Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ngangesaba Ukufa—Manje Sengilindele ‘Ukuphila Okuchichimayo’

Ngangesaba Ukufa—Manje Sengilindele ‘Ukuphila Okuchichimayo’

Ngangesaba Ukufa—Manje Sengilindele ‘Ukuphila Okuchichimayo’

Njengoba ilandiswa uPiero Gatti

UMSINDO ondindizelayo osholo phansi waya ngokuya uba mkhulu. Walandelwa ukukhala kwezinhlabamkhosi ezazixwayisa abantu ukuba bafune indawo yokukhosela. Kwabe sekuzwakala ukuqhuma kwamabhomu nokwembubhiso nomsindo ovala izindlebe walokho kuhlasela okwakwesabeka.

Lokho kwenzeka eMilan, e-Italy, phakathi kuka-1943 no-1944. Njengesosha eliselincane elalithunyelwe lapho, ngangivame ukutshelwa ukuba ngiyobutha izinsalela zabantu ababengcwabeke ezindaweni ezaziqhunyiswe ngamabhomu zokubalekela izindiza zempi. Abantu babevaleleka kuzo futhi izidumbu zabo zazivithizwa zibe izicucu kungasabonakali nokuthi zingezobani. Akukhona ukufa kwabanye kuphela engakubonela eduze. Ngezinye izikhathi kwamina ngangisinda ngokulambisa. Ngalezo zikhathi ngangithandaza kuNkulunkulu, ngimthembise ukuthi uma ngingasinda kulokho kubulawa kwabantu uyaca, ngiyokwenza intando yakhe.

Ukuphela Kokwesaba Kwami Ukufa

Ngakhulela edolobhaneni eliqhele ngamakhilomitha ayishumi ukusuka eComo, e-Italy, eduze komngcele waseSwitzerland. Ngabhekana nosizi lokushonelwa ngisemncane kakhulu futhi ngaqala ukukwesaba ukufa. Umkhuhlane waseSpain wadlula nodadewethu ababili. Kwathi ngo-1930 kwashona umama, uLuigia, ngineminyaka eyisithupha kuphela. Njengoba ngakhula ngingumKatolika, ngangiyigcina imithetho yesonto futhi ngiya eMiseni masonto onke. Kodwa ukwesaba enganginakho kwaze kwaphela eminyakeni eminingi kamuva endaweni yokugunda izinwele, hhayi esontweni.

Ngo-1944, iMpi Yezwe II yayibulala inqwaba yabantu. Ngaba phakathi kwezinkulungwane ezingamashumi amaningi zamasosha ase-Italy ezabaleka enkundleni yempi zaya eSwitzerland eyayingathathi hlangothi. Lapho sifika, sayiswa emakamu ababaleki amaningana. Ngayiswa kwelaliseduze naseSteinach, enyakatho-mpumalanga yezwe. Saba nenkululeko ethile lapho. Umgundi wezinwele eSteinach wayedinga usizo lwesikhashana endaweni ayegundela kuyo. Ngahlala futhi ngasebenza naye inyanga eyodwa kuphela, kodwa leso sikhathi sangisiza ukuba ngihlangane nomuntu owashintsha ukuphila kwami.

Elinye lamakhasimende alo mgundi kwa-kungu-Adolfo Tellini, umNtaliyane owayehlala eSwitzerland. Wayengomunye woFakazi BakaJehova. Ngangingakaze ngizwe ngabo, futhi akumangazi ngoba ngaleso sikhathi oFakazi babengadluli ku-150 kulo lonke elase-Italy. U-Adolfo wangitshela amaqiniso eBhayibheli amangalisayo, izithembiso zokuthula ‘nokuphila okuchichimayo.’ (Joh. 10:10; IsAm. 21:3, 4) Isigijimi sekusasa elingenazimpi nakufa sangihlaba umxhwele. Sengiphindele ekamu lababaleki, ngaxoxela enye insizwa engumNtaliyane uGiuseppe Tubini ngaleli themba, nayo yahlabeka umxhwele. U-Adolfo nabanye oFakazi babesivakashela ngezikhathi ezithile ekamu.

U-Adolfo waya nami e-Arbon, eqhele ngamakhilomitha angaba yishumi ukusuka eSteinach, lapho iqembu elincane loFakazi laliqhubela khona imihlangano ngesiNtaliyane. Lokho engakuzwa kwanginika umdlandla kangangokuba ngesonto elilandelayo ngaziyela khona ngezinyawo. Kamuva, ngaya emhlanganweni omkhulu woFakazi owawusehholo lomhlangano eZurich. Ngathinteka kakhulu lapho ngibona inkulumo yama-slide eyayibonisa inqwaba yezidumbu zabantu ababulawa emakamu okuqothula. Ngezwa ukuthi kunoFakazi abaningi abangamaJalimane ababulawelwa ukholo lwabo. Kulowo mhlangano, ngahlangana noMaria Pizzato. Iziphathimandla zobu-Fascist zaseNtaliyane zazimgwebe iminyaka engu-11 ngenxa yomsebenzi wakhe njengoFakazi.

Lapho impi isiphelile, ngaphindela e-Italy ngafike ngahlanganyela nebandla elincane laseComo. Ngangingazange ngiqhutshelwe isifundo seBhayibheli esihlelekile, kodwa ngangiwaqonda kahle amaqiniso ayisisekelo. UMaria Pizzato naye wayehlanganyela kulelo bandla. Wakhuluma nami ngesidingo sobhapathizo lobuKristu futhi wangikhuthaza ukuba ngivakashele uMarcello Martinelli, owayehlala eCastione Andevenno, esifundazweni saseSondrio. UMarcello wayengumzalwane othembekile ogcotshiwe owadonsa isigwebo seminyaka engu-11 ngaphansi kwalowo mbuso wobushiqela. Kwadingeka ngihambe amakhilomitha angu-80 ngebhayisekili ukuze ngiye kwakhe.

UMarcello wasebenzisa iBhayibheli ukuze angichazele izimfuneko zokubhapathizwa, ngemva kwalokho sathandaza futhi saya emfuleni i-Adda, lapho angibhapathiza khona. Kwakungo-September 1946. Lolo suku lwaba olukhethekile kimi! Ngangijabule kakhulu ngesinqumo sami sokukhonza uJehova nangokuthi manje ngase nginethemba eliqinile ngekusasa kangangokuthi ngaqaphela sekuhlwile ukuthi ngalolo suku ngangihambe amakhilomitha angu-160 ngebhayisekili!

Ngo-May 1947, kwaba nomhlangano wokuqala ngemva kwempi e-Italy, eMilan. Kwaba khona abantu abangaba ngu-700, kuhlanganise nabaningi balabo abaphila ngesikhathi soshushiso lobuFascist. Kulowo mhlangano kwenzeka into engavamile. UGiuseppe Tubini, engafakaza kuye ekamu lababaleki, wanikeza inkulumo yobhapathizo—ngemva kwalokho naye wabhapathizwa!

Kulowo mhlangano, ngaba nelungelo lokuhlangana noMfoweth’ uNathan Knorr, owayevela eBethel yaseBrooklyn. Wasikhuthaza sinoGiuseppe ukuba sisebenzise ukuphila kwethu enkonzweni kaNkulunkulu. Nganquma ukuthi ngizongenela inkonzo yesikhathi esigcwele ingakapheli nenyanga. Lapho ngifika ekhaya, ngabatshela ngesinqumo sami futhi bonke bazama ukungiyekisa. Kodwa ngase nginqumile. Ngakho, ngemva kwenyanga ngaqala inkonzo yami yaseBethel, eMilan. Kwakunezithunywa zevangeli ezine ezazikhonza lapho: uGiuseppe (Joseph) Romano nomkakhe, u-Angelina; uCarlo Benanti nomkakhe, uCostanza. Ilungu lesihlanu lalowo mkhaya kwakunguGiuseppe Tubini, owayesanda kufika futhi mina ngangingowesithupha.

Ngemva kwenyanga ngiseBethel, ngatuswa njengombonisi ojikelezayo—kwakuqala ngami ukuba umNtaliyane wengabadi abe umjikelezi ezweni. UMfoweth’ uGeorge Fredianelli, isithunywa sevangeli sokuqala eseza e-Italy sivela e-United States ngo-1946, kakade wayesejikeleza. Wangiqeqesha amasonto ambalwa, futhi ngemva kwalokho ngajikeleza ngedwa. Ngilikhumbula kahle ibandla lokuqala engalivakashela—elaseFaenza. Cabanga nje! Kuze kube yileso sikhathi ngangingakaze nginikeze inkulumo ebandleni! Noma kunjalo, ngabakhuthaza labo ababekhona, kuhlanganise nentsha eningi, ukuba bacabangele ukungenela inkonzo yesikhathi esigcwele. Kamuva, enye yaleyo ntsha yathola izabelo ezihambisana nomthwalo wemfanelo omkhulu ensimini yase-Italy.

Ngase ngikuqalile ukuphila okujabulisayo njengombonisi ojikelezayo. Kwakuwukuphila okwakugcwele izimanga, izinguquko, izinselele nezinjabulo, ukuphila engathola kukho uthando olukhulu lwabafowethu nodadewethu.

Isimo Senkolo E-Italy Ngemva Kwempi

Ake nginichathazele okuthile ngesimo senkolo e-Italy ngaleso sikhathi. ISonto LamaKatolika yilona elalingumakhonya. Nakuba kwakunomthetho-sisekelo omusha owaqala ukusebenza ngo-1948, imithetho yobuFascist eyayivimbela oFakazi ukuba bashumayele ngokukhululekile yaze yachithwa ngo-1956. Ngenxa yengcindezi yabefundisi, imihlangano yesifunda yayivame ukuphazanyiswa. Kodwa ngezinye izikhathi imizamo yabefundisi yayibhuntsha kabuhlungu, okwenzeka nango-1948 eSulmona, idolobhana elisenkabeni ye-Italy.

Lowo mhlangano wawuqhutshelwa endaweni yomdlalo weshashalazi. NgeSonto ekuseni, ngangiwusihlalo futhi uGiuseppe Romano wanikeza inkulumo yeningi. Uma kucatshangelwa lezo zinsuku, babebaningi abantu abeza kulowo mhlangano. Ngaleso sikhathi, abamemezeli babengafiki naku-500 kulo lonke elase-Italy, kodwa leyo ndawo yeshashalazi yayigcwele iphuphuma abantu abangu-2 000. Ekupheleni kwenkulumo, ibhoxongwane elithile elaligqugquzelwa abefundisi ababili ababesezilalelini, lagxumela esiteji. Lihlose ukudala isiphithiphithi, laqala ukumemeza, limpongoloza. Ngaliphuthuma ngathi kulo, “Uma ufuna ukusho okuthile, qasha ihholo, lapho-ke ungasho khona noma yini ofuna ukuyisho.” Izilaleli azizange zikuthande lokho le nsizwa eyayikwenza futhi zavimbanisa izwi layo ngamazwi okucasuka. Lapho ibona lokho, insizwa yehla esiteji yaphela emehlweni.

Ngalezo zinsuku, ukusuka kwelinye ibandla uya kwelinye, kwakuyinselele. Ngezinye izikhathi ngangihamba ngezinyawo, ngezinye izikhathi ngihambe ngebhayisekili, ngamabhasi ayimixhekevana agcwala ngokweqile noma ngesitimela. Ngezinye izikhathi, ngangilala esitebeleni noma eshede. Impi yayisanda kuphela, futhi iningi labantu base-Italy lalihlupheka. Babembalwa abazalwane futhi bempofu. Noma kunjalo, ukuphila kokukhonza uJehova kwakumnandi.

Ukuqeqeshwa Esikoleni SaseGileyadi

Ngo-1950, mina noGiuseppe Tubini samenyelwa ekilasini le-16 lesikole saseGileyadi sezithunywa zevangeli. Ngaqaphela zisuka ukuthi kwakuzoba nzima ngami ukufunda isiNgisi. Ngenza konke okusemandleni ami kodwa kwakuyinselele ngempela. Kwakudingeka sifunde lonke iBhayibheli ngesiNgisi. Ukuze ngenze lokhu, ngezinye izikhathi ngangingayi ekudleni kwasemini ukuze ngiprakthize ukufunda ngokuzwakalayo. Ekugcineni, safika isikhathi sokuba nginikeze inkulumo. Ngiwakhumbula kahle amazwi kathisha njengokungathi uwashó izolo, “Ukushukuma kwakho komzimba nentshiseko kuhle kakhulu, kodwa isiNgisi sakho asizwakali nhlobo!” Naphezu kwalokhu, ngaphumelela ezifundweni zami. Ngemva kwalokho, mina noGiuseppe saphinde sabelwa e-Italy. Ngemva kwalokho kuqeqeshwa okwengeziwe, sobabili sasesikuhlomele kangcono ukukhonza abafowethu.

Ngo-1955, ngashada noLidia, enganikeza inkulumo ngenkathi ebhapathizwa eminyakeni engu-7 edlule. Uyise uDomenico, wayengumzalwane othandekayo owakwazi ukusiza zonke izingane zakhe ezingu-7 ukuba zamukele iqiniso, nakuba ashushiswa umbuso wobuFascist futhi wadingiswa iminyaka emithathu. ULidia naye walilwela ngempela iqiniso. Wabhekana namacala amathathu enkantolo ngaphambi kokuba ilungelo lethu elingokomthetho lokushumayela endlini ngendlu liqashelwe. Ngemva kweminyaka eyisithupha sishadile, sazibula ngendodana, uBeniamino. Ngo-1972, saba nenye indodana, uMarco. Ngiyajabula ngoba bona nemikhaya yabo bakhonza uJehova ngentshiseko.

Ukuhlale Sikhuthele Enkonzweni KaJehova

Phakathi nesikhathi esijabulisayo ngikhonza abafowethu, ngiye ngaba nokuhlangenwe nakho okuningi okumnandi. Ngokwesibonelo, ekuqaleni kwawo-1980, umkhwe wami wabhalela uSandro Pertini, owayengumongameli wase-Italy ngaleso sikhathi. Ngesikhathi kusabusa umbuso wobushiqela wobu-Fascist, bobabili badingiselwa esiqhingini saseVentotene, lapho labo ababebhekwa njengezitha zombuso babegcinwa khona. Umkhwe wami wacela ukuxoxa naye ngenjongo yokufakaza kuye. Lapho isicelo sakhe samukelwa, ngahamba naye futhi samukelwa ngemfudumalo—okuyinto esasiyeshwama. Umongameli wabingelela umkhwe wami ngokumanga ngemfudumalo. Sabe sesixoxa ngezinkolelo zethu, samnika izincwadi ezithile.

Ngo-1991, ngemva kweminyaka engu-44 ngikhonza njengombonisi ojikelezayo, ngakuyeka ukujikeleza sengihambele amabandla akulo lonke lase-Italy. Ngemva kwalokho, ngakhonza iminyaka emine njengombonisi weHholo LoMhlangano kwaze kwaba yilapho kudingeka nginciphise imithwalo yami yemfanelo ngenxa yokugula kakhulu. Nokho, ngomusa kaJehova ongafanelwe, ngisesenkonzweni yesikhathi esigcwele. Ngizama ukwenza okusemandleni ami ukuze ngishumayele futhi ngifundise izindaba ezinhle, futhi ngiqhuba izifundo zeBhayibheli ezimbalwa. Abazalwane basathi izinkulumo zami “zivutha uphondo.” Ngiyambonga uJehova ngokuthi amandla ami awakanciphi nakuba iminyaka isihambile.

Ngisemusha, ngangibuswa ukwesaba ukufa, kodwa ukuthola ulwazi olunembile lweBhayibheli kuye kwanginikeza ithemba eliqinisekile lokuphila okuphakade—ukuphila “okuchichimayo,” njengoba uJesu akubiza kanjalo. (Joh. 10:10) Yilokho manje engibheke phambili kukho—ukuphila okugcwele ukuthula, ukulondeka nenjabulo nezibusiso eziningi ezivela kuJehova. Kwangathi lonke udumo lungaya kuMdali wethu onothando, esinelungelo lokuphatha igama lakhe.—IHu. 83:18.

[Ibalazwe emakhasini 22, 23]

(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)

SWITZERLAND

BERN

Zurich

Arbon

Steinach

ITALY

ROME

Como

Milan

Umfula i-Adda

Castione Andevenno

Faenza

Sulmona

Ventotene

[Isithombe ekhasini 22]

Sisendleleni elibangise eGileyadi

[Isithombe ekhasini 22]

Ngino- Giuseppe eGileyadi

[Isithombe ekhasini 23]

Ngosuku lwethu lomshado

[Isithombe ekhasini 23]

Umkami engimthandayo uye wangisekela iminyaka engaphezu kuka-55