Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ungakuvumeli Ukugula Kukuphuce Injabulo

Ungakuvumeli Ukugula Kukuphuce Injabulo

Ungakuvumeli Ukugula Kukuphuce Injabulo

ZICABANGE uqeda ukuvuka kodwa ufise sengathi usuku ngabe seluphelile. Kusadingeka ubekezelele izinhlungu ezingokomzimba noma ezingokomzwelo olunye futhi usuku. Kungenzeka ngisho nokuthi uzizwa njengoJobe owathi: “Ngingakhetha ukufa kunakho konke lokhu kuhlupheka kwami.” (Jobe 7:15, The New English Bible) Kuthiwani uma isimo esinjalo sithatha iminyaka?

Yileso simo uMefibhosheti, indodana kaJonathani umngane weNkosi uDavide, abhekana naso. ‘Wawa waba lunyonga’ eneminyaka emihlanu nje kuphela. (2 Sam. 4:4) Kumelwe ukuthi ubuhlungu ayebuzwa ngokukhubazeka kwakhe bajuliswa nakakhulu ukucindezeleka ngokomzwelo aba nakho lapho kamuva eqanjelwa amanga, kuthiwa uhlamuke inkosi yakhe, okwaholela ekulahlekelweni izinto ezibonakalayo ayenazo. Noma kunjalo, waqhubeka ezibonisa eyisibonelo esihle kakhulu sokubhekana nobuthakathaka obungokomzimba, ukunyundelwa nokudumazeka, wangazivumela lezi zinto ukuba zimphuce injabulo.—2 Sam. 9:6-10; 16:1-4; 19:24-30.

Umphostoli uPawulu ungesinye isibonelo. Wake wabhala ukuthi ‘wayeneva enyameni’ okwakumelwe alikhuthazelele. (2 Kor. 12:7) Kungenzeka ukuthi leli va ayekhuluma ngalo kwakuyinkinga ethile emzimbeni engelapheki, noma kungenzeka ukuthi lalingabantu ababemelene nobuphostoli bakhe. Kunoma ikuphi, leyo nkinga yaqhubeka, futhi kwakudingeka abekezelele ubuhlungu obungokomzimba noma obungokomzwelo eyayibubangela.—2 Kor. 12:9, 10.

Namuhla, ezinye izinceku zikaNkulunkulu zihlushwa izifo ezingamahlalakhona eziwohloza umzimba noma ukucindezeleka ngokomzwelo. Lapho uMagdalena eneminyaka engu-18, kwatholakala ukuthi unesifo esiqhubekayo okuthiwa i-lupus erythematosus, isifo sokuhlasela kwamasosha omzimba izicubu zomzimba. Uthi: “Ngesaba kakhulu. Njengoba isikhathi siqhubeka, isimo sami saba sibi kakhulu nangenxa yokungasebenzi kahle kwesimiso sokugaya ukudla, amalonda nezinkinga zendlala yegilo i-thyroid.” Ngakolunye uhlangothi, u-Izabela, kwadingeka abekezelele isifo esingabonakali kalula. Uyachaza: “Kusukela ngisemncane bengilokhu nginesifo sokucindezeleka. Senza ngihlushwe uvalo, ngingaphefumuli kahle futhi ngibe namajaqamba esiswini. Ngihlale ngikhathele.”

Ukubhekana Namaqiniso

Ukugula nobuthakathaka obungokomzimba kungakuphazamisa kakhulu ukuphila kwakho. Uma ubhekene nesimo esinjalo, kuyasiza ukuhlala phansi usihlaziye ngobuqotho. Kungase kungabi lula ukwamukela ukulinganiselwa kwakho. UMagdalena uthi: “Ngiphethwe isifo esiqhubekayo. Kaningi ngizizwa ngicobekile ngingenamandla okuvuka embhedeni. Ukungazi ukuthi sizoqinisa nini kwenza kube nzima ukuba ngihlele kusengaphambili izinto engizozenza. Okungikhungathekisa nakakhulu ukuthi angisakwazi ukwenza okuningi enkonzweni kaJehova njengangaphambili.”

UZbigniew uyachaza: “Njengoba iminyaka iqhubeka, isifo sami sokuqaqamba kwamalunga omzimba singiqeda amandla, sihlasela elinye ilunga ngemva kwelinye. Ngezinye izikhathi ngivuvukala kakhulu, ngingakwazi ngisho nokwenza umsebenzi olula kunayo yonke. Kuyangidikibalisa lokho.”

Eminyakeni ethile edlule, uBarbara watholakala enesimila esikhulayo ebuchosheni. Uthi: “Umzimba wami uye washintsha ngesikhashana nje. Ngizizwa ngicobekile, ngiphathwa ikhanda njalo futhi ngiba nenkinga yokugxilisa ingqondo. Ngenxa yokulinganiselwa esenginakho, kuye kwadingeka ngihlaziye kabusha yonke into.”

Bonke laba bantu bayizinceku zikaJehova ezizinikezele. Ukwenza intando yakhe kuza kuqala kubo. Bathembela ngokuphelele kuNkulunkulu futhi bayakwazisa ukubasekela kwakhe.—IzAga 3:5, 6.

UJehova Uyasiza—Kanjani?

Kufanele sigweme ukucabanga ukuthi izinhlupheko esibhekana nazo ziwubufakazi bokuthi uNkulunkulu akajabule ngathi. (IsiL. 3:33) Cabanga ngalokho uJobe okwadingeka abhekane nakho nakuba ayengumuntu “ongasoleki futhi oqotho.” (Jobe 1:8) UNkulunkulu akalingi muntu ngezinto ezimbi. (Jak. 1:13) Zonke izifo—ezihlanganisa ezingamahlalakhona nezingokomzwelo—ziyifa elibi esalizuza kubazali bethu bokuqala, u-Adamu no-Eva.—Roma 5:12.

Nokho, uJehova noJesu ngeke bangabasizi abalungileyo. (IHu. 34:15) Ukuthi uNkulunkulu ‘uyisiphephelo sethu nenqaba yethu’ sikuqaphela ikakhulu ngezikhathi ezinzima ekuphileni kwethu. (IHu. 91:2) Yini-ke engakusiza ukuba ulondoloze injabulo lapho ubhekene nezimo ezibonakala zingenalo ikhambi elisheshayo?

Umthandazo: Ulingisa isibonelo sezinceku zikaNkulunkulu zasendulo, ungaphonsa umthwalo wakho kuBaba wethu osezulwini ngomthandazo. (IHu. 55:22) Ngokwenza kanjalo, ungathola “ukuthula kukaNkulunkulu okudlula konke ukucabanga.” Lokho kuthula kwangaphakathi ‘kuyolinda inhliziyo yakho namandla akho engqondo.’ (Fil. 4:6, 7) Ngokuncika kuNkulunkulu ngomthandazo, uMagdalena uyakwazi ukubhekana nesifo sakhe esimwohlozayo. Uthi: “Ukuthulula inhliziyo yami kuJehova kungilethela impumuzo futhi kubuyisele injabulo yami. Manje ngikuqonda ngempela ukuthi kusho ukuthini ukuncika kuNkulunkulu usuku nosuku.”—2 Kor. 1:3, 4.

UJehova angaphendula imithandazo yakho ngokukunika amandla ngomoya wakhe ongcwele, ngeZwi lakhe nangobuzalwane bobuKristu. Ngeke ulindele ukuba uNkulunkulu asuse ubuthakathaka bakho obungokomzimba ngokuyisimangaliso. Noma kunjalo, ungalindela ukuba akunike ukuhlakanipha namandla owadingayo ukuze ubhekane nobunzima ngabunye obukwehlelayo. (IzAga 2:7) Angakuqinisa, akunike “amandla angaphezu kwavamile.”—2 Kor. 4:7.

Umkhaya: Ikhaya elinothando nozwela lingakusiza ukuba ukhuthazelele ukugula. Nokho, khumbula ukuthi abathandekayo bakho nabo bezwa ubuhlungu. Bangase njengawe bazizwe bedinga usizo. Noma kunjalo, bahlale beseduze kwakho, ngisho nasezikhathini ezivivinyayo. Ukuthandaza ndawonye kuyonisiza ukuba nihlale ninenhliziyo ezolile.—IzAga 14:30.

UBarbara uthi ngendodakazi yakhe nabanye odade abasebasha ebandleni: “Bayangisekela enkonzweni. Intshiseko yabo iyangikhuthaza.” UZbigniew uthi ukumsekela komkakhe kuyinto angenakuyiqhathanisa nalutho. “Wenza eminingi yemisebenzi yasekhaya. Uyangigqokisa futhi angiphathele isikhwama sami lapho siya emihlanganweni yobuKristu nasenkonzweni yasensimini.”

Esikholwa nabo: Lapho sikanye nabafowethu abangokomoya, siyakhuthazeka futhi siduduzeke. Kodwa kuthiwani uma ukugula kwakho kukwenza ungakwazi ukuya emihlanganweni? UMagdalena uyaphawula: “Ibandla liye laqinisekisa ukuthi ngiyazuza emihlanganweni ngokungiqophela yona. Abakhulekeli engikanye nabo bavame ukungivakashela bezobheka ukuthi yini enye abangasiza ngayo. Bangibhalela nezincwadi ezikhuthazayo. Ukwazi nje ukuthi bayangikhumbula futhi bakhathazekile ngenhlalakahle yami kungisiza ukuba ngikhuthazele.”

U-Izabela, ohlushwa ukucindezeleka, uyalandisa: “Ebandleni ‘nginobaba’ ‘nomama’ abaningi, abangilalelayo futhi bazame ukungiqonda. Ibandla lingumndeni wami—yilapha lapho ngithola khona ukuthula nenjabulo.”

Labo ababhekene nezimo ezivivinyayo ezihlukahlukene benza kahle ngokugwema ‘ukuzihlukanisa.’ Kunalokho, bayabazisa ubudlelwane babo nebandla. (IzAga 18:1) Ngaleyo ndlela, baba umthombo omkhulu wesikhuthazo kwabanye. Ekuqaleni ungase ube madolonzima ukutshela abafowenu nodadewenu ngezidingo zakho. Nokho, okholwa nabo bayokwazisa uma ukhululeka usho okudingayo. Kuyobanika ithuba lokubonisa “uthando lobuzalwane lokungazenzisi.” (1 Pet. 1:22) Batshele uma udinga into yokuhamba uye emhlanganweni, ufisa ukusebenza nabo enkonzweni noma ukuthulula isifuba sakho kubo. Yiqiniso, akufanele sizifune ngenkani lezo zinto, kunalokho masilwazise usizo lwabo.

Yiba nesimo sengqondo esihle: Isihluthulelo sokubhekana nesifo esingamahlalakhona ngaphandle kokuphelelwa injabulo ngokuvamile sikithi. Ukuba nombono ofiphele nemizwa yokudikibala ngesimo sakho kungaholela emicabangweni engakhi. IBhayibheli lithi: “Umoya womuntu ungasibekezelela isifo sakhe; kodwa umoya omunyu ubani ongawubekezelela?”—IzAga 18:14.

UMagdalena uyaphawula: “Ngilwa kanzima ukuba ngigweme ukugxila ezinkingeni zami. Ngizama ukujabula ngezinsuku engizizwa ngingcono ngazo. Kuyangikhuthaza ukufunda izindaba zokuphila zabantu abaye bahlala bethembekile naphezu kwezifo ezingamahlalakhona.” U-Izabela uqiniswa ukukhumbula ukuthi uJehova uyamthanda futhi uyamazisa. Uthi: “Ngizizwa ngidingeka, futhi nginothile okumelwe ngimphilele. Nginanethemba elihle kakhulu ngekusasa.”

UZbigniew uthi: “Isifo sami singifundisa ukuthobeka nokulalela. Singifundisa ukuba ngibonise ukuqonda nokwahlulela okuhle futhi ngithethelele ngokusuka enhliziyweni. Ngiye ngafunda ukujabulela ukukhonza uJehova ngaphandle kokuzidabukela. Eqinisweni, ngiye ngashukumiseleka ukuba ngiqhubeke ngithuthuka ngokomoya.”

Hlale ukhumbula ukuthi uJehova uyakuqaphela konke ukukhuthazela kwakho. Uyazwelana nawe ezinhlungwini zakho futhi uyakukhathalela. Ngeke ‘awukhohlwe umsebenzi wakho nothando owalubonisa kulo igama lakhe.’ (Heb. 6:10) Sethembe isithembiso asenza kubo bonke abamesabayo: “Angisoze ngakushiya noma ngikulahle nganoma iyiphi indlela.”—Heb. 13:5.

Uma kwenzeka ngesinye isikhathi uzizwa uphansi, gxila ethembeni elimangalisayo lokuphila ezweni elisha. Isikhathi sisondela ngokushesha lapho amehlo akho ezobona khona izibusiso zoMbuso kaNkulunkulu emhlabeni!

[Ibhokisi/Izithombe emakhasini 28, 29]

Bayaqhubeka Beshumayela Naphezu Kwezifo Ezingamahlalakhona

“Angisakwazi ukuhamba ngedwa, ngakho lapho ngiya enkonzweni ngihamba nomkami noma abanye abafowethu nodadewethu. Ngibamba ngekhanda izintshumayelo engizozisebenzisa namavesi eBhayibheli.”—UJerzy, ongaboni kahle.

“Ngaphezu kokufakaza ngocingo, ngibhala nezincwadi futhi kunabambalwa abathakazelayo engibhalelana nabo njalo. Lapho ngisesibhedlela, ngiye ngibeke iBhayibheli nezincwadi zethu eceleni kombhede wami. Lokho kuye kwangisiza ukuba ngiqale izingxoxo eziningi ezinhle.”—UMagdalena, onesifo esiqhubekayo sokuhlasela kwamasosha omzimba izicubu zomzimba.

“Ngithanda inkonzo yendlu ngendlu, kodwa lapho ngizizwa ngingenamandla okuyenza, ngifakaza ngocingo.”—U-Izabela, ohlushwa ukucindezeleka.

“Ngiyakujabulela ukwenza izimpindelo nokusiza ekuqhubeni izifundo zeBhayibheli. Ngezinsuku engizizwa ngingcono ngazo, ngiyakuthanda ukufakaza endlini ngendlu.”—UBarbara, onesimila ebuchosheni.

“Ngiphatha kuphela isikhwama somagazini esilula kakhulu. Ukuthi ngichitha isikhathi esingakanani ensimini kunqunywa ubuhlungu engibuzwayo emalungeni ami.”—UZbigniew, ophethwe isifo sokuqaqamba kwamalunga omzimba.

[Isithombe ekhasini 30]

Abancane nabadala bangaba umthombo wesikhuthazo