Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Indlela Ongahlala Ngayo Uthembekile Ezweni Elingathembekile

Indlela Ongahlala Ngayo Uthembekile Ezweni Elingathembekile

Indlela Ongahlala Ngayo Uthembekile Ezweni Elingathembekile

UKUNGATHEMBEKI kugcwele yonke indawo njengomoya esiwuphefumulayo. Abantu baqamba amanga, babize imali eyeqile ngezinto, bayeba, abazikhokhi izikweletu futhi baqhosha ngemikhuba emibi kwezebhizinisi. Njengoba siphila ezweni elinje, sivame ukubhekana nezimo ezivivinya ukuzimisela kwethu ukwethembeka. Singaqhubeka kanjani simelana nomkhuba wokungathembeki? Ake sicabangele izici ezintathu eziyinhloko ezizosisiza ukuba senze kanjalo. Ukwesaba uJehova, ukuba nonembeza omuhle nomuzwa wokwaneliseka.

Ukwesaba UJehova Okunempilo

Umprofethi u-Isaya waloba: “UJehova unguMahluleli wethu, uJehova unguMniki-zimiso wethu, uJehova uyiNkosi yethu.” (Isaya 33:22) Ukuqaphela isikhundla negunya likaJehova kuyosenza simesabe—okuyiyona nto esishukumisela ukuba sizimisele ukumelana nomoya wezwe wokungathembeki. IzAga 16:6 zithi: “Ngokwesaba uJehova umuntu uyakufulathela okubi.” Ukwesaba okunjalo, akukhona ukwesaba okukhwantabalisayo kokwesaba uNkulunkulu ojezisanayo, kodwa kuwukwesaba okunempilo ukudumaza uBaba wethu osezulwini, onesithakazelo esijulile enhlalakahleni yethu.—1 Pet. 3:12.

Okwenzeka kuRicardo nomkakhe uFernanda kubonisa indlela lokho kwesaba okunempilo okungaba ngayo nethonya elihle. Bakhipha imali engaba ngu-R4 900 ebhange. * UFernanda wamane wayifaka esikhwameni sakhe semali engayibalanga. Lapho befika ekhaya sebekhokhe izikweletu ezithile, bamangala lapho bethola ukuthi kwakusasele imali ecishe ilingane naleyo ababeyikhiphe ebhange. Bacabanga: “Kumelwe ukuba umuntu wasebhange usinikeze imali eyengeziwe.” Baqale bafikelwa isilingo sokuba bazithathele le mali ngoba babenezikweletu eziningi okwakusadingeka bazikhokhe. URicardo uyachaza: “Sathandaza kuJehova ukuba asinike amandla okuyibuyisela le mali. Isifiso sethu sokumjabulisa ngokuvumelana nokunxusa kwakhe okusencwadini yezAga 27:11 sasenza safuna ukuyibuyisela.”

Unembeza Oqeqeshwe NgeBhayibheli

Singaqeqesha unembeza wethu ukuba ube bukhali ngokutadisha iBhayibheli nangokulwela ukwenza lokho esikufundayo. Ngaleyo ndlela, ‘izwi likaNkulunkulu eliphilayo nelinamandla’ ngeke ligcine ngokufinyelela izingqondo zethu kodwa liyofinyelela nezinhliziyo zethu. Lokhu kuyosishukumisela ukuba ‘siziphathe ngokwethembeka ezintweni zonke.’—Heb. 4:12; 13:18.

Cabanga ngalokho okwenzeka kuJoão. Wazifaka esikweletini esikhulu semali elingana namaRandi angu-35 000. Wabe esethuthela kwelinye idolobha engasikhokhile. Ngemva kweminyaka engu-8 uJoão wathola iqiniso, futhi unembeza wakhe oqeqeshwe ngeBhayibheli wamshukumisela ukuba axhumane nomuntu ayemkweleta ukuze akhokhe leso sikweletu! Ngenxa yokuthi uJoão kwakudingeka ondle umkakhe nezingane ezine ngemali encane ayeyithola, umuntu ayemkweleta wavuma ukuthi amkhokhele ngamancozuncozu.

Umuzwa Wokwaneliseka

Umphostoli uPawulu wabhala: “Kuyindlela yokuthola inzuzo enkulu, lokhu kuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu kanye nokwaneliswa. . . . Uma sinokudla nokokwembatha, siyokwaneliswa yilezi zinto.” (1 Thim. 6:6-8) Ukusilalelisisa lesi seluleko esihlakaniphile kuyosisiza ukuba sigweme ukubanjwa ugibe lwemikhuba engabazisayo yokuhaha yezebhizinisi noma izinhlelo zokuceba ngokushesha ezingenangqondo. (IzAga 28:20) Ukusebenzisa iseluleko sikaPawulu kuyosisiza nokuba sibeke uMbuso kaNkulunkulu kuqala, siqiniseka ngokuthi izidingo zethu eziyisisekelo ziyonakekelwa.—Math. 6:25-34.

Nokho, ngenxa ‘yamandla engcebo okukhohlisa,’ masingalokothi siyibukele phansi ingozi yokunqotshwa ukuhaha nomhawu. (Math. 13:22) Khumbula indaba ka-Akhani. Wayekhona lapho ama-Israyeli ewela uMfula iJordani ngokuyisimangaliso. Noma kunjalo, wanqotshwa ukuhaha, wangamelana nesifiso sokweba isiliva negolide nengubo ebizayo empangweni yomuzi waseJeriko. Leso senzo samlahlekisela ngokuphila kwakhe. (Josh. 7:1, 20-26) Yingakho emakhulwini eminyaka kamuva, uJesu axwayisa: “Hlalani nivulé amehlo futhi niqaphe yonke inhlobo yokuhaha”!—Luka 12:15.

Thembeka Emsebenzini

Ake sicabangele izimo ezithile ezingase zivivinye ukuzimisela kwethu ukuhlale sithembekile ezintweni zonke. Ukwethembeka emsebenzini kuhilela ‘ukungebi’—ngisho noma ukweba kuyinto ejwayelekile. (Thithu 2:9, 10) UJurandir, osebenza emnyangweni kahulumeni, wayewunikeza ngokwethembeka umbiko wezindleko zakhe zohambo. Nokho, ayesebenza nabo babecela imali engaphezu kwaleyo ababeyisebenzisile. Babekwazi ukwenza lokho ngoba ophethe kulowo mnyango wayekufihla ukungathembeki kwezisebenzi. Empeleni, yena lo mphathi wakhuza uJurandir ethi akayeke ukwethembeka futhi wayeka ukumthuma ukuba ahambe ngomsebenzi. Nokho, ngokuhamba kwesikhathi kwahlolwa amabhuku ezimali zomnyango, futhi uJurandir wanconywa ngokwethembeka kwakhe. Wakhushulelwa nasesikhundleni esiphakeme.

U-André, okhangisa ngemikhiqizo yenkampani, watshelwa umqashi wakhe ukuba akhokhise amakhasimende imali ephindwe kabili yezinkonzo. Umfowethu wathandazela isibindi kuJehova ukuze anamathele ezimisweni zeBhayibheli. (IHu. 145:18-20) Wazama nokuchazela umqashi wakhe ukuthi kungani ayengeke akwazi ukulandela isiqondiso sakhe—kodwa kwaba nhlanga zimuka nomoya. Ngakho u-André wanquma ukuwuyeka lo msebenzi owawuholela kahle. Nokho, ngemva konyaka, umqashi wakhe wambiza futhi, wamqinisekisa ukuthi amakhasimende awasaqolwa. U-André wakhushulelwa esikhundleni sokuba imenenja.

Khokha Izikweletu

Umphostoli uPawulu weluleka amaKristu: “Ningakweleti muntu nento eyodwa.” (Roma 13:8) Singase sibeke izaba zokungasikhokhi isikweletu, sizitshele ukuthi umuntu esimkweletayo unemali eningi ngakho akayidingi le mali. Nokho, iBhayibheli liyaxwayisa: “Omubi uyaboleka angabuyiseli.”—IHu. 37:21.

Nokho, kumelwe senzenjani uma ‘isenzakalo esingalindelekile’ sisivimbela ukuba sikhokhe isikweletu? (UmSh. 9:11) UFrancisco waboleka imali elingana namaRandi angu-49 000 ku-Alfredo ukuze akhokhe isikweletu sendlu. Kodwa ibhizinisi lakhe lalingahambi kahle, ngakho uFrancisco akakwazanga ukumkhokhela ngosuku ababevumelene ngalo. Wathatha isinyathelo kuqala sokuya ku-Alfredo ukuze baxoxe ngalolu daba, futhi u-Alfredo wavuma ukuba ayikhokhe kancane kancane.

Gwema Ukuzibonakalisa Uyilokho Ongeyikho

Khumbula isibonelo esibi sika-Ananiya noSafira, umbhangqwana owawusebandleni lobuKristu langekhulu lokuqala. Ngemva kokudayisa insimu, baletha ingxenye yemali ababeyitholile kubaphostoli futhi bathi kwakuyiyo yonke imali ababeyitholile. Babefuna ukuhlaba abanye umxhwele babonakale bephana kakhulu. Nokho, umoya ongcwele kaNkulunkulu wasiza umphostoli uPetru ukuba akudalule ukukhohlisa kwabo, futhi uJehova wababulala.—IzE. 5:1-11.

Ngokungafani no-Ananiya noSafira ababengathembekile, abalobi beBhayibheli babeqotho futhi bethembekile. UMose wakuloba ngokwethembeka ukuhluleka kwakhe ukuzibamba okwaholela ekubeni anqatshelwe ukungena eZweni Lesithembiso. (Num. 20:7-13) Ngokufanayo, noJona akazange abufihle ubuthaka bakhe abubonakalisa ngaphambi nangemva kokushumayela kubantu baseNineve. Kunalokho, wabuloba.—Jona 1:1-3; 4:1-3.

Ngokuqinisekile, ukukhuluma iqiniso kudinga isibindi, ngisho noma ukwenze njalo kungasilahlekisela okuthile, njengoba kuboniswa yilokho okwenzeka esikoleni kuNathalia oneminyaka engu-14. Wabukeza iphepha lakhe lokuhlolwa futhi wabona ukuthi uthisha wakhe wayemnike amamaki kwenye yezimpendulo eyayinganembile. UNathalia akazange anqikaze ukuyotshela uthisha nakuba ayazi ukuthi lokhu kwakuzowehlisa amamaki akhe. Uthi: “Abazali bami bangifundisa njalo ukuthi ukuze ngijabulise uJehova kumelwe ngithembeke. Unembeza wami ubuzongihlupha ukube angimtshelanga uthisha.” Uthisha wakwazisa ukwethembeka kukaNathalia.

Ukwethembeka—Imfanelo Edumisa UJehova

UGiselle, intombazane eneminyaka engu-17, wathola isikhwama semali sinamakhadi athile nemali elingana namaRandi angu-245. Wahlela nabaphathi besikole ukuba sibuyiselwe kumnikazi waso. Ngemva kwenyanga, isekela likathishanhloko lafundela lonke ikilasi incwadi ebonga uGiselle ngokwethembeka kwakhe futhi lancoma abazali bakhe ngokumqeqesha kahle nangokumkhulisa ngezindlela zikaNkulunkulu. ‘Imisebenzi yakhe emihle’ yakhazimulisa uJehova.—Math. 5:14-16.

Kudinga umzamo ukuba sethembeke yize siphila phakathi kwabantu ‘abazithandayo, abathanda imali, abazazisayo, abazidlayo nabangathembeki.’ (2 Thim. 3:2) Noma kunjalo, ukwesaba uJehova okunempilo, unembeza oqeqeshwe ngeBhayibheli nomuzwa wokwaneliseka kusisiza ukuba sihlale sithembekile ezweni elingathembekile. Sihlakulela nobuhlobo obuseduze ngokwengeziwe noJehova, ‘olungile nothanda izenzo zokulunga.’—IHu. 11:7.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 5 Amanye amagama ashintshiwe.

[Izithombe ekhasini 7]

Ukwesaba uJehova okunempilo kuqinisa ukuzimisela kwethu ukwethembeka

[Isithombe ekhasini 8]

Ukuziphatha kwethu ngokwethembeka kukhazimulisa uJehova