Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

Kungani uMose athukuthelela amadodana ka-Aroni, u-Eleyazare no-Itamari, ngemva kokufa kwabafowabo, uNadabi no-Abhihu, futhi yini eyadambisa intukuthelo yakhe?—Lev. 10:16-20.

Ngemva nje kokumiswa kwabapristi ababezokhonza etabernakele, uJehova wajezisa amadodana ka-Aroni, uNadabi no-Abhihu, ngokuwabulala ngoba ayenikele phambi kwaKhe umlilo ongekho emthethweni. (Lev. 10:1, 2) UMose wayala amadodana ka-Aroni ayesele ukuba angabalileli abafowabo ababefile. Ngemva nje kwalokho, uMose wathukuthelela u-Eleyazare no-Itamari ngoba babengayidlanga imbuzi yomnikelo wesono. (Lev. 9:3) Kungani uMose asabela ngale ndlela?

Imithetho uJehova ayeyinikeze uMose yayithe umpristi owenza umnikelo wesono kwakufanele adle ingxenye yawo egcekeni letende lokuhlangana. Ukwenza kanjalo kwakubhekwa njengokuthwala izono zalabo abenze umnikelo. Nokho, uma kwakuthathwa elinye igazi lomnikelo liyiswe eNdaweni Engcwele, igumbi lokuqala lendawo engcwele, lowo mhlatshelo kwakungafanele udliwe, kunalokho kwakufanele ushiswe.—Lev. 6:24-26, 30.

Kubonakala sengathi ngemva kwezenzakalo ezibuhlungu zangalolo suku, uMose wabona kunesidingo sokuqinisekisa ukuthi yayigciniwe yini yonke imiyalo kaJehova. Lapho ethola ukuthi imbuzi yomnikelo wesono yayishisiwe, wabuza u-Eleyazare no-Itamari ethukuthele ukuthi kungani bengayidlanga njengoba babeyaliwe, ngoba igazi layo lalingethulwanga phambi kukaJehova eNdaweni Engcwele.—Lev. 10:17, 18.

U-Aroni wamphendula uMose, ngoba kubonakala sengathi nguye owayetshele laba bapristi ababesele ukuba benze ngaleyo ndlela. Ecabanga ngamadodana akhe ayesanda kujeziswa ngokubulawa, kungenzeka ukuthi u-Aroni wayezibuza ukuthi noma yimuphi umpristi wayengawudla yini ngonembeza okhululekile umnikelo wesono wangalolo suku. Mhlawumbe waba nomuzwa wokuthi ukudla kwabo umnikelo kwakungeke kumjabulise uJehova, nakuba bona babengenacala ngesiphambeko esenziwa uNadabi no-Abhihu.—Lev. 10:19.

Kungenzeka ukuthi u-Aroni wacabanga ikakhulu ngokuthi ngosuku amalungu omkhaya wakhe aqala ngalo ukwenza imisebenzi yabapristi, kwakufanele ngabe aqikelela kakhulu ukuba ajabulise uNkulunkulu ngisho nasezintweni ezincane kakhulu. Nokho, uNadabi no-Abhihu babengcolise igama likaJehova, futhi intukuthelo kaNkulunkulu yayibavuthele. Ngakho, kungenzeka ukuthi u-Aroni wacabanga ukuthi amalungu omndeni wabapristi okwenziwe kuwo lesi sono, kwakungafanele adle umnikelo ongcwele.

Kubonakala sengathi uMose wayamukela impendulo yomfowabo, ngoba ukulandisa kuphetha ngokuthi: “Lapho uMose ekuzwa lokho, kwamenelisa.” (Lev. 10:20) Cishe noJehova waneliswa impendulo ka-Aroni.