Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Uzazisa Ngempela Izibusiso Ozitholayo?

Ingabe Uzazisa Ngempela Izibusiso Ozitholayo?

Ingabe Uzazisa Ngempela Izibusiso Ozitholayo?

NGEMVA kokukhululwa ngokuyisimangaliso ebugqilini baseGibhithe, abantwana bakwa-Israyeli ekuqaleni bajabula ngokuba nenkululeko yokukhulekela uJehova. (Eks. 14:29–15:1, 20, 21) Nokho, ngemva nje kwalokho, umbono wabo washintsha. Baqala ukukhononda ngezimo ababephila ngaphansi kwazo. Kungani? Bayeka ukugxila kulokho uJehova ayebenzele kona banaka ubunzima bokuhlala ehlane. Bathi kuMose: “Nisikhuphuleleni nasikhipha eGibhithe ukuze sizofela ehlane? Ngoba akukho sinkwa namanzi, futhi umphefumulo wethu usuyasenyanya lesi sinkwa esidelelekile [imana].”—Num. 21:5.

Emakhulwini eminyaka kamuva, inkosi yakwa-Israyeli wasendulo, uDavide, yahlabelela: “Kepha mina, ngithembelé emseni wakho wothando; inhliziyo yami mayijabule ngensindiso yakho. Ngizohlabelelela uJehova, ngoba usebenzelané nami ngendlela enomvuzo.” (IHu. 13:5, 6) UDavide akazange azikhohlwe izenzo zomusa wothando uJehova ayemenzele zona. Ngokungafani nama-Israyeli, wayecabanga ngazo njalo. (IHu. 103:2) UJehova uye wasebenzelana nathi ngendlela enomvuzo futhi siyobe sihlakaniphile uma singakuthathi kalula lokho asenzele khona. Ngakho, ake sixoxe ngezinye zezibusiso zikaNkulunkulu esizijabulelayo namuhla.

“Ukusondelana NoJehova”

Umhubi wahlabelela: “Ukusondelana noJehova kungokwabamesabayo.” (IHu. 25:14) Yeka ukuthi kuyilungelo elingakanani ngabantu abangaphelele ukuba babe nobuhlobo obuseduze noJehova! Nokho, kuthiwani uma siba matasa kakhulu ngezindaba zokuphila kwansuku zonke kangangokuthi sigcine sesinesikhathi esincane sokuthandaza? Cabanga ngalokho okuyokwenzeka ebuhlotsheni bethu obuhle noJehova. NjengoMngane wethu, uJehova ulindele ukuba simethembe futhi sithulule isifuba sethu kuye ngomthandazo, simtshele izinto esizesabayo, esizifisayo nezisikhathazayo. (IzAga 3:5, 6; Fil. 4:6, 7) Ngakho-ke, akufanele yini sicabangisise ngezinga lemithandazo yethu?

Lapho uFakazi osemusha okuthiwa uPaul ecabanga ngemithandazo yakhe, waqaphela ukuthi yayidinga ukuthuthukiswa. * Wathi, “Ngase ngingenwe umkhuba wokuphinda izinto ezifanayo lapho ngithandaza kuJehova.” Njengoba ecwaninga ngale ndaba kuyi-Watch Tower Publications Index, wathola ukuthi kunemithandazo engu-180 elotshwe eBhayibhelini. Kuyo, izinceku zikaJehova zasendulo zathulula imizwa yazo esekujuleni. UPaul wathi: “Ukuzindla ngalezi zibonelo ezivela emiBhalweni kwangifundisa ukuba ngingagwegwesi lapho ngithandaza. Lokhu kungisize ukuba ngivulele uJehova isifuba sami. Manje sengiyakujabulela ukukhuluma naye ngomthandazo.”

‘Ukudla Ngesikhathi Esifanele’

Esinye isibusiso uJehova asinike sona insada yamaqiniso angokomBhalo. Njengoba sizitika ngale nsada yokudla okungokomoya okucebile, sinesizathu ‘sokukhamuluka ngenjabulo ngenxa yesimo esihle senhliziyo.’ (Isaya 65:13, 14) Nokho, kumelwe siqaphe ukuba singavumeli amathonya alimazayo asenze siphelelwe umdlandla ngeqiniso. Ngokwesibonelo, ukulalela izinkulumo-ze zezihlubuki kungafiphaza ukucabanga kwethu futhi kusenze singayiboni inzuzo ‘yokudla esikuthola ngesikhathi esifanele’ esikulungiselwe uJehova ‘ngenceku ethembekileyo neqondayo.’—Math. 24:45-47.

U-André, owayeseneminyaka eminingi ekhonza uJehova, waba nokuhlangenwe nakho okubuhlungu kokudukiswa ukucabanga kwezihlubuki. Waba nomuzwa wokuthi ukuyivakashela kancane ingosi yezihlubuki kwakungeke kube yingozi. Uyakhumbula: “Ngaqale ngakhangwa yilokho izihlubuki ezikubiza ngokuthi amaqiniso. Lapho ngiqhubeka ngihlola lokho ezazikusho, ngacabanga ngokwengeziwe ngokuthi nginezizathu zokuyishiya inhlangano kaJehova. Kodwa kamuva lapho ngicwaninga ngalokho okushiwo izihlubuki ngokumelene noFakazi BakaJehova, ngaqaphela indlela laba bafundisi bamanga abanobuqili ngayo. Bacaphuna okuthile ezimfundisweni zethu bese bekusebenzisa komunye umongo ukuze bamelane nathi. Ngakho, nganquma ukuphinde ngiqale ukufunda izincwadi zethu nokuya emihlanganweni. Kwasheshe kwangikhanyela ukuthi kungakanani okwakungiphuthele.” Kuyajabulisa ukuthi u-André wabuyela ebandleni.

“Bonke Abazalwane”

Ubuzalwane bethu obunobunye nobunothando buyisibusiso esivela kuJehova. (IHu. 133:1) Umphostoli uPetru wabhala kufanele: “Thandani bonke abazalwane.” (1 Pet. 2:17) Ngokuba ingxenye yobuzalwane bobuKristu, sijabulela imfudumalo yokusekelwa obaba, omama, abafowethu nodadewethu esikholwa nabo.—Marku 10:29, 30.

Noma kunjalo, ngezinye izikhathi izimo ezihlukahlukene zingabulimaza ubuhlobo bethu nabafowethu nodadewethu. Ngokwesibonelo, kulula ukucasulwa ukungapheleli kothile bese sihlalela ukumgxeka. Uma lokhu kungenzeka, ngeke yini kusisize ukukhumbula ukuthi uJehova uyazithanda izinceku zakhe naphezu kokungapheleli kwazo? Ngaphezu kwalokho, “uma sithi: ‘Asinaso isono,’ siyazidukisa futhi iqiniso alikho kithi.” (1 Joh. 1:8) Akufanele yini silwele ‘ukuqhubeka sibekezelelana futhi sithethelelana ngokukhululekile’?—Kol. 3:13.

Intokazi okuthiwa u-Ann yakufunda kabuhlungu ukubaluleka kokuzihlanganisa namanye amaKristu. Ngandlela-thile, njengendodana yolahleko esemfanekisweni kaJesu, yakhukhuleka ebandleni lobuKristu. Kamuva, yasanguluka futhi yabuyela eqinisweni. (Luka 15:11-24) Yini u-Ann ayifunda kulokhu okuhlangenwe nakho? Uthi: “Njengoba manje sengibuyele enhlanganweni kaJehova, ngibazisa bonke abafowethu nodadewethu naphezu kokungapheleli kwabo. Ekuqaleni, ngangisheshe ngibagxeke. Kodwa manje ngizimisele ukungavumeli lutho ukuba lungephuce izibusiso ezitholakala ngokuba namanye amaKristu. Akukho lutho kuleli zwe olungenza kufaneleke ukuba udele ipharadesi lethu elingokomoya.”

Bonga Njalo Ngezibusiso Ozitholayo

Ithemba lethu lokuthi uMbuso kaNkulunkulu uyilona khambi lazo zonke izinkinga zesintu liyigugu elingenakuqhathaniswa. Yeka ukuthi izinhliziyo zethu zazichichima kangakanani ukwazisa lapho siqala ukwazi ngalo! Sazizwa njengomthengisi osemfanekisweni kaJesu ‘owathengisa zonke izinto ayenazo’ ukuze athenge “iparele elilodwa lenani eliphakeme.” (Math. 13:45, 46) UJesu akashongo ukuthi ngokuhamba kwesikhathi umthengisi waphelelwa ukulazisa lelo parele. Nathi masingalokothi siphelelwe ukwazisa ngethemba lethu elimangalisayo.—1 Thes. 5:8; Heb. 6:19.

Cabangela isibonelo sikaJean, osekhonze uJehova iminyaka engaphezu kwengu-60. Uthi: “Okungisize ukuba ngigcine uMbuso kaNkulunkulu usengqondweni yami ukukhuluma ngawo nabanye. Uma ngibona indlela abasabela ngayo lapho sebeqonda ukuthi uyini uMbuso, ngiyakhuthazeka. Ukubona umahluko iqiniso loMbuso eliwenzayo ekuphileni komfundi kungenza ngicabange, ‘Aze amahle amaqiniso engiwahlanganyela nabanye!’”

Sinezizathu ezizwakalayo zokubonga ngezibusiso eziningi ezingokomoya esizijabulelayo. Nakuba singase sihaqwe uvivinyo olunjengokuphikiswa, ukugula, ukukhula, ukucindezeleka, ukushonelwa nobunzima bezomnotho, siyazi ukuthi lungokwesikhashana. Lapho sekubusa uMbuso kaNkulunkulu, ngeke sigcine ngokuthola izibusiso ezingokomoya kodwa siyothola nezingokwenyama. Konke ukuhlupheka esikukhuthazelelayo manje kuyophela esimisweni esisha sezinto.—IsAm. 21:4.

Okwamanje, masibale izibusiso zethu ezingokomoya futhi sibonise ukwazisa okufana nokomhubi owahlabelela: “Ziningi izinto ozenzile, Jehova Nkulunkulu wami, ngisho nemisebenzi yakho emangalisayo nemicabango yakho kithi; akekho noyedwa ongaqhathaniswa nawe. Ukube bengithambekele ekulandiseni nasekukhulumeni ngayo, isibé miningi kakhulu kunalokho engingase ngikulandise.”—IHu. 40:5.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 6 Amagama ashintshiwe.

[Isithombe ekhasini 18]

Sibusiswe ngabafowethu nodadewethu abasisekelayo lapho sisebunzimeni