Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Uyabubona Ubufakazi Besiqondiso SikaNkulunkulu?

Ingabe Uyabubona Ubufakazi Besiqondiso SikaNkulunkulu?

Ingabe Uyabubona Ubufakazi Besiqondiso SikaNkulunkulu?

AKEKHO kwabakwa-Israyeli noma kwabaseGibhithe owayeke wabona into enjengale. Njengoba ama-Israyeli ayefuduka eGibhithe, kwakuhamba insika yefu eduze kwawo futhi ihlala nawo ubusuku nemini. Ebusuku yayiba insika yomlilo. Yeka isimanga! Kodwa yayivelephi? Yayiyini injongo yayo? Nakuba sekudlule iminyaka engaba ngu-3 500 kwenzeka lokhu, yini thina esingayifunda endleleni ama-Israyeli ayibheka ngayo leyo ‘nsika yomlilo nefu’?—Eks. 14:24.

IZwi likaNkulunkulu lembula umthombo nenjongo yale nsika, lithi: “UJehova wayehamba phambi kwabo emini esensikeni yefu ukuze abahole endleleni, nasebusuku esensikeni yomlilo ukuze abanike ukukhanya ukuba bahambe emini nasebusuku.” (Eks. 13:21, 22) UJehova uNkulunkulu wasebenzisa insika yomlilo nefu ukuze aqondise abantu bakhe ukuba baphume eGibhithe nalapho bedabula ehlane. Kwakufanele bahlale bekulungele ukusuka ukuze bayilandele. Lapho amabutho aseGibhithe ayebajaha esezohlasela abantu bakaNkulunkulu, le nsika yangena phakathi kwala maqembu amabili, ivikela ama-Israyeli. (Eks. 14:19, 20) Nakuba insika yawajikelezisa, ukuyilandela kwakuwukuphela kwendlela ama-Israyeli ayezofika ngayo eZweni Lesithembiso.

Ukuba khona kwensika kwaqinisekisa abantu bakaNkulunkulu ngokuthi uJehova unabo. Yayimelela uJehova futhi ngezinye izikhathi wayekhuluma nabo ekuyo. (Num. 14:14; IHu. 99:7) Ngaphezu kwalokho, ifu labonisa ukuthi uMose wayemiswe uJehova ukuba ahole isizwe. (Eks. 33:9) Ngokufanayo, sitshelwa okokugcina ngaleli fu lapho liqinisekisa ukuthi uJehova wayemise uJoshuwa njengozothatha isikhundla sikaMose. (Dut. 31:14, 15) Ngokuqinisekile, ukuphumelela kwama-Israyeli kulolu hambo kwakuxhomeke ekuboneni kwawo ubufakazi besiqondiso sikaNkulunkulu bese esilandela.

Aphelelwa Umbono Walobo Bufakazi

Lapho ama-Israyeli eqala ngqá ukubona le nsika, kumelwe ukuba ahlabeka umxhwele. Nokho, kuyadabukisa ukuthi ukusibona njalo leso simangaliso kwawenza aphelelwa yilo muzwa kangangokuthi awazange amethembe njalo uJehova. Angabaza isiqondiso sikaNkulunkulu izikhathi eziningana. Lapho ejahwa ibutho laseGibhithe, awazange abonise ukuwethemba amandla kaJehova okusindisa. Kunalokho, asola inceku kaNkulunkulu uMose ngokuthi iwaholele ophathe. (Eks. 14:10-12) Ngemva kokukhululwa kwawo oLwandle Olubomvu, akhononda ngoMose, ngo-Aroni nangoJehova ngoba ayecabanga ukuthi awanakho ukudla namanzi. (Eks. 15:22-24; 16:1-3; 17:1-3, 7) Ngemva kwamasonto athile, acindezela u-Aroni ukuba awenzele ithole legolide. Cabanga nje! Ama-Israyeli ayeyibona insika yomlilo nefu—ubufakazi obukhulu bokuba khona kwaLowo owayewakhiphe eGibhithe, ikolunye uhlangothi lwekamu—kodwa budebuduze nayo, aqala ukukhulekela isithombe esingaphili, ethi: “Lona nguNkulunkulu wakho, Israyeli, owakuhola wakukhuphula ezweni laseGibhithe.” Yeka “izenzo zendelelo enkulu”!—Eks. 32:4; Neh. 9:18.

Izenzo zika-Israyeli zokuvukela zabonisa ukusedelela ingcaca isiqondiso sikaJehova. Amehlo awo enyama ayebona kahle kodwa inkinga yayisemehlweni awo angokomoya. Ayeyibona insika, kodwa ayengasakwazisi lokho eyayikumelela. Nakuba izenzo zawo ‘zamzwisa ubuhlungu oNgcwele ka-Israyeli,’ uJehova ngesihe waqhubeka ewaqondisa ngensika aze angena eZweni Lesithembiso.—IHu. 78:40-42, 52-54; Neh. 9:19.

Bona Ubufakazi Besiqondiso SikaNkulunkulu Namuhla

Nanamuhla, uJehova akazange ashiye abantu bakhe bengenasiqondiso esicacile. Njengoba nje engazange alindele ukuba ama-Israyeli azicabele indlela, akalindele ukuba nathi namuhla sizitholele indlela eya ezweni elisha elithenjisiwe. UNkulunkulu wabele uJesu Kristu ukuba abe uMholi webandla. (Math. 23:10; Efe. 5:23) Unike igunya elithile isigaba senceku ethembekile, esakhiwa amaKristu athembekile agcotshwe ngomoya. Leso sigaba senceku sona simisa ababonisi ebandleni lobuKristu.—Math. 24:45-47; Thithu 1:5-9.

Singasibona kanjani ngokuqinisekile isigaba saleyo nceku ethembekile noma somphathi? Phawula indlela uJesu ngokwakhe asichaza ngayo: “Ubani ngempela ongumphathi othembekile, oqondayo, lowo inkosi yakhe eyommisa phezu kwezikhonzi zayo ukuba aqhubeke ezinika isilinganiso sazo sokudla ngesikhathi esifanele? Iyajabula leyo nceku, uma inkosi yayo lapho ifika iyithola yenza kanjalo!”—Luka 12:42, 43.

Ngakho, isigaba somphathi ‘sithembekile,’ sihlale sibambelele kuJehova, asilokothi simlahle yena, uJesu, amaqiniso eBhayibheli noma abantu bakaNkulunkulu. Ngenxa yokuthi ‘singesiqondayo,’ sibonisa ukwahlulela okuhle ekuqondiseni umsebenzi obaluleke kakhulu wokushumayela ‘izindaba ezinhle zombuso’ ‘nowokwenza abantu bazo zonke izizwe babe abafundi.’ (Math. 24:14; 28:19, 20) Ngokwethembeka, isigaba somphathi saba ukudla okungokomoya okuhlwabusayo nokunempilo “ngesikhathi esifanele.” Ukuthi uJehova uyasamukela kubonakala endleleni abusisa ngayo abantu bakhe ngokwanda, ngokubaqondisa lapho kudingeka benze izinqumo ezibalulekile, ngokubenza baqonde kangcono amaqiniso eBhayibheli, ngokubavikela ekuqothulweni izitha zabo nangokubanika ukuthula kwengqondo nokwenhliziyo.—Isaya 54:17; Fil. 4:7.

Yamukela Isiqondiso SikaNkulunkulu

Singabonisa kanjani ukuthi siyasazisa isiqondiso sikaNkulunkulu? Umphostoli uPawulu wathi: “Lalelani abaholayo phakathi kwenu futhi nizithobe.” (Heb. 13:17) Ukwenza lokhu kungase kungabi lula ngaso sonke isikhathi. Ngokwesibonelo: Ake uzibeke esimweni somIsrayeli wangosuku lukaMose. Zibone ngeso lengqondo kade uhamba isikhathi esithile, insika bese ima. Izokuma isikhathi esingakanani? Usuku? Isonto? Izinyanga eziningana? Uyazibuza, ‘Ingabe kufanele ngikhiphe zonke izimpahla zami emigodleni?’ Ekuqaleni, ungase ukhiphe ozidinga kakhulu. Kodwa ngemva kwezinsuku ezimbalwa, usukhathele ukulokhu upequlula emithwalweni yakho, uqala ukukhipha yonke into. Kodwa lapho nje uqeda ukukhipha izimpahla, ubone insika isuka—sekufanele upakishe futhi! Lokho kwakungeke kube lula. Noma kunjalo, ama-Israyeli kwakudingeka ‘asuke ngokushesha ngemva kwalokho.’—Num. 9:17-22.

Ngakho-ke, sisabela kanjani lapho sithola isiqondiso esivela kuNkulunkulu? Ingabe sizama ukusisebenzisa “ngokushesha ngemva kwalokho”? Noma siyaqhubeka senza izinto ngendlela ebesiyijwayele? Siyazazi yini iziqondiso zamuva, njengalezo eziphathelene nokuqhuba izifundo zeBhayibheli zasekhaya, ukushumayela kubantu abakhuluma olunye ulimi, ukuhlanganyela njalo ekukhulekeleni komkhaya, ukubambisana namaKomiti Okubonisana Nezibhedlela nokuziphatha ngendlela efanele emihlanganweni yesigodi? Sibonisa ukuthi siyasazisa isiqondiso sikaNkulunkulu nangokwamukela iseluleko. Lapho kudingeka senze izinqumo ezibaluleke kakhulu, asethembeli ekuhlakanipheni kwethu kodwa sincika kuJehova nasenhlanganweni yakhe ukuze sithole isiqondiso. Njengoba nje ingane ifuna isivikelo sabazali bayo lapho kunesiphepho, nathi sifuna isivikelo enhlanganweni kaJehova lapho izinkinga zaleli zwe ezinjengesivunguvungu zigadla.

Yiqiniso, labo abahola ingxenye esemhlabeni yenhlangano kaNkulunkulu abaphelele—noMose wayengaphelele. Noma kunjalo, insika yayinikeza ubufakazi obuqhubekayo bokuthi ukhethwe uNkulunkulu futhi uyamamukela. Qaphela nokuthi kwakungekhona okomIsrayeli ngamunye ukuba azinqumele ukuthi uzohamba nini. Kunalokho, abantu babenza ngokuvumelana ‘nomyalo kaJehova ngoMose.’ (Num. 9:23) Ngakho, cishe uMose, owayewumzila kaNkulunkulu wokudlulisela isiqondiso, wayewanikeza uphawu lapho sekumelwe ahambe.

Namuhla isigaba sikaJehova somphathi sinikeza uphawu olucacile noma nini lapho sekuyisikhathi sokuthatha isinyathelo esithile. Umphathi ukwenza kanjani lokhu? Ngezihloko ze-Nqabayokulinda nange-Nkonzo Yethu YoMbuso, ngezincwadi ezintsha nangezinkulumo emihlanganweni emikhulu nemincane. Iziqondiso zidluliselwa emabandleni nangababonisi abajikelezayo noma ngezincwadi ezibhalelwa amabandla noma ngezikole okuqeqeshwa kuzo abazalwane abanemithwalo yemfanelo ebandleni.

Ingabe ububona ngokucacile ubufakazi besiqondiso sikaNkulunkulu? Kulezi zinsuku zokugcina zezwe elibi likaSathane, uJehova usebenzisa inhlangano yakhe ukusiqondisa thina bantu bakhe ukuze sidabule kuleli “hlane” esiphila kulo. Ngenxa yalokho, sijabulela ubunye, uthando nokulondeka.

Lapho ama-Israyeli efika eZweni Lesithembiso, uJoshuwa wathi: “Nazi kahle ngazo zonke izinhliziyo zenu nangayo yonke imiphefumulo yenu ukuthi akukho nelilodwa izwi kuwo wonke amazwi amahle uJehova uNkulunkulu wenu awakhulumile kini eliye laphutha. Agcwaliseke wonke kini.” (Josh. 23:14) Ngokufanayo, abantu bakaNkulunkulu namuhla nabo bayofika nakanjani ezweni elisha elithenjisiwe. Nokho, ukuthi thina siyongena kulo noma cha, kuxhomeke kakhulu ekuzimiseleni kwethu ukulandela isiqondiso sikaNkulunkulu ngokuthobeka. Ngakho-ke, kwangathi sonke singaqhubeka sibubona ubufakazi besiqondiso sikaJehova!

[Izithombe ekhasini 5]

Namuhla siqondiswa inhlangano kaJehova

Izincwadi eziphuma emihla-nganweni emikhulu

Izikole ezingokwasezulwini

Ukuqeqeshelwa inkonzo emihlanganweni