Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Umbheka Njengoyisibonelo Esihle Noma Esiyisixwayiso?

Ingabe Umbheka Njengoyisibonelo Esihle Noma Esiyisixwayiso?

Ingabe Umbheka Njengoyisibonelo Esihle Noma Esiyisixwayiso?

‘UNkulunkulu kaJakobe uzosifundisa izindlela zakhe, sihambe emikhondweni yakhe.’—ISAYA 2:3.

1, 2. Ungazuza ngaziphi izindlela ezibonelweni eziseBhayibhelini?

 INGABE uyaqiniseka ukuthi ungazuza kulokho okulotshwe eBhayibhelini? Linezibonelo zamadoda nabesifazane abathembekile abakuphila kwabo nezimfanelo zabo ongathanda ukuzilingisa. (Heb. 11:32-34) Nokho, cishe uye waphawula nezibonelo eziyisixwayiso zamadoda nabesifazane abazenzo zabo noma isimo sabo sengqondo owenza kahle ngokusigwema.

2 Empeleni, abanye abantu okukhulunywa ngabo eBhayibhelini bayizibonelo ezinhle zenkambo okufanele siyilandele, baphinde babe izixwayiso zalokho okufanele sikugweme. Cabanga ngoDavide, umalusi ophansi owaba inkosi enamandla. Uyisibonelo esihle somuntu owayethanda iqiniso futhi ethembele kuJehova. Nokho, uDavide wenza izono ezinkulu, njengalezo ezihilela uBhati-sheba, u-Uriya nokubala kwakhe abantu ngobuwula. Nokho, ake sigxile endodaneni yakhe—uSolomoni, eyaba inkosi yaphinde yaba nengxenye ekulobeni iBhayibheli. Sizoqale sihlole izindlela ezimbili eyaba ngazo isibonelo esihle.

“Ukuhlakanipha KukaSolomoni”

3. Kungani singase sithi uSolomoni wasibekela isibonelo esihle?

3 USolomoni oMkhulu, uJesu Kristu, wakhuluma kahle ngeNkosi uSolomoni, eyiveza njengeyisibonelo esihle kithi. UJesu watshela amaJuda ayengabaza: “Indlovukazi yaseningizimu iyovuswa kanye nalesi sizukulwane ekwahlulelweni isilahle; ngoba yeza ivela emaphethelweni omhlaba ukuze izokuzwa ukuhlakanipha kukaSolomoni, kodwa, bhekani! lapha kukhona ongaphezu kukaSolomoni.” (Math. 12:42) Yebo, uSolomoni wayedume ngokuhlakanipha, futhi wasinxusa ukuba sikuzuze.

4, 5. USolomoni wakuthola kanjani ukuhlakanipha, kodwa indlela thina esithola ngayo ukuhlakanipha ihluke kanjani?

4 Ekuqaleni kokubusa kukaSolomoni, uNkulunkulu wabonakala kuye ephusheni wathi akenze isicelo. Eqaphela ukuthi wayenolwazi olulinganiselwe, uSolomoni wacela ukuhlakanipha. (Funda eyoku-1 AmaKhosi 3:5-9.) UNkulunkulu wajabula ngokuthi le nkosi yacela ukuhlakanipha kunokucela ingcebo nodumo, futhi wanika uSolomoni “inhliziyo ehlakaniphile neqondayo”—kanye nengcebo. (1 AmaKh. 3:10-14) Njengoba uJesu asho, ukuhlakanipha kukaSolomoni kwakuvelele kakhulu kangangokuthi indlovukazi yaseSheba yezwa ngakho futhi yahamba ibanga elide izozizwela mathupha.—1 AmaKh. 10:1, 4-9.

5 Thina asilindele ukuthola ukuhlakanipha ngokuyisimangaliso. USolomoni wathi “uJehova unikeza ukuhlakanipha,” kodwa wabhala ukuthi kufanele silwele ukuyithola le mfanelo kaNkulunkulu, wathi: “Unake ukuhlakanipha ngendlebe yakho, ukuze uthambekisele inhliziyo yakho ekuqondeni.” Ngokuhlobene nokuhlakanipha, wasebenzisa izinkulumo ezinjengokuthi ‘memeza ukufuna’ “qhubeka ukufuna” nethi “qhubeka ukuhlwaya.” (IzAga 2:1-6) Kusobala ukuthi singakuthola ukuhlakanipha.

6. Singabonisa ngaziphi izindlela ukuthi siyazuza esibonelweni sikaSolomoni esihle sokuhlakanipha?

6 Kuyoba kuhle ukuzibuza, ‘Ngiyasilingisa yini isibonelo sikaSolomoni sokwazisa ukuhlakanipha kukaNkulunkulu?’ Ukuntengantenga kwezomnotho kuye kwenza abaningi bagxila emsebenzini wabo nasemalini noma kwathonya izinqumo ngohlobo nobungako bemfundo abazoyiphishekela. Kuthiwani ngawe nangomkhaya wakho? Ingabe enikukhethayo kubonisa ukuthi nazisa futhi nifuna ukuhlakanipha kukaNkulunkulu? Ingabe ukulungisa umbono noma imigomo yenu kuyonenza nikwazi ukuthola ukuhlakanipha okwengeziwe? Ngempela, ukuthola nokusebenzisa ukuhlakanipha kuyonizuzisa phakade. USolomoni wabhala: “Uma wenza kanjalo uyokuqonda ukulunga nekhono lokwahlulela nobuqotho, yonke inkambo yokuhle.”—IzAga 2:9.

Ukuphakamisa Ukukhulekela Kweqiniso Kwaletha Ukuthula

7. Kwenzeka kanjani ukuba uNkulunkulu abe nethempeli elikhulu?

7 Ekuqaleni kokubusa kwakhe, uSolomoni wathatha izinyathelo zokwakha ithempeli elihle kakhulu elalizothatha indawo yetabernakele elabe lisetshenziswa kusukela osukwini lukaMose. (1 AmaKh. 6:1) Singase silibize ngokuthi ithempeli likaSolomoni, kodwa umqondo wokulakha wawungasuki kuye futhi ukulakha kwakhe kwakungeyona indlela yokuzenzela igama njengomakhi noma umxhasi ocebile. Eqinisweni, nguDavide owahlongoza kuqala ukwakha ithempeli, uNkulunkulu wabe esemnika amapulani aningiliziwe ethempeli nempahla yalo. UDavide wanikela kakhulu ukuze axhase lo msebenzi. (2 Sam. 7:2, 12, 13; 1 IziKr. 22:14-16) Noma kunjalo, lo msebenzi wokwakha owathatha iminyaka eyisikhombisa nengxenye wenziwa uSolomoni.—1 AmaKh. 6:37, 38; 7:51.

8, 9. (a) Isiphi isibonelo esihle esisithola ekuphikeleleni kukaSolomoni emisebenzini emihle? (b) Yini eyaba umphumela wokuphakamisa kukaSolomoni ukukhulekela kweqiniso?

8 Ngakho, uSolomoni wasibekela isibonelo esihle sokuphikelela emisebenzini emihle, futhi akazange alahlekelwe umgomo wakhe. Lapho ukwakha ithempeli kuphela futhi sekungeniswe umphongolo wesivumelwano kulo, uSolomoni wathandaza obala. Ngokwengxenye, wathi kuJehova: ‘Kwangathi amehlo akho angavulekela kule ndlu ubusuku nemini, kule ndawo owathi ngayo, “Igama lami liyoba lapho,” ukuba ulalele umthandazo inceku yakho ewuthandaza ibheke kule ndawo.’ (1 AmaKh. 8:6, 29) Ama-Israyeli nabezizwe babengathandaza bebheke kulesi sakhiwo esasibizwa ngegama likaNkulunkulu.—1 AmaKh. 8:30, 41-43, 60.

9 Yini eyaba umphumela wokuphakamisa kukaSolomoni ukukhulekela kweqiniso? Ngemva kokugubha umkhosi wokuvulwa kwethempeli, abantu ‘bajabula futhi bazizwa benamile enhliziyweni ngenxa yabo bonke ubuhle uJehova ayebenzele uDavide inceku yakhe no-Israyeli isizwe sakhe.’ (1 AmaKh. 8:65, 66) Empeleni, ukubusa kukaSolomoni okwathatha iminyaka engu-40 kwakunokuthula nokuchuma okuphawulekayo. (Funda eyoku-1 AmaKhosi 4:20, 21, 25.) IHubo 72 libonisa lokho futhi lisenza siqonde izibusiso esizozithola lapho sekubusa uSolomoni oMkhulu, uJesu Kristu.—IHu. 72:6-8, 16.

Isibonelo SikaSolomoni Esiyisixwayiso

10. Iliphi iphutha likaSolomoni elisheshe lifike engqondweni?

10 Nokho, kungani singase sithi ukuphila kukaSolomoni kubuye kube isibonelo esiyisixwayiso? Mhlawumbe engqondweni yakho kufika kuqala abafazi bakhe bezinye izizwe nezancinza. Siyafunda: “Kwathi ngesikhathi sokuguga kukaSolomoni abafazi bakhe base beyichezukisile inhliziyo yakhe ukuba ilandele abanye onkulunkulu; futhi inhliziyo yakhe ayizange ibe ephelele kuJehova.” (1 AmaKh. 11:1-6) Akungabazeki ukuthi uzimisele ukungalokothi ulingise inkambo yakhe yobuwula. Kodwa ingabe yileso kuphela isixwayiso esisithola ekuphileni kukaSolomoni? Cabanga ngeminye imininingwane yokuphila kwakhe enganakekile kangako futhi ubone ukuthi isiphi isixwayiso ositholayo.

11. Singaphetha ngokuthini ngomshado wokuqala kaSolomoni?

11 USolomoni wabusa iminyaka engu-40. (2 IziKr. 9:30) Ngakho, ungaphetha ngokuthini ngalokho okushiwo kweyoku-1 AmaKhosi 14:21? (Funda.) Ngokwaleli vesi, lapho uSolomoni efa, indodana yakhe uRehobowamu yaba inkosi ineminyaka engu-41, unina “kunguNahama umAmonikazi.” Lokhu kusho ukuthi ngaphambi kokuba uSolomoni abe inkosi, washada nomuntu wezizwe owayevela esizweni esiyisitha esasikhonza izithombe. (AbaHl. 10:6; 2 Sam. 10:6) Ingabe lo mkakhe wayekhonza izithombe? Ngisho noma ngabe wayezikhonza, kungenzeka ukuthi wakuyeka ukukhonza izithombe futhi waba umkhulekeli weqiniso, njengoRahabi noRuthe. (Ruthe 1:16; 4:13-17; Math. 1:5, 6) Noma kunjalo, cishe abasekhweni likaSolomoni nezihlobo zakhe kwaba abakwa-Amoni ababengamkhonzi uJehova.

12, 13. Isiphi isinqumo esibi esenziwa uSolomoni ekuqaleni kokubusa kwakhe, futhi kungenzeka wazithethelela kanjani?

12 Izinto zaba zimbi ngemva kokuba esebe inkosi. USolomoni “wakha ubuhlobo bomshado noFaro inkosi yaseGibhithe wathatha indodakazi kaFaro wayiletha eMzini KaDavide.” (1 AmaKh. 3:1) Ingabe lona wesifazane waseGibhithe walingisa uRuthe ngokwamukela ukukhulekela kweqiniso? Akukho okubonisa ukuthi wakwamukela. Kunalokho, ngokuhamba kwesikhathi uSolomoni wamakhela indlu (cishe nezincekukazi zakhe zaseGibhithe) ngaphandle koMuzi KaDavide. Ngani? ImiBhalo ithi wenza lokho ngoba kwakungafaneleki ukuba umkhulekeli wamanga ahlale eduze komphongolo wesivumelwano.—2 IziKr. 8:11.

13 Kungenzeka ukuthi uSolomoni wayecabange ngezinzuzo zezombusazwe ngokushada nendodakazi yenkosi yaseGibhithe, kodwa ingabe wayengazithethelela? UNkulunkulu wayekwenqabele kudala ukushada nabaseKhanani abangamaqaba, waze wanikeza nohlu lwezizwe ezithile. (Eks. 34:11-16) Ingabe uSolomoni wacabanga ukuthi iGibhithe lalingekho kulolo hlu? Ngisho noma acabanga kanjalo, ingabe lokho kwakwamukeleka? Empeleni, inkambo yakhe yayiyishaya indiva ingozi ecacile uJehova ayeyishilo—yokwenza umIsrayeli ashiye ukukhulekela kweqiniso aye kokwamanga.—Funda uDuteronomi 7:1-4.

14. Singazuza kanjani ngokucabangisisa ngesibonelo sikaSolomoni esiyisixwayiso?

14 Ingabe siyoyivumela inkambo kaSolomoni ibe isibonelo esiyisixwayiso kithi? Udade angase azithethelele ngokwakha ubuhlobo bothando ebonisa ukusishaya indiva isiqondiso sikaNkulunkulu sokushada “kuphela eNkosini.” (1 Kor. 7:39) Ukuzithethelela okunjalo kungenza umuntu ahlanganyele emidlalweni yangemva kwesikole, noma azihlanganise namaqembu athile esikoleni, abhale imali encane yentela, noma angakhulumi iqiniso lapho ebuzwa ngezenzo ezingamenza aphoxeke. Iphuzu liwukuthi, kungenzeka ukuthi uSolomoni wacabanga ngendlela yomuntu ongaphelele ukuze ephule umyalo kaNkulunkulu, futhi nathi singawela engozini efanayo.

15. UJehova wasibonisa kanjani isihe lapho esebenzelana noSolomoni, kodwa yini okufanele siyikhumbule ngalokho?

15 Kuyathakazelisa ukuthi iBhayibheli lilandisa ngokunika kukaNkulunkulu uSolomoni ukuhlakanipha ayekucelile nengcebo ngemva kokuba likhulume ngokushada kwakhe naleyo nkosazana yezizwe. (1 AmaKh. 3:10-13) USolomoni wayezishaye indiva iziqondiso zikaNkulunkulu, kodwa akukho okubonisa ukuthi uJehova wamala ngokushesha njengenkosi noma wamnikeza isiyalo esiqinile. Lokho kuvumelana neqiniso lokuthi uNkulunkulu uyaqaphela ukuthi singabantu abangaphelele, abenziwe ngothuli. (IHu. 103:10, 13, 14) Nokho, khumbula: Izenzo zethu zingaba nemiphumela manje noma mhlawumbe kamuva.

Abafazi Abaningi Kangaka!

16. Lapho ethatha abafazi abaningi, yini uSolomoni ayeyishaya indiva?

16 Encwadini yesiHlabelelo SeziHlabelelo, inkosi yancoma intombi ethile yathi yayiyinhle kunezindlovukazi ezingu-60 nezancinza ezingu-80. (IsiHl. 6:1, 8-10) Uma lokho kubhekisele kuSolomoni, kuyosho ukuthi ngaleso sikhathi sokubusa kwakhe wayesenabafazi abaningi kangako. Ngisho noma iningi labo noma bonke babengabakhulekeli beqiniso, isiqondiso uNkulunkulu ayesinikeze ngoMose sasithi inkosi yakwa-Israyeli kwakungafanele “izandisele abafazi, ukuze inhliziyo yayo ingaphambuki.” (Dut. 17:17) Nalapha futhi uJehova akazange avele amshiye uSolomoni. Empeleni, uNkulunkulu waqhubeka embusisa, emsebenzisa ekubhaleni incwadi yeBhayibheli yesiHlabelelo SeziHlabelelo.

17. Iliphi iqiniso okungafanele silishaye indiva?

17 Ingabe lokhu kusikisela ukuthi uSolomoni wayengasishaya indiva isiqondiso sikaNkulunkulu angajeziswa, noma ukuthi nathi singenza okufanayo? Cha. Kunalokho, kubonisa ukuthi ukubekezela kukaNkulunkulu kungaqhubeka isikhathi esithile. Nokho, ukuthi omunye wabantu bakaNkulunkulu angasishaya indiva isiqondiso sakhe futhi angayitholi imiphumela ngokushesha akusho ukuthi ngeke yaba khona imiphumela ebuhlungu ekugcineni. Khumbula lokho okwalotshwa uSolomoni: “Ngenxa yokuthi isigwebo ngomsebenzi omubi asizange sikhishwe ngokushesha, yingakho inhliziyo yamadodana abantu iye yaqina ngokugcwele ukuba enze okubi.” Wanezela: “Ngiyaqaphela futhi ukuthi kuyobahambela kahle labo abesaba uNkulunkulu weqiniso, ngoba babemesaba.”—UmSh. 8:11, 12.

18. Okwenzeka kuSolomoni kulicacisa kanjani iqiniso elikweyabaseGalathiya 6:7?

18 Ukube nje uSolomoni waqhubeka elilalela lelo qiniso likaNkulunkulu! Yebo, wayenze okuningi okuhle futhi wathola izibusiso zikaNkulunkulu isikhathi eside. Kodwa ngokuhamba kwesikhathi, wathatha izinyathelo ezimbi ngokulandelana. Waqala inkambo embi. Yeka ukuthi kuyiqiniso kanjani lokho umphostoli uPawulu aphefumulelwa ukuba akulobe: “Ningadukiswa: UNkulunkulu akayena owokuhlekwa usulu. Ngoba noma yini umuntu ayihlwanyelayo, uyovuna yona futhi”! (Gal. 6:7) Ngokuhamba kwesikhathi, uSolomoni wavuna kabuhlungu ngokusishaya indiva isiqondiso sikaNkulunkulu. Sifunda lokhu: “INkosi uSolomoni yathanda abafazi abaningi bezinye izizwe kanye nendodakazi kaFaro, abesifazane bakwaMowabi, bakwa-Amoni, bakwa-Edomi, nabaseSidoni nabamaHeti.” (1 AmaKh. 11:1) Cishe iningi labo lahlala linamathele konkulunkulu bamanga, futhi lamthonya uSolomoni. Waphambuka futhi uNkulunkulu wethu onesineke akabange esambekezelela.—Funda eyoku-1 AmaKhosi 11:4-8.

Funda Esibonelweni Sakhe—Esihle Nesibi

19. Kungani ungathi iBhayibheli liqukethe izibonelo eziningi ezinhle?

19 Ngomusa uJehova waphefumulela uPawulu ukuba abhale: “Zonke izinto ezalotshwa esikhathini esingaphambili zalotshelwa ukuba kufundiswe thina, ukuze kuthi ngokukhuthazela kwethu nangenduduzo evela emiBhalweni sibe nethemba.” (Roma 15:4) Lezo zinto ezalotshwa zihlanganisa nezibonelo eziningi ezinhle zamadoda nabesifazane bokholo oluphawulekayo. UPawulu wayengathi: “Yikuphi okunye engingakusho? Ngoba isikhathi sizongishiya uma ngiqhubeka ngilandisa ngoGideyoni, uBharaki, uSamsoni, uJefta, uDavide kanye noSamuweli nabanye abaprofethi, okwathi ngokholo balwa nemibuso bayinqoba, benza ukulunga, bathola izithembiso, . . . besesimweni esibuthakathaka benziwa baba namandla.” (Heb. 11:32-34) Singazuza futhi kufanele sizuze ezibonelweni ezinhle ezisemiBhalweni, silandele noma silingise okushiwo kulokho kulandisa okuseBhayibhelini.

20, 21. Kungani uzimisele ukuzuza ezibonelweni eziyisixwayiso ezitholakala eZwini likaNkulunkulu?

20 Nokho, okunye ukulandisa okuseBhayibhelini kuhlanganisa nezibonelo eziyisixwayiso. Singathola ezinye zalezo zibonelo ekuphileni kwamadoda nabesifazane uJehova ake abamukela futhi wabasebenzisa njengezinceku zakhe. Njengoba sifunda iBhayibheli, singaphawula lapho abantu bakaNkulunkulu baphambuka khona nokuthi kanjani, okwabenza baba izibonelo eziyisixwayiso. Singabona ukuthi kwaqala kancane kancane ukuba abanye babe nesimo sengqondo esibi noma ukuthambekela okubi, ekugcineni okwaba nemiphumela edabukisayo. Singafunda kanjani kulokho kulandisa? Singase sizibuze imibuzo efana nale: ‘Kwaqala kanjani lokho? Ingabe nami ngingaqala ukuba nalokhu kuthambekela? Yini engingayenza ukuze ngigweme futhi ngifunde kulezi zibonelo eziyisixwayiso?’

21 Ngokuqinisekile kufanele sicabange ngokungathi sína ngalezi zibonelo, ngoba uPawulu waphefumulelwa ukuba abhale: “Lezi zinto zaqhubeka zibehlela njengezibonelo, futhi zalotshelwa ukuba zibe yisixwayiso kithi esesifikelwe ukuphela kwezimiso zezinto.”—1 Kor. 10:11.

Ufundeni?

• Kungani ungathola izibonelo ezinhle neziyisixwayiso eBhayibhelini?

• USolomoni wayivumela kanjani inkambo embi ukuba iqale ekuphileni kwakhe?

• Ungazuza kanjani esibonelweni sikaSolomoni esiyisixwayiso?

[Imibuzo Yesifundo]

[Isithombe ekhasini 9]

USolomoni wasebenzisa ukuhlakanipha kukaNkulunkulu

[Izithombe ekhasini 12]

Ingabe uyazuza esibonelweni esiyisixwayiso sikaSolomoni?