Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Impi Engokomthetho Yesikhathi Eside Iphela Ngokunqoba!

Impi Engokomthetho Yesikhathi Eside Iphela Ngokunqoba!

Impi Engokomthetho Yesikhathi Eside Iphela Ngokunqoba!

YAQALA ngo-1995 futhi yathatha iminyaka engu-15. Phakathi naso sonke leso sikhathi, amaKristu eqiniso eRussia ayehlaselwa abaphikisi benkululeko engokwenkolo. Laba baphikisi babezimisele ukwenza ukuba oFakazi BakaJehova bavinjelwe eMoscow nakwezinye izindawo. Noma kunjalo, uJehova wakubona kufaneleka ukuvuza ubuqotho babafowethu nodadewethu abathandekayo baseRussia ngokubanikeza ukunqoba okungokomthetho. Nokho, yini eyaholela kulokhu kuphikisana?

INKULULEKOEKUGCINENI!

Phakathi nengxenye yokuqala yeminyaka yawo-1990, abafowethu eRussia baphinde bathola inkululeko engokwenkolo ababeyiphucwe ngo-1917. Ngo-1991 babhaliswa uhulumeni waseSoviet Union njengenkolo esemthethweni. Ngemva kokuhlakazwa kweSoviet Union, oFakazi BakaJehova babhaliswa uHulumeni WaseRussia. Ngaphezu kwalokho, uMbuso wabheka oFakazi ababeshushiselwe ukholo lwabo emashumini eminyaka ngaphambili njengezisulu zokucindezelwa ngokwezombusazwe. Ngo-1993, uMnyango Wezobulungisa waseMoscow wabhalisa uMphakathi WoFakazi BakaJehova BaseMoscow, njengoba saziwa kanjalo ngokomthetho kule ndawo. Ngawo lowo nyaka, umthetho-sisekelo omusha waseRussia, oqinisekisa inkululeko engokwenkolo, nawo waqala ukusebenza. Yingakho omunye umzalwane ababaza: “Sasingaphuphi kwakuphupha ukuthi siyoke sithole inkululeko enje!” Wabe eseqhubeka, “Sekuphele iminyaka engu-50 sikulindele lokhu!”

Abafowethu nodadewethu eRussia bayisebenzisa kahle leyo “nkathi evumayo” banezela ngokushesha umfutho wabo emisebenzini yabo yokushumayela, futhi abaningi basabela. (2 Thim. 4:2) Ingqapheli ethile yathi: “Abantu babenesithakazelo esijulile enkolweni.” Kungakabiphi, inani labamemezeli, lamaphayona nelamabandla aphindaphindeka. Empeleni, kusukela ngo-1990 kuya ku-1995, inani loFakazi eMoscow lasuka ku-300 laba ngaphezu kuka-5 000! Njengoba izinhlu zezinceku ezintsha zikaJehova eMoscow zazilokhu zanda, abaphikisi benkululeko engokwenkolo baqala ukwethuka. Phakathi nawo-1990, bagadla ngokususa impi engokomthetho. Leyo mpi yaba nezigaba ezine ezathatha isikhathi eside ngaphambi kokuba ekugcineni ixazululwe.

UPHENYO LOKWEPHULA UMTHETHO LUPHELA NGENDLELA ENGALINDELEKILE

Isigaba sokuqala sale mpi saqala ngo-June 1995. Iqembu laseMoscow okwakwaziwa ukuthi lihlangene neSonto Lobu-Orthodox LaseRussia lamangalela abafowethu ngokuthi bephula umthetho. Lelo qembu lathi limelela amalungu emikhaya angajabule ngoba abangane bawo bomshado noma izingane zawo bengoFakazi. Ngo-June 1996, abaphenyi baqala ukufuna ubufakazi balokho kwephula umthetho, kodwa abatholanga lutho. Noma kunjalo, lona lelo qembu lafaka esinye isimangalo—lisamangalela abafowethu ngazo izenzo zokwephula umthetho. Abaphenyi benza olunye uphenyo, kodwa wonke amacala ababemangalelwa ngawo atholakala engenabufakazi. Abaphikisi bafaka isimangalo okwesithathu, ngawo belu amacala afanayo. OFakazi BakaJehova eMoscow baphinde futhi baphenywa, kodwa umshushisi wafinyelela esiphethweni esifanayo—sasingekho isisekelo sokuvula icala lokwephula umthetho. Abaphikisi babe sebefaka isimangalo esifanayo okwesine, nangaleso sikhathi, umshushisi akazange abuthole ubufakazi. Nakuba kungakholeki, lona lelo qembu lacela ukuba kube nolunye uphenyo. Ekugcineni, ngo-April 13, 1998, umphenyi omusha walivala icala.

Ummeli owayehileleke kulelo cala uthi: “Kodwa kwabe sekwenzeka okuthile okuyinqaba.” Nakuba ummeleli wehhovisi lomshushisi elaphenya icala kuleli hlandla lesihlanu avuma ukuthi babungekho ubufakazi bokwephula umthetho, noma kunjalo wabeluleka ukuba bamangalele abafowethu egameni lomphakathi. Lo mmeleli wathi uMphakathi WoFakazi BakaJehova WaseMoscow wawephula umthetho wezwe nowamazwe ngamazwe. Umshushisi we-Northern Administrative Circuit of Moscow wavuma futhi wafaka icala. * Ngo-September 29, 1998, kwaqalwa ukulalelwa kwecala eNkantolo Yesifunda YaseGolovinsky eMoscow. Saqala kanjalo isigaba sesibili.

IBHAYIBHELI ENKANTOLO

Egumbini lasenkantolo elaligcwele phama enyakatho yeMoscow, uMshushisi uTatyana Kondratyeva wethula icala, esebenzisa umthetho kahulumeni owasayinwa ngo-1997 ochaza ubuKristu Bobu-Orthodox, ubuSulumane, ubuJuda nobuBuddha njengezinkolo ezindala ezamukelekayo. * Ukusetshenziswa kwalo mthetho kuye kwenza kwaba nzima ngezinye izinkolo ukuba ziqashelwe ngokomthetho. Ubuye uvumele izinkantolo ukuba zivimbele izinkolo ezikhuthaza inzondo. Esebenzisa lo mthetho, umshushisi wamangalela oFakazi BakaJehova ngamanga ngokuthi bakhuthaza inzondo futhi babhidliza imikhaya, ngakho kufanele bavinjelwe.

Ummeli wabafowethu wabuza: “Obani labo bantu eBandleni LaseMoscow abanecala lokwephula lo mthetho?” Umshushisi wahluleka ngisho nokuveza igama loyedwa. Nokho, wathi izincwadi zoFakazi BakaJehova zikhuthaza ubutha obungokwenkolo. Ukuze asekele iphuzu lakhe, wafunda izingcaphuno ezithile komagazini be-Nqabayokulinda ne-Phaphama! nakwezinye izincwadi (bheka isithombe esingenhla). Lapho ebuzwa ukuthi lezi zincwadi zibubangela kanjani ubutha, wathi: “OFakazi BakaJehova bafundisa ukuthi banenkolo yeqiniso.”

Ummeli, ongomunye wabafowethu, wanikeza ijaji nomshushisi amaBhayibheli wabe esefunda eyabase-Efesu 4:5: “INkosi eyodwa, ukholo olulodwa, ubhapathizo olulodwa.” Kungakabiphi, ijaji, umshushisi nommeli—bephethe amaBhayibheli bonke—base bexoxa ngemiBhalo enjengoJohane 17:18 noJakobe 1:27. Inkantolo yabuza: “Ingabe le miBhalo ikhuthaza ubutha obungokwenkolo?” Umshushisi waphendula ngokuthi kwakungekhona okwakhe ukuphawula ngeBhayibheli. Ummeli wabonisa izincwadi zeSonto Lobu-Orthodox LaseRussia ezibagxeka kakhulu oFakazi BakaJehova, wabe esebuza: “Ingabe lezi zinkulumo zephula umthetho?” Umshushisi waphendula: “Akukhona okwami ukuphawula ngezinkulumo zabefundisi.”

UMSHUSHISI UBHIMBISA ICALA

Lapho ebeka oFakazi icala lokubhidliza imikhaya, umshushisi wathi abawagubhi amaholidi anjengoKhisimusi. Nokho, kamuva wavuma ukuthi umthetho waseRussia awusho ukuthi izakhamuzi zakhona kumelwe zigubhe uKhisimusi. Abantu baseRussia—kuhlanganise noFakazi BakaJehova baseRussia—banelungelo lokuzikhethela. Umshushisi wabuye wagomela ngokuthi inhlangano yethu ‘incisha izingane ukuphumula okufanele nokuzijabulisa.’ Noma kunjalo, lapho ebuzwa, wavuma ukuthi akakaze axoxe nanoma iyiphi intsha eyakhuliswa abazali abangoFakazi. Lapho ummeli ebuza umshushisi ukuthi wake waya yini emihlanganweni yoFakazi BakaJehova, wathi: “Sasingekho isidingo.”

Umshushisi wabiza uprofesa wezifo zengqondo njengofakazi oyisazi. Lo profesa wathi ukufunda izincwadi zethu kudala izinkinga ezingokwengqondo. Lapho ummeli woFakazi ephawula ukuthi isitatimende lo profesa ayesibhalele inkantolo sasinamazwi afana nalawo ayesencwadini eyayibhalwe iSigungu Esibusayo Sabefundisi SaseMoscow, lo profesa wakuvuma ukuthi izingxenye ezithile zazifana, ngokwezwi nezwi. Wathi: “Okuningi kwalokho engikubhalile ngikukopishe kuleyo ncwadi.” Lapho eqhubeka ebuzwa kwembuleka ukuthi wayengakaze elaphe ngisho noFakazi kaJehova oyedwa. Ngokuhlukile kuye, omunye uprofesa wezifo zengqondo wafakaza enkantolo ukuthi useye wahlola oFakazi abangaphezu kwekhulu eMoscow. Wabathola bengabantu abaphile kahle engqondweni, wanezela nokuthi amalungu abo ayeye afunda ukuzibekezelela kakhudlwana ezinye izinkolo selokhu aba oFakazi.

SIYANQOBA—KODWA ICALA ALIPHELI

Ngo-March 12, 1999, ijaji laqoka izazi ezinhlanu ukuba zitadishe izincwadi zoFakazi BakaJehova, labe seliliguqisa icala. UMnyango Wezobulungisa kahulumeni waseRussia kakade wase uyale ithimba lezazi ukuba zitadishe izincwadi zethu nakuba kwakungahlobene necala laseMoscow. Ngo-April 15, 1999, leli thimba elaliyalwe yilo Mnyango labika ukuthi alitholanga lutho olulimazayo ezincwadini zethu. Ngakho, ngo-April 29, 1999, uMnyango Wezobulungisa waphinde wababhalisa ngokomthetho oFakazi BakaJehova ezweni lonke. Naphezu kombiko omuhle owawusemusha walolu cwaningo, inkantolo yaseMoscow yaphikelela ukuba kuqokwe ithimba elisha elalizohlola izincwadi zethu. Lokhu kwabangela isimo esingavamile—uMnyango Wezobulungisa waseRussia kazwelonke wawubaqaphela oFakazi BakaJehova njengenkolo eyamukelekayo egcina umthetho, kodwa ngesikhathi esifanayo uMnyango Wezobulungisa waseMoscow wawubaphenya ngokuthi bephule umthetho!

Kwaphela iminyaka engaba mibili ngaphambi kokuba icala liphinde liqale, futhi ngo-February 23, 2001, iJaji uYelena Prokhorycheva lakhipha isinqumo. Ngemva kokucabangela lokho okwakutholwe ithimba lezazi elaliliqokile, lathi: “Azikho izizathu zokuqeda noma zokuvimbela umsebenzi owenziwa umphakathi ongokwenkolo woFakazi BakaJehova eMoscow.” Ekugcineni, kwase kunesiqiniseko esingokomthetho sokuthi abafowethu babengenacala kuwo wonke amacala ababebekwe wona! Nokho, umshushisi wasenqaba leso sinqumo futhi wadlulisela icala eNkantolo Yedolobha YaseMoscow. Ngemva kwezinyanga ezintathu, ngo-May 30, 2001, leyo nkantolo yasichitha isinqumo seJaji uProkhorycheva. Yayala ukuba icala liphinde liqulwe umshushisi ofanayo kodwa lilalelwe ijaji elihlukile. Isigaba sesithathu sase sizoqala.

SIYEHLULWA—KODWA ICALA ALIPHELI

Ngo-October 30, 2001, iJaji uVera Dubinskaya waphinde waliqula icala. * Umshushisi uKondratyeva wavuselela isimangalo sokuthi oFakazi BakaJehova babekhuthaza inzondo, kodwa wabe esenezela ngokuthi ukuvimbela umphakathi ongokomthetho woFakazi BakaJehova kwakuyindlela yokuvikela amalungelo oFakazi eMoscow! Besabela kula mazwi ayimbudane, bonke oFakazi abangu-10 000 eMoscow basayina ngokushesha incwadi yesicelo becela inkantolo ukuba ingakwamukeli ukuthi umshushisi ufuna “ukubavikela.”

Umshushisi wathi sasingekho isidingo sokuba anikeze ubufakazi bokuthi oFakazi babenecala lokwephula umthetho. Wathi icala laliphathelene nezincwadi nezinkolelo zoFakazi BakaJehova, hhayi imisebenzi yabo. Wathi uzokwethula umkhulumeli weSonto Lobu-Orthodox LaseRussia njengofakazi oyisazi. La mazwi akhe aqinisekisa ukuthi isigungu sabefundisi ngempela sasihileleke kakhulu kulesi siphakamiso sokuba kuvinjelwe oFakazi. Ngo-May 22, 2003, ijaji layala ukuba kube nethimba lezazi elizohlola izincwadi zoFakazi BakaJehova—futhi.

Ngo-February 17, 2004, inkantolo yaphinde yahlangana ukuze ibukeze okwakutholwe ithimba lezazi. Lezi zazi zazithole ukuthi izincwadi zethu zikhuthaza abafundi ukuba “balondoloze imikhaya nelungiselelo lomshado,” zathola nokuthi isimangalo sokuthi izincwadi zethu zikhuthaza inzondo “sasingasekelwe ndawo.” Ezinye izazi zavumelana nalokho. Uprofesa womlando wenkolo wabuzwa: “Kungani oFakazi BakaJehova beshumayela?” Waphendula inkantolo: “Wonke umuntu ongumKristu kumelwe awenze umsebenzi wokushumayela. Yilokho okushiwo yiVangeli futhi yilokho noKristu ayala abafundi bakhe ukuba bakwenze—‘hambani nishumayele kuwo wonke amazwe.’” Noma kunjalo, leli jaji layivimbela imisebenzi yoFakazi BakaJehova eMoscow ngo-March 26, 2004. Ngo-June 16, 2004, iNkantolo Yedolobha YaseMoscow yasiqinisekisa leso sinqumo. * Ekhuluma ngaleso sinqumo, uFakazi ongumakad’ ebona wathi: “Ngesikhathi sisengaphansi kweSoviet Union, umRashiya kwakufanele angakholelwa kuNkulunkulu. Namuhla, umRashiya kumelwe abe um-Orthodox.”

Abafowethu basabela kanjani kulokho kuvinjelwa? NjengoNehemiya wasendulo. Ngosuku lwakhe, lapho izitha zabantu bakaNkulunkulu ziphazamisa umsebenzi wakhe wokwakha kabusha udonga lwaseJerusalema, uNehemiya nabantu bakhe abazange bavume ukuphazanyiswa yinoma yiluphi uhlobo lokuphikiswa. Kunalokho, ‘baqhubeka bakha’ futhi “baqhubeka benenhliziyo yokusebenza.” (Neh. 4:1-6) Ngokufanayo, abafowethu baseMoscow abazange bavumele abaphikisi ukuba babaphazamise emsebenzini okufanele wenziwe namuhla—ukushumayela izindaba ezinhle. (1 Pet. 4:12, 16) Babeqiniseka ukuthi uJehova wayezobanakekela, futhi babekulungele ukungena esigabeni sesine sale mpi eyathatha isikhathi eside.

UBUTHA BUYANDA

Ngo-August 25, 2004, abafowethu bayisa eNdlunkulu yombuso incwadi yesicelo eyayibhalelwe uVladimir Putin, owayengumongameli waseRussia ngaleso sikhathi. Leyo ncwadi, eyayizwakalisa ukukhathazeka okukhulu ngokuvinjelwa, yayinemiqulu engu-76 futhi yayisayinwe abantu abangaphezu kuka-315 000. Phakathi naleso sikhathi, abefundisi bobu-Orthodox baseRussia baziveza ububona. Umkhulumeli weSigungu Esibusayo Sabefundisi wamemezela: “Simelene kakhulu nemisebenzi yoFakazi BakaJehova.” Umholi wamaSulumane wathi leso sinqumo sokuvinjelwa “sasiyingqopha-mlando nesenzakalo esihle.”

Akumangazi-ke ukuthi lokho kwanikeza amalungu adukisiwe omphakathi waseRussia isibindi sokuhlasela oFakazi BakaJehova. Abanye oFakazi ababesemsebenzini wokushumayela bashaywa ngezibhakela futhi bakhahlelwa abaphikisi. Indoda eyayithukuthele yajaha udade othile imxosha esakhiweni futhi yamkhahlela kabuhlungu emgogodleni, wawa washayeka ekhanda. Kwadingeka ukuba ayiswe esibhedlela; noma kunjalo amaphoyisa awamthathelanga sinyathelo umhlaseli. Abanye oFakazi baboshwa amaphoyisa, abagingqisa izithupha, abathwebula izithombe futhi abagcina esitokisini ubusuku bonke. Abaphathi bezindawo oFakazi ababezisebenzisela imihlangano eMoscow basongelwa ngokuthi babezoxoshwa emsebenzini uma beqhubeka beqashisela oFakazi amahholo abo. Kungakabiphi, amabandla amaningi aphelelwa izindawo zokuhlangana ayeziqashile. Amabandla angu-40 kwadingeka ahlanganyele esakhiweni esasakhiwe saba amaHholo OMbuso amane. Elinye ibandla elalisebenzisa lesi sakhiwo kwakudingeka libe noMhlangano Weningi lapho kugamanxa ihora lesi-7 ekuseni. Omunye umjikelezi wathi: “Abanye abamemezeli kwakudingeka bavuke ngehora lesihlanu ekuseni ukuze babe khona emihlanganweni, kodwa bakwenza ngokuzithandela lokho isikhathi esingaphezu konyaka.”

“NGENJONGO YOBUFAKAZI”

Ukuze babonise ukuthi ukuvinjelwa eMoscow kwakungemthetho, ngo-December 2004 abameli bethu bafuna usizo eNkantolo Yamalungelo Abantu YaseYurophu. (Bheka ibhokisi elithi “Okwenza Ukuba Isinqumo SaseRussia Sibukezwe EFrance,” ekhasini 6.) Ngemva kweminyaka eyisithupha, ngo-June 10, 2010, le Nkantolo yavumelana ngazwi-linye yakhipha isinqumo esabakhipha phambili oFakazi BakaJehova! * Le Nkantolo yahlola wonke amacala esasibekwe wona futhi yawathola engenaso nhlobo isisekelo. Yabuye yathi iRussia inesibopho esingokomthetho “sokuqeda ukwephula kwayo amalungelo ethu okutholwe iNkantolo nesokusinxephezela ngangokunokwenzeka emiphumeleni okwakube nayo.”—Bheka ibhokisi elithi “Isahlulelo SeNkantolo,” ekhasini 8.

Iziphetho zeNkantolo ezicaciswe kahle zendlela iNkantolo Yamalungelo Abantu YaseYurophu evikela ngayo imisebenzi yoFakazi BakaJehova azibophi iRussia kuphela kodwa nezinye izizwe ezingu-46 ezingamalungu oMkhandlu WaseYurophu. Ngaphezu kwalokho, ngenxa yobubanzi nezinga lombiko wokuhlaziywa kwalo mthetho namaqiniso, uyofundwa ngokucophelela yizazi zomthetho, amajaji, izishaya-mthetho nongoti bamalungelo abantu emhlabeni wonke. Sikusho ngani lokhu? Lapho ifinyelela isinqumo sayo, le Nkantolo ayibhekiselanga nje ezinqumweni ezingu-8 eyazikhipha ngaphambili ezazivuna oFakazi BakaJehova kodwa nasekunqobeni okungu-9 koFakazi BakaJehova ezinkantolo eziphakeme e-Argentina, eCanada, eJapan, eNingizimu Afrika, eRussia, eSpain, e-United Kingdom nase-United States. Lokhu kubhekisela kula macala nokuwachitha ngokuqinile kweNkantolo amacala alethwa umshushisi waseMoscow kunikeza umphakathi woFakazi BakaJehova emhlabeni wonke ithuluzi elinamandla abangalisebenzisela ukuvikela ukholo nemisebenzi yabo.

UJesu wathi kubalandeli bakhe: “Niyohudulelwa phambi kwababusi namakhosi ngenxa yami, ngenjongo yobufakazi kubo nasezizweni.” (Math. 10:18) Impi engokomthetho eyathatha iminyaka engu-15 yanikeza abafowethu ithuba lokwenza igama likaJehova laziwe kunanini ngaphambili eMoscow nakwamanye amazwe. Uphenyo, amacala asezinkantolo nezinqumo zezinkantolo nesinqumo senkantolo yamazwe ngamazwe okwakugxile koFakazi ngempela kuye kwaba “ngenjongo yobufakazi” futhi kuye kwaba neqhaza ‘ekuqhubekiseleni phambili izindaba ezinhle.’ (Fil. 1:12) Eqinisweni, namuhla lapho oFakazi beshumayela eMoscow, abaninikhaya abaningi bathi, “Kanti anivinjelwe yini?” Lo mbuzo uvame ukunika abafowethu ithuba lokuxoxa nabaninikhaya ngokwengeziwe ngezinkolelo zethu. Kusobala ukuthi abekho abaphikisi abangasivimbela ukuba senze umsebenzi wethu wokushumayela ngoMbuso. Sithandazela ukuba uJehova aqhubeke ebabusisa futhi ebasekela abafowethu nodadewethu abathandekayo nabanesibindi baseRussia.

[Imibhalo yaphansi]

^ par. 8 Isimangalo safakwa ngo-April 20, 1998. Ngemva kwamasonto amabili, ngo-May 5, iRussia yasekela ukumiswa koMkhandlu Wamalungelo Abantu WaseYurophu.

^ par. 10 “Lo mthetho wamiswa ngenxa yengcindezi enkulu yeSonto Lobu-Orthodox LaseRussia, elisiqaphe ngabomvu isikhundla salo eRussia futhi elilangazelela ukubona oFakazi BakaJehova bevinjelwe.”—Associated Press, ka-June 25, 1999.

^ par. 20 Kuyindida ukuthi ngalo lolo suku kwakuhlangana iminyaka eyishumi kwakhishwa umthetho eRussia owaqaphela oFakazi BakaJehova njengezisulu zokucindezelwa ngokwenkolo ngaphansi kokubusa kweSoviet.

^ par. 22 Ukuvinjelwa kwavala inhlangano engokomthetho esetshenziswa amabandla aseMoscow. Abaphikisi babethemba ukuthi ukuyivala kwakuzophazamisa abafowethu ekufezeni inkonzo yabo.

^ par. 28 Ngo-November 22, 2010, isigungu samajaji amahlanu oMkhandlu Omkhulu weNkantolo Yamalungelo Abantu YaseYurophu senqaba isicelo seRussia sokuba icala lidluliselwe eMkhandlwini Omkhulu weNkantolo. Lokhu kwenza isinqumo esakhishwa ngo-June 10, 2010 saba esokugcina nokumelwe sigcinwe.

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 6]

Okwenza Ukuba Isinqumo SaseRussia Sibukezwe EFrance

Ngo-February 28, 1996, iRussia yasayina isivumelwano sokusungula uMkhandlu Wamalungelo Abantu WaseYurophu. (Ngo-May 5, 1998, iRussia yakusekela ukumiswa kwalo Mkhandlu.) Ngokusayina leso sivumelwano, uhulumeni waseRussia wamemezela ukuthi izikhonzi zakhe

‘zinelungelo lenkululeko engokwenkolo nelungelo lokuqhuba inkolo yazo emakhaya azo nasemphakathini nelokushintsha inkolo uma zifuna ukwenza kanjalo.’—Isigatshana 9.

‘zinelungelo lokusho nelokubhala ngendlela eyamukelekayo ezikucabangayo nokudlulisela ukwaziswa kwabanye.’—Isigatshana 10.

‘zinelungelo lokuqhuba imihlangano enokuthula.’—Isigatshana 11.

Abantu ngabanye noma izinhlangano abaphucwa amalungelo ashiwo yilesi sivumelwano futhi asebesebenzise yonke iminyango yezomthetho yendawo bangaletha icala labo eNkantolo Yamalungelo Abantu YaseYurophu eStrasbourg, eFrance (eboniswe ngenhla). Yakhiwa amajaji angu-47—inani elilingana nelamazwe asayina i-isivumelwano sokumiswa koMkhandlu Wamalungelo Abantu WaseYurophu. Izahlulelo ezikhishwa yile Nkantolo ziyawabopha. Amazwe asayina lesi sivumelwano kumelwe enze ngokuvumelana nalezo zahlulelo.

[Ibhokisi ekhasini 8]

Isahlulelo SeNkantolo

Nazi izingcaphuno ezintathu ezimfushane ezithathwe esahlulelweni seNkantolo.

Elinye lamacala oFakazi BakaJehova ababekwa wona ukuthi babhidliza imikhaya. INkantolo yanquma ngokuhlukile. Yathi:

“Izingxabano zibangelwa ukumelana nokungafuni kwamalungu omkhaya angakholwa ukwamukela nokuhlonipha inkululeko engokwenkolo ilungu elikholwayo elinayo yokubonakalisa nokuqhuba inkolo yalo.”—Isig. 111.

Le Nkantolo ayizange futhi ibuthole ubufakazi obusekela icala “lokulawula izingqondo,” yathi:

“INkantolo ikuthole kuthakazelisa ukuthi izinkantolo [zaseRussia] azizange zinikeze ngisho negama lomuntu oyedwa olungelo lakhe lenkululeko yokulalela unembeza wakhe liye lahlukunyezwa ngalezo zindlela.”—Isig. 129.

Okunye ukumangalela kwathi oFakazi BakaJehova bafaka impilo yamakholwa abo engcupheni ngokungamukeli ukumpontshelwa igazi. INkantolo yakhipha isinqumo esiphambene nalokhu, yathi:

“Inkululeko yokwamukela noma yokwenqaba uhlobo oluthile lokwelashwa, noma ukukhetha enye indlela yokwelashwa, ibalulekile esimisweni sokuzinqumela nesokuzibusa. Ngokwesibonelo, isiguli esikhulile esiphile kahle engqondweni sikhululekile ukuzinqumela ukuthi sifuna ukuhlinzwa noma ukwelashwa ngemithi, kungokufanayo nangokwamukela ukumpontshelwa igazi.”—Isig. 136.