Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Qeqeshani Abanye Bafinyelele Amalungelo Enkonzo

Qeqeshani Abanye Bafinyelele Amalungelo Enkonzo

Qeqeshani Abanye Bafinyelele Amalungelo Enkonzo

“Wonke umuntu ofundiswe ngokuphelele uyoba njengomfundisi wakhe.”—LUKA 6:40.

1. UJesu wasibeka kanjani isisekelo sebandla eliphawulekayo phakathi nenkonzo yakhe yasemhlabeni?

 EPHETHA iVangeli lakhe, umphostoli uJohane wabhala: “Eqinisweni, kukhona nezinye izinto eziningi uJesu azenza, lezo engicabanga ukuthi, uma bezingalotshwa ngemininingwane egcwele, izwe ngokwalo belingenakukwazi ukuyiqukatha imiqulu ebiyolotshwa.” (Joh. 21:25) Ezinye zezinto uJesu azifeza phakathi nenkonzo yakhe eyathatha isikhathi esifushane kodwa yentshiseko kwakuwukuthola, ukuqeqesha nokuhlela amadoda ayeyohola ngemva kokuhamba kwakhe emhlabeni. Lapho ebuyela ezulwini ngo-33 C.E., uJesu washiya ebeke isisekelo sebandla eliphawulekayo elakhula ngokushesha lafinyelela ezinkulungwaneni.—IzE. 2:41, 42; 4:4; 6:7.

2, 3. (a) Kungani kunesidingo esiphuthumayo sokuba amadoda abhapathiziwe alwele ukufinyelela amalungelo enkonzo? (b) Sizoxoxa ngani kulesi sihloko?

2 Njengoba namuhla kunabamemezeli boMbuso abakhuthele abangaphezu kwezigidi ezingu-7 emabandleni angaphezu kuka-100-000 emhlabeni wonke, kunesidingo esiqhubekayo samadoda azohola ezintweni ezingokomoya. Ngokwesibonelo, kunendingeko enkulu yabadala bamabandla. Labo abazama ukufinyelela leli lungelo lenkonzo kufanele banconywe, ngoba ‘bafisa umsebenzi omuhle.’—1 Thim. 3:1.

3 Nokho, amadoda awawafanelekeli ngokuzenzakalelayo amalungelo ebandleni. Imfundo yezwe iyodwa noma okuhlangenwe nakho ekuphileni akuyenzi indoda ilulungele lolu hlobo lomsebenzi. Ukuze ikhonze ngokufanele kulesi sikhundla, indoda kumelwe ihlangabezane nezimfuneko ezingokomoya. Izimfanelo ezingokomoya zibaluleke ngaphezu kwamakhono noma izinto eye yazifinyelela ekuphileni. Angasizwa kanjani amadoda ebandleni ukuba afaneleke? UJesu wathi: “Wonke umuntu ofundiswe ngokuphelele uyoba njengomfundisi wakhe.” (Luka 6:40) Kulesi sihloko, sizoxoxa ngezindlela ezimbalwa uMfundisi Omkhulu, uJesu Kristu, asiza ngazo abafundi bakhe ukuba bafanelekele imithwalo yemfanelo emikhudlwana, sibone nezifundo esingazifunda kulokho.

“Nginibizé Ngokuthi Ningabangane”

4. UJesu wabonisa kanjani ukuthi ungumngane wangempela kubafundi bakhe?

4 UJesu waphatha abafundi bakhe njengabangane, hhayi njengabantu abaphansi kunaye. Wachitha isikhathi nabo, wabathululela isifuba sakhe, futhi ‘wabazisa zonke izinto ayezizwe kuYise.’ (Funda uJohane 15:15.) Cabanga ukuthi kumelwe ukuba bajabula kangakanani lapho uJesu ephendula lo mbuzo wabo: “Siyoba yini isibonakaliso sokuba khona kwakho nesesiphelo sesimiso sezinto?” (Math. 24:3, 4) Wabuye watshela abalandeli bakhe imicabango nemizwa yakhe esekujuleni. Ngokwesibonelo, ngobusuku akhashelwa ngabo, uJesu wathatha uPetru, uJakobe noJohane wangena nabo phakathi impela nensimu yaseGetsemane lapho afike wathandaza khona ngobuqotho, elusizi enhliziyweni. Kungenzeka ukuthi laba baphostoli abathathu abakuzwanga lokho ayekusho emthandazweni, kodwa kumelwe ukuba babubona ubucayi besimo ayebhekene naso. (Marku 14:33-38) Cabanga nangethonya ukuguqulwa kwakhe isimo ngaphambili okumelwe ukuba kwaba nalo kubo. (Marku 9:2-8; 2 Pet. 1:16-18) Ubuhlobo obuseduze uJesu abakha nabafundi bakhe baba yinto ebaqinisayo njengoba kamuva benakekela izabelo zabo ezinkulu.

5. Iziphi ezinye zezindlela abadala abangazenza ngazo batholakale kwabanye?

5 NjengoJesu, abadala namuhla bakha ubungane namalungu ebandla futhi bawasize. Bahlakulela ubuhlobo obufudumele, obuseduze nalabo abakholwa nabo ngokuzinika isikhathi sokubabonisa ukuthi bayabakhathalela. Nakuba bekuqaphela ukubaluleka kokugcina izimfihlo, abafihli izinto ngokungadingekile. Bayabethemba abafowabo futhi bahlanganyela nabo amaqiniso angokomBhalo abawafundile. Abalokothi bayiphathise okomuntu ophansi inceku ekhonzayo okungenzeka ukuthi isencane ngeminyaka. Kunalokho, bayibheka njengomuntu ongokomoya onethuba lokuthuthuka, owenza inkonzo ebalulekile ezuzisa ibandla.

“Nginibekela Isibonelo”

6, 7. Chaza isibonelo uJesu asibekela abafundi bakhe nethonya esaba nalo kubo.

6 Nakuba abafundi bakaJesu babezazisa izinto ezingokomoya, ngezinye izikhathi ukucabanga kwabo kwakuthonywa isizinda sabo namasiko. (Math. 19:9, 10; Luka 9:46-48; Joh. 4:27) Nokho, uJesu akazange abathethise noma abasongele abafundi bakhe. Akazange futhi abathwese umthwalo osindayo ngokufuna izinto ezingaphezu kwamandla abo noma abayale ukuba benze izinto yena ayengazenzi. Kunalokho, wabafundisa ngesibonelo.—Funda uJohane 13:15.

7 Hlobo luni lwesibonelo uJesu alubekela abafundi bakhe? (1 Pet. 2:21) Wagcina ukuphila kwakhe kulula ukuze akhonze abanye ngokukhululekile. (Luka 9:58) Wayenesizotha futhi ngaso sonke isikhathi esekela izimfundiso zakhe emiBhalweni. (Joh. 5:19; 17:14, 17) Wayengeneka futhi enomusa. Yonke into ayeyenza yayishukunyiswa uthando. (Math. 19:13-15; Joh. 15:12) Isibonelo sakhe saba nethonya elihle kubaphostoli bakhe. Ngokwesibonelo, uJakobe akazange ayekethise lapho ebhekene nokufa kodwa wakhonza uNkulunkulu ngokwethembeka kwaze kwaba sekubulaweni kwakhe. (IzE. 12:1, 2) UJohane walandela ngokwethembeka ezinyathelweni zikaJesu iminyaka engaphezu kwengu-60.—IsAm. 1:1, 2, 9.

8. Isiphi isibonelo abadala abasibekela abazalwane abasebasha nabanye?

8 Abadala abazidelayo, abathobekile nabanothando babekela abazalwane abasebasha isibonelo abasidingayo. (1 Pet. 5:2, 3) Ngaphezu kwalokho, abadala abayisibonelo okholweni, ekufundiseni, ekuphileni ngendlela yobuKristu nasenkonzweni bathola ukwaneliseka ngokwazi ukuthi abanye bangalulingisa ukholo lwabo.—Heb. 13:7.

‘UJesu Wabayala, Wabathuma’

9. Sazi kanjani ukuthi uJesu wabaqeqesha abafundi bakhe ukuba bafeze umsebenzi wokushumayela?

9 Ngemva kokuhlanganyela ngentshiseko enkonzweni yakhe iminyaka engaba mibili, uJesu wandisa umsebenzi wokushumayela ngokuthumela abaphostoli abangu-12 ukuba bayoshumayela. Nokho, waqale ngokubanika iziyalezo. (Math. 10:5-14) Lapho esezosuthisa isixuku esibalelwa ezinkulungwaneni ngokuyisimangaliso, uJesu watshela abafundi bakhe indlela ayefuna bahlele ngayo abantu futhi babanike ukudla. (Luka 9:12-17) Ngakho-ke, kusobala ukuthi uJesu waqeqesha abafundi bakhe ngokubanika iziqondiso ezicacile neziqondile. Le ndlela yokuqeqesha kanye nethonya elinamandla lomoya ongcwele, kamuva kwahlomisela abaphostoli ukuba bakwazi ukuhlela umsebenzi wokushumayela omkhulu owenziwa ngo-33 C.E. nangemva kwalokho.

10, 11. Iziphi izindlela abantu abasanda kuhlanganyela abangaqeqeshwa ngazo ngokuqhubekayo?

10 Namuhla, umuntu uqala ukuqeqeshwa ngokomoya lapho amukela isifundo seBhayibheli. Kungase kudingeke ukuba simsize afunde ukufunda kahle. Siyaqhubeka simsiza njengoba simqhubela isifundo seBhayibheli. Lapho eqala ukuba khona njalo emihlanganweni yobuKristu, ukuqeqeshwa kwakhe ngokomoya kuyaqhubeka njengoba ehlanganyela eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini, ethuthuka eba ummemezeli ongabhapathiziwe, njalo njalo. Lapho esebhapathiziwe, ukuqeqeshwa kwakhe kungahlanganisa izinto ezinjengokusiza ekunakekeleni iHholo LoMbuso. Ngokuhamba kwesikhathi, umzalwane angasizwa ukuba abone lokho okudingeka akwenze ukuze afanelekele ukuba inceku ekhonzayo.

11 Lapho enikeza umzalwane obhapathiziwe isabelo, umdala uyakujabulela ukumchazela izinqubo ezingokwenhlangano eziphathelene naleso sabelo futhi amnikeze isiqondiso esidingekayo. Umzalwane oqeqeshwayo kumelwe aqonde ukuthi yini elindelekile kuye. Uma ehlangabezana nobunzima kulokho acelwe ukuba akwenze, umdala onothando akasheshi aphethe ngokuthi akafaneleki. Kunalokho, uyombonisa ngomusa izici eziqondile okumelwe aziqaphele futhi uyobukeza naye imigomo nezinqubo. Ukubona amadoda esabela kahle emizamweni enjalo futhi ethola injabulo elethwa ukukhonza abanye kuwumthombo wenjabulo kubadala.—IzE. 20:35.

“Olalela Iseluleko Uhlakaniphile”

12. Yini eyenza ukuba iseluleko sikaJesu siphumelele?

12 UJesu waqeqesha abafundi bakhe ngokubanikeza izeluleko ezifanelana nezidingo zabo. Ngokwesibonelo, wakhuza uJakobe noJohane lapho befuna ukubiza umlilo ezulwini ukuba wehle uzoshwabadela amaSamariya athile ayengazange amamukele. (Luka 9:52-55) Lapho unina kaJakobe noJohane eya kuJesu ethunywe yibo ukuba ayobacelela izikhundla eziphezulu eMbusweni, uJesu wayiqondisa kubo impendulo yakhe, wathi: “Lokhu kuhlala phansi ngakwesokunene sami nangakwesobunxele sami akukhona okwami ukuba ngiphane ngakho, kodwa kungokwalabo abakulungiselelwe nguBaba.” (Math. 20:20-23) Ngazo zonke izikhathi, uJesu wayenikeza iseluleko esicacile, esisebenzisekayo nesisekelwe ngokuqinile ezimisweni zikaNkulunkulu. Wafundisa abafundi bakhe ukuba basekele abakwenzayo kulezo zimiso. (Math. 17:24-27) UJesu wayekuqaphela nokulinganiselwa kwabalandeli bakhe futhi akazange alindele ukuphelela kubo. Iseluleko sakhe sasishukunyiswa uthando oluqotho.—Joh. 13:1.

13, 14. (a) Ubani odinga iseluleko? (b) Nikeza izibonelo zezeluleko abadala abangazinikeza abantu ngabanye abangathuthuki ngokomoya.

13 Wonke amadoda azama ukufinyelela umthwalo wemfanelo ebandleni lobuKristu kudingeka athole iseluleko esingokomBhalo ngezikhathi ezithile. IzAga 12:15 zithi: “Olalela iseluleko uhlakaniphile.” Omunye umzalwane osemusha uthi: “Inselele enkulu kunazo zonke engangiba nayo yayiwukubhekana namaphutha okungapheleli kwami. Umdala othile wanginikeza iseluleko esangisiza ukuba ngiwabheke ngendlela efanele.”

14 Uma abadala bebona ukuthi intuthuko engokomoya yothile ikhinyabezwa ukuziphatha okungabazekayo, bathatha isinyathelo kuqala sokumlungisa ngomoya omnene. (Gal. 6:1) Ngezinye izikhathi, kudingeka anikezwe iseluleko ngenxa yesici esithile sobuntu bakhe. Ngokwesibonelo, uma kubonakala sengathi umzalwane uyazonga ngandlela-thile, umdala angase akuthole kuwusizo ukumbonisa ukuthi uJesu wayengummemezeli woMbuso oshisekayo futhi wayala abalandeli bakhe ukuba benze abafundi. (Math. 28:19, 20; Luka 8:1) Uma umzalwane ebonakala enesifiso sokuvelela, umdala angase ambonise indlela uJesu asiza ngayo abafundi bakhe ukuba babone izingozi zokufuna ukuvelela. (Luka 22:24-27) Kuthiwani uma umzalwane enokuthambekela kokungathetheleli? Umfanekiso wenceku eyenqaba ukuthethelela isikweletu esincane nakuba yona yayithethelelwe esikhulu kakhulu ungalikhanyisa ngamandla leli phuzu. (Math. 18:21-35) Lapho kudingeka iseluleko, kuhle ukuba abadala basinikeze ngokushesha ngangokunokwenzeka.—Funda izAga 27:9.

“Ziqeqeshe”

15. Umkhaya wendoda ungayisiza kanjani ukuba ikhonze abanye?

15 Abadala bayahola ekuqeqesheni amadoda ukuba azame ukufinyelela amalungelo, kodwa nabanye bangayisekela imizamo yabo. Ngokwesibonelo, umkhaya wendoda ungayisiza futhi kufanele uyisize ukuba ifinyelele amalungelo enkonzo. Uma kakade isingumdala, kuyoyizuzisa ukusekelwa inkosikazi enothando nezingane ezingenabugovu. Ukuvuma kwabo ngokuzithandela ukuba esinye isikhathi sayo isisebenzisele ibandla kubalulekile ukuze iwuthwale ngokuphumelelayo umthwalo wayo wemfanelo. Umoya wabo wokuzidela uyilethela injabulo futhi nabanye bawazisa kakhulu.—IzAga 15:20; 31:10, 23.

16. (a) Ubani ngokuyinhloko onomthwalo wemfanelo wokuzama ukufinyelela amalungelo enkonzo? (b) Indoda ingenzenjani ukuze ifinyelele amalungelo ebandleni?

16 Nakuba abanye bengayisiza futhi bayisekele, umthwalo wemfanelo oyinhloko wokuzama ukufinyelela amalungelo enkonzo usemahlombe endoda ngokwayo. (Funda eyabaseGalathiya 6:5.) Yiqiniso, akudingeki ukuba umzalwane aze abe inceku ekhonzayo noma umdala ukuze asize abanye futhi ahlanganyele ngokugcwele enkonzweni. Nokho, umuntu kumelwe ahlangabezane nezimfuneko ezisemiBhalweni uma efuna ukufinyelela amalungelo ebandleni. (1 Thim. 3:1-13; Thithu 1:5-9; 1 Pet. 5:1-3) Ngakho, uma indoda ifisa ukuba inceku ekhonzayo noma ukuba umdala kodwa ingakamiswa, kufanele inake izici okudingeka ithuthuke kuzo ngokomoya. Lokhu kudinga ukuba ilifunde njalo iBhayibheli, ikhuthalele isifundo somuntu siqu, izindle ngokujulile, ithandaze ngokusuka enhliziyweni futhi ihlanganyele ngentshiseko enkonzweni yobuKristu. Ngalezi zindlela, ingasisebenzisa kuyo iseluleko uPawulu asinikeza uThimothewu: “Ziqeqeshe unomgomo wokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu.”—1 Thim. 4:7.

17, 18. Yini umzalwane obhapathiziwe angayenza uma ixhala, imizwa yokungafaneleki, noma ukungabi nogqozi kumenza angazami ukufinyelela amalungelo?

17 Kodwa kuthiwani uma indoda ingazami ukufinyelela amalungelo ngoba inexhala noma inemizwa yokungafaneleki? Iyokwenza kahle ngokucabangisisa ngokuthi kungakanani uJehova uNkulunkulu noJesu Kristu abasenzela kona. Ngempela, uJehova ‘usithwalela umthwalo nsuku zonke.’ (IHu. 68:19) Ngakho, uBaba wethu osezulwini angamsiza umzalwane ukuba athwale umthwalo wemfanelo ebandleni. Umzalwane ongeyona inceku ekhonzayo noma umdala uyokuthola kuyinzuzo nokucabangela iqiniso lokuthi kunesidingo esikhulu samadoda avuthiwe azophathiswa amalungelo enkonzo enhlanganweni kaNkulunkulu. Ukuzindla ngalawo maphuzu kungashukumisela umzalwane ukuba enze umzamo wokunqoba leyo mizwa engafanele. Angathandazela umoya ongcwele, ekhumbula ukuthi izithelo zawo zihlanganisa ukuthula nokuzithiba—izimfanelo azidingayo ukuze asuse ixhala noma imizwa yokungafaneleki. (Luka 11:13; Gal. 5:22, 23) Noma imuphi umzalwane angaqiniseka ngokugcwele ukuthi uJehova ubabusisa bonke labo abalwela ukufinyelela amalungelo enkonzo ngesisusa esihle.

18 Kungenzeka yini ukuthi ukungabi nogqozi okuvimbela indoda ebhapathiziwe ukuba izame ukufinyelela amalungelo? Yini engasiza umzalwane ongenaso isifiso sokukhonza? Umphostoli uPawulu wabhala: “UNkulunkulu [usebenza] ngaphakathi kini, ngentando yakhe, ukuze nithande futhi nenze.” (Fil. 2:13) Isifiso sokukhonza sivela kuNkulunkulu futhi umoya kaJehova unganika umuntu amandla okunikela inkonzo engcwele. (Fil. 4:13) Ngaphezu kwalokho, umKristu angathandazela ukuba uNkulunkulu amsize enze okulungile.—IHu. 25:4, 5.

19. Sisiqinisekisa ngani isithembiso sokuvuswa ‘kwabelusi abayisikhombisa, yebo izikhulu eziphakeme eziyisishiyagalombili’?

19 UJehova uyayibusisa imizamo yamadoda amadala yokuqeqesha abanye. Uyababusisa nalabo abasabela kulokho kuqeqeshwa futhi bazame ukufinyelela amalungelo ebandleni. ImiBhalo iyasiqinisekisa ukuthi phakathi kwabantu bakaNkulunkulu kuyoba ‘nabelusi abayisikhombisa, yebo izikhulu eziphakeme eziyisishiyagalombili’—inani elidingekayo lamadoda afanelekayo—ukuze bahole enhlanganweni kaJehova. (Mika 5:5) Yeka ukuthi sibusiseke kangakanani ngokuthi kunamadoda amaningi angamaKristu aqeqeshwayo futhi alwela ngokuthobeka ukufinyelela amalungelo enkonzo kube udumo kuJehova!

Ungaphendula Kanjani?

• UJesu wabasiza kanjani abafundi bakhe ukuba bafanelekele imithwalo yemfanelo emikhudlwana?

• Abadala bangamlingisa kanjani uJesu njengoba besiza amadoda azohola ebandleni?

• Iyiphi indima efezwa umkhaya wendoda ekuyisizeni ukuba ifinyelele amalungelo enkonzo?

• Yini indoda ngokwayo engayenza ukuze ifinyelele amalungelo?

[Imibuzo Yesifundo]

[Izithombe ekhasini 31]

Ungamqeqesha kanjani umuntu omfundelayo njengoba efuna ukuthuthuka?

[Isithombe ekhasini 32]

Amadoda angabonisa kanjani ukuthi azama ukufinyelela amalungelo enkonzo?