Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

Singakwazi yini ukuthola isikhathi esinembile uJesu Kristu abethelwa ngaso?

Lo mbuzo uphakama ngoba kubonakala kunomahluko phakathi kokulandisa okuphefumulelwe okuphathelene nokufa kukaJesu okulotshwe umlobi weVangeli uMarku nokomphostoli uJohane. UMarku uthi: “Manje kwase kuyihora lesithathu, [amasosha] ambethela.” (Marku 15:25) Ukulandisa kukaJohane kuthi, “cishe kwakuyihora lesithupha” lapho uPilatu enikela uJesu kumaJuda ukuze ambethele. (Joh. 19:14-16) Abahlaziyi beBhayibheli baye banikeza izincazelo ezihlukahlukene bezama ukuxazulula lokhu okubonakala kuwuphikisana. Nokho, imiBhalo ayisinikezi ukwaziswa okwanele ukuba kungachazwa lo mahluko ophakathi kwalokhu kulandisa okubili. Noma kunjalo, ukucabangela indlela abantu ababebheka ngayo isikhathi ngalezo zinsuku kungasiza.

Ngekhulu lokuqala leNkathi yethu Evamile, amaJuda ayehlukanisa imini ibe ngamahora angu-12, ayebalwa kusukela ekuphumeni kwelanga. (Joh. 11:9) “Ihora lesithathu” laliqala ngehora lesishiyagalombili liphele ngelesishiyagalolunye ekuseni kanti “ihora lesithupha” laliphela cishe emini bebade. Yiqiniso, ilanga laliphuma futhi lishone ngezikhathi ezingafani phakathi nonyaka. Ngenxa yalokho, ubude bemini babuhluka kuye ngenkathi yonyaka. Ngaphezu kwalokho, ihora losuku lalinqunywa ngokubheka ilanga. Ngakho, izikhathi okukhulunywa ngazo eBhayibhelini zaziwukulinganisela. ImiBhalo YamaKristu YesiGreki ikhuluma kaningi ngezenzakalo ezenzeka ngehora lesithathu, lesithupha noma lesishiyagalolunye—ngokuvamile okusho ukuthi cishe ngaleso sikhathi. (Math. 20:3, 5; IzE. 10:3, 9, 30) Isikhathi esinembe ngokwengeziwe, ‘njengehora lesikhombisa,’ sisetshenziswe kuphela lapho isikhathi sibaluleke kakhulu khona endabeni elandiswayo.—Joh. 4:52.

Ukulandisa kwamaVangeli kuyavumelana ngokuphathelene nesikhathi sezenzakalo zosuku lokugcina lukaJesu esemhlabeni. Womane abonisa ukuthi abapristi namadoda amadala bahlangana sekusile, ngemva kwalokho bathatha uJesu bamyisa kuMbusi ongumRoma uPontiyu Pilatu. (Math. 27:1; Marku 15:1; Luka 22:66; Joh. 18:28) UMathewu, uMarku noLuka babika ukuthi kusukela ngehora lesithupha, lapho uJesu esesigxotsheni kakade, ubumnyama behlela izwe “kwaze kwaba yihora lesishiyagalolunye.”—Math. 27:45, 46; Marku 15:33, 34; Luka 23:44.

Esinye isici esibalulekile esingase sibe nomthelela endabeni yokuthi uJesu wabethelwa nini yilesi: Ukubhaxabulwa noma ukushaywa ngesiswebhu kwakubhekwa njengengxenye yokubethelwa. Ngezinye izikhathi ukubhaxabulwa kwakuba kukhulu kangangokuthi isisulu sasifa. Endabeni kaJesu, kumelwe ukuba kwakukukhulu kakhulu kangangokuba kwadingeka ukuba omunye umuntu amthwalele isigxobo sokuhlushwa ngemva kokuba uJesu eqale wasithwala yedwa. (Luka 23:26; Joh. 19:17) Uma ukubhaxabulwa kwakubhekwa njengesiqalo senqubo yokubethelwa, cishe kwakuyodlula isikhathi esithile ngaphambi kokuba uJesu abethelwe esigxotsheni sokuhlushwa. Ngakho, abantu abahlukahlukene bangase banikeze izikhathi ezihlukahlukene ngokuqondene nokubethelwa kwakhe, kuye ngokuthi isiphi isigaba sayo yonke le nqubo yokubethelwa bona abaye basiphawula.

Umphostoli uJohane wabhala ukulandisa kwakhe sekudlule amashumi eminyaka ngemva kokuba abanye abalobi bamaVangeli belobe okwabo. Ngakho, wayengakufunda lokho abakulobile. Yiqiniso, uJohane wahlanganisa nomniningwane wesikhathi esibonakala sihlukile kwesanikezwa uMarku. Nokho, lokhu kunikeza ubufakazi obucacile bokuthi uJohane akamananga wakopisha ukulandisa kukaMarku. Bobabili, uJohane noMarku babephefumulelwe uNkulunkulu. Nakuba kungekho ukwaziswa okwanele okungokomBhalo okuchaza lo mahluko okhona, singakwethemba ukulandisa kwamaVangeli.