Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Uyakhumbula?

Ingabe Uyakhumbula?

Ingabe Uyakhumbula?

Ukujabulele yini ukufunda omagazini bamuva be-Nqabayokulinda? Bona ukuthi ungayiphendula yini imibuzo elandelayo:

• Kungani singase sikholelwe ukuthi insimu yase-Edene yayiyindawo engokoqobo?

IBhayibheli liyichaza njengengokoqobo, lisinikeze nemininingwane eqondile yokuthi yayikuphi. Likhuluma ngemifula emibili esageleza nanamuhla. Izinganekwane nezinsumansumane azilandiswa ngale ndlela. UJesu, uFakazi othembeke kunabo bonke, wakhuluma ngo-Adamu no-Eva njengabangabantu abangokoqobo.—1/1, amakhasi 5-6, 9.

• Ingabe uNkulunkulu wayazi ukuthi u-Adamu no-Eva babeyokona?

Cha. UJehova wabanika ukuhlakanipha nenkululeko yokuzikhethela, eyayibenza bakwazi ukukhetha ukulalela noma ukungalaleli. Nakuba enalo ikhono lokwazi kusengaphambili, uNkulunkulu akalisebenzisi kuyo yonke into.—1/1, amakhasi 13-15.

• Ingabe amaKristu eqiniso asebenzisa igama likaNkulunkulu njengentelezi?

Abanye abantu babheka into ethile noma uphawu oluthile njengentelezi, ikhubalo elibavikela ngomlingo, kodwa abantu bakaNkulunkulu abalibheki kanjalo igama laKhe. Banokholo kuJehova futhi bafuna ukwenza intando yakhe, ngaleyo ndlela baphephele egameni lakhe. (Zef. 3:12, 13)—1/15, amakhasi 5-6.

• Obani kwa-Israyeli ababezuza elungiselelweni lokukhothoza?

Bonke abantu babezuza. Lalikhuthaza ukukhuthala kwabampofu okwakudingeka bakhothoze. Abanye babezuza ngoba lalibakhuthaza ukuba baphane futhi bathembele esibusisweni sikaNkulunkulu.—2/1, ikhasi 15.

• Kungani uJehova ayilahla iNkosi uSawule?

USawule kwakufanele alinde umprofethi kaNkulunkulu ukuba azonikela umhlatshelo, kodwa le nkosi ayizange ilalele, yazenzela yona umhlatshelo. Kamuva, ayizange iwulalele umyalo wokuba iqothule isizwe esasiyizitha zabo.—2/15, amakhasi 22-23.

• Singabonisa kanjani ukuthi siyakuzonda ukweqa umthetho?

Siyogcina utshwala busendaweni yabo, sigweme imikhuba yokulumba futhi silalele isixwayiso sikaJesu ngokuziphatha okubi. Ngokwesibonelo, siyogwema izithombe zobulili ezingcolile namaphupho asemini ezingase ziwadale. (Math. 5:27, 28) Ngeke futhi sizihlanganise nabantu abasusiwe ekuhlanganyeleni.—2/15, amakhasi 29-32.

• Yini ephawulekayo ngezidleke zezinyosi zakudala ezatholwa abavubukuli kwa-Israyeli wanamuhla?

Abavubukuli bathole izidleke zezinyosi ezingaphezu kuka-30, izazi ezilinganisela ukuthi minyaka yonke zazikhiqiza uju olungaphezu kwesigamu sethani. Lokhu kubonisa ukuthi izinyosi zazifuywa ezweni uNkulunkulu ayethe ngalo ‘laliyogeleza ubisi noju.’ (Eks. 3:8)—3/1, ikhasi 15.

• UJeremiya waba kanjani njengomuthi “otshalwe ngasemanzini, othumela izimpande zawo”? (Jer. 17:7, 8)

Akayekanga ukuthela izithelo futhi akazange athonywe abahleki bosulu. Kunalokho, wanamathela eMthonjeni wamanzi asekela ukuphila, wakwamukela ngenhliziyo yonke lokho uNkulunkulu ayemtshela kona.—3/15, ikhasi 14.

• Iliphi iphuzu elaligcizelelwa uJesu lapho etshela uMarta ukuthi kwakudingeka izinto ezimbalwa noma eyodwa kuphela? (Luka 10:41, 42)

Wayengasho ukuthi ungumuntu othanda izinto ezibonakalayo ngokulungiselela ukudla okuhlukahlukene futhi wayengamgxeki ngokuzikhandla kwakhe. Kunalokho, wayeqokomisa izinto eziza kuqala. UMarta wayengalisebenzisi ngokunenzuzo ithuba eliyingqayizivele elalimvulekele lokujulisa ukholo lwakhe.—4/1, amakhasi 12-13.

• Iziphi izinto ezaziphambene nomthetho ezenziwa lapho uJesu equliswa icala?

Inkantolo ayizange izilalele izizathu ezazingamenza akhululwe. Yafuna ofakazi bamanga. Icala lalalelwa ebusuku. Ukuqulwa kwecala kwaqala futhi kwaphela ngosuku olulodwa.—4/1, ikhasi 20.