Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Uyakhumbula?

Ingabe Uyakhumbula?

Ingabe Uyakhumbula?

Ingabe ubafunde ngokucophelela omagazini bamuva be-Nqabayokulinda? Bona ukuthi ungakwazi yini ukuphendula imibuzo elandelayo:

• Wayengubani u-Olivétan, futhi kungani umsebenzi wakhe kufanele usithakazelise?

UmFulentshi uPierre Roberts wayaziwa ngalelo gama. Wahumushela iBhayibheli olimini lwesiFulentshi ngeNkathi Yezinguquko yangekhulu le-16. Wakhetha ukusebenzisa igama elithi “umbonisi” kunelithi “umbhishobhi” nelithi “ibandla” kunelithi “isonto.” Ezindaweni ezithile, wasebenzisa igama likaNkulunkulu elithi “Jehova.”—9/1, amakhasi 18-20.

• UNkulunkulu wayesho ukuthini lapho ethi kumaLevi: “Yimi isabelo sakho”?

Isizwe ngasinye ezizweni zakwa-Israyeli sasabelwa indawo yaso, kodwa “isabelo” samaLevi kwakunguJehova. (Num. 18:20) Ayengeke athole umhlaba njengefa, kodwa athola ilungelo elikhethekile lenkonzo. Noma kunjalo, uJehova wayezinakekela izidingo zawo eziyisisekelo zezinto ezibonakalayo. Namuhla, labo abanelungelo lokuqhubekisela phambili izithakazelo zoMbuso bangaqiniseka ukuthi izidingo zabo zokuphila ziyonakekelwa.—9/15, amakhasi 7-8, 13.

• Sazi kanjani ukuthi iJerusalema lasendulo labhujiswa nini abaseBhabhiloni?

Izazi-mlando zasendulo zinikeza imininingwane engahlelekile futhi engqubuzanayo ngamakhosi aseBhabhiloni nokubusa kwawo. Noma kunjalo, izazi ziyavuma ukuthi uKoresi II wanqoba iBhabhiloni ngo-539 B.C.E., unyaka obaluleke kakhulu okungabalwa kususelwa kuwo. AmaJuda akhululwa, futhi afika ezweni lawo ngo-537 B.C.E. IBhayibheli lithi adingiswa iminyaka engu-70. Uma kunjalo, kumelwe ukuba iJerusalema labhujiswa ngo-607 B.C.E. (2 IziKr. 36:21, 22; Jer. 29:10; Dan. 9:1, 2)—10/1, amakhasi 26-31.

• Yini engasiza umKristu anqume ukuthi uhlobo oluthile lokuzilibazisa luyazuzisa yini noma cha?

Ukuze sinqume ukuthi uhlobo lokuzilibazisa luyoba oluzuzisayo yini noma olujabulisayo emehlweni kaNkulunkulu, kuhle ukuzibuza: Luyini? Ngizozijabulisa nini? Ngizozijabulisa nobani?10/15, amakhasi 9-12.

• Kungani kungalungile ukukhipha isisu?

UNkulunkulu ubheka ukuphila njengokungcwele futhi ubheka umbungu njengomuntu ophilayo. (IHu. 139:16) Ukubulala ingane engakazalwa kuwukubulala, njengoba kuboniswa iqiniso lokuthi ngaphansi koMthetho umuntu wayengase alandise ngokulimaza ingane engakazalwa. (Eks. 21:22, 23)—11/1, ikhasi 6.

• Ukulandisa kwezAga 7:6-23 kungasisiza kanjani ukuba sigweme ukubuka izithombe zobulili ezingcolile?

Lokho kulandisa kusitshela ngensizwa eyayihamba endaweni okwaziwayo ukuthi kuhlala kuyo owesifazane oziphethe kabi. Wabe eseyiyenga. Namuhla, senza kahle ngokugwema izingosi ze-Internet ezinezithombe ezivusa inkanuko, futhi kubalulekile ukufuna usizo lukaNkulunkulu ngomthandazo ngisho nangaphambi kokuzithela ezithombeni ezinjalo kuyi-Internet.—11/15, amakhasi 9-10.

• Sazi kanjani ukuthi imbulunga ewumhlaba ngeke ibhujiswe ngo-2012?

Ngenxa yemijikelezo esekhalendeni lamaMaya lasendulo, abanye banomuzwa wokuthi umhlaba uyobhujiswa ngo-2012. Kodwa akunakwenzeka lokho, ngoba uJehova wadala umhlaba ukuze uhlalwe. IBhayibheli lithi umhlaba uyohlala kuze kube nini nanini. (UmSh. 1:4; Isaya 45:18)—12/1, ikhasi 10.

• Ibaphi abalobi beBhayibheli ababekhona ngePhentekoste lika-33 C.E.?

Kubonakala sengathi bayisithupha abalobi bemiBhalo YamaKristu YesiGreki ababekhona. Kwakukhona abaphostoli abathathu —uMathewu, uJohane noPetru. Abafowabo bakaJesu ngamzali munye ababili nabo babekhona—uJakobe noJude. Kungenzeka nokuthi insizwa uMarku yayikhona.—12/1, ikhasi 22.