Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Kuyini Ukuphumula KukaNkulunkulu?

Kuyini Ukuphumula KukaNkulunkulu?

Kuyini Ukuphumula KukaNkulunkulu?

“Abantu bakaNkulunkulu basalelwe ukuphumula kwesabatha.”—HEB. 4:9.

1, 2. Ukuhunyushwa ngokunembile kukaGenesise 2:3 kusenza siphethe ngokuthini, futhi imiphi imibuzo ephakamayo?

 ESAHLUKWENI sokuqala sikaGenesise sifunda ukuthi uNkulunkulu walungisa umhlaba ngezinsuku eziyisithupha ezingokomfanekiso ukuze abantu bahlale kuwo. Ukuphela kwenkathi ngayinye kuphawulwa ngala mazwi: “Kwaba khona ukuhlwa kwaba khona ukusa.” (Gen. 1:5, 8, 13, 19, 23, 31) Nokho, ngokuphathelene nosuku lwesikhombisa, iBhayibheli lithi: “UNkulunkulu walubusisa usuku lwesikhombisa walungcwelisa, ngoba ngalo ubephumule kuwo wonke umsebenzi wakhe ayewudalile.”—Gen. 2:3.

2 Phawula ukuthi isenzo esithi “ubephumule” sikusiphi isimo. Lokhu kusikisela ukuthi usuku lwesikhombisa—“usuku” lukaNkulunkulu lokuphumula—lwalusaqhubeka ngo-1513 B.C.E. lapho uMose ebhala incwadi kaGenesise. Ingabe usuku lukaNkulunkulu lokuphumula lusaqhubeka? Uma kunjalo, singangena yini kulo namuhla? Izimpendulo zale mibuzo zibaluleke kakhulu kithi.

Ingabe UJehova ‘Usaphumule’?

3. Amazwi kaJesu akuJohane 5:16, 17 abonisa kanjani ukuthi usuku lwesikhombisa lwalusaqhubeka ngekhulu lokuqala?

3 Kunobufakazi obubili obusiholela esiphethweni sokuthi usuku lwesikhombisa lwalusaqhubeka ngekhulu lokuqala C.E. Obokuqala, cabanga ngamazwi uJesu awasho kubaphikisi bakhe ababemgxeka ngokuphulukisa ngeSabatha, ababekubheka njengohlobo lomsebenzi. INkosi yathi kubo: “UBaba ulokhu esebenza kuze kube manje, nami ngiyasebenza.” (Joh. 5:16, 17) Laliyini iphuzu? UJesu wayemangalelwa ngokuthi usebenza ngeSabatha. Waphendula ngokuthi: “UBaba ulokhu esebenza.” Empeleni, uJesu wayethi kubagxeki bakhe: ‘Mina noBaba senza umsebenzi ofanayo. Ngenxa yokuthi uBaba ubelokhu esebenza phakathi neSabatha lakhe eselinezinkulungwane zeminyaka, kuvumelekile ngami ukuba ngiqhubeke ngisebenza, ngisho nangeSabatha.’ Ngakho, ngokuphathelene nomhlaba, uJesu wayesikisela ukuthi usuku lukaNkulunkulu lweSabatha olukhulu lokuphumula, usuku lwesikhombisa, lwalungakapheli nangosuku lwakhe. *

4. Yibuphi obunye ubufakazi uPawulu abunikezayo obubonisa ukuthi usuku lwesikhombisa lwalusaqhubeka ngosuku lwakhe?

4 Ubufakazi besibili bunikezwa umphostoli uPawulu. Lapho ecaphuna uGenesise 2:2 mayelana nokuphumula kukaNkulunkulu, wabhala la mazwi ephefumulelwe: “Thina esibonise ukholo siyangena kulokho kuphumula.” (Heb. 4:3, 4, 6, 9) Ngakho, usuku lwesikhombisa lwalusaqhubeka ngosuku lukaPawulu. Lolo suku lokuphumula lwalusazoqhubeka isikhathi esingakanani?

5. Yayiyini injongo yosuku lwesikhombisa, futhi leyo njongo iyogcwaliseka nini ngokuphelele?

5 Ukuze siphendule lo mbuzo, kumelwe sikhumbule injongo yosuku lwesikhombisa. UGenesise 2:3 uyayichaza: “UNkulunkulu walubusisa usuku lwesikhombisa walungcwelisa.” Lolo suku ‘lwangcweliswa’—noma, uJehova walubekela eceleni—ukuze enze injongo yakhe ifezeke ngokuphelele. Leyo njongo iwukuba emhlabeni kube namadoda nabesifazane abalalelayo, abazowunakekela wona nakho konke okuphilayo okukuwo. (Gen. 1:28) UJehova uNkulunkulu noJesu Kristu, “iNkosi yesabatha,” bebelokhu ‘besebenza kuze kube manje’ ukuze leyo njongo ifezeke. (Math. 12:8) Usuku lukaNkulunkulu lokuphumula luyoqhubeka kuze kube yilapho injongo yakhe isigcwaliseke ngokuphelele ekupheleni kokuBusa KukaKristu Kweminyaka Eyinkulungwane.

‘Ungaweli Esibonelweni Esifanayo Sokungalaleli’

6. Iziphi izibonelo eziyisixwayiso kithi, futhi isiphi isifundo esingasifunda kuzo?

6 UNkulunkulu wayichaza ngokucacile injongo yakhe ku-Adamu no-Eva, kodwa bahluleka ukwenza ngokuvumelana nayo. Yiqiniso, u-Adamu no-Eva bamane bangabokuqala abaphishekela inkambo yokungalaleli. Kusukela ngaleso sikhathi, kwaba nezigidi zabanye abenza okufanayo. Ngisho nabantu bakaNkulunkulu abakhethiwe, isizwe sakwa-Israyeli, bawela enkambweni yokungalaleli. Kuyaphawuleka ukuthi uPawulu waxwayisa amaKristu ekhulu lokuqala ukuthi ngisho namanye phakathi kwawo ayengawela ogibeni olufanayo njengoba kwenza ama-Israyeli asendulo. Wabhala: “Ngakho-ke, masenze konke okusemandleni ethu ukuze singene kulokho kuphumula, funa kube khona owela esibonelweni esifanayo sokungalaleli.” (Heb. 4:11) Phawula ukuthi uPawulu uhlobanisa ukungalaleli nokwehluleka ukungena ekuphumuleni kukaNkulunkulu. Kusho ukuthini lokho kithi? Uma ngandlela-thile singahlubuka enjongweni kaNkulunkulu, singaba yini sengozini yokungangeni ekuphumuleni kukaNkulunkulu? Kusobala ukuthi impendulo yalo mbuzo ibaluleke kakhulu kithi, futhi sizoxoxa ngayo kabanzi. Nokho, okwamanje ake sibone ukuthi yini enye esingayifunda ngokungena ekuphumuleni kukaNkulunkulu ngokuxoxa ngesibonelo esibi sama-Israyeli.

“Ngeke Bangene Ekuphumuleni Kwami”

7. UJehova wayecabanga ngani lapho ekhulula ama-Israyeli ebugqilini baseGibhithe, futhi yini eyayilindeleke kuwo?

7 Ngo-1513 B.C.E., uJehova wembula injongo yakhe ngokuphathelene nama-Israyeli encekwini yakhe uMose. UNkulunkulu wathi: “Ngiyehla ukuze ngiyobakhulula esandleni sabaseGibhithe futhi ngibakhuphule baphume kulelo zwe [iGibhithe] ngibayise ezweni elihle nelibanzi, ezweni eligeleza ubisi noju.” (Eks. 3:8) Njengoba nje uJehova ayethembise ukhokho wawo, u-Abrahama, injongo yakhe yokukhulula ama-Israyeli “esandleni sabaseGibhithe” yayiwukuwenza abe isizwe sakhe. (Gen. 22:17) UNkulunkulu wawanika imithetho eyayiyowenza abe nobuhlobo obunokuthula naye. (Isaya 48:17, 18) Wathi kuwo: “Uma nizolilalela nokulilalela izwi lami futhi nizosigcina impela isivumelwano sami [esichazwe eMthethweni], ngokuqinisekile niyoba impahla yami ekhethekile kuzo zonke ezinye izizwe, ngoba wonke umhlaba ungowami.” (Eks. 19:5, 6) Ngakho, ukuba kwama-Israyeli nobuhlobo obukhethekile noNkulunkulu kwakuxhomeke ekulaleleni kwawo izwi lakhe.

8. Ama-Israyeli ngabe aphila ukuphila okunjani ukube alalela uNkulunkulu?

8 Cabanga nje ukuthi ukuphila kwama-Israyeli kwakuyoba njani ukube alalela izwi likaNkulunkulu! UJehova wayeyobusisa amasimu, izivini nemihlambi yawo yezimvu neyezinkomo. Izitha zawo zazingeke ziwagqilaze unomphela. (Funda eyoku-1 AmaKhosi 10:23-27.) Lapho uMesiya evela, cishe wayeyothola izinto ziwahambela kahle ama-Israyeli njengesizwe esizimele, esingagqilaziwe ijoka lamaRoma. U-Israyeli wayeyobe ewumbuso oyisibonelo ezizweni ezingomakhelwane, onikeza ubufakazi obunamandla bokuthi ukulalela uNkulunkulu weqiniso kuletha izibusiso ezingokomoya nezingokwenyama.

9, 10. (a) Kungani isifiso sama-Israyeli sokubuyela eGibhithe sasiyindaba engathí sina? (b) Ukubuyela kwama-Israyeli eGibhithe kwakungakuthinta kanjani ukukhulekela kwawo?

9 Yeka ilungelo ama-Israyeli ayenalo—ukusebenza ngokuvumelana nenjongo kaJehova, okwakungenza ukuba kungabi yiwo wodwa athola izibusiso, kodwa, ekugcineni, zitholwe nayiyo yonke imikhaya esemhlabeni! (Gen. 22:18) Nokho, njengesizwe, leso sizukulwane esihlubukayo salishaya indiva ilungelo lokuba umbuso oyisibonelo olawulwa uNkulunkulu. Phela saze safuna ngenkani ukubuyela eGibhithe! (Funda uNumeri 14:2-4.) Ukuphindela kwaso eGibhithe kwakuyoyiqhubekisela kanjani phambili injongo kaNkulunkulu yokwenza ama-Israyeli abe umbuso oyisibonelo? Kwakungeke. Kunalokho, uma ama-Israyeli ayephindela kubathumbi bawo abangamaqaba, ayengeke akwazi ukulandela uMthetho KaMose futhi azuze elungiselelweni likaJehova lokuthethelela izono zawo. Yeka ukuthi ayenombono ongokwenyama nofiphele kanjani! Akumangalisi ukuthi uJehova wathi ngalezo zihlubuki: “Nganengwa yilesi sizukulwane futhi ngathi, ‘Ngaso sonke isikhathi bayaduka ezinhliziyweni zabo, futhi abakazazi izindlela zami.’ Ngakho ngafunga ngithukuthele ngathi, ‘Ngeke bangene ekuphumuleni kwami.’”—Heb. 3:10, 11; IHu. 95:10, 11.

10 Ngokufuna ukuphindela eGibhithe, lesi sizwe esinhlanhlathayo sabonisa ukuthi asizazisi izibusiso ezingokomoya esasizitholile, kunalokho sasifuna amalikhi, o-anyanisi nesweli okwakutholakala eGibhithe. (Num. 11:5) Njengo-Esawu owayengenakho ukwazisa, lezi zihlubuki zazizimisele ukwenana ifa lazo elingokomoya eliyigugu ngesilovela.—Gen. 25:30-32; Heb. 12:16.

11. Ukungabi nalukholo kwama-Israyeli ngosuku lukaMose kwayithinta kanjani injongo kaNkulunkulu?

11 Naphezu kokungabi nalukholo kwesizukulwane sama-Israyeli esaphuma eGibhithe, uJehova ‘waqhubeka esebenza’ ngesineke ukuze injongo yakhe ifezeke, manje esegxile esizukulwaneni esilandelayo. Amalungu aleso sizukulwane esisha ayelalela kakhudlwana kunoyise. Ngokuvumelana nomyalo kaJehova angena eZweni Lesithembiso futhi aqala ukulinqoba. Sifunda lokhu kuJoshuwa 24:31: “U-Israyeli waqhubeka ekhonza uJehova zonke izinsuku zikaJoshuwa nazo zonke izinsuku zamadoda amadala aqhubeka ephila ngemva kukaJoshuwa futhi ayewazi wonke umsebenzi kaJehova awenzela u-Israyeli.”

12. Sazi kanjani ukuthi kungenzeka ukuba singene ekuphumuleni kukaNkulunkulu namuhla?

12 Nokho, kancane kancane leso sizukulwane esilalelayo safa futhi salandelwa “esasingamazi uJehova noma umsebenzi ayewenzelé u-Israyeli.” Ngenxa yalokho “abantwana bakwa-Israyeli bawela ekwenzeni okubi emehlweni kaJehova nasekukhonzeni oBhali.” (AbaHl. 2:10, 11) IZwe Lesithembiso alizange libe “indawo yokuphumula” yangempela kubo. Ngenxa yokungalaleli kwabo, abazange babe nokuthula okuhlala njalo noNkulunkulu. Ekhuluma ngesinye isikhathi sakamuva, uPawulu wabhala: “Uma uJoshuwa [ayewaholele ama-Israyeli] endaweni yokuphumula, ngabe uNkulunkulu kamuva akakhulumanga ngokuqondene nolunye usuku. Ngakho, abantu bakaNkulunkulu basalelwe ukuphumula kwesabatha.” (Heb. 4:8, 9) Lapho uPawulu ethi “abantu bakaNkulunkulu” wayebhekisele kumaKristu. Ingabe lokhu kusho ukuthi amaKristu ayengangena ekuphumuleni kukaNkulunkulu? Ngokuqinisekile kunjalo—amaKristu angamaJuda nangaweZizwe!

Abanye Bayehluleka Ukungena Ekuphumuleni KukaNkulunkulu

13, 14. Ikuphi ukuhlobana okwakukhona phakathi kokugcina uMthetho KaMose nokungena ekuphumuleni kukaNkulunkulu (a) osukwini lukaMose? (b) ekhulwini lokuqala?

13 Lapho uPawulu ebhalela amaKristu angamaHebheru, wayekhathazekile ngokuthi amanye kuwo ayengabambisani nenjongo kaNkulunkulu eyayiqhubekela phambili. (Funda amaHebheru 4:1.) Ngamuphi umqondo? Kuyaxaka ukuthi kwakuhlobene nokugcina uMthetho KaMose. Kwase kuyiminyaka engaba ngu-1 500 kuyimfuneko nganoma imuphi umIsrayeli ofisa ukuphila ngokuvumelana nenjongo kaNkulunkulu ukuba agcine uMthetho. Nokho, ukufa kukaJesu kwawuqeda uMthetho. AmaKristu athile ahluleka ukuqaphela lokho, futhi aphikelela ukuba aqhubeke egcina izici ezithile zoMthetho. *

14 UPawulu wachazela amaKristu ayezimisele ukugcina uMthetho ukuthi isikhundla sikaJesu njengompristi ophakeme, isivumelwano esisha nethempeli elingokomoya konke kwakuphakeme kunemifuziselo yako yangaphambi kobuKristu. (Heb. 7:26-28; 8:7-10; 9:11, 12) Ngakho, cishe ecabanga ngokugcinwa kweSabatha lamasonto onke ngaphansi koMthetho, uPawulu wabhala ngelungelo lokungena osukwini lokuphumula lukaJehova: “Abantu bakaNkulunkulu basalelwe ukuphumula kwesabatha. Ngoba umuntu ongene ekuphumuleni kukaNkulunkulu naye ngokwakhe uye waphumula emisebenzini yakhe siqu, njengoba nje noNkulunkulu eye waphumula kweyakhe.” (Heb. 4:8-10) Lawo maKristu angamaHebheru kwakudingeka ayeke ukucabanga ukuthi ayengathola ukwamukelwa uJehova ngokwenza imisebenzi esekelwe eMthethweni KaMose. Kusukela ngePhentekoste lika-33 C.E., umusa kaNkulunkulu uye waboniswa labo ababonisa ukholo kuJesu Kristu.

15. Kungani ukulalela kubalulekile ukuze singene ekuphumuleni kukaNkulunkulu?

15 Yini eyavimbela ama-Israyeli osukwini lukaMose ukuba angene eZweni Lesithembiso? Ukungalaleli. Yini eyayivimbela amanye amaKristu osukwini lukaPawulu ukuba angene ekuphumuleni kukaNkulunkulu? Yikho ukungalaleli. Ahluleka ukuqaphela ukuthi uMthetho wawusuyifezile injongo yawo nokuthi uJehova wayeseholela abantu bakhe kolunye uhlangothi.

Ukungena Ekuphumuleni KukaNkulunkulu Namuhla

16, 17. (a) Kusho ukuthini ukungena ekuphumuleni kukaNkulunkulu namuhla? (b) Sizoxoxa ngani esihlokweni esilandelayo?

16 Ambalwa amaKristu namuhla angaphikelela ekutheni agcine isici esithile soMthetho KaMose ukuze athole insindiso. Amazwi kaPawulu aphefumulelwe awabhalela abase-Efesu acace kahle kakhulu: “Ngalo musa ongafanelwe, nisindisiwe ngokholo; futhi lokhu akungenxa yenu, kuyisipho sikaNkulunkulu. Cha, akungenxa yemisebenzi, ukuze kungabikho muntu oba nesizathu sokuziqhayisa.” (Efe. 2:8, 9) Kusho ukuthini-ke ngamaKristu ukungena ekuphumuleni kukaNkulunkulu? UJehova wabekela eceleni usuku lwesikhombisa—usuku lwakhe lokuphumula—ukuze enze ukuba injongo yakhe ngokuphathelene nomhlaba ifinyelele ekugcwalisekeni okukhazimulayo. Singangena ekuphumuleni kukaJehova—noma siphumule naye—ngokulalela futhi sisebenze ngokuvumelana nenjongo yakhe eqhubekela phambili njengoba siyembulelwe ngenhlangano yakhe.

17 Ngakolunye uhlangothi, uma silulaza iseluleko esisekelwe eBhayibhelini esisithola ngesigaba senceku ethembekileyo neqondayo, sikhetha ukulandela inkambo yokuzibusa, siyobe asenzi ngokuvumelana nenjongo kaNkulunkulu eyambulekayo. Lokhu kungafaka engozini ubuhlobo bethu obunokuthula noJehova. Esihlokweni esilandelayo, sizocabangela izimo ezimbalwa ezivamile ezingathinta abantu bakaNkulunkulu futhi sixoxe ngendlela izinqumo esizenzayo kungakhathaliseki ukuthi sinquma ukulalela noma sikhetha ukuzibusa, ezibonisa ngayo ukuthi singenile yini ngempela ekuphumuleni kukaNkulunkulu.

[Imibhalo yaphansi]

^ par. 3 Abapristi namaLevi babenza imisebenzi ephathelene nethempeli ngeSabatha futhi ‘baqhubeka bengenacala.’ Njengompristi ophakeme wethempeli likaNkulunkulu elikhulu elingokomoya, uJesu wayengafeza isabelo sakhe esingokomoya angesabi ukuthi wephula iSabatha.—Math. 12:5, 6.

^ par. 13 Akwaziwa ukuthi ukhona yini umKristu ongumJuda owaphikelela waze wasekela amalungiselelo oSuku Lokubuyisana ngemva kwePhentekoste lika-33 C.E. Ngokuqinisekile, ukwenza kanjalo kwakuyobonisa ukuntula inhlonipho ngomhlatshelo kaJesu. Nokho, amanye amaKristu angamaJuda ayesanamathele kwamanye amasiko ahlobene noMthetho.—Gal. 4:9-11.

Imibuzo Yokuzindla

• Yayiyini injongo yosuku lukaNkulunkulu lwesikhombisa lokuphumula?

• Sazi kanjani ukuthi usuku lukaNkulunkulu lwesikhombisa lusaqhubeka nanamuhla?

• Yini eyavimbela ama-Israyeli osuku lukaMose kuhlanganise namaKristu athile ekhulu lokuqala ukuba angene ekuphumuleni kukaNkulunkulu?

• Kusho ukuthini ukungena ekuphumuleni kukaNkulunkulu namuhla?

[Imibuzo Yesifundo]

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 27]

Namuhla singangena ekuphumuleni kukaJehova ngokulalela futhi sisebenze ngokuvumelana nenjongo yakhe eqhubekela phambili njengoba siyembulelwe ngenhlangano yakhe

[Izithombe emakhasini 26, 27]

Yini eqhubeka iyimfuneko ngabantu bakaNkulunkulu ukuze bangene ekuphumuleni kwakhe?