Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukulondoloza Amagugu Omlando Wethu

Ukulondoloza Amagugu Omlando Wethu

Ezivela Ezinqolobaneni Zethu

Ukulondoloza Amagugu Omlando Wethu

ABANTU bakaJehova banefa elingokomoya elicebe kakhulu. Umlando othakazelisayo walelo fa awutholakali kuphela ezincwadini zethu zobuKristu kodwa nasezithombeni, ezincwadini ezivela kubantu, ekulandiseni kwabantu ngabanye nasezintweni ezazisetshenziswa kudala ezihlobene nokukhulekela kwethu, umsebenzi wethu wokushumayela nomlando wethu. Kodwa kuzuzisa ngani ukulondoloza ukwaziswa okunjalo nokucwaninga emlandweni wethu? Phela, izinhloko zemikhaya kwa-Israyeli wasendulo kwakufanele zitshele amadodana azo imithetho nezenzo ezimangalisayo zikaJehova ukuze “abeke ithemba lawo kuNkulunkulu.”—IHu. 78:1-7.

Sekuyisikhathi eside ukucwaninga izinto ezigciniwe zomlando kunendima ekufezekeni kwenjongo kaJehova. Ngokwesibonelo, lapho abaphikisi bezama ukumisa umsebenzi wokwakha kabusha ithempeli eJerusalema, inkosi yayala ukuba kucwaningwe emibhalweni egcinwe ezinqolobaneni enhloko-dolobha yamaMede i-Akimetha, okwenza ukuba kutholakale incwadi eyakhishwa iNkosi uKoresi eyayigunyaza ukwakhiwa kwalo. (Ezra 6:1-4, 12) Ngakho, lakhiwa ithempeli ngokuvumelana nentando kaNkulunkulu. Umlobi weVangeli, uLuka, naye wasebenzisa izinqolobane zemibhalo egciniwe, “[wazilandela] ngokunembile zonke izinto kusukela ekuqaleni.”—Luka 1:1-4.

INdikimba Ebusayo inesithakazelo esijulile emlandweni wethu ongokwasezulwini. Likhuluma ngesidingo sokulondoloza ifa lethu elingokomoya, ukulibhala phansi nokulidlulisela, elinye ilungu leNdikimba Ebusayo lathi, “Ukuze sazi lapho siya khona, kumelwe sazi lapho sivela khona.” Ngenxa yalokho, kusanda kumiswa umnyango endlunkulu yomhlaba wonke eBrooklyn, eNew York, obizwa ngokuthi uMnyango Wezinqolobane, futhi uqondiswa iKomiti Yokubhala.

“I-ALBHAMU YOMKHAYA NAMAGUGU ANGAMAFA”

Izenzakalo zesikhathi esidlule zivame ukufiphala ngokuhamba kwesikhathi, futhi abaningi kithi baye bafise sengathi ngabe bagcine umlando ophelele womkhaya wakubo. Manje kwenziwa umsebenzi omkhulu eMnyangweni Wezinqolobane ukuze leli fa lethu elicebile nelikhula njalo lilondolozwe futhi libhalwe phansi. Izithombe ezigcinwe ngokucophelela eziNqolobaneni zingabhekwa njengengxenye ‘ye-albhamu yomkhaya.’ Phakathi kwamagugu agcinwe eziNqolobaneni kukhona izincwadi zethu zakuqala, ukulandisa kwabantu ngabanye okuvusa amadlingozi nezinto eziyizikhumbuzo ezibaluleke kakhulu. Izinto ezinjalo ‘zingamagugu angamafa’ asikhanyisela ngefa lethu elingokwasezulwini futhi asisize ukuba sibheke ikusasa lomkhaya wethu ongokomoya ngokuqiniseka.

Sikumema ukuba ubone esikuphathelwe yilo Mnyango Wezinqolobane usebenzisa isihloko sethu esisha esithi “Ezivela Ezinqolobaneni Zethu.” Siyovela ngezikhathi ezithile kumagazini ofundwayo we-Nqabayokulinda. Ngokwesibonelo, kumagazini olandelayo, sihlela ukunyathelisa ukulandiswa okunemifanekiso okuklanyelwe ukuphendula le mibuzo: Yayiyini iNqola YeDawn? Yasetshenziswa obani? Yayisetshenziswa nini, futhi ngayiphi injongo?

Njenge-albhamu yomkhaya egcine izinkumbulo, iqoqo eliseziNqolobaneni lisitshela okuningi ngathi nangokhokho bethu abangokomoya—ngokholo nesibindi salabo abasandulele, ngezinto ezijabulisayo neziyizinselele ekukhonzeni uBaba wethu osezulwini onothando nangesiqondiso sikaNkulunkulu nokusekela kwakhe njalo abantu bakhe. (Dut. 33:27) Siyaqiniseka ukuthi uJehova uzoyibusisa le mizamo eqhubekayo yokulondoloza umlando wethu ongokomoya ukuze sibe munye kunanini ngaphambili futhi siqiniselwe ukwenza intando yakhe.

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 31]

Ake Siwuhlole Ngokuseduze

Lapho kulungiselelwa izincwadi zethu zobuKristu, ama-DVD, nezinye izinto ezisekelwe eBhayibhelini, ababhali bethu, abadwebi, abacwaningi nabanye basebenzisa imithombo yezinto ezigciniwe. Ngakho-ke, uMnyango Wezinqolobane uyaqikelela futhi uthatha izinyathelo zokuqoqa nokulondoloza ukwaziswa okungokomlando okunhlobonhlobo okuvela emahhovisi amagatsha, eminyangweni yaseBethel, emabandleni, kubantu ngabanye nasezinhlanganweni zezwe. Ake sithi qaphuqaphu ngomsebenzi wawo:

Ukuqoqa Nokuhlaziya: Izinto eziyingqayizivele zinezelwa njalo eqoqweni eligcinwe eziNqolobaneni. Eziningi zazo zinikelwe noma zibolekiswe ngomusa abantu abamindeni yabo inomlando omude wokukhonza uJehova ngokwethembeka. Ukuhlaziya nokuqhathanisa izinto ezinjalo kusiza ekwandiseni ukuqonda kwethu umlando wethu nowalabo ababephila ngalezo zikhathi.

Ukuhlela Leli Qoqo: Iqoqo loMnyango Wezinqolobane linezinkulungwane zezinto, ezinye ezineminyaka engaphezu kweyikhulu. Zihlukahlukene ngesimo, ubukhulu nokubukeka futhi kumelwe zihlelwe ngononina ukuze zisetshenziswe esikhathini esizayo.

Ukuvuselelwa Nokulondolozwa: Izincwadi nezinto ezingonakala kalula ziyalungiswa futhi zilondolozwe ngokusebenzisa izindlela zobuchwepheshe zokuvuselela izinto. Kwenziwa amakhophi nge-scanner emibhalo egciniwe, izithombe, izingcaphuno ezisikwe emaphephandabeni, amabhayisikobho nezinto eziqoshiwe abese efakwa kuyi-computer. Zibe sezitholakala lapho ukuze kugwenywe ukugugiswa ukuthintwa njalo kwamakhophi okuqala nezinye izinto ezibalulekile emlandweni.

Ukugcinwa Kwazo Ngenjongo Yokuphinde Zisetshenziswe: Izinto ezilondoloziwe zigcinwa ngendlela ehlelekile nelondekile ukuze zingalahleki futhi zingalinyazwa ukukhanya nomswakama. Kugcinwa umbhalo walezi zinto kuyi-computer ukuze ube usizo ekucwaningeni futhi la magugu esikhathi esidlule akwazi ukuphinde atholakale.

[Izithombe ekhasini 32]

1. Uqwembe olumemezela i-“Photo-Drama of Creation.” 2. Uhlu lwabenze izikhokhelo. 3. Imoto enombhobho. 4. Isembozo se-Nqabayokulinda ka-April 15, 1912. 5. Imininingwane yasejele kaJ. F. Rutherford. 6. Isikhulisa-zwi se-WBBR. 7. Igilamafoni. 8. Isikhwama sezincwadi. 9. Amaphuzu omuntu siqu. 10. Ithelegramu eyathunyelelwa uJ. F. Rutherford.