Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Uyakhumbula?

Ingabe Uyakhumbula?

Ingabe Uyakhumbula?

Ingabe ubafunde ngokucophelela omagazini bamuva be-Nqabayokulinda? Bona ukuthi ungakwazi yini ukuphendula imibuzo elandelayo:

USolomoni angaba isibonelo esiyisixwayiso kithi ngamuphi umqondo?

UNkulunkulu wabusisa futhi wasebenzisa iNkosi uSolomoni. Nokho, phakathi nokubusa kwakhe, uSolomoni wachezuka ekulandeleni iseluleko sikaNkulunkulu. Washada nendodakazi kaFaro eyiqaba, wazithathela abafazi abaningi futhi wavumela abesifazane abangamaqaba ukuba kancane kancane bamholele ekukhulekeleni kwamanga. Kudingeka sigweme ukuba kancane kancane sibe nezimo zengqondo noma ukuthambekela okungalungile. (Dut. 7:1-4; 17:17; 1 AmaKh. 11:4-8)—12/15, amakhasi 10-12.

Kungani singabheka uSara njengowesifazane owesaba uNkulunkulu nomfazi oyigugu?

Lapho uNkulunkulu eyala u-Abrahama ukuba asuke e-Uri, lokho kwakusho ukuba ashiye umkhaya, abangane nendlela yokuphila ayijwayele aye ezweni angalazi. Nokho, uSara wabambisana naye, ethembela kuNkulunkulu ukuthi wayeyombusisa. Wayemhlonipha u-Abrahama, ebonisa izimfanelo ezinhle.—1/1, ikhasi 8.

Kungani uJehova acela u-Abrahama ukuba anikele ngendodana yakhe ayithandayo?

Kubalulekile ukukhumbula ukuthi empeleni uNkulunkulu akazange avumele u-Abrahama ukuba anikele ngo-Isaka. Le drama yayibonisa lokho uNkulunkulu ayeyokwenza ngokulahlekelwa lukhulu, ukunikela ngeNdodana yakhe, uJesu.—1/1, ikhasi 23.

Yini ebonisa ukuthi kusukela ngekhulu lokuqala kuqhubeke, bekulokhu kunamaKristu eqiniso agcotshiwe emhlabeni?

Emfanekisweni kaJesu ‘kakolweni nokhula,’ “imbewu enhle” imelela “abantwana bombuso.” (Math. 13:24-30, 38) Ukhula lwaluyokhula kanye nokolweni kuze kufike isikhathi sokuvuna. Ngakho, nakuba singenakusho ngokuqiniseka ukuthi obani ababemelela ukolweni, kumelwe ukuba bebelokhu bekhona kuze kube sesikhathini sethu.—1/15, ikhasi 7.

Iziphi izenzakalo eziyoholela e-Armagedoni ngokuqondile?

Izizwe ziyokhipha isimemezelo esiphawulekayo esithi “Ukuthula nokulondeka!” (1 Thes. 5:3) Ohulumeni bayohlasela inkolo yamanga. (IsAm. 17:15-18) Abakhulekeli beqiniso bayohlaselwa. Ukuphela kuyobe sekufika.—2/1, ikhasi 9.

Yini esingayenza ukuze sinqobe ukuthambekela emoneni?

Nazi izinyathelo ezingasisiza: Lwela ukuhlakulela uthando nothando lobuzalwane, yiba nobudlelwane nabantu abesaba uNkulunkulu, funa ukwenza okuhle, ‘jabula nabantu abajabulayo.’ (Roma 12:15)—2/15, amakhasi 16-17.

Obani abakhuluma isiNahuatl, futhi yini eyenziwayo ukuze basizwe?

Kwakuwulimi lwama-Aztec asendulo, futhi lusakhulunywa abantu abayizigidi ezingu-1.5 eMexico. OFakazi bashumayela ngesiNahuatl, futhi ezinye izincwadi zethu ziyatholakala ngalolu limi.—3/1, amakhasi 13-14.

Lapho sinikeza iseluleko, iziphi izimiso okufanele sizikhumbule?

Qonda isimo sangempela esihilelekile. Gwema ukusheshe uphendule. Thobeka usebenzise iZwi likaNkulunkulu. Uma kungenzeka, sebenzisa umtapo ongokwasezulwini. Gwema ukwenzela abanye izinqumo.—3/15, amakhasi 7-9.

UJesu wakhuthaza izilaleli zakhe ukuba zihambe amamayela amabili. (Math. 5:41) Laliyini iphuzu lakhe?

Ngaleso sikhathi kwa-Israyeli, amaRoma ayebusa ayengase acindezele umuntu ukuba enze inkonzo ethile. Lapho ekhuthaza izilaleli zakhe ukuba zihambe imayela lesibili, uJesu wayesho ukuthi kwakungafanele zicasuke lapho zenzela abasegunyeni izinto ezingokomthetho ababengase bafune ukuba zizenze.—4/1, ikhasi 9.