Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UJehu Ulwela Ukukhulekela Okuhlanzekile

UJehu Ulwela Ukukhulekela Okuhlanzekile

UJehu Ulwela Ukukhulekela Okuhlanzekile

UJEHU wayengumlweli wokukhulekela okuhlanzekile. Wayeyisikhwishikhwishi, engananazi, engahlehli, eshiseka futhi enesibindi lapho efeza indima yakhe. UJehu wabonakalisa izimfanelo esiyokwenza kahle ngokuzilingisa.

UJehu wathola isabelo ngesikhathi isizwe sakwa-Israyeli sisesimweni esibi. Izwe lalingaphansi kwethonya elibi likaJezebeli, owayengumfelokazi ka-Ahabi nonina kaJehoramu, inkosi eyayibusa ngaleso sikhathi. UJezebeli wakhuthaza ukukhulekela uBhali kunokukhulekela uJehova, wabulala abaprofethi bakaNkulunkulu futhi wonakalisa abantu ‘ngobufebe nangobuthakathi’ bakhe. (2 AmaKh. 9:22; 1 AmaKh. 18:4, 13) UJehova wakhipha umyalo wokuba kubhujiswe yonke indlu ka-Ahabi, kuhlanganise uJehoramu noJezebeli. UJehu owayezohola ekuthatheni leso sinyathelo.

ImiBhalo iqala ukusitshela ngoJehu ehlezi nezinduna zempi ngesikhathi u-Israyeli elwa nabaseSiriya eRamoti-gileyadi. UJehu wayeyisikhulu esiphakeme, uma ayengeyena umkhuzi webutho lakwa-Israyeli. Umprofethi u-Elisha wathumela enye yamadodana abaprofethi ukuba iyogcoba uJehu njengenkosi futhi imyale ukuba ayobulala bonke abesilisa bendlu eyisihlubuki ka-Ahabi.—2 AmaKh. 8:28; 9:1-10.

Lapho izikhulu ezazikanye noJehu zimbuza ukuthi yayizeleni le ndodana yomprofethi, waba manqikanqika ukusho. Kodwa zambelesela waze wazitshela iqiniso, futhi yena nalaba bangane bakhe baqala ukubophela uJehoramu uzungu. (2 AmaKh. 9:11-14) Kungenzeka ukuthi amalungu ebutho ayekucasukela buthule futhi emelene nezindlela zale ndlu yasebukhosini nanethonya likaJezebeli. Kunoma yikuphi, uJehu wacabangisisa kahle ukuze athole indlela engcono kakhulu yokufeza ukuthunywa kwakhe.

INkosi uJehoramu yayilimele empini futhi iye emzini waseJizreyeli ngethemba lokuyolulamela khona. UJehu wayazi ukuthi ukuze icebo lakhe liphumelele, kwakungamelwe le ndaba ifike eJizreyeli. Wathi: “Ningavumeli muntu ukuba aphunyuke emzini ukuze ayobika eJizreyeli.” (2 AmaKh. 9:14, 15) Kungenzeka wayecabanga ukuthi amabutho athile athembekile kuJehoramu ayengase amelane naye. UJehu wayefuna ukuqinisekisa ukuthi awalitholi nhlobo ithuba lokwenza lokho.

UKUSHAYELA NGENDLELA YOBUHLANYA!

Ukuze abahlasele ngokuzumayo, uJehu wathatha inqola waya eJizreyeli eqhele ngamakhilomitha angu-72 ukusuka eRamoti-gileyadi. Njengoba ehamba ngesivinini elibangise khona, umlindi owayesembhoshongweni wasibona “isikhukhula samadoda kaJehu.” (2 AmaKh. 9:17) Kungenzeka ukuthi uJehu wathatha ibutho elikhulu ukuze aqiniseke ukuthi injongo yakhe iyafezeka.

Eqaphela ukuthi enye yezinqola yayiqhutshwa uJehu onesibindi, umlindi wamemeza: “Uqhuba ngobuhlanya.” (2 AmaKh. 9:20) Uma uJehu ayevame ukushayela ngale ndlela, kumelwe ukuba kulokhu wayendiza.

Ngemva kokwenqaba ukuphendula izithunywa ezimbili ezathunyelwa kuye, uJehu wahlangana neNkosi uJehoramu ihamba nomngane wayo, u-Ahaziya, inkosi yakwaJuda, ngayinye isenqoleni yayo. Kwathi lapho uJehoramu ebuza, ethi “Ingabe kukhona ukuthula, Jehu?” impendulo ayithola yathi: “Kuthula kuni okungaba khona uma kusekhona ubufebe bukaJezebeli unyoko nobuthakathi bakhe obuningi?” Ethuswe yile mpendulo, uJehoramu waphenduka efuna ukubaleka. Kodwa wayesephuzile! UJehu wansala umnsalo, wamcibishela enhliziyweni, futhi le nkosi yawela enqoleni yayo yafela khona lapho. Nakuba u-Ahaziya akwazi ukubaleka, kamuva uJehu wamfuna waze wamthola wambulala naye.—2 AmaKh. 9:22-24, 27.

Indlovukazi ekhohlakele, uJezebeli, yaba ilungu elilandelayo lendlu ka-Ahabi elabulawa. UJehu wayibiza kufanele ngokuthi “lo oqalekisiwe.” Njengoba uJehu engena eJizreyeli, wabona uJezebeli elunguze efasiteleni lesigodlo. Akachithanga sikhathi, wayala izikhulu zasesigodlweni ukuba zimphonse phansi ngefasitela. Wayesemnyathela ngamahhashi akhe lo monakalisi ka-Israyeli wonke. Ngemva kwalokho, uJehu waqhubeka wabulala inqwaba yamanye amalungu endlu ka-Ahabi omubi.—2 AmaKh. 9:30-34; 10:1-14.

Nakuba izenzo zobudlova zingajabulisi, kufanele sikhumbule ukuthi ngalezo zinsuku, uJehova wayesebenzisa izinceku zakhe ukuba zikhiphe isahlulelo sakhe. ImiBhalo ithi: “Kwakuvela kuNkulunkulu ukuba ukuwa kuka-Ahaziya kuvele ngokuza kwakhe kuJehoramu; futhi lapho efika, waphuma noJehoramu baya kuJehu umzukulu kaNimshi, uJehova ayemgcobile ukuba anqume indlu ka-Ahabi.” (2 IziKr. 22:7) Njengoba ekhipha isidumbu sikaJehoramu enqoleni esintshinga ngaphandle, uJehu waqaphela ukuthi leso senzo sasigcwalisa isithembiso uJehova asenza sokujezisa u-Ahabi ngenxa yokubulawa kukaNaboti. Ngaphezu kwalokho, uJehu wayethunywe ukuba ‘aphindisele igazi lezinceku zikaNkulunkulu’ elachithwa uJezebeli.—2 AmaKh. 9:7, 25, 26; 1 AmaKh. 21:17-19.

Namuhla, ayikho inceku kaJehova elwa ngokoqobo nezitha zokukhulekela okuhlanzekile. UNkulunkulu uthi: “Impindiselo ingeyami.” (Heb. 10:30) Kodwa ukuze bavikele ibandla emathonyeni angase alonakalise, abadala abangamaKristu kungase kudingeke babonise isibindi esifana nesikaJehu. (1 Kor. 5:9-13) Futhi wonke amalungu ebandla kudingeka azimisele ukugwema ukuzihlanganisa nabantu abasusiwe.—2 Joh. 9-11.

UJEHU WAYENGAKUBEKEZELELI UKUBANGISWA KUKAJEHOVA

Isisusa sikaJehu sokufeza ukuthunywa kwakhe sibonakala emazwini alandelayo awatshela uJehonadaba othembekile: “Hamba nami ubone ukungakubekezeleli kwami ukubangisana noJehova.” UJehonadaba wasamukela leso simemo futhi wagibela enqoleni kaJehu, waya naye eSamariya. Ekufikeni kwabo, uJehu “wenza ngobuqili, ngenjongo yokubhubhisa abakhulekeli bakaBhali.”—2 AmaKh. 10:15-17, 19.

UJehu wakhipha isimemezelo sokuthi ufuna ukwenzela uBhali ‘umhlatshelo omkhulu.’ (2 AmaKh. 10:18, 19) Esinye isazi sithi: “Lapha uJehu wayedlala ngamagama ngobuhlakani.” Nakuba igama elisetshenziswe lapha “ngokuvamile lisho ‘ukwenza umhlatshelo,’ libuye lisetshenziselwe ukuchaza ‘ukubulawa’ kwezihlubuki.” Ngenxa yokuthi uJehu wayefuna ukuba abakhulekeli bakaBhali bafike ngothi lwabo, wabacela ukuba babuthane bonke endlini kaBhali futhi bagqoke ngendlela yabo ehlukile. “Ngokushesha nje lapho eseqedile ukunikela umnikelo wokushiswa,” uJehu wayala amadoda angu-80 ayehlomile ukuba abulale abakhulekeli bakaBhali. Wabe eseyala ukuba indlu kaBhali idilizwe futhi indawo eyayakhiwe kuyo isetshenziselwe izindlu zangasese, ukuze ingakufanelekeli ukukhulekela.—2 AmaKh. 10:20-27.

Yiqiniso, uJehu wachitha igazi eliningi. Nokho, imiBhalo imveza njengendoda enesibindi eyakhulula ama-Israyeli ekubuseni okucindezelayo kukaJezebeli nomkhaya wakhe. Ukuze noma imuphi umholi wakwa-Israyeli enze lokhu ngempumelelo, kwakuyodingeka abe yindoda enesibindi, ezimisele neshisekayo. Esinye isichazamazwi seBhayibheli sithi: “Kwakungumsebenzi onzima futhi owenzisiswa ngaphandle kokuyekethisa. Ukube kwasetshenziswa izindlela ezithé ukuthamba kunalokhu, ukukhulekelwa kukaBhali kwakungeke kuqedwe kwa-Israyeli.”

Cishe uyabona ukuthi amaKristu namuhla abhekene nezimo ezidinga ukuba abonise ezinye zezimfanelo zikaJehu. Ngokwesibonelo, kufanele sisabele kanjani uma silingelwa ukuba senze into uJehova ayilahlayo? Kufanele singananazi, sibe nesibindi futhi siyenqabe ngokuqinile. Endabeni yokuzinikela kwethu kuNkulunkulu, asikwazi ukubekezelela noma yini ebangisa uJehova.

QAPHELA UKUBA UHAMBE EMTHETHWENI KAJEHOVA

Isiphetho sale ndaba sisinikeza isixwayiso. UJehu ‘akazange aphambuke ekulandeleni amathole egolide elinye lawo elaliseBhethele nelinye likwaDani.’ (2 AmaKh. 10:29) Lo muntu owayebonakala ekushisekela kangaka ukukhulekela okuhlanzekile wayengakubekezelela kanjani ukukhulekelwa kwezithombe?

Kungenzeka ukuthi uJehu wayekholelwa ukuthi ukuze kubonakale ukuthi umbuso wakwa-Israyeli uzimele, awukho ngaphansi kowakwaJuda, kwakudingeka uqhube ukukhulekela okuhlukile. Ngakho, njengamanye amakhosi akwa-Israyeli ayemandulele, wazama ukuwugcina uhlukile ngokuqhubekisela phambili ukukhulekelwa kwethole. Kodwa lokhu kungabonisa ukungabi nalukholo kuJehova owayemmise ukuba abe inkosi.

UJehova wamncoma uJehu ngoba ‘wenza kahle ngokwenza okulungile emehlweni kaNkulunkulu.’ Noma kunjalo, uJehu “akazange aqaphele ukuhamba emthethweni kaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ngayo yonke inhliziyo yakhe.” (2 AmaKh. 10:30, 31) Uma ucabanga ngakho konke uJehu akwenza ekuqaleni, ungase ukuthole lokhu kumangaza futhi kudabukisa. Nokho, kukhona isifundo esisitholayo. Asikwazi ukubuthatha kalula ubuhlobo bethu noJehova. Nsuku zonke, kudingeka sihlakulele ukwethembeka kuNkulunkulu ngokutadisha iZwi lakhe, sizindle ngalo futhi sithandaze ngokusuka enhliziyweni kuBaba wethu osezulwini. Ngakho-ke, masenze konke esingakwenza ukuze siqhubeke sihamba emthethweni kaJehova ngayo yonke inhliziyo yethu.—1 Kor. 10:12.

[Ibhokisi ekhasini 4]

UJehu Emlandweni Wezwe

Abagxeki bahlale bengabaza ukuthi abantu okukhulunywa ngabo eBhayibhelini bake baba khona ngempela. Ngakho, ingabe bukhona obunye ubufakazi ngoJehu ngaphandle kwalobo obuseBhayibhelini?

Okungenani kunezinto ezintathu ezilotshiwe zase-Asiriya lasendulo ezigagula le nkosi yakwa-Israyeli ngegama. Enye yazo kuthiwa ibonisa uJehu, noma omunye wezithunywa zakhe ekhothamela inkosi yase-Asiriya, uShalimaneseri III, futhi eyinika inkokhiso. Umbhalo okuyo uthi: “Inkokhiso kaJehu (Ia-ú-a), indodana ka-Omri (Hu-um-ri); ngathola kuye isiliva, igolide, isitsha se-saplu segolide, ivazi ecije ngezansi yegolide, izindebe zegolide, amabhakede egolide, ithini, intonga yenkosi nezinto zokhuni.” UJehu wayengeyona “indodana ka-Omri” ngokuqondile kodwa le nkulumo yayisetshenziswa ekuchazeni amakhosi akwa-Israyeli alandela, mhlawumbe ngenxa yodumo luka-Omri nokwakha kwakhe inhloko-dolobha yakwa-Israyeli, iSamariya.

Amazwi enkosi yase-Asiriya ngokuphathelene nenkokhiso okuthiwa uJehu wayikhokha awanakuqinisekiswa. Noma kunjalo, ikhuluma ngoJehu izikhathi ezintathu—etsheni eliqoshiwe lesikhumbuzo, emfanekisweni oqoshiwe kaShalimaneseri nasezincwadini zomlando wamakhosi ase-Asiriya. Lezi zikhombo zisenza singangabazi ukuthi lo muntu okukhulunywa ngaye eBhayibhelini waba khona ngempela.