benze intando yakhe. Lolu hlobo lokuhlasela luklanyelwe ukusenza buthaka noma ukusonakalisa ngokomoya. Kodwa ngosizo lomoya ongcwele kaNkulunkulu, singamelana nazo zombili lezi zinhlobo zoshushiso.

4, 5. Iyiphi indlela engcono yokulungiselela ushushiso, futhi ngani? Nikeza isibonelo.

4 Ukucabanga ngezenzakalo ezihlukene zoshushiso ezingasehlela akuyona indlela engcono yokululungiselela. Iqiniso liwukuthi simane nje asazi ukuthi ikusasa lisiphathele ushushiso olunjani, ngakho kuncane esingakuzuza ngokukhathazeka ngezinto ezingase zingenzeki nhlobo. Nokho, kukhona esingakwenza. Abaningi balabo abaye bakhuthazelela ushushiso ngempumelelo baye bakwenza lokho ngokuzindla ngenkambo yokwethembeka yabagcini bobuqotho njengoba ilotshwe emiBhalweni nangezimfundiso nesibonelo sikaJesu. Lokhu kuye kwabenza bakwazi ukujulisa uthando lwabo ngoJehova. Lolo thando lwabasiza ukuba bamelane nanoma yiluphi uvivinyo olwabehlela.

5 Cabanga ngesibonelo sodadewethu ababili baseMalawi. Sizama ukubenza bathenge amakhadi enhlangano yezombusazwe, isixuku esinobudlova sabashaya, sabakhumula futhi sabasongela ngokuthi sizobadlwengula. Saqamba amanga sathi ngisho namanye amalungu omkhaya waseBethel ayewathengile amakhadi ezombusazwe. Basabela kanjani lab’ odade? Bathi: “Sikhonza uJehova uNkulunkulu kuphela. Ngakho uma abazalwane ehhovisi legatsha bewathengile amakhadi, akwenzi mahluko kithi. Ngeke sihlehle, ngisho noma ningasibulala!” Ngemva kokubonisa leso sibindi, badedelwa.

6, 7. UJehova uzinika kanjani izinceku zakhe amandla okumelana noshushiso?

6 Umphostoli uPawulu waphawula ukuthi amaKristu aseThesalonika ayamukele isigijimi seqiniso “ngaphansi kosizi olukhulu” kodwa akwenza “ngenjabulo yomoya ongcwele.” (1 Thes. 1:6) Ngempela, amaKristu amaningi esikhathi esidlule nawamanje aye anqoba lapho ebhekene noshushiso, athi lapho uvivinyo ayebhekene nalo selunzima kakhulu, ayeba nokuthula kwangaphakathi, okungesinye sezici zesithelo somoya ongcwele kaNkulunkulu. (Gal. 5:22) Lokho kuthula kwawasiza ngokuba kulinde izinhliziyo zawo namandla awo engqondo. Yebo, uJehova usebenzisa umoya ongcwele ukuze anike izinceku zakhe amandla okubhekana novivinyo futhi zenze ngokuhlakanipha lapho kufika ubunzima. *

7 Abantu ababukele baye bamangazwa ukuzimisela kwabantu bakaNkulunkulu ukulondoloza ubuqotho babo ngisho nalapho beshushiswa ngonya. OFakazi babebonakala benamandla angaphezu kwavamile, futhi kwakunjalo. Umphostoli uPetru uyasiqinisekisa: “Uma nihlanjalazwa ngenxa yegama likaKristu, niyajabula, ngoba umoya wenkazimulo, yebo, umoya kaNkulunkulu, uhlezi phezu kwenu.” (1 Pet. 4:14) Iqiniso lokuthi sishushiselwa ukunamathela ezindinganisweni zokulunga libonisa ukuthi uNkulunkulu uyasamukela. (Math. 5:10-12; Joh. 15:20) Yeka ukuthi lobu bufakazi besibusiso sikaJehova buletha injabulo engakanani!

Sisizwa Ukuba Simelane Nokucindezela Kontanga

8. (a) Yini eyenza uJoshuwa noKalebi bakwazi ukumelana nokucindezela kontanga? (b) Yini esingayifunda esibonelweni sikaJoshuwa noKalebi?

8 Indlela yokuphikiswa ecashe nakakhulu amaKristu okumelwe ayikhuthazelele ukucindezela kontanga okubi. Nokho, ngenxa yokuthi umoya kaJehova unamandla kakhulu kunomoya wezwe, singamelana nabantu abasiklolodelayo, abasakaza amanga ngathi noma abazama ukusicindezela ukuba siphile ngezindinganiso zabo. Ngokwesibonelo, yini eyasiza uJoshuwa noKalebi ukuba bangahambisani nemibono yezinye izinhloli eziyishumi ezathunywa ezweni laseKhanani? Umoya ongcwele wavusa kubo ‘umoya’ noma ukuthambekela kwengqondo okuhlukile.—Funda uNumeri 13:30; 14:6-10, 24.

9. Kungani amaKristu kumelwe azimisele ukuhluka eningini?

9 Umoya ongcwele wanika nabaphostoli bakaJesu amandla okulalela uNkulunkulu kunalabo iningi elalibabheka njengabafundisi benkolo yeqiniso. (IzE. 4:21, 31; 5:29, 32) Abantu abaningi bakhetha ukulandela umshungu ukuze bagweme izimpikiswano noma ukuhilizisana. Nokho, ngokuvamile amaKristu eqiniso kuye kudingeke ukuba amelele lokho akwaziyo ukuthi kulungile. Noma kunjalo, awesabi ukuba ahlukile ngoba umoya kaNkulunkulu uwanika amandla. (2 Thim. 1:7) Ake sicabangele isici esisodwa okungamelwe sivumele ontanga basicindezele kuso.

10. Iyiphi inkinga amanye amaKristu angase abhekane nayo?

10 Enye intsha ingase ixakeke uma izwa ukuthi umngane wayo wenzé into engavumelani nemiBhalo. Ingase ibe nomuzwa wokuthi ukumfunela usizo olungokomoya kuyoba ukummpimpa; ngakho ayifuni ukukhuluma ngalolu daba ngenxa yokuba nomuzwa ongafanele wokuba qotho kuye. Umenzi wobubi angase acindezele abangane bakhe ukuba bafihle isono sakhe. Yiqiniso, inkinga enjena ayigcini entsheni. Nabanye abantu abadala bangase bakuthole kunzima ukuya kubadala bebandla bayobatshela ngobubi obenziwe umngane noma ilungu lomkhaya. Kodwa amaKristu eqiniso kufanele asabele kanjani kuleyo ngcindezi?

11, 12. Iyiphi indlela engcono kakhulu ongenza ngayo uma ilungu lebandla likunxusa ukuba ungadaluli isono salo, futhi kungani ingcono?

11 Cabanga ngalesi simo. Ake sithi uLindani, umzalwane osemusha, uthola ukuthi uThulani, umngane wakhe wasebandleni, unomkhuba wokubukela izithombe zobulili ezingcolile. ULindani utshela uThulani ukuthi ukhathazeke kakhulu ngalokho akwenzayo. Nokho, uThulani uyamziba. Lapho uLindani emnxusa ukuba akhulume nabadala, uThulani umphendula ngokuthi uma bengabangane ngempela, ngeke amcebe. Ingabe uLindani kufanele esabe ukuthi ubungane babo buzophela? Angase azibuze ukuthi ubani abadala abazomkholelwa uma uThulani esephika ema ngentaba. Nokho, isimo ngeke silunge uma uLindani ethula. Ngempela, uThulani angagcina elahlekelwe ubuhlobo bakhe noJehova. ULindani uyobe enza kahle uma engakhumbula ukuthi “ukwesaba abantu kubeka ugibe, kodwa othembela kuJehova uyovikelwa.” (IzAga 29:25) Yini enye uLindani angayenza? Angase aphinde aye kuThulani bese embonisa iphutha lakhe ngothando. Lokhu kuyodinga isibindi. Nokho, kungenzeka ukuthi kulokhu uThulani uzolisebenzisa leli thuba, akhulume ngenkinga yakhe. ULindani kufanele aphinde akhuthaze uThulani ukuba akhulume nabadala futhi amtshele ukuthi uma engakwenzi phakathi nesikhathi esithile, uzobatshela yena.—Lev. 5:1.

12 Uma kungake kudingeke ubhekane nesimo esinjalo, umngane wakho angase angayazisi ekuqaleni imizamo yakho yokumsiza. Kodwa ngokuhamba kwesikhathi angase aqaphele ukuthi wenziwa ukumkhathalela. Uma owonile ethola usizo futhi elwamukela, angase akubonge phakade ngesibindi nangobuqotho bakho. Ngakolunye uhlangothi, uma ekucasukela, ingabe ngempela uwuhlobo lomngane ongathanda ukuba naye? Ukujabulisa uMngane wethu omkhulu kunabo bonke, uJehova, kuhlale kuyinto okufanele siyenze. Lapho simbeka kuqala, abanye abamthandayo bayosihlonipha ngobuqotho bethu futhi babe abangane beqiniso. Akufanele nanini sinike uDeveli indawo ebandleni lobuKristu. Uma singenza kanjalo, siyobe siwenza lusizi ngempela umoya ongcwele kaJehova. Senza ngokuvumelana nawo ngokugcina ibandla lobuKristu lihlanzekile.—Efe. 4:27, 30.

Sinikwe Amandla Okukhuthazelela Zonke Izinhlobo Zobunzima

13. Iziphi izinhlobo zobunzima abantu bakaJehova ababhekene nazo, futhi kungani izinto ezinjalo zivamile?

13 Ubunzima bungeza ngezinhlobo eziningi—ukushintsha kwezimo zomnotho, ukuphelelwa umsebenzi, inhlekelele yemvelo, ukushonelwa othandekayo, inkinga yempilo nokunye. Njengoba siphila ‘ezikhathini ezibucayi,’ kufanele sikulindele ukuthi noma nini kuyodingeka ukuba sonke sibhekane nohlobo oluthile lobunzima. (2 Thim. 3:1) Lapho lokho kwenzeka, kubalulekile ukungaxhamazeli. Umoya ongcwele ungasinika amandla okukhuthazelela noma ibuphi ubunzima.

14. Yini eyanikeza uJobe amandla okukhuthazelela ubunzima ayebhekene nabo?

14 UJobe wabhekana nobunzima obamehlela bulandelana. Walahlekelwa yikho konke ayeziphilisa ngakho, abantwana, abangane futhi wagula nomkakhe waphelelwa ukumethemba uJehova. (Jobe 1:13-19; 2:7-9) Nokho, u-Elihu waba umduduzi weqiniso kuye. Umyalezo wakhe kuhlanganise nomongo womyalezo kaJehova ngokwakhe kuJobe, wawuthi: “Yima futhi unake imisebenzi emangalisayo kaNkulunkulu.” (Jobe 37:14) Yini eyasiza uJobe ukuba akhuthazelele izilingo abhekana nazo? Thina yini engasisiza ukuba sikhuthazelele ezethu? Ukukhumbula nokuzindla ngokubonakaliswa okunhlobonhlobo komoya ongcwele kaJehova namandla. (Jobe 38:1-41; 42:1, 2) Kungenzeka ukuthi siyazikhumbula izikhathi ekuphileni kwethu lapho sabona khona ubufakazi bokuthi uNkulunkulu uyasikhathalela ngabanye. Usasikhathalela namanje.

15. Yini eyaqinisa umphostoli uPawulu ukuba akhuthazelele ubunzima?

15 Umphostoli uPawulu wakhuthazelela ubunzima obuningi obusongela ukuphila ngenxa yokholo lwakhe. (2 Kor. 11:23-28) Yini ayenza ukuze alondoloze umbono olinganiselayo futhi angantengantengi ngokomzwelo kulezo zimo ezivivinyayo? Wancika kuJehova ngomthandazo. Phakathi nesikhathi sovivinyo okubonakala lwafinyelela umvuthwandaba walo ngokubulawelwa kwakhe ukholo, uPawulu wabhala: “INkosi yema eduze kwami futhi yangipha amandla, ukuze ukushumayela kufezwe ngokugcwele ngami futhi zonke izizwe zikuzwe; futhi ngakhululwa emlonyeni wengonyama.” (2 Thim. 4:17) Ngenxa yalokho okwenzeka kuye uqobo, uPawulu wayengaqinisekisa akholwa nabo ngokuthi kwakungadingekile ukuba ‘bakhathazeke ngalutho.’—Funda eyabaseFilipi 4:6, 7, 13.

16, 17. Nikeza isibonelo sendlela uJehova anikeza ngayo abantu bakhe amandla okubhekana nobunzima namuhla.

16 Udade oyiphayona ogama lakhe linguRoxana ungomunye walabo ababona indlela uJehova abanakekela ngayo abantu bakhe. Lapho ecela kumqashi wakhe izinsuku zokuya komunye wemihlangano yethu yesigodi, wavutha ngolaka wathi uma engaya, uzomxosha. Noma kunjalo, uRoxana waya kulowo mhlangano ethandaza ngobuqotho ukuba angalahlekelwa umsebenzi. Ngemva kwalokho, wazizwa efikelwa ukuthula. Kwaya ngokwamazwi enkehli, ngoMsombuluko ngemva komhlangano, ubasi wakhe wamxosha. URoxana wakhathazeka. Wayewudinga lo msebenzi ukuze ondle umkhaya wakhe nakuba wawuholela kancane. Waphinde wathandaza, futhi wazindla ngeqiniso lokuthi uNkulunkulu wayekwazile ukumnakekela ngokomoya emhlanganweni, ngakho nakanjani uyomnakekela nangokwenyama. Njengoba egoduka, uRoxana wabona uphawu oluthi “Kudingeka Izisebenzi” ezinolwazi lokuthunga ngemishini yokuthunga emikhulu, wabe esefaka isicelo. Imenenja yaqaphela ukuthi wayengenalo ulwazi lokuthunga kodwa yamqasha noma kunjalo, futhi wayezohola imali ecishe iwuphinde kabili umholo ayewuthola ngaphambili. URoxana waba nomuzwa wokuthi imithandazo yakhe yayiphenduliwe. Nokho, okwaba isibusiso esikhulu kunazo zonke ukuthi wakwazi ukuhlanganyela izindaba ezinhle nabaningana balabo ayesebenza nabo. Abahlanu kubo, kuhlanganise nemenenja, balamukela iqiniso futhi babhapathizwa.

17 Ngezinye izikhathi, kungase kubonakale sengathi imithandazo yethu ayiphendulwa—okungenani hhayi ngokushesha noma ngendlela esiyilindele. Uma kunjalo, kumelwe ukuba kunesizathu esihle. UJehova uyasazi, kodwa thina singase sisicacele kamuva. Yinye into esingaqiniseka ngayo—uNkulunkulu akabashiyi abathembekileyo bakhe.—Heb. 6:10.

Sisizwa Ukuba Sinqobe Izilingo Novivinyo

18, 19. (a) Kungani singalindela ukubhekana nezilingo novivinyo? (b) Ungabhekana kanjani ngokuphumelelayo nezilingo?

18 Abantu bakaJehova abamangali lapho behlangabezana nokulingwa, ukudangala, ushushiso nokucindezela kontanga. Isizathu esiyinhloko salokhu ukuthi izwe liyasizonda. (Joh. 15:17-19) Noma kunjalo, umoya ongcwele ungasenza sikwazi ukubhekana ngokuphumelelayo nanoma iyiphi inselele enkonzweni yethu kuNkulunkulu. UJehova ngeke avume ukuba silingwe ngaphezu kwalokho esingakuthwala. (1 Kor. 10:13) Akasoze nanini asishiye noma asilahle. (Heb. 13:5) Ukulalela iZwi lakhe eliphefumulelwe kuyasivikela futhi kusiqinise. Ngaphezu kwalokho, umoya kaNkulunkulu ungashukumisela esikholwa nabo ukuba basinikeze usizo esiludingayo lapho siludinga kakhulu.

19 Kwangathi sonke singaqhubeka sifuna umoya ongcwele ngokuthandaza nangokutadisha imiBhalo. Kwangathi singaqhubeka ‘senziwa sibe namandla ngawo wonke amandla kuze kube sezingeni lamandla kaNkulunkulu akhazimulayo ukuze sikhuthazele ngokugcwele futhi sibe ababekezela ngenjabulo.’—Kol. 1:11.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 6 Ukuze uthole izibonelo, bheka INqabayokulinda ka-May 1, 2001, ikhasi 16 ne-Phaphama! ka-February 8, 1993, amakhasi 21-22.

Ungaphendula Kanjani?

• Ungakulungiselela kanjani ukumelana noshushiso?

• Kufanele usabele kanjani uma othile ekuncenga ukuba ungabudaluli ububi abenzile?

• Isiphi isiqiniseko ongaba naso lapho ubhekene nanoma ibuphi ubunzima?

[Imibuzo Yesifundo]

[Isithombe ekhasini 28]

Yini esingayifunda kuJoshuwa noKalebi?

[Isithombe ekhasini 29]

Ungamsiza kanjani umngane owenza ububi obuthile?