Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Gcina Inhliziyo Yakho Iphelele KuJehova

Gcina Inhliziyo Yakho Iphelele KuJehova

Gcina Inhliziyo Yakho Iphelele KuJehova

“Ndodana yami, yazi uNkulunkulu kayihlo futhi umkhonze ngenhliziyo ephelele.”—1 IZIKR. 28:9.

BHEKA IZIMPENDULO ZALE MIBUZO:

Iyini inhliziyo engokomfanekiso?

Iyiphi indlela esingayisebenzisa ekuhloleni inhliziyo yethu?

Singayigcina kanjani inhliziyo yethu iphelele kuJehova?

1, 2. (a) Isiphi isitho somzimba okubhekiselwa kuso ngokomfanekiso kaningi kunezinye eZwini likaNkulunkulu? (b) Kungani kubalulekile ukuba siqonde okushiwo inhliziyo engokomfanekiso?

IZWI LIKANKULUNKULU livame ukubhekisela ezithweni zomzimba womuntu ngendlela engokomfanekiso. Ngokwesibonelo, inzalamizi uJobe yathi: “[Akukho] budlova ezintendeni zezandla zami.” INkosi uSolomoni yaphawula: “Umbiko omuhle ukhuluphalisa amathambo.” UJehova waqinisekisa uHezekeli: “Ngenzé ibunzi lakho . . . laba lukhuni kunensengetsha.” Nomphostoli uPawulu watshelwa: “Wethula ezindlebeni zethu izinto esizeshwamayo.”—Jobe 16:17; IzAga 15:30; Hez. 3:9; IzE. 17:20.

2 Nokho, kunesitho somzimba okubhekiselwa kuso ngokomfanekiso kaningi kunezinye eBhayibhelini. Yileso uHana othembekile akhuluma ngaso emthandazweni: “Inhliziyo yami iyethaba ngoJehova.” (1 Sam. 2:1) Eqinisweni, abalobi beBhayibheli bakhuluma ngenhliziyo izikhathi ezingaba yinkulungwane, cishe kuzo zonke babhekisela kuyo ngomqondo ongokomfanekiso. Kubaluleke kakhulu ukuba siqonde lokho inhliziyo ekumelelayo ngoba iBhayibheli lithi kudingeka siyiqaphe.—Funda izAga 4:23.

IYINI INHLIZIYO ENGOKOMFANEKISO?

3. Singabona kanjani ukuthi elithi “inhliziyo” lisho ukuthini eBhayibhelini? Fanekisa.

3 Nakuba iZwi LikaNkulunkulu lingasinikezi incazelo yegama elithi “inhliziyo,” liyasisiza ukuba siqonde ukuthi lisho ukuthini. Kanjani? Ukuze sicacise leli phuzu, cabanga ngomhlobiso omuhle osodongeni owenziwe ngamatshana afekethisiwe ayinkulungwane anemibala emihle kakhulu abekwe athothana. Lapho umuntu ehlehla ukuze awubone kahle wonke lo mhlobiso, uyabona ukuthi la matshe abekwe ngobunono esewonke akha umfanekiso noma isithombe esithile. Ngokufanayo, uma besingahlehla, sibheke izikhathi eziningi igama elithi “inhliziyo” elisetshenziswa ngazo eBhayibhelini, singaqaphela ukuthi lezi zikhombo zizonke zakha umfanekiso noma isithombe esithile. Isiphi?

4. (a) “Inhliziyo” imelelani? (b) Asho ukuthini amazwi kaJesu akuMathewu 22:37?

4 Abalobi beBhayibheli basebenzisa elithi “inhliziyo” ukuze bachaze umuntu wangaphakathi ewonke. Ihlanganisa izici ezinjengezifiso, imicabango, ukuthambekela, isimo sengqondo, amakhono, izisusa nemigomo yethu. (Funda uDuteronomi 15:7; IzAga 16:9; IzEnzo 2:26.) Njengoba enye incwadi echaza iBhayibheli isho, inhliziyo “iyikho konke lokho umuntu wangaphakathi ayikho.” Kwezinye izimo, elithi “inhliziyo” linencazelo engebanzi. Ngokwesibonelo, uJesu wathi: “Kumelwe uthande uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho nangayo yonke ingqondo yakho.” (Math. 22:37) Kuleli vesi, elithi “inhliziyo” libhekisela emizwelweni, ezifisweni nasemizweni yomuntu wangaphakathi. Ngokukhuluma ngenhliziyo, umphefumulo nengqondo ngokwehlukana, uJesu wagcizelela ukuthi kumelwe sibonise uthando lwethu ngoNkulunkulu ngemizwa yethu nangendlela esiphila futhi sisebenzise ngayo amandla ethu engqondo. (Joh. 17:3; Efe. 6:6) Kodwa lapho elithi “inhliziyo” livela lodwa, limelela wonke umuntu wangaphakathi.

OKWENZA KUDINGEKE SIQAPHE INHLIZIYO YETHU

5. Kungani sifuna ukwenza konke okusemandleni ukuze sikhonze uJehova ngenhliziyo ephelele?

5 Ngokuqondene nenhliziyo, iNkosi uDavide yakhumbuza uSolomoni: “Ndodana yami, yazi uNkulunkulu kayihlo futhi umkhonze ngenhliziyo ephelele nangomphefumulo ojabulayo; ngoba uJehova uhlola zonke izinhliziyo, futhi ubona konke ukuthambekela kwemicabango.” (1 IziKr. 28:9) Ngempela, uJehova unguMhloli wazo zonke izinhliziyo, kuhlanganise neyethu. (IzAga 17:3; 21:2) Lokho akuthola enhliziyweni yethu kubuthinta kakhulu ubuhlobo bethu naye nekusasa lethu. Ngakho, sinesizathu esihle sokusebenzisa iseluleko sikaDavide esiphefumulelwe ngokwenza konke okusemandleni ukuze sikhonze uJehova ngenhliziyo ephelele.

6. Yini okufanele siyiqaphele ngokuzimisela kwethu ukukhonza uJehova?

6 Imisebenzi yethu yentshiseko njengabantu bakaJehova ibonisa ukuthi sifisa ngokujulile ukukhonza uNkulunkulu ngenhliziyo ephelele. Ngesikhathi esifanayo, siyaqaphela ukuthi izingcindezi zezwe likaSathane elibi nokuthambekela esonweni kwenyama yethu kungamathonya anamandla angenza buthaka ukuzimisela kwethu ukukhonza uNkulunkulu ngenhliziyo yonke. (Jer. 17:9; Efe. 2:2) Yingakho kudingeka siyihlole njalo inhliziyo yethu ukuze sibone ukuthi ukuzimisela kwethu ukukhonza uNkulunkulu akubi yini buthaka—ukuthi sisaqaphile yini. Singakwenza kanjani lokhu?

7. Yini ebonisa isimo senhliziyo yethu?

7 Kusobala ukuthi umuntu esinguye ngaphakathi akabonakali—njengoba nje nengaphakathi noma inhliziyo yomuthi ingabonakali. Noma kunjalo, njengoba uJesu asho eNtshumayelweni Yasentabeni, izithelo zembula isimo somuthi, njengoba nje nemisebenzi yethu ibonisa isimo sangempela senhliziyo yethu. (Math. 7:17-20) Ake sicabangele isenzo esisodwa esibonisa lokho.

INDLELA ESOBALA YOKUHLOLA INHLIZIYO YETHU

8. Amazwi kaJesu akuMathewu 6:33 ahlobene kanjani nalokho okusenhliziyweni yethu?

8 Ekuqaleni kwaleyo Ntshumayelo, uJesu watshela ababemlalele ukuthi bangasibonisa ngasiphi isenzo esiqondile isifiso abanaso ngaphakathi sokukhonza uJehova ngenhliziyo yonke. Wathi: “Ngakho, qhubekani nifuna kuqala umbuso nokulunga kwakhe, khona-ke zonke lezi ezinye izinto niyozenezelelwa.” (Math. 6:33) Ngempela, sibonisa ngalokho esikubeka kuqala ekuphileni kwethu ukuthi sifisani, sicabangani nokuthi sihlelani ekujuleni kwenhliziyo yethu. Ngakho, ukuhlola izinto eziza kuqala ekuphileni kuyindlela esobala yokubona ukuthi sikhonza uNkulunkulu ngenhliziyo ephelele yini.

9. Isiphi isimemo uJesu asidlulisela emadodeni athile, futhi ukusabela kwawo kwembulani?

9 Ngemva nje kokuba uJesu ekhuthaze abalandeli bakhe ukuba ‘baqhubeke befuna kuqala umbuso,’ kwenzeka into ethile ebonisa indlela isimo senhliziyo yomuntu esembulwa ngayo ngempela yilokho akubeka kuqala ekuphileni. Umlobi weVangeli uLuka wethula lesi senzakalo ngokusho ukuthi uJesu “wazimisela ngokuqinile ukuya eJerusalema” ngisho noma ayekwazi okwakuzogcina kumehlele lapho. Ngesikhathi yena nabaphostoli bakhe “behamba endleleni,” uJesu wahlangana namadoda athile adlulisela kuwo lesi simemo: “Yiba umlandeli wami.” Lawo madoda ayezimisele ukwamukela isimemo sikaJesu—kodwa ngaphansi kwemibandela ethile. Enye yaphendula: “Ngivumele kuqala ukuba ngihambe ngingcwabe ubaba.” Enye yathi: “Ngizokulandela, Nkosi; kodwa ngivumele kuqala ngiyovalelisa kwabendlu yami.” (Luka 9:51, 57-61) Yeka ukuthi ukuzimisela kukaJesu ngenhliziyo yonke kuhluke kanjani kulezo zaba ezingathi shu ezashiwo yilawo madoda! Ngokubeka izithakazelo zawo kuqala, ngaphezu kwezithakazelo zoMbuso, embula ukuthi inhliziyo yawo yayingaphelele kuNkulunkulu.

10. (a) Abalandeli bakaKristu baye basabela kanjani esimemweni sakhe? (b) UJesu walandisa muphi umfanekiso omfushane?

10 Ngokungafani nalabo bantu ababethi “ngizokulandela,” thina siye senza ngokuhlakanipha samukela isimemo sikaJesu sokuba abalandeli bakhe futhi manje sikhonza uJehova nsuku zonke. Ngale ndlela, sibonisa ukuthi sizizwa kanjani ngoJehova enhliziyweni yethu. Noma kunjalo, nakuba sikhuthele ebandleni, kusadingeka siqaphele into engaba ingozi esimweni senhliziyo yethu. Iyiphi? UJesu wayembula leyo ngozi engxoxweni yakhe nalabo ababethi “ngizokulandela,” ngokuthi: “Akukho muntu othi esebeké isandla sakhe egejeni abuye abheke izinto ezingemuva owufanelekela kahle umbuso kaNkulunkulu.” (Luka 9:62) Isiphi isifundo esingasithola kulowo mfanekiso?

INGABE ‘SIYABAMBELELA KOKUHLE’?

11. Kwenzekani ngomsebenzi wesisebenzi esisemfanekisweni kaJesu, futhi ngani?

11 Ukuze sisicacise ngokwengeziwe isifundo esisithola emfanekisweni kaJesu omfushane, ake senezele imininingwane ethile kuwo. Ake sithi nasi isisebenzi sasensimini simatasa siyalima. Nokho, njengoba silima, silokhu sikhumbula ukuthi ekhaya kunomthunzi futhi sishiye umkhaya nabangane, ngakho kumelwe ukuba kuyadliwa, kuyaculwa futhi kuyahlekwa. Siyazilangazelela lezi zinto. Ngemva kokulima indima ebonakalayo, isifiso saso ngalezi zinto ezimnandi ekuphileni sikhula kangangokuthi siyaphenduka sibheke “izinto ezingemuva.” Nakuba kusenomsebenzi omkhulu okumelwe wenziwe ngaphambi kokuba insimu itshalwe, lesi sisebenzi siyaphazamiseka, kuphazamiseke nomsebenzi waso. Yebo, umqashi walesi sisebenzi uyadumala ngokwehluleka kwaso ukukhuthazela.

12. Imuphi umfuziselo esingawenza phakathi kwesisebenzi esisemfanekisweni kaJesu namaKristu athile namuhla?

12 Manje cabangela isimo esingaba umfuziselo walokhu osukwini lwanamuhla. Isisebenzi singamelela noma imuphi umKristu obonakala enza kahle kodwa empeleni osengozini ngokomoya. Ukuze siqhathanise lezi zimo, ake sicabange ngomzalwane oqhubeka ematasa enkonzweni. Nakuba eba khona emihlanganweni nasenkonzweni yasensimini, ulokhu ecabanga ngezici ezithile zendlela yezwe yokuphila azithola zikhanga. Ekujuleni kwenhliziyo yakhe uyazilangazelela lezi zinto. Ngemva kokuqhubeka nenkonzo yakhe iminyaka eminingi, ekugcineni isifiso sakhe sokuba nalezi zinto zezwe sikhula kangangokuthi uyaphenduka abheke “izinto ezingemuva.” Nakuba kusenomsebenzi omningi okumelwe wenziwe enkonzweni, akaqhubeki ‘elibambe ngokuqinile izwi lokuphila,’ futhi lokhu kuphazamisa indima yakhe emisebenzini engokomoya. (Fil. 2:16) Noma ikuphi ukwehluleka ukukhuthazela okunjalo, kuyamdabukisa uJehova, “iNkosi yokuvuna.”—Luka 10:2.

13. Kuhilelani ukukhonza uJehova ngenhliziyo ephelele?

13 Isifundo sisobala. Kuyancomeka uma sihlanganyela njalo emisebenzini emihle neyanelisayo enjengokuba khona emihlanganweni yebandla nokuhlanganyela enkonzweni yasensimini. Kodwa ukukhonza uJehova ngenhliziyo ephelele kuhilela okwengeziwe. (2 IziKr. 25:1, 2, 27) Uma ekujuleni kwenhliziyo yakhe, umKristu eqhubeka ethanda “izinto ezingemuva”—okungukuthi, izici ezithile zendlela yezwe yokuphila—usengozini yokulahlekelwa ukuma okuhle anakho noNkulunkulu. (Luka 17:32) ‘Siyowufanelekela kahle umbuso kaNkulunkulu’ kuphela uma ‘sikwenyanya ngempela okubi futhi sibambelela kokuhle.’ (Roma 12:9; Luka 9:62) Ngakho-ke, sonke kudingeka siqiniseke ukuthi asivumeli lutho ezweni likaSathane, kungakhathaliseki ukuthi lubonakala luwusizo noma lujabulisa kangakanani, lusenze singazikhathaleli ngenhliziyo yonke izithakazelo zoMbuso.—2 Kor. 11:14; funda eyabaseFilipi 3:13, 14.

HLALE UPHAPHEME!

14, 15. (a) USathane uzama kanjani ukonakalisa isimo senhliziyo yethu? (b) Fanekisa lokho okwenza indlela kaSathane ibe ingozi kakhulu.

14 Uthando lwethu ngoJehova lwasishukumisela ukuba sizinikezele kuye. Kusukela sazinikezela, abaningi bethu baye babonisa iminyaka eminingi ukuthi bazimisele ukugcina inhliziyo yabo iphelele kuJehova. Nokho, uSathane akakadeli ngathi. Usazifuna la izinhliziyo zethu. (Efe. 6:12) Yiqiniso, kungenzeka uyazi ukuthi ngeke simane nje simshiye ngokushesha uJehova. Ngakho-ke, usebenzisa “lesi simiso sezinto” ngobuqili ukuze ayinciphise kancane kancane intshiseko yethu ngoNkulunkulu ezinhliziyweni zethu. (Funda uMarku 4:18, 19.) Kungani le ndlela kaSathane iphumelela kangaka?

15 Ukuphendula lo mbuzo, zicabange ufunda incwadi ngesibani esinamandla okukhanya angama-watt ayikhulu, bese sicima. Njengoba usele ebumnyameni, uyaqaphela ngokushesha ukuthi kwenzekeni bese ufaka isibani esisha esikhundleni saleso esesiphelile. Kuphinde kube nokukhanya. Ngobusuku obulandelayo, uyaphinde ufunde ngaleso sibani. Nokho, awazi ukuthi othile useshintshe isibani obusifakile esinamandla okukhanya ayikhulu wafaka esinamandla okukhanya angu-95. Ubuzowuphawula yini umehluko? Cishe ubungeke. Kuthiwani uma ngosuku olulandela lolo othile ebengafaka esinamandla okukhanya angu-90? Nalokho ubungeke ukuphawule. Kungani? Ukukhanya kwesibani kuncipha kancane kakhulu ngendlela enganakeki. Ngokufanayo, amathonya ezwe likaSathane angase ayinciphise kancane kancane intshiseko yethu. Uma lokho kwenzeka, kuba njengokungathi uSathane usephumelele ekunciphiseni amandla entshiseko yethu ngenkonzo kaJehova ukusuka ekhulwini aye esilinganisweni esiphansi. Uma engaqaphile, umKristu angase angaluboni lolu shintsho olwenzeka kancane kancane.—Math. 24:42; 1 Pet. 5:8.

UMTHANDAZO UBALULEKE KAKHULU

16. Singazivikela kanjani emaqhingeni kaSathane?

16 Singazivikela kanjani emaqhingeni kaSathane anjalo futhi sigcine inhliziyo yethu iphelele kuJehova? (2 Kor. 2:11) Umthandazo ubaluleke kakhulu. UPawulu wakhuthaza akholwa nabo ukuba “[bamelane] ngokuqinile namaqhinga kaDeveli.” Wabe esebanxusa: “[Niqhubeke] nithandaza . . . ngazo zonke izinhlobo zomthandazo nokunxusa ngezikhathi zonke.”—Efe. 6:11, 18; 1 Pet. 4:7.

17. Imithandazo kaJesu isifundisani?

17 Ukuze simelane ngokuqinile noSathane, siyobe senza ngokuhlakanipha uma singalingisa isimo sengqondo sikaJesu sokuthandaza, esasibonisa isifiso esijulile ayenaso sokugcina inhliziyo yakhe iphelele kuJehova. Ngokwesibonelo, phawula lokho uLuka akuloba ngendlela uJesu athandaza ngayo ngobusuku bangaphambi kokufa kwakhe: “Eba nomunyu waqhubeka ethandaza ngobuqotho ngokwengeziwe.” (Luka 22:44) UJesu wayethandaza ngobuqotho nangaphambi kwalokhu, kodwa kulesi senzakalo, njengoba ayebhekene novivinyo olunzima kunalo lonke ake abhekana nalo emhlabeni, wathandaza “ngobuqotho ngokwengeziwe”—futhi umthandazo wakhe waphendulwa. Isibonelo sikaJesu sibonisa ukuthi imithandazo inamazinga ahlukahlukene okujula. Ngakho-ke, lapho izilingo esibhekene nazo zinzima kakhulu futhi amaqhinga kaSathane ecashe kakhulu, kufanele sisithandazele “ngobuqotho ngokwengeziwe” isivikelo sikaJehova.

18. (a) Yini okufanele sizibuze yona ngomthandazo, futhi ngani? (b) Iziphi izici ezithinta inhliziyo yethu, futhi ziyithinta ngaziphi izindlela? (Bheka  ibhokisi ekhasini 16.)

18 Imithandazo enjalo iyosithinta kanjani? UPawulu wathi: “Kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngomthandazo nangokunxusa kanye nokubonga; ukuthula kukaNkulunkulu okudlula konke ukucabanga kuyolinda izinhliziyo zenu.” (Fil. 4:6, 7) Yebo, kumelwe sithandaze njalo nangobuqotho ukuze sigcine inhliziyo yethu iphelele kuJehova. (Luka 6:12) Ngakho, zibuze, ‘Ngiqotho futhi ngiphikelela kaningi kangakanani emithandazweni yami?’ (Math. 7:7; Roma 12:12) Impendulo yakho yembula lukhulu ngokujula kwesifiso sakho esisuka enhliziyweni sokukhonza uNkulunkulu.

19. Yini ozoyenza ukuze ugcine inhliziyo yakho iphelele kuJehova?

19 Njengoba sibonile, izinto eziza kuqala ekuphileni kwethu zingasitshela okuningi ngesimo senhliziyo yethu. Sifuna ukuqiniseka ukuthi izinto esizishiye ngemuva namaqhinga kaSathane obuqili akunciphisi ukuzimisela kwethu ukukhonza uJehova ngenhliziyo ephelele. (Funda uLuka 21:19, 34-36.) Ngakho-ke, njengoDavide, siqhubeka sinxusa uJehova: “Yenza inhliziyo yami ibe nobunye.”—IHu. 86:11.

[Imibuzo Yesifundo]

[Ibhokisi ekhasini 16]

IZICI EZINTATHU EZITHINTA INHLIZIYO YETHU

Njengoba nje singathatha izinyathelo ezizuzisa inhliziyo yethu engokoqobo, singazithatha neziyosisiza ukuba sigcine inhliziyo yethu engokomfanekiso iphila. Cabangela lezi zici ezintathu ezibalulekile:

1 Ukudla: Inhliziyo yethu engokoqobo idinga ukudla okwanele okunempilo. Ngokufanayo, kudingeka siqiniseke ukuthi sithola ukudla okungokomoya okwanele okunempilo ngokuba nesifundo somuntu siqu sasikhathi sonke, ngokuzindla nangokuba khona njalo emihlanganweni.—IHu. 1:1, 2; IzAga 15:28; Heb. 10:24, 25.

 2 Ukuvivinya Umzimba: Ukuze ibe nempilo, inhliziyo yethu engokoqobo iyakudinga ukuba ngezinye izikhathi ike ishaye ngamandla. Ngokufanayo, ukuhlanganyela ngentshiseko enkonzweni—mhlawumbe ukuzikhandla sandise inkonzo yethu—kugcina inhliziyo yethu engokomfanekiso isesimweni esihle.—Luka 13:24; Fil. 3:12.

3 Indawo Esizungezile: Ukuzungezwa abantu abangamesabi uNkulunkulu okumelwe sisebenze futhi siphile nabo kungayicindezela kakhulu inhliziyo yethu engokoqobo nengokomfanekiso. Nokho, singakunciphisa lokho kucindezeleka ngokuzihlanganisa kaningi ngangokunokwenzeka nesikholwa nabo, abasikhathalela ngempela futhi abazinhliziyo zabo ziphelele kuNkulunkulu.—IHu. 119:63; IzAga 13:20.