Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Uyakuzonda Ukweqa Umthetho?

Ingabe Uyakuzonda Ukweqa Umthetho?

Ingabe Uyakuzonda Ukweqa Umthetho?

“[UJesu] wazonda ukweqa umthetho.”—HEB. 1:9.

1. Yini uJesu ayifundisa ngokuphathelene nothando?

EGCIZELELA ukubaluleka kothando, uJesu Kristu watshela abafundi bakhe: “Ngininika umyalo omusha, wokuba nithandane; njengoba nje nami nginithandile, ukuba nani nithandane. Bonke bayokwazi ngalokho ukuthi ningabafundi bami, uma ninothando phakathi kwenu.” (Joh. 13:34, 35) UJesu wayala abalandeli bakhe ukuba babonisane uthando lokuzidela. Lolo thando lwaluyoba uphawu olubabonakalisayo. UJesu wabuye wabanxusa: “Qhubekani nithanda izitha zenu, nithandazela nalabo abanishushisayo.”—Math. 5:44.

2. Yini abalandeli bakaKristu okufanele bahlakulele ukuyizonda?

2 Nokho, ngaphezu kokufundisa abafundi bakhe ngothando, uJesu wabafundisa nalokho okwakufanele bakuzonde. Nakhu okwashiwo ngoJesu: “Wathanda ukulunga, wazonda ukweqa umthetho [ububi].” (Heb. 1:9; IHu. 45:7) Lokhu kubonisa ukuthi kumelwe singahlakuleli ukuthanda ukulunga kuphela kodwa nokuzonda isono, noma ukweqa umthetho. Kuyaphawuleka ukuthi umphostoli uJohane washo ngokuqondile: “Wonke umuntu owenza isono weqa umthetho, ngakho isono siwukweqa umthetho.”—1 Joh. 3:4.

3. Ngokuphathelene nokuzonda ukweqa umthetho, iziphi izici zokuphila esizozicabangela kulesi sihloko?

3 Ngakho-ke, njengamaKristu senza kahle ngokuzibuza, ‘Ingabe ngiyakuzonda ukweqa umthetho?’ Ake sihlole indlela esingabonisa ngayo ukuthi siyakuzonda okubi kulezi zici ezine zokuphila: (1) isimo sethu sengqondo ngokusebenzisa kabi utshwala, (2) umbono wethu ngokulumba, (3) indlela esisabela ngayo ekuziphatheni okubi (4) nendlela esibabheka ngayo labo abathanda ukweqa umthetho.

Gcina Utshwala Busendaweni Yabo

4. Kungani uJesu aba nenkululeko yokukhuluma lapho exwayisa ngokuphuza ngokweqile?

4 UJesu wayeke aliphuze iwayini, eqaphela ukuthi liyisipho esivela kuNkulunkulu. (IHu. 104:14, 15) Nokho, akakaze asisebenzise kabi lesi sipho ngokuphuza ngokweqile. (IzAga 23:29-33) Ngakho, uJesu wayenenkululeko yokukhuluma lapho enikeza iseluleko ngalo mkhuba. (Funda uLuka 21:34.) Ukubusebenzisa kabi utshwala kungaholela kwezinye izono ezingathí sina. Ngakho, umphostoli uPawulu wabhala: “Ningadakwa yiwayini, okukhona kulo ukuzitika ngamanyala, kodwa qhubekani nigcwaliswa ngomoya.” (Efe. 5:18) Wabuye wayala abesifazane asebekhulile ebandleni ukuba “bangabi yizigqila zewayini eliningi.”—Thithu 2:3.

5. Imiphi imibuzo labo abakhetha ukuphuza utshwala abangase bazibuze yona?

5 Uma ukhetha ukuphuza utshwala, uyobe wenza kahle ngokuzibuza: ‘Ingabe ngibheka ukuphuza ngokweqile ngendlela uJesu akubheka ngayo? Uma kudingeka ngeluleke abanye ngale ndaba, ingabe ngiba nenkululeko yokukhuluma? Ingabe ngiphuzela ukubalekela izinkathazo noma ukunciphisa ukucindezeleka? Ngiphuza obungakanani isonto ngalinye? Ngisabela kanjani lapho othile esikisela ukuthi sengiphuza ngokweqile? Ingabe ngiyazivikela mhlawumbe ngize ngithukuthele?’ Ukuzenza isigqila sewayini eliningi kungathinta ikhono lethu lokucabanga ngezinto ngendlela efanele nelokwenza izinqumo ezihlakaniphile. Abalandeli bakaKristu balwela ukulonda ikhono labo lokucabanga.—IzAga 3:21, 22.

Gwema Imikhuba Yokulumba

6, 7. (a) UJesu wamelana kanjani noSathane namademoni? (b) Kungani imikhuba yokulumba isakazeke kangaka namuhla?

6 Ngesikhathi esemhlabeni, uJesu wamelana ngokuqinile noSathane namademoni. Wamelana noSathane lapho efuna ngokuqondile ukumenza aphule ubuqotho bakhe. (Luka 4:1-13) Wakwazi ukubona futhi wamelana nemizamo kaSathane ecashile eyayihloselwe ukuthonya imicabango nezenzo zakhe. (Math. 16:21-23) UJesu wasiza abafanelekayo ukuba baphunyuke ekubusweni amademoni ngonya.—Marku 5:2, 8, 12-15; 9:20, 25-27.

7 Ngemva kokuba uJesu ebekwe esihlalweni sobukhosi ngo-1914, wahlanza amazulu ethonyeni elonakalisayo likaSathane namademoni akhe. Ngenxa yalokho, uSathane—manje kunanini ngaphambili—uzimisele ‘ukudukisa umhlaba wonke owakhiwe.’ (IsAm. 12:9, 10) Akufanele-ke kusimangaze ukuthi kungani ukuthanda ukulumba kusakazeke futhi kwanda kangaka. Iziphi izinyathelo esingazithatha ukuze sizivikele?

8. Ikuphi ukuzihlola okufanele sikwenze ngokuphathelene nokukhetha ukuzijabulisa?

8 IBhayibheli lisixwayisa ngokucacile ngezingozi ezihlobene nokusebenzisa imimoya. (Funda uDuteronomi 18:10-12.) Namuhla, uSathane namademoni akhe bathonya ukucabanga kwabantu ngamabhayisikobho, izincwadi nangemidlalo yama-computer okukhuthaza imikhuba yokulumba. Ngakho-ke, lapho sikhetha ezokuzijabulisa, ngamunye wethu kufanele azibuze: ‘Kulezi zinyanga ezidlule, ingabe ngiye ngakhetha ukuzijabulisa ngamabhayisikobho, izinhlelo ze-TV, imidlalo yama-computer, izincwadi noma amahlaya anezinto ezingaqondakali? Ingabe ngiyakuqonda ukubaluleka kokwenqaba amathonya okulumba, noma ngizithatha kalula lezi zingozi? Ingabe ngiye ngayicabangela indlela uJehova angase azizwe ngayo ngalokho engikhetha ukuzijabulisa ngakho? Uma ngiye ngawamukela la mathonya kaSathane, ingabe uthando lwami ngoJehova nangezimiso zakhe zokulunga lungiqhubezela ukuba ngithathe isinyathelo esiwujuqu sokuhlukana nawo?’—IzE. 19:19, 20.

Lalela Isixwayiso SikaJesu Ngokuziphatha Okubi

9. Umuntu angaluhlakulela kanjani uthando lobubi?

9 UJesu wasekela indinganiso kaJehova ephathelene nobuhlobo bobulili. Wathi: “Anifundanga yini ukuthi lowo owabadala kusukela ekuqaleni wabenza kwaba owesilisa nowesifazane, wathi, ‘Ngenxa yalesi sizathu indoda iyoshiya uyise nonina inamathele kumkayo, futhi laba ababili bayoba nyamanye’? Ngakho abasebabili, kodwa sebenyamanye. Ngakho-ke, lokho uNkulunkulu akubophele ndawonye makungahlukaniswa muntu.” (Math. 19:4-6) UJesu wayazi ukuthi esikubukayo kungathonya izinhliziyo zethu. Ngakho eNtshumayelweni yakhe yaseNtabeni wathi: “Nizwile ukuthi kwathiwa, ‘Ungaphingi.’ Kodwa mina ngithi kini wonke umuntu oqhubeka ebuka owesifazane aze amkhanuke, usephingile naye kakade enhliziyweni yakhe.” (Math. 5:27, 28) Labo abangasinaki isixwayiso sikaJesu empeleni basuke behlakulela uthando lobubi.

10. Landisa okuhlangenwe nakho okubonisa ukuthi umuntu angakwazi ukugqashula ekubukeleni izithombe zobulili ezingcolile.

10 USathane usebenzisa izithombe zobulili ezingcolile ukuze akhuthaze ukuziphatha okubi ngokobulili. Lesi simiso sezinto sigcwele zona. Labo ababuka izithombe zobulili ezingcolile bakuthola kunzima ukuzisusa ezingqondweni zabo. Bangaze ngisho babe imilutha yazo. Cabanga ngalokho okwenzeka komunye umKristu. Uthi: “Ngangibuka izithombe zobulili ezingcolile ngasese. Ngazakhela umhlaba wami osemaphusheni engangicabanga ukuthi awuhlobene nokukhonza uJehova. Ngangazi ukuthi lo mkhuba mubi kodwa ngazitshela ukuthi inkonzo yami isamukeleka kuNkulunkulu.” Yini eyashintsha ukucabanga kwalo mzalwane? Uthi: “Nakuba kwakuyinto enzima kakhulu kwengake ngazenza, nganquma ukutshela abadala ngenkinga yami.” Ekugcineni lo mzalwane wagqashula kulo mkhuba olulazayo. Uyavuma: “Ngemva kokuhlanza ukuphila kwami kulesi sono, ekugcineni ngazizwa senginonembeza ohlanzekile ngempela.” Labo abazonda ukweqa umthetho kumelwe bafunde ukuzonda izithombe zobulili ezingcolile.

11, 12. Singabonisa kanjani ukuthi siyakuzonda ukweqa umthetho mayelana nomculo esiwukhethayo?

11 Umculo nezosha ezihambisana nawo kungayithonya kakhulu imizwelo yethu nenhliziyo yethu engokomfanekiso. Umculo ngokwawo uyisipho esivela kuNkulunkulu futhi sekuyisikhathi eside unendawo ekukhulekeleni kweqiniso. (Eks. 15:20, 21; Efe. 5:19) Kodwa izwe likaSathane elibi likhuthaza umculo okhazimulisa ukuziphatha okubi. (1 Joh. 5:19) Ungazi kanjani ukuthi umculo owulalelayo uyakungcolisa noma cha?

12 Ungase uqale ngokuzibuza: ‘Ingabe izingoma engizilalelayo zikhuthaza ukubulala, ukuphinga, ubufebe nokuhlambalaza? Ukube bengingafundela othile izosha zezingoma engizilalelayo, ingabe lowo muntu angaba nombono wokuthi ngiyakuzonda ukweqa umthetho, noma ingabe lezi zosha beziyombonisa ukuthi inhliziyo yami isingcolisiwe?’ Asikwazi ukuthi siyakuzonda ukweqa umthetho sibe sikukhuthaza ngomculo. UJesu wathi: “Izinto eziphuma emlonyeni zivela enhliziyweni, lezo yizo ezingcolisa umuntu. Ngokwesibonelo, enhliziyweni kuvela imicabango emibi, ukubulala, ukuphinga, ubufebe, ukweba, ubufakazi obungamanga, ukuhlambalaza.”—Math. 15:18, 19; qhathanisa noJakobe 3:10, 11.

Yiba Nombono KaJesu Ngalabo Abathanda Ukweqa Umthetho

13. UJesu wababheka kanjani labo ababengaphenduki ezonweni zabo?

13 UJesu wathi wayezele ukuzosiza izoni, noma izeqamthetho, ukuba ziphenduke. (Luka 5:30-32) Nokho, wayebabheka kanjani labo ababengaphenduki enkambweni yabo yesono? UJesu waxwayisa ngokuqinile ngamathonya abantu abanjalo. (Math. 23:15, 23-26) Wabuye washo ngokucacile: “Akuyena wonke umuntu othi kimi, ‘Nkosi, Nkosi,’ oyongena embusweni wamazulu, kodwa lowo owenza intando kaBaba osemazulwini uyongena. Abaningi bayokuthi kimi ngalolo suku [lapho uNkulunkulu ekhipha isahlulelo], ‘Nkosi, Nkosi, asiprofethanga yini egameni lakho, saxosha amademoni egameni lakho, senza nemisebenzi eminingi yamandla egameni lakho na?’” Nokho, uyobalahla labo abeqa umthetho abangaphenduki, athi: “Sukani kimi.” (Math. 7:21-23) Kungani bethola lesi sahlulelo? Ngoba abantu abanjalo bahlambalaza uNkulunkulu futhi balimaza abanye ngezenzo zabo zokweqa umthetho.

14. Kungani izoni ezingaphenduki zisuswa ebandleni?

14 IZwi likaNkulunkulu liyala ukuba izoni ezingaphenduki zisuswe ebandleni. (Funda eyoku-1 Korinte 5:9-13.) Lokhu kudingekile okungenani ngenxa yezizathu ezintathu: (1) ukugcina igama likaJehova lingenaso isihlamba, (2) ukuvikela ibandla ekungcolisweni (3) nokusiza isoni ukuba siphenduke uma kungenzeka.

15. Ukuba qotho kuJehova kudinga ukuba siphendule miphi imibuzo yokuzihlola?

15 Ingabe sinombono kaJesu ngalabo abangafuni ukuyeka inkambo yabo yokweqa umthetho? Kudingeka sicabangele le mibuzo: ‘Ingabe ngiyokhetha ukuxhumana njalo nomuntu osusiwe ekuhlanganyeleni noma ozihlukanise nebandla lobuKristu? Kuthiwani uma lowo muntu eyisihlobo esiseduze kodwa engasahlali ekhaya?’ Leso simo singaluvivinya ngempela uthando lwethu ngokulunga nobuqotho bethu kuNkulunkulu. *

16, 17. Ibuphi ubunzima umama othile ongumKristu abhekana nabo, futhi yini eyamsiza ukuba asekele ilungiselelo lokususa izoni ezingaphenduki ekuhlanganyeleni?

16 Cabanga ngokuhlangenwe nakho kukadade onendodana esikhulile eyake yathanda uJehova. Nokho, kamuva yakhetha inkambo yokweqa umthetho futhi yangaphenduka. Ngakho, yasuswa ekuhlanganyeleni. Udadewethu wayemthanda uJehova, kodwa eyithanda nendodana yakhe futhi wakuthola kunzima kakhulu ukusebenzisa umyalo weBhayibheli wokugwema ukuzihlanganisa nayo.

17 Isiphi iseluleko owawungasinika lo dade? Umdala othile wamsiza ukuba aqaphele ukuthi uJehova wayebuqonda ubuhlungu ayebuzwa. Lo mzalwane wamcela ukuba acabange ngobuhlungu okumelwe ukuba uJehova wabuzwa lapho amanye amadodana akhe ayizingelosi ehlubuka. Wabonisana naye ngokuthi ngisho noma uJehova ebazi ubuhlungu bokuba kuleso simo, ufuna ukuba izoni ezingaphenduki zisuswe ekuhlanganyeleni. Wazamukela lezo zikhumbuzo futhi walisekela ngobuqotho ilungiselelo lokususa ekuhlanganyeleni. * Ubuqotho obunjalo benza inhliziyo kaJehova ijabule.—IzAga 27:11.

18, 19. (a) Siyobe sinikeza ubufakazi bokuthi yini esiyizondayo uma siyeka ukuxhumana nomuntu okwenza umkhuba ukweqa umthetho? (b) Yini engase ibe umphumela lapho siba qotho kuNkulunkulu naselungiselelweni lakhe?

18 Uma ubhekene nesimo esifanayo, sicela ukhumbule ukuthi uJehova uyazwelana nawe. Ngokuyeka ukuxhumana nomuntu osusiwe noma ozihlukanisile, ubonisa ukuthi uyasizonda isimo sakhe sengqondo nezenzo eziholele ekubeni asuswe. Nokho, usuke ubonisa nokuthi uyamthanda umenzi wobubi kangangokuthi ufuna ukwenza lokho okuyomzuzisa kakhulu. Ubuqotho bakho kuJehova bungase bandise amathuba okuba lowo muntu aphenduke futhi abuyele kuJehova.

19 Omunye umuntu owasuswa ekuhlanganyeleni futhi kamuva wabuyiselwa, wabhala: “Ngiyajabula ngokuthi uJehova uthanda abantu bakhe kangangokuthi uyaqikelela ukuba agcine inhlangano yakhe ihlanzekile. Lokho okungase kubonakale kuwungabi nazwela kubantu bangaphandle empeleni kuyadingeka futhi kuwukubonisa uthando.” Ucabanga ukuthi lo muntu wayengaphetha yini ngale ndlela ukube amalungu ebandla, kuhlanganise nawomkhaya wakubo, aqhubeka exhumana naye ngesikhathi esasusiwe? Ukusekela kwethu ilungiselelo elingokomBhalo lokususa ekuhlanganyeleni kunikeza ubufakazi bokuthi siyakuthanda ukulunga futhi siyaqaphela ukuthi uJehova unelungelo lokusibekela izindinganiso zokuziphatha.

“Zondani Okubi”

20, 21. Kungani kubalulekile ukufunda ukuzonda ukweqa umthetho?

20 Umphostoli uPetru uyaxwayisa: “Hlalani nisangulukile, qaphani.” Ngani? Ngoba “isitha senu, uDeveli, sihambahamba njengengonyama ebhongayo, efuna engamshwabadela.” (1 Pet. 5:8) Kungaba nguwe yini lowo? Okuningi kuxhomeke ekutheni ukufunde kahle kangakanani ukuzonda ukweqa umthetho.

21 Akulula ukuhlakulela ukuzonda okubi. Sizalelwe esonweni futhi siphila ezweni elikhuthaza izifiso zenyama. (1 Joh. 2:15-17) Nokho, ngokulingisa uJesu Kristu nangokuhlakulela uthando olujulile ngoJehova uNkulunkulu, singaphumelela ekuhlakuleleni ukuzonda ukweqa umthetho. Masizimisele ‘ukuzonda okubi,’ siqiniseka ngokugcwele ukuthi uJehova “uqapha imiphefumulo yabaqotho bakhe; uyabakhulula esandleni sababi.”—IHu. 97:10.

[Imibhalo yaphansi]

^ par. 15 Ukuze uthole ingxoxo ngale ndaba, bheka INqabayokulinda ka-March 1, 1982, amakhasi 26-31.

^ par. 17 Bheka ne-Nqabayokulinda ka-January 15, 2007, amakhasi 17-20.

Ungaphendula Kanjani?

• Yini eyosisiza ukuba sihlole isimo sethu sengqondo ngotshwala?

• Iziphi izinyathelo zokuzivikela esingazithatha ngokumelene nemikhuba yokulumba?

• Kungani izithombe zobulili ezingcolile ziyingozi?

• Sibonisa kanjani ukuthi siyakuzonda ukweqa umthetho lapho umuntu esimthandayo esuswa ekuhlanganyeleni?

[Imibuzo Yesifundo]

[Isithombe ekhasini 29]

Uma ukhetha ukuphuza utshwala, yini okufanele uyicabangele?

[Isithombe ekhasini 30]

Qaphela ithonya likaSathane ekuzijabuliseni

[Isithombe ekhasini 31]

Umuntu obuka izithombe zobulili ezingcolile uhlakulela uthando lwani?