Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

“Ngikhubazekile Manje Kodwa Kuzophela!”

“Ngikhubazekile Manje Kodwa Kuzophela!”

“Ngikhubazekile Manje Kodwa Kuzophela!”

Njengoba ilandiswa uSara van der Monde

Abantu bahlale bethi kimi, “Sara, umomotheka kamnandi. Yini le ekwenza uhlale ujabule kangaka?” Ngiye ngibatshele ngethemba elikhethekile enginalo. Lingafingqwa ngala mazwi, “Manje ngikhubazekile kodwa kuzophela!”

NGAZALELWA eParis, eFrance, ngo-1974. Kwaba nezinkinga lapho ngibelethwa, futhi kamuva kwatholakala ukuthi ngikhubazekile ebuchosheni. Lokho kukhubazeka kwenza ukuba imilenze nezingalo kunganyakazi kahle, futhi ngikhulume ngendlela engazwakali. Ngaba nanesithuthwane futhi ngangenwa izifo kalula.

Lapho ngineminyaka emibili ubudala, abasekhaya bathuthela eMelbourne, e-Australia. Eminyakeni emibili kamuva, ubaba wasilahla sinomama. Ngikhumbula ukuthi yileso sikhathi engaqala ngaso ukuzizwa ngisondelene noNkulunkulu. Umama ungomunye woFakazi BakaJehova, futhi wayeya nami njalo emihlanganweni yobuKristu, nokuyilapho ngafunda khona ukuthi uNkulunkulu uyangithanda futhi uyangikhathalela. Lolo lwazi, kuhlanganise nothando lukamama nokungiqinisekisa kwakhe, kwangisiza ukuba ngizizwe ngilondekile naphezu kwezimo zasekhaya ezase zishintshile.

Umama wangifundisa nokuthandaza kuJehova. Empeleni, ngithola ukuthandaza kulula kakhulu kunokukhuluma. Lapho ngithandaza, akubi umzukuzuku ukusho amagama, kuvele kube sengathi ngiyawezwa akheka ngokucacile engqondweni. Kanti njengoba ngingezwakali kahle uma ngikhuluma, kungiqinisa idolo ukwazi ukuthi uJehova uqonda yonke into, kungakhathaliseki ukuthi ngiyisho buthule noma ngiyiphimisela ngamazwi angingizayo.—IHu. 65:2.

Ukubhekana Nezinkinga

Lapho ngiba neminyaka emihlanu, ukukhubazeka kwami kwaba kubi kangangokuthi kwadingeka ngifakelwe izinsimbi zokuphasa imilenze ukuze ngihambe. Empeleni ngangixegezela uma ngihamba. Kwathi lapho ngiba neminyaka engu-11, angibange ngisakwazi nokuhamba. Kamuva, ngehluleka ukugibela nokwehla embhedeni, ngase ngisizwa umshini kagesi ongiphakamisela esihlalweni sabakhubazekile esihamba ngenjini engisiqondisa ngegiya.

Ngiyavuma ukuthi ngezinye izikhathi ukukhubazeka kwami kuyangidangalisa. Kodwa ngibe sengikhumbula isiqubulo sasekhaya: “Ungakhathazeki ngezinto ongakwazi ukuzenza. Mane wenze lokho okwazi ukukwenza.” Lokhu kuye kwangisiza ngakwazi ukufunda ukugibela ihhashi, ukushayela isikebhe, ukugwedla isikebhe, ukukhempa ngisho nokushayela imoto emigwaqweni emincane! Ikhono lami lemvelo lokwenza izinto zobuciko ngilibonisa ngokudweba, ukuthunga, ukuhlanganisa iziqeshana ngenze indwangu yombhede, ukufekethisa nokwenza izitsha zobumba.

Ngenxa yokuthi ngikhubazeke kakhulu, abanye baye bangabaza ukuthi ukukhulekela kwami uNkulunkulu kuyisinqumo engizenzele sona. Ngesikhathi ngineminyaka engu-18, uthisha wangikhuthaza ukuba ngihambe ekhaya “ngibalekele” inkolo kamama. Waze wathi uzongisiza ngithole indawo yokuhlala. Kepha ngamtshela ukuthi angisoze ngalulahla ukholo lwami nokuthi ngiyophuma ekhaya kuphela lapho sengikulungele ukuzimela.

Ngokushesha ngemva kwalokho ngabhapathizwa njengomunye woFakazi BakaJehova. Ngemva kweminyaka emibili, ngathuthela efulethini elincane. Lapha, ngijabulela ukuzenzela ezinye izinto nokusekelwa kulezo engingakwazi ukuzenza.

Isicelo Esingalindelekile

Njengoba iminyaka ihamba, ngiye ngabhekana nokunye ukuvivinywa kokholo. Ngolunye usuku ngamangala kabi lapho omunye umfundi—naye okhubazekile—engicela ukuba ngishade naye. Ekuqaleni kwangithokozisa lokho. Phela njengeningi lezintokazi, nami ngiyafisa ukushada. Kodwa ukushada kwabantu ababili abakhubazekile akuqinisekisi ukuthi umshado wabo uyoba ojabulisayo. Ngaphezu kwalokho, le nsizwa yayingeyena uFakazi kaJehova. Izinkolelo zethu, ukuphila kwethu nemigomo yethu kunjengempumalanga nentshonalanga. Sasingaphila kanjani-ke esimweni esinjalo? Ngangizimisele nokulalela isiqondiso sikaNkulunkulu esicacile sokushada kuphela nomkhulekeli engikanye naye. (1 Kor. 7:39) Ngakho-ke, ngaxolisa ngomusa kule nsizwa.

Ngisho nanamuhla ngiyazi ukuthi ngenza isinqumo esihle. Futhi angingabazi ukuthi ngiyojabula ezweni elisha uNkulunkulu asithembise lona. (IHu. 145:16; 2 Pet. 3:13) Okwamanje, ngizimisele ukuhlale ngiqotho kuJehova futhi nganelisekile ngesimo engikuso.

Ngilangazelela usuku engiyogxuma ngalo esihlalweni sabakhubazekile, ngigijime ngibhembuluke. Ngiyobe sengikhamuluka ngithi, “Ngangikhubazekile, kodwa manje sengiphile sáka—unomphela!”