Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Kungani Kufanele Siqondiswe Umoya KaNkulunkulu?

Kungani Kufanele Siqondiswe Umoya KaNkulunkulu?

Kungani Kufanele Siqondiswe Umoya KaNkulunkulu?

“Wena unguNkulunkulu wami. Umoya wakho muhle; kwangathi ungangihola.”—IHU. 143:10.

1. Fanekisa indlela amandla angabonakali angaqondisa ngayo umuntu.

 WAKE wayisebenzisa yini ikhampasi ukuze ikuqondise? Ikhampasi iyithuluzi elingeyona inkimbinkimbi elinento eyodwa ehambayo—inaliti enozibuthe ekhombe enyakatho. Ngenxa yamandla angabonakali aziwa ngokuthi uzibuthe, inaliti yekhampasi iziqondanisa nendawo enozibuthe ezungeze umhlaba emaphakathi nemikhawulo yawo. Sekungamakhulu eminyaka, abahloli bamazwe nabahambi bawo beyisebenzisa ikhampasi ukuze ibaqondise ezweni nasolwandle.

2, 3. (a) Yimaphi amandla amakhulu uJehova awasebenzisa eminyakeni engenakubalwa edlule? (b) Kungani kufanele silindele amandla kaNkulunkulu asebenzayo angabonakali ukuba aqondise ukuphila kwethu namuhla?

2 Kunamanye amandla angabonakali abaluleke nakakhulu ekusiqondiseni. Yimaphi? Yilawo achazwe emavesini okuqala eBhayibheli. Ikhuluma ngalokho uJehova akufeza eminyakeni engenakubalwa edlule, incwadi kaGenesise ithi: “Ekuqaleni uNkulunkulu wadala amazulu nomhlaba.” Njengoba edala, wathumela amandla amakhulu, ngoba ukulandisa okuphathelene nokudala kuyanezela: “Amandla kaNkulunkulu asebenzayo ayehla enyuka.” (Gen. 1:1, 2) Yini eyayisebenza? Umoya ongcwele—amandla amakhulu ayesetshenziswa ekudaleni. Sikhona ngenxa yokuthi uJehova wasebenzisa lo moya ukuze enze yonke imisebenzi yakhe.—Jobe 33:4; IHu. 104:30.

3 Njengabantu abaphilayo nabaphefumulayo, ingabe kufanele silindele amandla kaNkulunkulu asebenzayo ukuba aqhubeke enethonya ekuphileni kwethu? INdodana kaNkulunkulu uqobo, yayazi ukuthi kufanele ngoba yathi kubafundi bayo: “Umoya . . . uyonihola kulo lonke iqiniso.” (Joh. 16:13) Singaqonda kanjani ukuthi uyini lo moya, futhi kungani kufanele sifune ukuqondiswa yiwo?

Lokho Umoya Ongcwele Oyikho

4, 5. (a) Yini abantu abakholelwa kuZiqu-zintathu ngokuyiphutha abayicabangayo ngomoya ongcwele? (b) Ungawuchaza kanjani umoya ongcwele?

4 Cishe, abanye abantu okhuluma nabo enkonzweni yasensimini banombono ongasekelwa imiBhalo ngomoya ongcwele. Abantu abakholelwa kuZiqu-zintathu bacabanga ngokuyiphutha ukuthi umoya ungumuntu olingana noNkulunkulu uBaba. (1 Kor. 8:6) Kodwa kulula ukubona ukuthi imfundiso kaZiqu-zintathu ingqubuzana nemiBhalo.

5 Ngakho-ke, uyini ngempela umoya ongcwele? Umbhalo waphansi kuGenesise 1:2 kuyi-New World Translation of the Holy Scriptures—With References uthi: “Ngaphandle kokuhumusha igama [lesiHebheru] elithi ruʹach ngokuthi ‘umoya, [okusho umoya wokuphila]’ libuye lihunyushwe njengelisho umoya ovunguzayo nangamanye futhi amagama asho amandla asebenzayo angabonakali.” (Qhathanisa imibhalo yaphansi ekuGenesise 3:8; 8:1.) Njengoba nje umoya ungabonakali kodwa unamandla, kanjalo nomoya ongcwele, ongeyena umuntu, awubonakali kodwa iyabonakala imisebenzi yawo. Lo moya ungamandla avela kuNkulunkulu awasebenzisa kubantu noma ezintweni ukuze afeze intando yakhe. Ingabe kunzima ukukholelwa ukuthi lawo mandla amangalisayo avela eMthonjeni ongcwele, uNkulunkulu uMninimandla onke? Lutho neze!—Funda u-Isaya 40:12, 13.

6. Isiphi isicelo esibalulekile uDavide asenza kuJehova?

6 UJehova angaqhubeka yini esebenzisa umoya wakhe ukuze usiqondise ekuphileni? Wathembisa umhubi uDavide: “Ngizokwenza ube nokuqondisisa ngikufundise indlela okufanele uhambe ngayo.” (IHu. 32:8) Ingabe uDavide wakujabulela lokho? Yebo, ngoba wacela kuJehova: “Ngifundise ukwenza intando yakho, ngoba wena unguNkulunkulu wami. Umoya wakho muhle; kwangathi ungangihola.” (IHu. 143:10) Kufanele sibe nesifiso nokuzimisela okufanayo ukuba siqondiswe umoya kaNkulunkulu. Ngani? Cabangela izizathu ezine.

Asikufanelekeli Ukuziqondisa

7, 8. (a) Kungani singenakukwazi ukuziqondisa ngaphandle kukaNkulunkulu? (b) Bonisa ukuthi kungani kungamelwe sizame ukuziqondisa kulesi simiso esibi sezinto.

7 Okokuqala, kufanele sifune ukuqondiswa umoya kaNkulunkulu ngoba asikwazi ukuziqondisa. “Ukuqondisa” kusho “ukuholela enkambweni ethile noma ukubonisa indlela okufanele ilandelwe.” Nokho, uJehova akasidalanga sinekhono lokuziqondisa, kangakanani-ke kulesi simo sethu sokungapheleli. Umprofethi wakhe uJeremiya wabhala: “O Nkosi, ngiyaqaphela ukuthi indlela yomuntu ayikho kuye: umuntu akanamandla okuqondisa izinyathelo zakhe.” (Jer. 10:23, The Bible in Basic English) Kungani? UJeremiya wasizwa isizathu sikaNkulunkulu sokuthi kungani singenakukwazi ukuziqondisa. Ekhuluma ngomuntu esinguye ngaphakathi, uJehova wathi: “Inhliziyo ikhohlisa ngaphezu kwanoma yini enye futhi yenza ngokuphelelwa yithemba. Ubani ongase ayazi?”—Jer. 17:9; Math. 15:19.

8 Ngeke yini kwaba ubuwula ngomuntu ongenakho okuhlangenwe nakho ukuba ahambe yedwa adabule ihlane elingakaze lihanjwe muntu, kungekho muntu onolwazi omqondisayo futhi engaphethe ngisho nekhampasi? Uyobe efaka ukuphila kwakhe engozini njengoba engazi ukuthi uyobhekana kanjani nezimo ezinzima zasehlane futhi engayazi indlela yokufika ngokuphepha lapho eya khona. Kuyefana nangomuntu ocabanga ukuthi angaziqondisa kuleli zwe elibi ngaphandle kokuvumela uNkulunkulu ambonise indlela efanele, naye uyobe ubeka ukuphila kwakhe engozini enkulu kakhulu. Ukuphela kwendlela esingabhekana ngayo ngokuphumelelayo nalesi simiso sezinto iwukwenza isicelo esifana naleso esenziwa uDavide ngomthandazo kuJehova: “Izinyathelo zami mazibambe imikhondo yakho, lapho ngokuqinisekile izinyathelo zami zingeke zintengantengiswe khona.” (IHu. 17:5; 23:3) Singasithola kanjani leso siqondiso?

9. Njengoba kuboniswe ekhasini 17, umoya kaNkulunkulu ungaba kanjani umqondisi esingamethemba?

9 Uma sithobekile futhi sizimisele ukuncika kuJehova, uyosinika umoya wakhe ongcwele njengesiqondiso esingasethemba sezinyathelo zethu. Lawo mandla asebenzayo ayosisiza kanjani? UJesu wachazela abafundi bakhe: “Umsizi, umoya ongcwele, uBaba azowuthumela egameni lami, wona uyonifundisa zonke izinto futhi unikhumbuze zonke izinto enginitshele zona.” (Joh. 14:26) Njengoba silitadisha ngosizo lomthandazo njalo iZwi likaNkulunkulu kanye nawo wonke amazwi kaKristu, umoya ongcwele uyokwandisa ukukuqonda kwethu ukuhlakanipha okujulile kukaJehova ukuze sikwazi ukwenza intando yakhe ngokusemandleni ethu. (1 Kor. 2:10) Ngaphezu kwalokho, noma kungavelani esingayilindele, umoya uyosibonisa indlela yokubhekana nayo. Uyosikhumbuza izimiso zeBhayibheli esesizifundile futhi usisize ukuba siqonde indlela esingazisebenzisa ngayo ekuqondiseni izinyathelo zethu.

UJesu Wayeqondiswa Umoya KaNkulunkulu

10, 11. Yini iNdodana kaNkulunkulu ezelwe yodwa eyayiyilindele mayelana nomoya ongcwele, futhi kwenzekani kuyo?

10 Isizathu sesibili esisenza sifune ukuqondiswa umoya ongcwele ukuthi uNkulunkulu waqondisa ngawo iNdodana yakhe. Ngaphambi kokuba ize emhlabeni, iNdodana kaNkulunkulu ezelwe yodwa yayisazi lesi siprofetho: “Umoya kaJehova uyohlala phezu kwakhe, umoya wokuhlakanipha nowokuqonda, umoya weseluleko nowamandla, umoya wolwazi nowokwesaba uJehova.” (Isaya 11:2) Cabanga nje indlela uJesu ayekulangazelela ngayo ukuthola usizo lomoya kaNkulunkulu lapho ebhekene nezimo zasemhlabeni!

11 Amazwi kaJehova agcwaliseka. Ukulandisa kweVangeli kusitshela lokho okwenzeka ngokushesha nje ngemva kokuba uJesu esebhapathiziwe: “Manje uJesu, egcwele umoya ongcwele, wamuka eJordani, umoya wamholela ehlane.” (Luka 4:1) Ngesikhathi ikulelo hlane, izila ukudla, ithandaza futhi izindla, cishe uJehova wayiqondisa futhi wayikhanyisela iNdodana yakhe ngalokho eyayizobhekana nakho. Amandla kaNkulunkulu asebenzayo ayesebenza engqondweni nasenhliziyweni kaJesu, eqondisa imicabango nezinqumo zakhe. Ngenxa yalokho, uJesu wakwazi okwakufanele akwenze esimweni ngasinye futhi wenza lokho kanye uYise ayefuna ukuba akwenze.

12. Kungani kudingeka ukuba sicele umoya kaNkulunkulu usiqondise?

12 Eqaphela izinzuzo zethonya lomoya ongcwele ekuphileni kwakhe, uJesu wagcizelela kubafundi bakhe ukubaluleka kokuwucela nokuholwa yiwo. (Funda uLuka 11:9-13.) Kungani lokho kudingeka kangaka nakithi? Kungenxa yokuthi ungaguqula ukucabanga kwethu ukuze kufane nomqondo kaKristu. (Roma 12:2; 1 Kor. 2:16) Ngokuvumela umoya kaNkulunkulu uqondise ukuphila kwethu, singacabanga njengoKristu futhi silingise isibonelo sakhe.—1 Pet. 2:21.

Umoya Wezwe Ungasidukisa

13. Uyini umoya wezwe, futhi uvezani?

13 Isizathu sesithathu sokufuna ukuqondiswa umoya kaNkulunkulu ukuthi ngaphandle kwawo singadukiswa umoya ongengcwele osebenza ekuphileni kwabantu abaningi namuhla. Izwe linawalo amandla, alenza lithathe inkambo ehluke ngokuphelele kuleyo umoya ongcwele osishukumisela ukuba siyilandele. Kunokukhuthaza abantu ukuba babe nomqondo kaKristu, umoya wezwe ubabangela ukuba bacabange futhi benze njengombusi waleli zwe, uSathane. (Funda eyabase-Efesu 2:1-3; Thithu 3:3.) Lapho umuntu evumela umoya wezwe futhi eqala ukwenza imisebenzi yenyama, kuba nemiphumela ebuhlungu, eyomenza angalizuzi ifa loMbuso kaNkulunkulu.—Gal. 5:19-21.

14, 15. Singaphumelela kanjani ekumelaneni nomoya wezwe?

14 UJehova uye wasihlomisela ukuba simelane nomoya wezwe. Umphostoli uPawulu wathi: “Qhubekani nizuza amandla eNkosini nasebukhulwini bamandla ayo . . . ukuze nikwazi ukuzabalaza ngosuku olubi.” (Efe. 6:10, 13) Ngomoya wakhe, uJehova uyasiqinisa ukuze sikwazi ukumelana nemizamo kaSathane yokusidukisa. (IsAm. 12:9) Umoya wezwe unamandla, futhi ngeke sikwazi ukuwugwema ngokuphelele. Nokho, akudingeki ukuba usonakalise. Umoya ongcwele unamandla nakakhulu, futhi uyosisiza!

15 Umphostoli uPetru wathi ngalabo abalahla ubuKristu ngekhulu lokuqala: ‘Bashiya indlela eqondile, bedukile.’ (2 Pet. 2:15) Yeka indlela esibonga ngayo ngokuthi “asamukelanga umoya wezwe, kodwa umoya ovela kuNkulunkulu”! (1 Kor. 2:12) Ngosizo lwethonya lawo nangokuwasebenzisa ngokugcwele wonke amalungiselelo kaJehova okusigcina sisendleleni eqondile ngokomoya, singaphumelela ekumelaneni nomoya waleli zwe elibi likaSathane.—Gal. 5:16.

Umoya Ongcwele Uveza Izithelo Ezinhle

16. Iziphi izithelo umoya ongcwele ongaziveza kithi?

16 Isizathu sesine sokufuna umoya kaNkulunkulu ukuba usebenze kithi ukuthi uveza izithelo ezinempilo ekuphileni kwalabo abaholwa yiwo. (Funda eyabaseGalathiya 5:22, 23.) Ubani phakathi kwethu ongafuni ukuba nothando, injabulo nokuthula kakhudlwana? Ubani kithi ongethande ukuchichima ukubekezela, umusa nobuhle? Ubani kithi ongeke azuza ngokuhlakulela ukholo, ubumnene nokuzithiba okwengeziwe? Umoya kaNkulunkulu uveza kithi izimfanelo ezinhle ezizuzisa thina nalabo esihlala futhi sikhonze nabo. Ukuhlakulela izithelo zomoya kuwumsebenzi oqhubekayo, njengoba singekho isilinganiso esinqunyiwe sokuthi sidinga futhi sivunyelwe ukuzibonisa ngezinga elingakanani.

17. Singayihlakulela kanjani imfanelo ethile yezithelo zomoya ngezinga elikhudlwana?

17 Siyobe sihlakaniphile uma sizihlola ukuze siqiniseke ukuthi amazwi nezenzo zethu kunikeza ubufakazi bokuthi siqondiswa umoya ongcwele futhi sibonisa izithelo zawo. (2 Kor. 13:5a; Gal. 5:25) Uma sibona ukuthi kudingeka sihlakulele izimfanelo ezithile zezithelo zomoya, singabambisana nomoya ongcwele ngezinga elikhudlwana ekuvezeni lezo zimfanelo. Lokhu sikwenza ngokutadisha imfanelo ngayinye njengoba yembulwe eBhayibhelini futhi yakhulunyelwa ezincwadini zethu zobuKristu. Ngaleyo ndlela, singaqonda indlela izithelo zomoya okufanele zibonakaliswe ngayo ekuphileni kwethu kwansuku zonke bese silwela ukuzihlakulela ngokwengeziwe. * Njengoba sibona imiphumela yokusebenza komoya kaNkulunkulu ekuphileni kwethu nokwamanye amaKristu, siyaqonda ukuthi kungani kumelwe siqondiswe yiwo.

Ingabe Uyawuvumela Umoya KaNkulunkulu Ukuqondise?

18. UJesu usibekela kanjani isibonelo sendlela okufanele sisabele ngayo emoyeni kaNkulunkulu?

18 Njengoba ‘ayeyisisebenzi sikaNkulunkulu esiyingcweti’ ekudalweni kwendawo yonke ebonakalayo, uJesu wayazi konke ngozibuthe womhlaba, abantu abawusebenzisayo ukuze ubaqondise lapho bedabula amazwe ngamazwe. (IzAga 8:30; Joh. 1:3) Nokho, abukho ubufakazi eBhayibhelini bokuthi ngesikhathi esemhlabeni, uJesu wake wawasebenzisa lawo mandla ukuze amqondise lapho ehamba. IBhayibheli lithi lapho engumuntu, wakuzwa ukusebenza kwamandla amakhulu omoya ongcwele kaNkulunkulu ekuphileni kwakhe. Walamukela ithonya lawo, futhi lapho umshukumisa, wawuvumela, wenza ngokuvumelana nawo. (Marku 1:12, 13; Luka 4:14) Ingabe nawe unjalo?

19. Yini okumelwe siyenze ukuze umoya ongcwele ube amandla asiqondisayo ekuphileni?

19 Amandla kaNkulunkulu asebenzayo asasebenza ezingqondweni nasezinhliziyweni zabantu abawavumelayo ukuba abashukumise futhi abaqondise. Ungawavumela kanjani ukuba asebenze kuwe akuholele endleleni efanele? Thandaza njalo kuJehova ukuba akuthumelele umoya wakhe futhi akusize uvumele ukuthonywa yiwo. (Funda eyabase-Efesu 3:14-16.) Yenza ngokuvumelana nemithandazo yakho ngokufuna iseluleko esitholakala eZwini likaNkulunkulu elilotshiwe, iBhayibheli—eliwumkhiqizo womoya ongcwele. (2 Thim. 3:16, 17) Lalela iziqondiso ezihlakaniphile ezikulo bese usabela ngokulangazela ekuholeni komoya ongcwele. Yenza ngendlela ebonisa ukuthi uyakholelwa ukuthi uJehova angakuqondisa ngendlela efanele kuleli zwe elibi.

[Umbhalo waphansi]

^ Ukuze uthole ingxoxo ngemfanelo ngayinye, bheka isihloko esithi “Fruitage of God’s Spirit [Izithelo Zomoya KaNkulunkulu]” nesihlokwana esithi “List by Aspect [Uhlu Lokulandelana Kwezimfanelo]” kuma-Watch Tower Publications Index.

Ingabe Uwatholile Amaphuzu Ayinhloko?

• Umoya ongcwele ungakuthinta kanjani ukuphila kwethu?

• Iziphi izizathu ezine ezenza sifune ukuqondiswa umoya kaNkulunkulu?

• Singayenza kanjani ingxenye yethu ukuze sizuze ngokugcwele ekuholeni komoya ongcwele?

[Imibuzo Yesifundo]

[Isithombe ekhasini 15]

Umoya kaNkulunkulu wawungamandla ashukumisayo ekuphileni kukaJesu

[Isithombe ekhasini 17]

Umoya kaNkulunkulu usebenza ezingqondweni nasezinhliziyweni, uzishukumise futhi uziqondise