Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukuqondiswa Umoya KaNkulunkulu Ekhulwini Lokuqala Nanamuhla

Ukuqondiswa Umoya KaNkulunkulu Ekhulwini Lokuqala Nanamuhla

Ukuqondiswa Umoya KaNkulunkulu Ekhulwini Lokuqala Nanamuhla

“Yonke le misebenzi yenziwa yiwo lowo moya owodwa.”—1 KOR. 12:11.

1. Imaphi amaphuzu esizoxoxa ngawo kulesi sihloko?

 IPHENTEKOSTE. Yeka ukuthi lelo gama lilodwa lisikhumbuza ngezenzakalo ezivusa amadlingozi kangakanani! (IzE. 2:1-4) Ukuthululwa komoya ongcwele kuleso senzakalo sangekhulu lokuqala kwaphawula ushintsho olukhulu kakhulu ekusebenzelaneni kukaNkulunkulu nezinceku zakhe. Esihlokweni esandulele, sixoxe ngezinye zezindlela umoya kaNkulunkulu owasiza ngazo abantu bokholo basendulo ukuba bafeze izabelo ezinzima neziyinkimbinkimbi. Kodwa indlela umoya kaNkulunkulu owasebenza ngayo ezikhathini zangaphambi kobuKristu ihluke ngani kuleyo owasebenza ngayo ekhulwini lokuqala? AmaKristu azuza kanjani ekusebenzeni komoya ongcwele kaNkulunkulu namuhla? Ake sibone.

“Bheka! Incekukazi KaJehova!”

2. UMariya wayekubone kanjani ukusebenza komoya ongcwele?

2 UMariya wayekhona ekamelweni elikhulu eliphezulu eJerusalema lapho kuthululwa umoya ongcwele owawuthenjisiwe. (IzE. 1:13, 14) Nokho, eminyakeni engaphezu kwamashumi amathathu ngaphambi kwaleso senzakalo, wayebone umoya kaJehova usebenza ngezindlela eziphawulekayo. UJehova wayedlulisele ukuphila kweNdodana yakhe emhlabeni kusuka ezulwini, wenza ukuba uMariya akhulelwe eseyintombi ntó. Lokho akukhulelwa ‘kwakungomoya ongcwele.’—Math. 1:20.

3, 4. Isiphi isimo sengqondo esaboniswa uMariya, futhi singamlingisa kanjani?

3 Kungani uMariya athola lelo lungelo elingenakuqhathaniswa? Ngemva kokuba ingelosi isichaze intando kaJehova ngaye, uMariya wababaza: “Bheka! Incekukazi kaJehova! Kwangathi kungenzeka kimi njengokwesimemezelo sakho.” (Luka 1:38) La mazwi akhe aveza isimo sakhe senhliziyo uNkulunkulu ayesesibonile. Ukusabela kwakhe ngokushesha kubonisa ukuthi wayesekulungele ukwamukela intando kaNkulunkulu kule ndaba. Akazange abuze ukuthi abantu emphakathini babeyokubheka kanjani ukukhulelwa kwakhe noma ukuthi kwakuyobuthinta kanjani ubuhlobo bakhe nalowo ayethembisene naye umshado. Ngokuzibiza ngencekukazi, uMariya wabonisa ukuthi wayethembele ngokuphelele kuJehova njengeNkosi yakhe.

4 Ingabe ngezinye izikhathi uke uzizwe ukhungathekiswe izinselele noma imithwalo yemfanelo enkonzweni kaNkulunkulu? Ngamunye wethu wenza kahle ngokuzibuza: ‘Ingabe ngithembela ngokuphelele kuJehova ukuthi uzokwenza izinto ngokuvumelana nentando yakhe? Ingabe ngibonisa umoya ovumayo ngempela?’ Qiniseka ngokuthi uNkulunkulu ubanikeza umoya wakhe labo abathembela kuye ngenhliziyo yonke futhi baqaphele intando yakhe njengoMbusi wabo.—IzE. 5:32.

UPetru Wasizwa Umoya Ongcwele

5. Iziphi izindlela uPetru ayebone umoya ongcwele usebenza ngazo ngaphambi kwePhentekoste lika-33 C.E.?

5 NjengoMariya, umphostoli uPetru wayezibonele mathupha ukusebenza komoya ongcwele kaNkulunkulu ngaphambi kwePhentekoste lika-33 C.E. UJesu wayenike yena nabanye abaphostoli igunya lokukhipha amademoni. (Marku 3:14-16) Nakuba imiBhalo inganikezi imininingwane eminingi, cishe uPetru walisebenzisa lelo gunya. Amandla kaNkulunkulu abonakala nalapho uJesu emema uPetru ukuba eze kuye ehamba phezu koLwandle LwaseGalile, futhi yilokho kanye akwenza. (Funda uMathewu 14:25-29.) Kusobala ukuthi uPetru wancika emoyeni ongcwele ukuba umsize enze imisebenzi yamandla. Ngokushesha lowo moya wawuzosebenza kuPetru nabafundi ababekanye naye ngezindlela ezintsha.

6. Yini uPetru akwazi ukuyenza esizwa umoya kaNkulunkulu ngePhentekoste lika-33 C.E. nangemva kwalo?

6 NgoMkhosi wePhentekoste lika-33 C.E., uPetru nabanye banikezwa amandla ngokuyisimangaliso okukhuluma ngezilimi ezazikhulunywa izihambeli ezazize eJerusalema. Ngemva kwalokho, uPetru wahola ekukhulumeni nesixuku esasibuthene. (IzE. 2:14-36) Yebo, le ndoda ngesinye isikhathi eyayinamawala noma yesaba yagcwala isibindi sokufakaza ngokungesabi naphezu kwezinsongo noshushiso. (IzE. 4:18-20, 31) UNkulunkulu wayambulela ulwazi. (IzE. 5:8, 9) Yanikwa ngisho namandla okuvusa ofileyo.—IzE. 9:40.

7. Iziphi izimfundiso zikaJesu ezacaca kuPetru kuphela ngemva kokuba esegcotshiwe?

7 Ngisho nangaphambi kwePhentekoste, uPetru wayewuthola umqondo wamaqiniso amaningi uJesu ayewafundisa. (Math. 16:16, 17; Joh. 6:68) Kodwa kunezinye izici zezimfundiso zikaJesu ezingazange zimcacele ngaphambi kwePhentekoste. Ngokwesibonelo, uPetru wayengakuqondi ukuthi uKristu wayeyovuswa eyisidalwa somoya ngosuku lwesithathu; engakuqondi nokuthi uMbuso wawuzomiswa ezulwini. (Joh. 20:6-10; IzE. 1:6) Umqondo wokuthi abantu babeyoba izidalwa zomoya futhi babuse eMbusweni wasezulwini wawuyinto eyinqaba kuye. Waze wawaqonda lawo maphuzu ezimfundiso zikaJesu ngemva kokuba esebhapathizwe ngomoya ongcwele futhi esenikezwe ithemba lasezulwini.

8. Iluphi ulwazi abagcotshiweyo ‘nabezinye izimvu’ abangaluthola?

8 Ukuqonda ababengenakukuthola ngaphambili abafundi bakaJesu bakuthola ngemva kokuthululwa komoya ongcwele. Abalobi bemiBhalo YamaKristu YesiGreki baphefumulelwa ukuba bachaze izici ezimangalisayo zenjongo kaNkulunkulu ukuze sizuze. (Efe. 3:8-11, 18) Namuhla, abagcotshiweyo ‘nabezinye izimvu’ badla ndawonye ngokomoya, befunda wona la maqiniso. (Joh. 10:16) Ingabe uyalwazisa ulwazi nokuqonda iZwi likaNkulunkulu umoya ongcwele okwenza kutholakale ngale ndlela?

UPawulu ‘Wagcwala Umoya Ongcwele’

9. Yini uPawulu akwazi ukuyifeza ngosizo lomoya ongcwele?

9 Esikhathini esingangonyaka ngemva kwePhentekoste lika-33 C.E., kwaba nomunye futhi owathola isipho sikaNkulunkulu somoya ongcwele. NguSawulu, kamuva owaziwa ngokuthi uPawulu. Umoya wasebenza kuye ngezindlela ezizuzisa nathi namuhla. Umphostoli uPawulu waphefumulelwa ukuba abhale izincwadi zeBhayibheli ezingu-14. Njengoba kwenzeka nakuPetru, umoya kaNkulunkulu wenza uPawulu waqonda futhi wabhala ngokucacile ngethemba lasezulwini lokuphila okungenakufa nakonakala. Ngomoya ongcwele, uPawulu waphulukisa, wakhipha amademoni waze wavusa ngisho nofileyo! Nokho, amandla ayetholakala ngomoya ongcwele ayenenjongo ebalulekile kunaleyo, okungenxa yayo zonke izinceku zikaNkulunkulu ziwathola nanamuhla, kodwa hhayi ngokuyisimangaliso.

10. Umoya ongcwele walithinta kanjani ikhono likaPawulu lokukhuluma?

10 UPawulu ‘owayegcwele umoya ongcwele,’ wamelana ngesibindi nomuntu othile owayengumthakathi. Yeka ukuthi lokho kwaba nethonya elingakanani kumphathi-sifundazwe waseKhupro owayelalele yonke ingxoxo! Lowo mphathi-sifundazwe walamukela iqiniso “njengoba akhexa ngenxa yemfundiso kaJehova.” (IzE. 13:8-12) Kusobala ukuthi uPawulu wayekwazi kahle ukubaluleka komoya ongcwele kaNkulunkulu endabeni yokukhuluma iqiniso. (Math. 10:20) Kamuva wacela ibandla lase-Efesu ukuba limnxusele ukuba anikwe “ikhono lokukhuluma.”—Efe. 6:18-20.

11. UPawulu waqondiswa kanjani umoya kaNkulunkulu?

11 Umoya ongcwele awuzange nje wenze uPawulu akhulume kodwa ngezinye izikhathi wamenqabela ukuba akhulume ezindaweni ezithile. Umoya kaNkulunkulu wawumqondisa njalo ohambweni lwakhe lwezithunywa zevangeli. (IzE. 13:2; funda izEnzo 16:6-10.) UJehova usaqhubeka eqondisa umsebenzi wokushumayela ngomoya wakhe. NjengoPawulu, zonke izinceku zikaJehova ezilalelayo zilwela ukumemezela iqiniso ngesibindi nangentshiseko. Nakuba isiqondiso sikaNkulunkulu singekho sobala namuhla njengasesikhathini sikaPawulu, singaqiniseka ngokuthi uJehova usebenzisa umoya wakhe ongcwele ukuze aqinisekise ukuthi abafanelekayo bayalizwa iqiniso.—Joh. 6:44.

“Izinhlobonhlobo Zemisebenzi”

12-14. Ingabe umoya kaNkulunkulu usebenza ngendlela efanayo kuzo zonke izinceku zakhe? Chaza.

12 Ingabe ukulandisa kwendlela uJehova abusisa ngayo ibandla lamaKristu agcotshiwe ekhulu lokuqala kuyisikhuthazo esikhulu ezincekwini zikaNkulunkulu ezizinikezele namuhla? Impela! Khumbula amazwi kaPawulu aphefumulelwe awabhalela ibandla laseKorinte ngokuphathelene nezipho zomoya eziyisimangaliso osukwini lwakhe: “Kukhona izinhlobonhlobo zezipho, kodwa kukhona umoya owodwa; kukhona izinhlobonhlobo zezinkonzo, kodwa nokho kukhona iNkosi eyodwa; kukhona izinhlobonhlobo zemisebenzi, kodwa nokho nguNkulunkulu oyedwa owenza yonke imisebenzi kubo bonke abantu.” (1 Kor. 12:4-6, 11) Yebo, umoya ongcwele ungasebenza ngezindlela ezihlukahlukene ezincekwini zikaNkulunkulu ezihlukahlukene ukuze ufeze injongo ethile. Ngempela, umoya ongcwele utholwa ‘umhlambi omncane’ “nezinye izimvu” zikaKristu. (Luka 12:32; Joh. 10:16) Kodwa awusebenzi ngaso sonke isikhathi ngendlela efanayo elungwini ngalinye lebandla.

13 Ngokwesibonelo, abadala bamiswa ngomoya ongcwele. (IzE. 20:28) Kodwa akubona bonke abagcotshwe ngomoya abakhonza njengababonisi ebandleni. Singaphetha ngokuthini kulokhu? Ngokuthi umoya kaNkulunkulu usebenza ngezindlela ezihlukene emalungwini ebandla.

14 Umoya ofaka kwabagcotshiweyo “umoya wokutholwa,” noma umuzwa wokuba amadodana, umoya ofanayo nalowo uJehova avusa ngawo iNdodana yakhe ezelwe yodwa, eyivusela ekuphileni kwasezulwini okungenakufa. (Funda amaRoma 8:11, 15.) Yilowo moya uJehova awusebenzisa ekudaleni indawo yonke. (Gen. 1:1-3) Ngawo lowo moya ongcwele, uJehova wenza uBhezaleli wafanelekela umsebenzi okhethekile wetabernakele, wanikeza uSamsoni amandla okwenza imisebenzi eyayidinga amandla amakhulu, wenza noPetru wahamba phezu kwamanzi. Ngakho-ke, masingaphambanisi ukuba nomoya kaNkulunkulu nokugcotshwa ngomoya kaNkulunkulu, okungenye nje indlela ekhethekile yokusebenza komoya. UNkulunkulu okhethayo ukuthi obani azobagcoba ngomoya.

15. Ingabe ubhapathizo lomoya ongcwele luyoqhubeka kuze kube phakade? Chaza.

15 Amandla kaNkulunkulu asebenzayo angcwele abelokhu esebenza ngezindlela ezihlukahlukene ezincekwini zakhe ezithembekile kusukela zaba khona, yebo, ezinkulungwaneni zeminyaka ngaphambi kokuba ukugcotshwa ngomoya kuqale. Leyo ndlela entsha yokusebenza komoya yaqala ngePhentekoste lika-33 C.E., kodwa yayingeke iqhubeke kuze kube phakade. Ukubhapathizwa ngomoya kuyophela, kodwa umoya ongcwele uyoqhubeka usebenza kubantu bakaNkulunkulu ukuze benze intando yakhe kuze kube phakade.

16. Yini izinceku zikaNkulunkulu eziyenzayo manje ngosizo lomoya wakhe?

16 Yini manje eyenzekayo emhlabeni ngosizo lomoya ongcwele kaJehova? IsAmbulo 22:17 siyaphendula: “Umoya nomlobokazi bathi: ‘Woza!’ Noma ubani ozwayo makathi: ‘Woza!’ Noma ubani owomile makeze; nanoma ubani othandayo makathathe amanzi okuphila ngesihle.” Eshukunyiswa umoya kaNkulunkulu, amaKristu namuhla adlulisela isimemo sikaJehova esinikeza ukuphila ‘kunoma ubani othanda’ ukwamukela amanzi okuphila. AmaKristu agcotshiwe ayahola ekwenzeni lokhu. Nokho, abezinye izimvu bayahlanganyela ekudluliseleni lesi simemo. Zombili lezi zigaba zibambisana nomoya ongcwele ofanayo ekufezeni lo msebenzi. Abakulezi zigaba baye babonakalisa ukuzinikezela kwabo kuJehova ngokubhapathizwa “egameni likaYise neleNdodana nelomoya ongcwele.” (Math. 28:19) Bonke bavumela umoya kaNkulunkulu ukuba usebenze ekuphileni kwabo, uveze izithelo zawo kubo. (Gal. 5:22, 23) Njengabagcotshiweyo, ezinye izimvu zivumela umoya kaNkulunkulu ukuba uzisize. Ngosizo lwawo, zenza konke ezingakwenza ukuze zihlangabezane nezimfuneko zikaJehova zobungcwele.—2 Kor. 7:1; IsAm. 7:9, 14.

Qhubekani Nicela Umoya Ongcwele

17. Singabonisa kanjani ukuthi sinomoya kaNkulunkulu?

17 Ngakho, kungakhathaliseki ukuthi ithemba olinikwe uNkulunkulu elokuphila phakade ezulwini noma emhlabeni, uJehova angakunika “amandla angaphezu kwavamile” ukuze ugcine ubuqotho bakho futhi uthole umvuzo. (2 Kor. 4:7) Ukuqhubeka ushumayela izindaba ezinhle zoMbuso kungase kukwenze uhlekwe usulu. Kodwa khumbula ukuthi ‘uma uhlanjalazwa ngenxa yegama likaKristu, uyajabula, ngoba umoya wenkazimulo, yebo, umoya kaNkulunkulu, uhlezi phezu kwakho.’—1 Pet. 4:14.

18, 19. UJehova uyokusiza kanjani ngomoya wakhe ongcwele, futhi yini ozimisele ukuyenza ngale ndaba?

18 Umoya ongcwele kaNkulunkulu uyisipho sesihle asinikeza labo abasifuna ngobuqotho. Awugcini nje ngokuthuthukisa amakhono akho kodwa uthuthukisa nesifiso sakho sokwenza okungcono kakhulu enkonzweni yakhe. “UNkulunkulu nguye osebenza ngaphakathi kini, ngentando yakhe, ukuze nithande futhi nenze.” Isipho esiyigugu somoya ongcwele kanye nemizamo yethu eqotho yokuqhubeka ‘silibambe ngokuqinile izwi lokuphila,’ kuyosenza siqhubeke ‘sisebenzela ukusindiswa kwethu siqu ngokwesaba nangokuthuthumela.’—Fil. 2:12, 13, 16.

19 Nokho, uthembele ngokuphelele emoyeni kaNkulunkulu, yenza zonke izabelo zakho ngenhliziyo yonke, lwela ukuba nekhono emsebenzini owabelwe futhi uthembele kuJehova ukuba akusize. (Jak. 1:5) Uyokunika lokho okudingayo ukuze uqonde iZwi lakhe, ubhekane nezinkinga zokuphila futhi ushumayele izindaba ezinhle. “Qhubekani nicela, niyophiwa; qhubekani nifuna, niyothola; qhubekani ningqongqoza, niyovulelwa,” lokhu kuhlanganisa nokuthola umoya ongcwele. (Luka 11:9, 13) Ngempela, qhubeka unxusa uJehova ukuba ube njengabantu bokholo—basendulo nabanamuhla—abaqondiswa umoya ongcwele kaNkulunkulu.

Ungachaza?

• NjengoMariya, isiphi isimo sengqondo esingasibonisa esiyosilethela izibusiso?

• UPawulu wayeqondiswa umoya kaNkulunkulu ngamuphi umqondo?

• Izinceku zikaNkulunkulu ziqondiswa kanjani umoya kaNkulunkulu namuhla?

[Imibuzo Yesifundo]

[Isithombe ekhasini 24]

Umoya kaNkulunkulu wenza uPawulu wanqoba ithonya lemimoya emibi

[Isithombe ekhasini 26]

Umoya ongcwele uyatholakala nanamuhla ukuze usize amaKristu, kungakhathaliseki ukuthi analiphi ithemba