Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Funda Ukuhlale Ulindile Kubaphostoli BakaJesu

Funda Ukuhlale Ulindile Kubaphostoli BakaJesu

Funda Ukuhlale Ulindile Kubaphostoli BakaJesu

‘Lindani kanye nami.’—MATH. 26:38.

UNGAFUNDANI . . . 

Ngokulindela isiqondiso sokuthi kumelwe ushumayele kuphi?

Ngokuphaphamela ukuthandaza?

Ngokunikeza ubufakazi obuphelele naphezu kwezingqinamba?

1-3. Abaphostoli behluleka kanjani ukuhlale belindile ngobusuku bokugcina bukaJesu emhlabeni, futhi yini ebonisa ukuthi bafunda ephutheni labo?

 CABANGA ngokwenzeka ngobusuku bokugcina bokuphila kukaJesu emhlabeni. UJesu uze kwenye yezindawo ayithanda kakhulu, insimu yaseGetsemane, esempumalanga nje yeJerusalema. Uze lapha nabaphostoli bakhe abathembekile. Njengoba ayenokuningi okwakumkhathaza engqondweni nasenhliziyweni, udinga ukuba yedwa ukuze athandaze.—Math. 26:36; Joh. 18:1, 2.

2 UJesu ubiza abathathu kubaphostoli—uPetru, uJakobe noJohane—angene nabo phakathi impela nensimu. Uthi kubo: “Hlalani lapha nilinde kanye nami,” ube esehamba ayothandaza. Lapho ebuya, uthola abangane bakhe belele zwi. Uyaphinda abanxuse: “Hlalani nilindile.” Noma kunjalo, baphinde balale ezinye izikhathi ezimbili! Kamuva ngabo lobo busuku, bonke abaphostoli bayahluleka ukuhlale bephapheme ngokomoya. Phela, baze babaleka bamshiya!—Math. 26:38, 41, 56.

3 Ngokuqinisekile, abaphostoli bazisola ngokwehluleka kwabo ukuhlale belindile. Lawo madoda athembekile asheshe afunda ephutheni lawo. Incwadi yeBhayibheli yezEnzo ibonisa ukuthi babe sebebeka isibonelo esihle kakhulu sokuhlale belindile. Inkambo yabo yokwethembeka kumelwe ukuba yawathonya amaKristu ababekanye nawo ukuba enze okufanayo. Manje kudingeka sihlale silindile kunanini ngaphambili. (Math. 24:42) Ake sixoxe ngezifundo ezintathu zokuhlale silindile esingazifunda encwadini yezEnzo.

UKUHLALE ULINDELE ISIQONDISO SOKUTHI USHUMAYELE KUPHI

4, 5. UPawulu nayehamba nabo bakubona kanjani ukuqondisa komoya ongcwele?

4 Okokuqala nje, abaphostoli babehlale belindele isiqondiso sokuthi bashumayele kuphi. Kokunye ukulandisa, sifunda indlela uJesu asebenzisa ngayo umoya ongcwele, uJehova ayemnike wona, ukuze aqondise umphostoli uPawulu nayehamba nabo phakathi nohambo olungavamile neze. (IzE. 2:33) Ake sihambisane nabo.—Funda izEnzo 16:6-10.

5 UPawulu, uSila noThimothewu base besukile emzini waseListra oseningizimu yeGalathiya. Ngemva kwezinsukwana, bafika emgwaqweni omkhulu wamaRoma oya entshonalanga, endaweni enabantu abaningi esifundeni sase-Asiya. Babefuna ukuhamba ngalo mgwaqo ukuze bavakashele imizi eyayinezinkulungwane zabantu okwakusadingeka bezwe ngoKristu. Kodwa kunokuthile okwabavimba. Ivesi 6 lithi: “Badabula iFrigiya nezwe laseGalathiya, ngoba umoya ongcwele wawubanqabele ukuba bakhulume izwi esifundeni sase-Asiya.” Ngandlela-thile engashiwongo, umoya ongcwele wabavimba ukuba bashumayele esifundazweni sase-Asiya. Kusobala ukuthi esebenzisa umoya kaNkulunkulu, uJesu wayefuna ukuqondisa uPawulu nayehamba nabo ukuba baye kwenye indawo.

6, 7. (a) Yini eyenzeka kuPawulu nayehamba nabo lapho beseduze neBhithiniya? (b) Isiphi isinqumo laba bafundi abasenza, futhi kwaba namuphi umphumela?

6 Labo bashumayeli ababemagange babe sebeyaphi? Ivesi 7 liyachaza: “Ngaphezu kwalokho, lapho befika ezansi eMisiya benza imizamo yokungena eBhithiniya, kodwa umoya kaJesu awuzange ubavumele.” Njengoba bavinjelwa ukuba bashumayele e-Asiya, uPawulu nayehamba nabo balibhekisa enyakatho, behlose ukuyoshumayela emizini yaseBhithiniya. Nokho, lapho sebeseduze kwaseBhithiniya, uJesu waphinde wasebenzisa umoya ongcwele ukuze abavimbe. Manje kumelwe ukuba base bedidekile. Babazi ukuthi yini okumelwe bayishumayele, beyazi nendlela yokushumayela, kodwa babengazi ukuthi bashumayele kuphi. Singakubeka kanje: Babengqongqoze emnyango ongena e-Asiya—bangavulelwa. Bangqongqoza eBhithiniya—nakhona bangavulelwa. Ingabe labo bashumayeli abashisekayo bayeka ukungqongqoza? Lutho neze!

7 Kuleli qophelo, la madoda enza isinqumo esingase sibonakale sixakile. Ivesi 8 lisitshela lokhu: “Badlula eMisiya behlela eTrowa.” Lokhu kusho ukuthi labo bashumayeli balibhekisa entshonalanga, bahamba amakhilomitha angu-563, badlula imizi eminingi baze bafika echwebeni laseTrowa, isango lemvelo elingena eMakedoniya. Kule ndawo, uPawulu nayehamba nabo bangqongqoza okwesithathu, kodwa kulokhu, umnyango wavuleka gengelezi! Ivesi 9 libika okwabe sekwenzeka: “Phakathi nobusuku kwabonakala umbono kuPawulu: indoda ethile yaseMakedoniya yayimile imncenga ithi: ‘Welela eMakedoniya usisize.’” Ekugcineni, uPawulu wayesazi ukuthi kwakumelwe ashumayele kuphi. Ngaphandle kokulibala, la madoda awelela eMakedoniya ngomkhumbi.

8, 9. Singafundani ekulandiseni okuphathelene nohambo lukaPawulu?

8 Singafundani kulokhu kulandisa? Phawula ukuthi umoya kaNkulunkulu wangenela kuphela ngemva kokuba uPawulu eseqale uhambo oluya e-Asiya. Ngokulandelayo, uJesu waqondisa uPawulu kuphela ngemva kokuba eseseduze neBhithiniya. Okokugcina, uJesu wamtshela ukuba aye eMakedoniya kuphela ngemva kokuba esefike eTrowa. NjengeNhloko yebandla, uJesu angase asebenzelane nathi ngendlela efanayo. (Kol. 1:18) Ngokwesibonelo, kungenzeka ubucabanga ngokukhonza njengephayona noma ngokuthuthela endaweni lapho kunendingeko enkulu khona. Kodwa kungase kube ngemva kokuba usuthathe isinyathelo sokufinyelela umgomo wakho kuphela lapho uJesu eyokuqondisa khona ngomoya kaNkulunkulu. Ngokwesibonelo, umshayeli angajikisa imoto yakhe ukuba iye ngakwesobunxele noma ngakwesokudla kuphela uma ihamba. Ngokufanayo, uJesu angasiqondisa nathi kuphela uma sesisithathile isinyathelo sokwandisa inkonzo yethu—senza umzamo wokufinyelela umgomo wethu.

9 Kodwa-ke, kuthiwani uma imizamo yakho ingatheli ngokushesha? Ingabe kufanele uyeke, uphethe ngokuthi umoya kaNkulunkulu awukuqondisi? Nokho, khumbula ukuthi noPawulu wahlangabezana nezingqinamba. Noma kunjalo, waqhubeka efuna futhi engqongqoza waze wawuthola umnyango owavuleka. Ngokufanayo, uma uphikelela ekufuneni “umnyango omkhulu oholela emsebenzini,” nawe ungase uvuzwe.—1 Kor. 16:9.

UKUPHAPHAMELA UKUTHANDAZA

10. Yini ebonisa ukuthi ukuphaphamela ukuthandaza kubalulekile ukuze sihlale silindile?

10 Manje, cabanga ngesifundo sesibili sokuhlale silindile esingasifunda kubafowethu abangamaKristu bekhulu lokuqala: Babekuphaphamele ukuthandaza. (1 Pet. 4:7) Ukuphikelela emthandazweni kubalulekile ukuze sihlale silindile. Khumbula ukuthi ngaphambi nje kokuboshwa kwakhe ensimini yaseGetsemane, uJesu watshela abathathu babaphostoli bakhe: “Hlalani nilindile futhi nithandaze njalo.”Math. 26:41.

11, 12. Kungani uHerode awaphatha kabi amaKristu, kuhlanganise noPetru, futhi wakwenza kanjani?

11 UPetru, owayekhona kuleso senzakalo, kamuva wazibonela mathupha amandla emithandazo eqotho. (Funda izEnzo 12:1-6.) Emavesini okuqala alokhu kulandisa, sifunda ukuthi uHerode wawaphatha kabi amaKristu efuna ukuzenzela ugazi kumaJuda. Cishe wayazi ukuthi uJakobe wayengumphostoli owayesondelene kakhulu noJesu. Yingakho ambulala “ngenkemba.” (Ivesi 2) Ngaleyo ndlela, ibandla lalahlekelwa umphostoli elimthandayo. Yeka uvivinyo abafowethu ababhekana nalo!

12 Yini uHerode ayenza ngemva kwalokho? Ivesi 3 liyachaza: “Njengoba ebona ukuthi kwakuwajabulisa amaJuda, waqhubeka wabopha noPetru.” Kodwa amajele ayengaphumeleli njalo ukugcina abaphostoli, kuhlanganise noPetru. (IzE. 5:17-20) Kungenzeka ukuthi uHerode wayekwazi kahle lokho. Lo mholi wezombusazwe oyiqili wazama ukukuvimbela lokhu. Wanikela uPetru “emasosheni amane ayezomqapha ededelana kane ngosuku, njengoba ayehlose ukumkhiphela kubantu ngemva kwephasika.” (Ivesi 4) Cabanga nje! UHerode wathi uPetru akaboshwe ngamaketanga phakathi kwabaqaphi ababili, kunabanye abaqaphi abangu-16 ababezodedelana ubusuku nemini ukuze baqinisekise ukuthi lo mphostoli akeqi. Wayehlose ukunikela uPetru kubantu ngemva kwePhasika, isigwebo sakhe sokufa sibe isipho sokujabulisa izixuku. Yini amaKristu uPetru ayekanye nawo ayengayenza kulesi simo esibucayi kangaka?

13, 14. (a) Lasabela kanjani ibandla ekuboshweni kukaPetru? (b) Yini esingayifunda esibonelweni samaKristu ayekanye noPetru endabeni yomthandazo?

13 Ibandla lakwazi kahle okufanele likwenze. Ivesi 5 lithi: “Ngenxa yalokhu uPetru wayegcinwe etilongweni; kodwa ibandla lalimthandazela kakhulu kuNkulunkulu.” Yebo, imithandazo ababeyenzela umfowabo abamthandayo yayiwukunxusa okuqotho, okusuka enhliziyweni. Ukufa kukaJakobe akubathenanga amandla noma kubenze babheke umthandazo njengento engasizi. Kunalokho, babazi ukuthi imithandazo yabakhulekeli abathembekile isho lukhulu kuJehova. Uma ivumelana nentando yakhe, uyayiphendula.—Heb. 13:18, 19; Jak. 5:16.

14 Singafundani endleleni amaKristu ayekanye noPetru asabela ngayo? Ukuhlale silindile akuhileli ukuzithandazela thina kuphela kodwa nokuthandazela abafowethu nodadewethu. (Efe. 6:18) Bakhona yini okholwa nabo owaziyo ukuthi babhekene nezilingo? Abanye kungenzeka bakhuthazelela ushushiso, ukuvinjelwa ohulumeni noma izinhlekelele zemvelo. Kungani ungabafaki emithandazweni yakho esuka enhliziyweni? Kungenzeka kunabanye obaziyo ababhekene nobunzima obunganakekile kangako. Kungenzeka badonsa kanzima ngenxa yezinkinga zomkhaya, ukudumazeka noma ukugula. Kungani ungacabangi ngabathile ongababiza ngamagama njengoba ukhuluma noJehova, ‘uMuzwi womthandazo’?—IHu. 65:2.

15, 16. (a) Chaza indlela ingelosi kaJehova eyakhulula ngayo uPetru etilongweni. (Bheka isithombe esingezansi.) (b) Kungani kududuza ukucabanga ngendlela uJehova akhulula ngayo uPetru?

15 Kwagcina kwenzekeni-ke ngoPetru? Ngobusuku bakhe bokugcina esetilongweni, elele zwi phakathi kwabaqaphi ababili, uPetru wabona isimanga. (Funda izEnzo 12:7-11.) Kubone ngeso lengqondo okwenzeka: Kungazelelwe, kwaba nokukhanya okukhulu esitokisini. Kwema ingelosi futhi kusobala ukuthi abaqaphi babengayiboni, yavusa uPetru masinyane. Amaketanga ayeboshwe ngawo ezandleni avele aqathaka! Ingelosi yabe isimholela ngaphandle kwesitokisi, yadlula naye kubo kanye abaqaphi ababemi ngaphandle, yaze yamkhiphela ngaphandle kwesango elikhulu lensimbi, elazivulekela “ngokwalo.” Sebengaphandle kwetilongo, ingelosi yanyamalala. UPetru wayesekhululekile!

16 Akuqinisi yini ukholo ukucabanga ngamandla kaJehova okukhulula izinceku zakhe? Yiqiniso, asilindele ukuba uJehova asikhulule ngokuyisimangaliso manje. Noma kunjalo, sinokholo oluqinile lokuthi uyawasebenzisa amandla akhe ngenxa yabantu bakhe namuhla. (2 IziKr. 16:9) Ngomoya wakhe ongcwele onamandla, angasinika amandla okubhekana nanoma iluphi uvivinyo. (2 Kor. 4:7; 2 Pet. 2:9) Maduze uJehova uzonika iNdodana yakhe amandla okukhulula izigidi ezingenakubalwa etilongweni eliwukufa, okungayi lubuyayo kulo. (Joh. 5:28, 29) Ukholo lwethu ezithembisweni zikaNkulunkulu lungasinikeza isibindi esikhulu lapho sibhekene novivinyo namuhla.

UKUNIKEZA UBUFAKAZI OBUPHELELE NAPHEZU KWEZINGQINAMBA

17. UPawulu wasibeka kanjani isibonelo esihle kakhulu sokushumayela ngentshiseko nangomuzwa wokuphuthuma?

17 Nasi isifundo sesithathu sokuhlale silindile esingasifunda kubaphostoli: Baqhubeka benikeza ubufakazi obuphelele naphezu kwezingqinamba. Ukushumayela ngentshiseko nangomuzwa wokuphuthuma kubalulekile ukuze sihlale silindile. Umphostoli uPawulu wayeyisibonelo esihle kakhulu kule ndaba. Wazikhandla ngentshiseko, ehamba amabanga amade futhi emisa amabandla amaningi. Wakhuthazelela ubunzima obuningi, noma kunjalo akazange aphelelwe intshiseko noma umuzwa wokuphuthuma.—2 Kor. 11:23-29.

18. UPawulu waqhubeka kanjani enikeza ubufakazi ngesikhathi eboshiwe eRoma?

18 Cabanga ngezenzakalo zokugcina eziphathelene noPawulu incwadi yezEnzo esitshela ngazo, njengoba zilotshwe esahlukweni 28. UPawulu wafika eRoma, lapho kwakufanele avele khona phambi kukaNero. Wayegcinwe esitokisini, mhlawumbe eboshelwe kumqaphi wakhe. Noma kunjalo, akukho ketanga elalingathulisa lo mphostoli oshisekayo! UPawulu waqhubeka efuna izindlela zokunikeza ubufakazi. (Funda izEnzo 28:17, 23, 24.) Ngemva kwezinsuku ezintathu, wabiza amadoda avelele kumaJuda ukuze afakaze kuwo. Kwabe sekuthi ngolunye usuku olwalunqunyiwe, wanikeza ubufakazi obukhulu nakakhulu. Ivesi 23 lithi: “Manje bahlela [amaJuda endawo] ukuba nosuku naye, futhi bafika ngamanani amakhulu endaweni ayehlala kuyo. Wabachazela le ndaba ngokunikeza ubufakazi obuphelele ngombuso kaNkulunkulu nangokusebenzisa ikhono lokukholisa kubo ngoJesu esusela emthethweni kaMose nakubaProfethi, kusukela ekuseni kwaze kwahlwa.”

19, 20. (a) Kungani uPawulu ayephumelela kangaka ekunikezeni ubufakazi? (b) UPawulu wasabela kanjani lapho abanye bengazamukeli izindaba ezinhle?

19 Kungani uPawulu ayephumelela kangaka ekunikezeni ubufakazi? Phawula ukuthi ivesi 23 liqokomisa izizathu eziningana. (1) Wagxila eMbusweni kaNkulunkulu nakuJesu Kristu. (2) Wazama ukufinyelela izinhliziyo zezilaleli zakhe “ngokusebenzisa ikhono lokukholisa.” (3) Wabonisana nazo ngemiBhalo. (4) Wabonisa ukuzidela, enikeza ubufakazi ‘kusukela ekuseni kuze kuhlwe.’ UPawulu wanikeza ubufakazi obunamandla, kodwa akubona bonke abantu abalalela. Ivesi 24 lithi: “Abanye baqala ukuzikholwa izinto ezazishiwo; abanye babengakholwa.” Kwaba nokuphikisana, futhi abantu bahamba.

20 Ingabe uPawulu wadumala ngenxa yokuthi akubona bonke abazamukela izindaba ezinhle? Lutho neze! IzEnzo 28:30, 31 ziyasitshela: “Wahlala iminyaka emibili ephelele endlini yakhe eqashiwe, futhi wayebamukela ngomusa bonke ababengena beze kuye, eshumayela kubo umbuso kaNkulunkulu futhi efundisa izinto ngeNkosi uJesu Kristu ngenkululeko yokukhuluma enkulu kakhulu, ngaphandle kwesithiyo.” Incwadi ephefumulelwe yezEnzo iphetha ngalawo mazwi akhuthazayo.

21. Yini esingayifunda esibonelweni sikaPawulu ngesikhathi eboshelwe endlini?

21 Yini esingayifunda esibonelweni sikaPawulu? Ngesikhathi eboshelwe endlini, uPawulu wayengeke akwazi ukushumayela endlini ngendlu. Kodwa walondoloza isimo sengqondo esihle, efakaza kubo bonke ababeza kuye. Ngokufanayo, abantu bakaNkulunkulu abaningi namuhla balondoloza injabulo yabo ngokuqhubeka beshumayela naphezu kokuboshwa ngokungafanele ngenxa yokholo lwabo. Abanye abafowethu nodadewethu abathandekayo bavaleleke ezindlini, mhlawumbe ngisho nasemakhaya asebekhulile ngenxa yokukhula noma ukugula. Belapho, bashumayela kodokotela, izisebenzi, izivakashi nakwabanye ababavakashelayo uma bekwazi ukwenza kanjalo. Isifiso sabo siwukunikeza ubufakazi obuphelele ngoMbuso kaNkulunkulu. Yeka ukuthi sisazisa kanjani isibonelo sabo!

22. (a) Iliphi ilungiselelo elisisiza ukuba sizuze encwadini yeBhayibheli yezEnzo? (Bheka ibhokisi elingenhla.) (b) Yini ozimisele ukuyenza njengoba ulindele ukuphela kwalesi simiso sezinto esidala?

22 Ngokusobala, kuningi esingakufunda kubaphostoli nakwamanye amaKristu ekhulu lokuqala okukhulunywe ngawo encwadini yeBhayibheli yezEnzo mayelana nokuhlale silindile. Njengoba silindele ukuphela kwalesi simiso sezinto esidala, masizimisele ukulingisa lawo maKristu ekhulu lokuqala ngokunikeza ubufakazi ngesibindi nangentshiseko. Manje alikho ilungelo elikhulu esingaba nalo elidlula ukuba nengxenye ‘ekunikezeni ubufakazi obuphelele’ ngoMbuso kaNkulunkulu!—IzE. 28:23.

[Imibuzo Yesifundo]

[Ibhokisi ekhasini 13]

“ISINGIKHANYELA NGOKUNYE INCWADI YEZENZO”

Ngemva kokufunda incwadi ethi ‘Ukunikeza Ubufakazi Obuphelele’ NgoMbuso KaNkulunkulu, omunye umbonisi ojikelezayo wezwakalisa imizwa yakhe ngala mazwi: “Isingikhanyela ngokunye incwadi yezEnzo. Ngiye ngafunda ukulandisa okusencwadini yezEnzo izikhathi eziningi kodwa bekunjengokungathi ngisebenzisa ikhandlela futhi ngifake izibuko ezingcolile. Manje ngizwa sengathi ngiye ngabusiswa ngokubona ubuhle bayo ekukhanyeni kwelanga.”

[Isithombe ekhasini 12]

Ingelosi yahola uPetru yamkhiphela ngaphandle kwesango elikhulu lensimbi