Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Abantu Bokholo Basendulo—Báqondiswa Umoya KaNkulunkulu

Abantu Bokholo Basendulo—Báqondiswa Umoya KaNkulunkulu

Abantu Bokholo Basendulo—Báqondiswa Umoya KaNkulunkulu

“INkosi EnguMbusi uJehova ngokwakhe ingithumile, yebo umoya wayo.”—ISAYA 48:16.

1, 2. Yini edingekayo ukuze sibonise ukholo, futhi isiphi isikhuthazo esizosithola ngokucabangela abantu bokholo basendulo?

 NAKUBA belulokhu luboniswa kusukela ezinsukwini zika-Abela, “ukholo alulona olwabo bonke abantu.” (2 Thes. 3:2) Ngakho, kungani umuntu eba nale mfanelo, futhi yini emenza ahlale enayo? Ngezinga elikhulu, ukholo lulandela izinto esizizwa eZwini likaNkulunkulu. (Roma 10:17) Lungenye yezimfanelo eziyizithelo zomoya ongcwele kaNkulunkulu. (Gal. 5:22, 23) Ngakho-ke, ukuze sibonise ukholo, siyawudinga umoya ongcwele.

2 Kungaba iphutha ukuphetha ngokuthi amadoda nabesifazane bokholo bazalwa benalo, ukuthi baba nalo ngokwemvelo. Izinceku eziyisibonelo esifunda ngazo eBhayibhelini zazingabantu ‘abanemizwa efana neyethu.’ (Jak. 5:17) Zazifikelwa ukungabaza, umuzwa wokungalondeki futhi zinobuthakathaka kodwa umoya kaNkulunkulu ‘wazenza zaba namandla’ okubhekana nezinselele. (Heb. 11:34) Njengoba siphila kulesi sikhathi lapho ukholo lwethu luhlaselwa khona, ukucabangela indlela umoya kaJehova owasebenza ngayo kuzo kuyosikhuthaza ukuba siqhubeke enkambweni yethu yokholo namuhla.

Umoya KaNkulunkulu Wanika UMose Amandla

3-5. (a) Sazi kanjani ukuthi uMose wayesizwa umoya ongcwele? (b) Isibonelo sikaMose sisifundisani ngendlela uJehova anikeza ngayo umoya wakhe?

3 UMose “wayemnene ukubadlula kude” bonke abantu ababephila ngo-1513 B.C.E. (Num. 12:3) Le nceku emnene yaphathiswa umthwalo wemfanelo omkhulu esizweni sakwa-Israyeli. Umoya kaNkulunkulu wanika uMose amandla okuprofetha, okwahlulela, okubhala, okuhola nawokwenza izimangaliso. (Funda u-Isaya 63:11-14.) Kodwa, ngesinye isikhathi, uMose wakhala ngokuthi umthwalo wakhe wawesinda kakhulu. (Num. 11:14, 15) Ngakho, uJehova wathatha “omunye umoya” owawuphezu kukaMose wawunika abanye abangu-70 ukuze bamlekelele. (Num. 11:16, 17) Nakuba umthwalo kaMose wawubonakala wesinda kakhulu, eqinisweni, wayengawuthwele yedwa—nalabo abangu-70 abamiswa ukuba bamsize babengeke bawuthwale bodwa.

4 UMose wayenikwe umoya ongcwele owanele ukuba afeze lowo msebenzi. Ngemva kwalolo shintsho, uMose wayesenawo wonke umoya ayewudinga. Akasalanga nomoya omncane kakhulu, namadoda amadala angu-70 awatholanga omningi kakhulu. UJehova usinikeza umoya wakhe ngokwezidingo nangokwezimo zethu. “Umoya akawunikezi ngesilinganiso” kodwa uwunikeza “uvela ekugcwaleni kwakhe.”—Joh. 1:16; 3:34.

5 Ingabe ukhuthazelela izilingo? Ingabe izinto ezidinga isikhathi sakho ziyanda? Ingabe ulwela ukunakekela izidingo ezingokomoya nezingokwenyama zomkhaya wakho ube uzama ukubhekana nezindleko ezikhulayo noma ukhathazekile ngempilo? Ingabe unemithwalo yemfanelo emikhulu ebandleni? Qiniseka ukuthi uNkulunkulu angasebenzisa umoya ongcwele ukuze akunike amandla owadingayo okubhekana nanoma isiphi isimo.—Roma 15:13.

Umoya Ongcwele Wenza UBhezaleli Ukuba Afaneleke

6-8. (a) Umoya kaNkulunkulu wasiza uBhezaleli no-Oholiyabe ukuba benzeni? (b) Yini ebonisa ukuthi uBhezaleli no-Oholiyabe babeqondiswa umoya kaNkulunkulu? (c) Kungani okuhlangenwe nakho kukaBhezaleli kukhuthaza ngokukhethekile?

6 Okuhlangenwe nakho kukaBhezaleli, umuntu owayephila ngesikhathi sikaMose, kwembula lukhulu ngendlela umoya kaNkulunkulu ongasebenza ngayo. (Funda u-Eksodusi 35:30-35.) UBhezaleli wamiswa ukuba ahole ekwenzeni impahla edingekayo yetabernakele. Ingabe wayenalo ulwazi lwemisebenzi yezandla ngaphambi kokuba enze lo msebenzi omkhulu? Kungenzeka, kodwa umsebenzi ayegcine ewenza kwakungowokwenzela abaseGibhithe izitini. (Eks. 1:13, 14) Ngakho, uBhezaleli wayezowenza kanjani umsebenzi wakhe onzima? UJehova ‘wamgcwalisa ngomoya wakhe ekuhlakanipheni, ekuqondeni nasolwazini nakuzo zonke izinhlobo zobungcweti nasekuklameni imiklamo ukuze enze imikhiqizo yobungoti yazo zonke izinhlobo.’ Noma isiphi isiphiwo esingokwemvelo uBhezaleli ayenaso sathuthukiswa umoya ongcwele. Kwaba njalo nango-Oholiyabe. Kumelwe ukuba uBhezaleli no-Oholiyabe bayifunda kahle le misebenzi ngoba abagcinanga nje ngokuyenza kodwa bafundisa nabanye. Yebo, uNkulunkulu wakufaka ezinhliziyweni zabo ukuba bafundise.

7 Obunye ubufakazi bokuthi uBhezaleli no-Oholiyabe babeqondiswa umoya kaNkulunkulu ukuthi umsebenzi wabo wahlala isikhathi eside ngokumangalisayo. Izinto abazenza zazisasetshenziswa nangemva kweminyaka engaba ngu-500. (2 IziKr. 1:2-6) Ngokungafani nabakhiqizi banamuhla, uBhezaleli no-Oholiyabe babengenaso isithakazelo sokuzenzela igama noma ukuthola udumo ngomsebenzi wabo. Lonke udumo lwalokho abakufeza lwaya kuJehova.—Eks. 36:1, 2.

8 Namuhla, kungenzeka kunemisebenzi emikhulu edinga amakhono akhethekile okumelwe siyenze, njengokwakha, ukunyathelisa, ukuhlela imihlangano emikhulu, ukwengamela umsebenzi wokusiza lapho kuvele izinhlekelele nokubonisana nodokotela nanezisebenzi zasesibhedlela ngokuma kwethu okungokomBhalo ngegazi. Ngezinye izikhathi, le misebenzi yenziwa izisebenzi ezinekhono, kodwa ngokuvamile yenziwa izisebenzi zokuzithandela ezingenalo ulwazi olutheni lwalowo msebenzi. Umoya kaNkulunkulu wenza imizamo yazo iphumelele. Ingabe wake waba madolonzima ukwamukela isabelo enkonzweni kaJehova unomuzwa wokuthi abanye bafaneleka kangcono kunawe? Khumbula, umoya kaJehova ungathuthukisa ulwazi namakhono akho futhi ukusize ufeze noma isiphi isabelo akunika sona.

UJoshuwa Waphumelela Ngosizo Lomoya KaNkulunkulu

9. Ngemva koFuduko, ama-Israyeli azithola ekusiphi isimo, futhi kwaphakamisa muphi umbuzo?

9 Umoya kaNkulunkulu waqondisa nomunye umuntu owayephila noMose noBhezaleli. Ngemva nje koFuduko, ama-Amaleki ahlasela abantu bakaNkulunkulu bengenzanga lutho. Sase sifikile isikhathi sokuba ama-Israyeli alwe nalabo ababewasongela. Nakuba ayengayijwayele neze impi, kwase kudingeka aye empini yawo yokuqala njengabantu abakhululiwe. (Eks. 13:17; 17:8) Kwakudingeka othile owayeyohola leli butho. Kwakuyoba ubani?

10. Kungani ama-Israyeli ayeholwa uJoshuwa anqoba?

10 Kwakhethwa uJoshuwa. Kodwa ukube kwakudingeka asho imisebenzi ayenolwazi lwayo eyayimenza afanelekele lesi sabelo, wayengabalani? Isigqila? Ukuhlanganisa utshani nodaka? Umbuthi wemana? Yiqiniso, umkhulu kaJoshuwa u-Elishama wayeyisikhulu sesizwe sakwa-Efrayimi futhi kubonakala sengathi wahola amadoda angu-108 100 esigaba sezizwe ezintathu sakwa-Israyeli. (Num. 2:18, 24; 1 IziKr. 7:26, 27) Nokho, uJehova waqondisa ngoMose ukuthi kwakuzoba uJoshuwa owayezohola ibutho elalizonqoba isitha, hhayi u-Elishama noma indodana yakhe uNuni. Le mpi yathatha cishe usuku lonke. Ama-Israyeli anqoba ngoba uJoshuwa walalela ngokuphelele futhi wasazisa ngokujulile isiqondiso somoya ongcwele kaNkulunkulu.—Eks. 17:9-13.

11. Singaphumelela kanjani enkonzweni engcwele njengoba kwenza uJoshuwa?

11 Kamuva uJoshuwa, “egcwele umoya wokuhlakanipha,” wangena esikhundleni sikaMose. (Dut. 34:9) Umoya ongcwele awuzange umnike amandla okuprofetha, noma okwenza izimangaliso njengoba wenza kuMose, kodwa wamenza wakwazi ukuhola u-Israyeli emikhankasweni yezimpi eyaholela ekunqotshweni kwamaKhanani. Namuhla, singase sibe nomuzwa wokuthi asinakho okuhlangenwe nakho noma asifaneleki ukwenza izici ezithile zenkonzo yethu engcwele. Nokho, njengoJoshuwa, siyaqinisekiswa ukuthi siyophumelela uma sinamathela ngokuseduze esiqondisweni sikaNkulunkulu.—Josh. 1:7-9.

“Umoya KaJehova Wagubuzela UGideyoni”

12-14. (a) Kubonisani ukuthi amadoda angu-300 anqoba ibutho elikhulu lakwaMidiyani? (b) UJehova wamqinisekisa kanjani uGideyoni? (c) UNkulunkulu usiqinisekisa ngani namuhla?

12 Ngemva kokufa kukaJoshuwa, uJehova waqhubeka ebonisa indlela amandla akhe angaqinisa ngayo abantu bokholo. Incwadi yabaHluleli igcwele ukulandisa kwabantu ‘ababuthakathaka abenziwa baba namandla.’ (Heb. 11:34) Ngomoya ongcwele, uNkulunkulu washukumisa uGideyoni ukuba alwele abantu baKhe. (AbaHl. 6:34) Nokho, ibutho uGideyoni alihlanganisa lalilincane kunelakwaMidiyani, oyedwa kudingeka alwe nabane. Emehlweni kaJehova lelo butho elincane lama-Israyeli lalilikhulu kakhulu. Kabili wayala uGideyoni ukuba alinciphise kwaze kwaba yilapho oyedwa kudingeka alwe nabantu abangu-450 bebutho lesitha. (AbaHl. 7:2-8; 8:10) Yilesi simo uJehova asikhetha. Uma babeyonqoba, ubani owayengazishaya isifuba athi babenqobe ngomzamo noma ngokuhlakanipha kwakhe?

13 UGideyoni namabutho akhe cishe base beyilungele impi. Ukube wawukulelo butho elincane, ingabe wawuyozizwa ulondekile yize wazi ukuthi ibutho lenu selincishisiwe, kwakhishwa abesabayo nabangaqaphile? Noma ingabe wawuyongenwa amanzi emadolweni lapho ucabanga ngomphumela? Akudingeki siqagele ukuthi uGideyoni wazizwa kanjani. Wenza lokho atshelwa kona! (Funda abaHluleli 7:9-14.) UJehova akazange amsole uGideyoni ngokucela isibonakaliso njengobufakazi bokuthi wayeyoba naye. (AbaHl. 6:36-40) Kunalokho, waqinisa ukholo lwakhe.

14 Amandla kaJehova okusindisa awanamkhawulo. Angakhulula abantu bakhe kunoma iyiphi ingozi, esebenzisa ngisho nabantu ababonakala bebuthaka noma bengenamandla. Ngezinye izikhathi singase sibe nomuzwa wokuthi izinkinga esibhekene nazo zingaphezu kwamandla ethu noma sibone kumnyama phambili. Asilindele ukuqinisekiswa ngokuyisimangaliso njengoGideyoni, kodwa singathola iziqondiso eziningi nesiqinisekiso eZwini likaNkulunkulu nangebandla lakhe aliqondisa ngomoya. (Roma 8:31, 32) Izithembiso zikaJehova zothando ziqinisa ukholo lwethu futhi zisiqinisekise ngokuthi ngempela unguMsizi wethu!

“Manje Umoya KaJehova Wehlela KuJefta”

15, 16. Kungani indodakazi kaJefta yaba nesimo sengqondo esihle, futhi lokhu kubakhuthaza kanjani abazali?

15 Cabangela esinye isibonelo. Lapho ama-Israyeli kudingeka alwe nabakwa-Amoni, umoya kaJehova “wehlela kuJefta.” Emagange ngokunqoba okwakuyodumisa uJehova, uJefta wenza isithembiso esamlahlekisela kakhulu. Wathembisa ukuthi uma uNkulunkulu ayenganikela abakwa-Amoni esandleni sakhe, owokuqala oyophuma emnyango emhlangabeza lapho ebuya ekhaya, wayeyomnikela kuJehova. Njengoba ayebuya ekunqobeni abakwa-Amoni, kwaphuma indodakazi yakhe indiza izomhlangabeza. (AbaHl. 11:29-31, 34) Ingabe kwammangaza lokhu? Cishe akunjalo, ngoba wayenengane eyodwa vó. Wasifeza isithembiso sakhe ngokunikela ngendodakazi yakhe enkonzweni ekhethekile endlini kaJehova engcwele eShilo. Njengoba yayingumkhulekeli kaJehova oqotho, indodakazi kaJefta yayiqiniseka uthi isithembiso sikaYise kufanele sigcwaliswe. (Funda abaHluleli 11:36.) Umoya kaJehova wabanikeza bobabili amandla ababewadinga.

16 Kwenzeka kanjani ukuba indodakazi kaJefta ibe nalo moya wokuzidela? Akungabazeki ukuthi ukholo lwayo lwalwakheka njengoba yayibona intshiseko kayise nokuzinikela kwakhe kokuhlonipha uNkulunkulu. Bazali, izingane zenu ziyasibona isibonelo senu. Izinqumo zenu zizitshela ukuthi niyakukholelwa lokho enikushoyo. Izingane zenu ziyayiqaphela indlela imithandazo yenu ejulile nokufundisa kwenu okuphumelelayo okuhlangana ngayo nesibonelo senu salokho okushiwo ukukhonza uJehova ngenhliziyo ephelele. Njengoba izingane zenza lokho, cishe ziyoba nesifiso esinamandla sokuzenza zitholakalele inkonzo kaJehova. Lokhu kuyonilethela injabulo.

“Umoya KaJehova Wasebenza” KuSamsoni

17. Yini uSamsoni ayenza ngosizo lomoya kaNkulunkulu?

17 Ake sicabangele esinye isibonelo. Lapho ama-Israyeli ethunjwa amaFilisti, ‘ngemva kwesikhathi umoya kaJehova waqhuba’ uSamsoni ukuba awakhulule. (AbaHl. 13:24, 25) USamsoni wanikezwa amandla okwenza izenzo zamandla ezimangalisayo nezingenakuqhathaniswa. Lapho amaFilisti ethonya ama-Israyeli akubo ukuba ambambe, “umoya kaJehova wasebenza kuye, izindophi ezazisezingalweni zakhe zaba njengemicu yelineni ehangulwe ngumlilo, izibopho zakhe zancibilika ezandleni zakhe.” (AbaHl. 15:14) Ngisho nalapho ayebuthaka emzimbeni, okwakubangelwe isinqumo esibi asenza, “ngokholo” uSamsoni wenziwa waba namandla. (Heb. 11:32-34; AbaHl. 16:18-21, 28-30) Umoya kaJehova wasebenza kuSamsoni ngendlela eyingqayizivele ngenxa yezimo zakhe ezazingavamile. Noma kunjalo, lezi zenzakalo ezingokomlando ziyisikhuthazo esikhulu kithi. Kanjani?

18, 19. (a) Okwenzeka kuSamsoni kusinikeza siphi isiqinisekiso? (b) Uzuzeni ngokucabangela izibonelo zabantu bokholo okuxoxwe ngabo kulesi sihloko?

18 Nathi sincike emoyeni ofanayo nalowo uSamsoni ayencike kuwo. Senza kanjalo njengoba sifeza umsebenzi uJesu awunika abalandeli bakhe ‘wokushumayela kubantu, sinikeze ubufakazi obuphelele.’ (IzE. 10:42) Lesi sabelo sidinga amakhono okungenzeka asinawo ngokwemvelo. Yeka ukuthi sijabula kanjani ngokuthi uJehova usebenzisa umoya wakhe ukuze asenze sikwazi ukufeza imisebenzi ehlukahlukene esiphathiswa yona! Ngakho, njengoba sifeza ukuthunywa kwethu, singasho njengomprofethi u-Isaya: “INkosi EnguMbusi uJehova ngokwakhe ingithumile, yebo umoya wayo.” (Isaya 48:16) Yebo, umoya kaNkulunkulu osithumile! Sigxilisa izinhliziyo zethu emsebenzini siqiniseka ngokuthi uJehova uyothuthukisa ukufaneleka kwethu njengoba enza kuMose, uBhezaleli nakuJoshuwa. Sithatha ‘inkemba yomoya, okuwukuthi, izwi likaNkulunkulu,’ siqiniseka ukuthi uyosinika amandla njengoba anika uGideyoni, uJefta noSamsoni. (Efe. 6:17, 18) Ngokuncika osizweni lukaJehova ukuze sinqobe izithiyo, singaba namandla angokomoya njengoba noSamsoni aba namandla angokomzimba.

19 Kusobala ukuthi uJehova uyababusisa labo abamelela ukukhulekela kweqiniso ngesibindi. Njengoba sivumela ukusebenza komoya ongcwele kaNkulunkulu, ukholo lwethu luyakhula. Ngakho-ke, sizokujabulela ukubukeza nezinye izenzakalo ezithakazelisayo ezisemiBhalweni YamaKristu YesiGreki. Lokho kuyokwembula indlela umoya kaJehova owasebenza ngayo ezincekwini zakhe ezithembekile zangekhulu lokuqala, ngaphambi nangemva kwePhentekoste lika-33 C.E. Sizoxoxa ngalezi zenzakalo esihlokweni esilandelayo.

Kungani kukukhuthaza ukwazi indlela umoya kaNkulunkulu owasebenza ngayo . . .

• kuMose?

• kuBhezaleli?

• kuJoshuwa?

• kuGideyoni?

• kuJefta?

• kuSamsoni?

[Imibuzo Yesifundo]

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 22]

Umoya kaNkulunkulu ungasenza sibe namandla angokomoya njengoba noSamsoni aba namandla angokomzimba

[Isithombe ekhasini 21]

Bazali, isibonelo senu sentshiseko siyohlala njalo ezingqondweni zezingane zenu