Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Uzosilandela Yini Isiqondiso SikaJehova Sothando?

Uzosilandela Yini Isiqondiso SikaJehova Sothando?

Uzosilandela Yini Isiqondiso SikaJehova Sothando?

“Ngizizondile zonke izindlela zamanga.”—IHU. 119:128.

1, 2. (a) Lapho udinga ukuyalelwa indlela eya endaweni ethile, hlobo luni lwesixwayiso ongase usazise, futhi ngani? (b) Iziphi izixwayiso uJehova azinikeza labo abamkhonzayo, futhi ngani?

 AKE ucabange ngalesi simo: Kudingeka uye endaweni ethile. Ucela usizo kumngane wakho omethembayo oyaziyo indlela ukuba akuqondise. Njengoba ekuyalela kahle, ube esesho into enjengokuthi: “Woliqaphela ijika elilandela leli. Uphawu lwakhona luyakhohlisa. Abantu abaningi bayalulandela bagcine bedukile.” Uyokwazisa yini ukukukhathalela kwakhe futhi ulalele leso sixwayiso? Ngandlela-thile, uJehova unjengalowo mngane. Usinika iziqondiso ezicatshangelwe kahle zendlela esingafinyelela ngayo ekuphileni okuphakade, lapho siphokophele khona, kodwa usixwayisa nangamathonya amabi angasenza sithathe indlela engafanele.—Dut. 5:32; Isaya 30:21.

2 Kulesi sihloko nakwesilandelayo, sizoxoxa ngamanye amathonya uMngane wethu, uJehova uNkulunkulu, asixwayisa ngawo. Masikhumbule ukuthi uJehova usinikeza lezo zixwayiso ngoba esikhathalela futhi esithanda. Ufuna sifinyelele lapho siphokophele khona. Kumzwisa ubuhlungu ukubona abantu bevuma ukulawulwa amathonya amabi futhi beduka. (Hez. 33:11) Kulesi sihloko, sizoxoxa ngamathonya amabi amathathu. Elokuqala livela ngaphandle, elesibili livela ngaphakathi kithi. Elesithathu lona aliyona nento engokoqobo; noma kunjalo, alive liyingozi. Kudingeka sazi ukuthi ayini la mathonya, sazi nendlela uBaba wethu osezulwini asifundisa ngayo ukuba simelane nawo. Omunye umhubi ophefumulelwe wathi kuJehova: “Ngizizondile zonke izindlela zamanga.” (IHu. 119:128) Ingabe nawe uzizwa ngendlela efanayo? Ake sibone indlela esingayiqinisa ngayo leyo nzondo futhi senze ngokuvumelana nayo.

Ungalandeli “Isixuku”

3. (a) Lapho singaqiniseki ngendlela okufanele sihambe ngayo, kungani kungase kube ingozi ukulandela abanye abakuleyo ndlela? (b) Isiphi isimiso esibalulekile esisithola ku-Eksodusi 23:2?

3 Lapho uzothatha uhambo olude, ungenzenjani uma uzizwa ungaqiniseki ngendlela okumelwe uhambe ngayo? Ungase ulingeke ukuba ulandele abanye abakuleyo ndlela—ikakhulu uma ubona bebaningi abakhetha indlela efanayo. Inkambo enjalo iyingozi. Phela, kungenzeka ukuthi labo bantu abayi lapho wena uya khona, noma kungenzeka ukuthi nabo badukile. Kule ndaba, cabangela isimiso esitholakala komunye wemithetho eyanikwa u-Israyeli wasendulo. Labo ababekhonza njengabahluleli noma ofakazi ezindabeni zokwahlulela baxwayiswa ngengozi ‘yokulandela isixuku.’ (Funda u-Eksodusi 23:2.) Akungabazeki ukuthi kulula ngabantu abangaphelele ukuvumela ukucindezelwa ontanga, baphendukezele ubulungisa. Nokho, ingabe isimiso sokungalandeli isixuku sisebenza kuphela ezindabeni zokwahlulela? Lutho neze.

4, 5. Iyiphi ingcindezi yokulandela isixuku uJoshuwa noKalebi ababhekana nayo, kodwa yini eyabasiza ukuba bakwazi ukumelana nayo?

4 Eqinisweni, ingcindezi ‘yokulandela isixuku’ ingasifikela noma nini. Ingavela kungazelelwe, futhi kungase kube nzima kakhulu ukumelana nayo. Ngokwesibonelo, cabanga ngokucindezela kontanga uJoshuwa noKalebi abake babhekana nako. Babeseqenjini lamadoda angu-12 athunywa ukuba ayohlola iZwe Lesithembiso. Lapho esebuya, ayishumi kuwo anikeza umbiko ongemuhle nodangalisayo. Aze athi ezinye zezakhamuzi zakulelo zwe zaziyimidondoshiya yozalo lwamaNefili, inzalo eyingxube yabesifazane nezingelosi ezahlubuka. (Gen. 6:4) Phela, lokho ayekusho kwakungamanga aluhlaza cwe. Leyo nzalo embi eyingxube yayiqothulwe yonke ngoZamcolo emakhulwini eminyaka amaningi ngaphambili. Kodwa ngisho nomqondo ongenasisekelo ngokuphelele ungaba namandla kulabo ababuthaka okholweni. Imibiko engemihle yalezo zinhloli eziyishumi yabangela ngokushesha ukwesaba netwetwe kubantu. Kungakabiphi, abaningi base beqiniseka ukuthi kuyoba iphutha ukuya eZweni Lesithembiso uJehova ayethe abaye kulo. Kuleso simo esasesibucayi, benzenjani uJoshuwa noKalebi?—Num. 13:25-33.

5 Abazange balandele isixuku. Nakuba isixuku singakuthandanga ukuzwa iqiniso, lawo madoda amabili alikhuluma futhi anamathela kulo—ngisho nalapho esesongelwa ngokukhandwa ngamatshe aze afe! Ayesitholaphi leso sibindi? Akungabazeki ukuthi ukholo lwawo lwaba nendima enkulu kakhulu. Abantu abanokholo bawubona ngokucacile umahluko phakathi kwezinto ezingenasisekelo ezishiwo abantu nezithembiso ezingcwele zikaJehova uNkulunkulu. Kamuva, womabili la madoda azwakalisa indlela ayezizwa ngayo ngomlando kaJehova wokugcwalisa zonke izethembiso zakhe. (Funda uJoshuwa 14:6, 8; 23:2, 14.) UJoshuwa noKalebi banamathela kuNkulunkulu wabo othembekile, futhi babengakucabangi nakukucabanga ukumzwisa ubuhlungu ukuze nje balandele isixuku esingenalukholo. Ngakho, bama baqina, besibekela isibonelo esihle kakhulu namuhla.—Num. 14:1-10.

6. Iziphi izindlela esingazizwa sicindezelwe ngazo ukuba silandele isixuku?

6 Kuyenzeka yini ukuba nawe ngesinye isikhathi uzizwe ucindezelwa ukuba ulandele isixuku? Ngokuqinisekile, namuhla abantu abahlukaniswe noJehova nabazihleka usulu izindinganiso zakhe zokuziphatha bayisixuku esikhulu. Lesi sixuku sivame ukukhuthaza imiqondo engenasisekelo endabeni yokuzijabulisa nokuzilibazisa. Singase siphikelele ngokuthi akuyona ingozi ukuziphatha okubi, ubudlova nokusebenzelana nemimoya osekwande kakhulu ezinhlelweni zethelevishini, kumabhayisikobho nasemidlalweni yama-computer. (2 Thim. 3:1-5) Lapho ukhetha okokuzijabulisa nokokuzilibazisa kwakho noma komkhaya wakho, ingabe uvumela onembeza abayekethisayo babanye bathonye izinqumo zakho noma balolonge unembeza wakho? Empeleni, lokho bekungeke yini kufane nokulandela isixuku?

7, 8. (a) ‘Amandla ethu okuqonda’ aqeqeshwa kanjani, futhi kungani ukuqeqeshwa okunjalo kuwusizo kakhulu kunokulandela inqwaba yemithetho eqinile? (b) Kungani isibonelo sentsha eningi engamaKristu sikujabulisa?

7 UJehova usinike isipho esiyigugu ukuze sisisize ekwenzeni izinqumo—‘amandla ethu okuqonda.’ Nokho, la mandla kudingeka aqeqeshwe ‘ngokuwasebenzisa.’ (Heb. 5:14) Ukulandela isixuku ngeke kuwaqeqeshe amandla ethu okuqonda; kanti nokuba nenqwaba yemithetho eqinile nakho ngeke kusize ezindabeni ezifuna unembeza. Yingakho abantu bakaJehova benganikezwa uhlu lwamabhayisikobho, izincwadi nezingosi ze-Internet okumelwe bazigweme. Ngenxa yokuthi leli zwe lishintsha ngokuphazima kweso, uhlu olunjalo belungaphelelwa isikhathi luqedwa nje ukubhalwa. (1 Kor. 7:31) Okubi nakakhulu, beluyosincisha umsebenzi obalulekile wokuhlaziya izimiso zeBhayibheli ngokucophelela nangomthandazo bese senza izinqumo ezisekelwe kulezo zimiso.—Efe. 5:10.

8 Yiqiniso, izinqumo zethu ezisekelwe eBhayibhelini ngezinye izikhathi zingasenza singathandeki. Intsha engamaKristu esikoleni ingase ibhekane nengcindezi enamandla evela esixukwini yokubuka nokwenza lokho wonke umuntu akubukayo nakwenzayo. (1 Pet. 4:4) Ngakho-ke, akuve kukuhle ukubona amaKristu amasha namadala elingisa ukholo lukaJoshuwa noKalebi, enqaba ukulandela isixuku.

Ungalandeli ‘Inhliziyo Yakho Namehlo Akho’

9. (a) Lapho usohambweni, kungani kungase kube ingozi ukumane ulalele lokho okufisayo noma okushiwo inhliziyo yakho? (b) Kungani umthetho okuNumeri 15:37-39 wawufaneleka kubantu bakaNkulunkulu basendulo?

9 Ithonya lesibili eliyingozi esizoxoxa ngalo livela ngaphakathi kithi. Singase silicacise ngale ndlela: Uma usendleleni eya endaweni ethile, ungazicabanga yini unquma ukulibekela eceleni ibalazwe lakho, bese umane ulandela inhliziyo yakho—mhlawumbe ungene nganoma imuphi umgwaqo obonakala uzokubonisa izindawo ezinhle? Ngokucacile, ukulandela inhliziyo yakho kungakwenza ungawufinyeleli umgomo wakho. Ngokuphathelene nalokhu, cabanga ngomunye wemithetho kaJehova ayinika u-Israyeli wasendulo. Abaningi namuhla bangase bakuthole kunzima ukuqonda umthetho wokufaka insephe nezintambo eziluhlaza okwesibhakabhaka ezingutsheni zabo. (Funda uNumeri 15:37-39.) Nokho, uyakubona yini wena ukubaluleka kwawo? Ukuwulalela kwasiza abantu bakaNkulunkulu ukuba bazigcine behlukile ezizweni ezingamaqaba ezaziwazungezile. Kwakubalulekile lokho ukuze uJehova abamukele futhi bahlale bamukeleka. (Lev. 18:24, 25) Nokho, lowo mthetho wembula nethonya elivela ngaphakathi kithi eliyingozi elingase lisidukise singakufinyeleli ukuphila okuphakade esiphokophele kukho. Kanjani?

10. UJehova ubonise kanjani ukuthi uyakuqonda ukwakheka kwabantu?

10 Phawula lokho uJehova akusho kubantu bakhe njengesizathu salo mthetho: “Akumelwe nihambe nilandela izinhliziyo zenu namehlo enu, enikulandelayo ekuziphatheni okubi kobulili.” UJehova ukuqonda ngokujulile ukwakheka kwabantu. Uyazi kahle indlela inhliziyo yethu, noma umuntu esinguye ngaphakathi, ekhohliseka kalula ngayo yilokho esiyiphakela kona ngamehlo ethu. Ngakho, iBhayibheli liyasixwayisa: “Inhliziyo ikhohlisa ngaphezu kwanoma yini enye futhi yenza ngokuphelelwa yithemba. Ubani ongase ayazi?” (Jer. 17:9) Khona-ke, uyabona yini ukuthi isixwayiso uJehova asinika ama-Israyeli sasifaneleka? Wayazi kahle ukuthi ayeyothambekela ekubhekeni izizwe ezingamaqaba ezaziwazungezile futhi ayengwe yilokho ayekubona. Ayengase alingeke ukuba afune ukufana nalabo bantu ababengakholwa abese ecabanga, ezizwa futhi enza njengabo.—IzAga 13:20.

11. Singalingwa kanjani yizinzwa zenyama yethu?

11 Osukwini lwethu, kulula ngisho nakakhulu ukuba inhliziyo yethu ekhohlisayo inxenxwe izinzwa zenyama yethu. Siphila ezweni elihlelelwe ukukhanga ukuthambekela kwenyama. Ngakho, singasisebenzisa kanjani isimiso esikuNumeri 15:39? Cabanga ngalokhu: Uma abantu abakuzungezile esikoleni, emsebenzini noma emphakathini beya ngokuya begqoka ngendlela evusa inkanuko, kungenzeka yini ukuba nawe ungenwe yilowo moya? Kungenzeka yini ulingeke ukuba ‘ulandele inhliziyo namehlo akho’ futhi uyengwe yilokho okubonayo? Khona-ke, kungenzeka yini ukuba ulingeke ukuba wehlise izindinganiso zakho ngokugqoka ngendlela efanayo?—Roma 12:1, 2.

12, 13. (a) Yini okufanele siyenze uma amehlo ethu ethanda ukuzulela endaweni engafanele? (b) Yini engasishukumisela ukuba sigweme ukuba umthombo wesilingo kwabanye?

12 Kuyaphuthuma ukuba sihlakulele ukuzithiba. Uma amehlo ethu ethambekele ekuzuleleni endaweni engafanele, masikhumbule ukuzimisela okuqinile kukaJobe othembekile, owenza isivumelwano esingokoqobo namehlo akhe—isinqumo esiqinile sokungabuki omunye owesifazane ngothando ngaphandle komkakhe. (Jobe 31:1) INkosi uDavide nayo yanquma ngokufanayo: “Ngeke ngibeke phambi kwamehlo ami noma yini engelusizo lwalutho.” (IHu. 101:3) Noma yini engase ilimaze unembeza wethu ohlanzekile nobuhlobo bethu noJehova, iyinto “engelusizo lwalutho” kithi. Lokho kungahlanganisa nanoma isiphi isilingo esikhangayo emehlweni ethu nesibonakala sizonxenxela inhliziyo yethu ekwenzeni okubi.

13 Ngakolunye uhlangothi, asisoze neze safuna ukuba ngomqondo othile sibe abantu ‘abangelusizo lwalutho’ kwabanye ngokubalingela ukuba bacabange ukwenza okubi. Ngakho-ke, sisithatha ngokungathí sina iseluleko esiphefumulelwe seBhayibheli sokugqoka izingubo ezilungiswe kahle nezinesizotha. (1 Thim. 2:9) Isizotha asiyona into esingamane siyichaze ngendlela evumelana nathi. Kudingeka sicabangele onembeza babantu abasizungezile nendlela abazwela ngayo, sibeke ukuthula kwabo kwengqondo nenhlalakahle yabo kuqala kunalokho okuthandwa yithi. (Roma 15:1, 2) Ibandla lobuKristu libusiswe ngezinkulungwane eziningi zentsha ebeka isibonelo esihle kakhulu kule ndaba. Yeka ukuthi siziqhenya kanjani ngayo njengoba yenqaba ‘ukulandela izinhliziyo zayo namehlo ayo,’ futhi esikhundleni salokho ikhetha ukuthokozisa uJehova kukho konke ekwenzayo—ngisho nasendleleni egqoka ngayo!

Ungalandeli “Izinto Ezingezona Ezingokoqobo”

14. Isiphi isixwayiso ngokuphishekela “izinto ezingezona ezingokoqobo” uSamuweli asinikeza?

14 Ake sithi ohambweni lwakho kudingeka unqamule ogwadule olukhulu. Yini engenzeka uma ungachezuka endleleni ukuze ulandele utalagu? Ukulandela lolo talagu kungakulahlekisela ukuphila kwakho! UJehova uyazi kahle leyo ngozi. Cabanga ngalesi sibonelo. Ama-Israyeli ayefuna ukuba njengezizwe ezaziwazungezile, ezazibuswa amakhosi angabantu. Eqinisweni, leso sifiso sasiyisono esikhulu, ngoba sasifana nokuthi ayenqaba uJehova njengeNkosi yawo. Nakuba uJehova awavumela ukuba abe nenkosi engumuntu, wayala umprofethi wakhe uSamuweli ukuba awanikeze isixwayiso esingagwegwesi ngokuphishekela “izinto ezingezona ezingokoqobo.”—Funda eyoku-1 Samuweli 12:21.

15. Ama-Israyeli aphishekela izinto ezingezona ezingokoqobo ngaziphi izindlela?

15 Ingabe labo bantu babecabanga ukuthi inkosi engumuntu yayiyoba ngokoqobo ngokwengeziwe, bayethembe ngokwengeziwe kunoJehova? Uma kunjalo, babephishekela into engeyona neze engokoqobo! Babesengozini yokuphishekela nezinye izinto eziwutalagu lukaSathane. Amakhosi angabantu ayeyobaholela kalula ekukhonzeni izithombe. Abantu abakhulekela izithombe benza iphutha lokucabanga ukuthi izinto abazibonayo—onkulunkulu abenziwe ngokhuni noma ngamatshe—zingokoqobo ngokwengeziwe, bangazethemba ngokwengeziwe kunoJehova, uNkulunkulu ongabonakali, owadala zonke izinto. Kodwa njengoba umphostoli uPawulu aphawula, izithombe ‘azilutho.’ (1 Kor. 8:4) Azikwazi ukubona, ukuzwa, ukukhuluma noma ukwenza okuthile. Wena ungazibona futhi uzithinte, kodwa uma ungazikhulekela, empeleni, uyobe uphishekela into engeyona engokoqobo—utalagu oluyokulethela inhlekelele nje kwaphela.—IHu. 115:4-8.

16. (a) USathane ubayenga kanjani abaningi namuhla ukuba baphishekele izinto ezingezona ezingokoqobo? (b) Kungani singase sithi izinto ezibonakalayo ziyizinto ezingezona ezingokoqobo, ikakhulukazi lapho ziqhathaniswa noJehova uNkulunkulu?

16 USathane namanje ungungoti ekwenzeni abantu baphishekele izinto ezingezona ezingokoqobo. Ngokwesibonelo, uye wanxenxa inqwaba yabantu ukuba bathembele ezintweni ezibonakalayo ukuze bathole ukulondeka. Imali, impahla nemisebenzi ekhokhela kahle kungase kubonakale kunezinzuzo. Nokho, iziphi izinzuzo izinto ezibonakalayo ezizinikezayo lapho impilo yakho iwohloka, umnotho uwohloka, noma lapho kugadla inhlekelele yemvelo? Zibenzelani abantu lapho bezizwa bengelutho ngaphakathi, bedinga injongo, isiqondiso nezimpendulo emibuzweni ejulile ephathelene nokuphila? Iyiphi impumuzo ezingayinikeza lapho ubhekene nokufa? Uma sibheka ezintweni ezibonakalayo ukuba sanelise izidingo zethu ezingokomoya, siyodumala. Izinto ezibonakalayo azinalutho ezingalunikeza; ziyizinto ezingezona ezingokoqobo. Ekugcineni, ngeke zinikeze ngisho nokulondeka okungokwenyama, ngoba azinawo umphumela ohlala njalo ekuphileni kwabantu kwamanje okufushane noma uma kwenzeka begula futhi bafe. (IzAga 23:4, 5) Yeka ukuthi uJehova uNkulunkulu wethu ungokoqobo kakhulu kangakanani! Singathola ukulondeka kwangempela kuphela uma sinobuhlobo obuqinile naye. Yeka ukuthi lokho kuyisibusiso esiyigugu kangakanani! Masingalokothi simshiye, siphishekele izinto ezingezona ezingokoqobo.

17. Uzimisele ukwenzani ngamathonya amabi esixoxe ngawo?

17 Asibusisekile yini ngokuba noJehova njengoMngane noMqondisi wethu ohambweni lokuphila? Uma siqhubeka silalela izixwayiso zakhe zothando ngamathonya amabi amathathu—isixuku, izinhliziyo zethu nezinto ezingezona ezingokoqobo—cishe siyofinyelela ekuphileni okuphakade, lapho siphokophele khona. Esihlokweni esilandelayo, sizodingida ezinye izixwayiso ezintathu uJehova azinikezayo ukuze asisize sizonde futhi sigweme izindlela zamanga ezidukisa abantu abaningi.—IHu. 119:128.

Ucabangani?

Ungazisebenzisa kanjani kuwe izimiso ezisemiBhalweni elandelayo?

• U-Eksodusi 23:2

• UNumeri 15:37-39

• Eyoku-1 Samuweli 12:21

IHubo 119:128

[Imibuzo Yesifundo]

[Isithombe ekhasini 11]

Ingabe uke ulingeke ukuba ulandele isixuku?

[Isithombe ekhasini 13]

Kungani kuyingozi ukulandela inhliziyo yakho?

[Isithombe ekhasini 14]

Ingabe uphishekela izinto ezingezona ezingokoqobo?