Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UJehova Uyasilonda Ukuze Sisindiswe

UJehova Uyasilonda Ukuze Sisindiswe

UJehova Uyasilonda Ukuze Sisindiswe

“Nilondwa ngamandla kaNkulunkulu ngokholo ngenjongo yensindiso elungele ukwambulwa enkathini yokugcina yesikhathi.”—1 PET. 1:5.

UNGAPHENDULA KANJANI?

UJehova wasidonsela kanjani ekukhulekeleni kweqiniso?

Singamvumela kanjani uJehova ukuba asihole ngeseluleko sakhe?

UJehova usikhuthaza kanjani?

1, 2. (a) Ikuphi ukuqiniseka esinakho kokuthi uNkulunkulu uyosisiza ukuba sigcine ubuqotho bethu? (b) UJehova umazi kahle kangakanani umuntu ngamunye kithi?

“LOWO oye wakhuthazela kwaze kwaba sekupheleni nguye oyosindiswa.” (Math. 24:13) Ngala mazwi, uJesu wakwenza kwacaca ukuthi ukuze sisinde lapho uNkulunkulu ekhipha isahlulelo ezweni likaSathane, kumelwe sigcine ubuqotho bethu kuze kube sekupheleni. Kodwa lokhu akusho ukuthi uJehova ulindele ukuba sikhuthazele ngamandla nangokuhlakanipha kwethu. IBhayibheli liyasiqinisekisa: “UNkulunkulu uthembekile, futhi ngeke akuvumele ukuba nilingwe ngokungaphezu kwalokho eningakuthwala, kodwa kanye naleso silingo uyokwenza nendlela yokuphuma ukuze nikwazi ukusikhuthazelela.” (1 Kor. 10:13) Asho ukuthini la mazwi?

2 Ukuze uJehova aqiniseke ukuthi asilingwa ngaphezu kwalokho esingakuthwala, kumelwe azi konke ngathi, kuhlanganise izinselele esibhekana nazo, ukwakheka kwethu ngabanye nokuthi kungakanani ngempela esingakuthwala. Ingabe ngempela uNkulunkulu usazi kahle kangako? Yebo. ImiBhalo yembula ukuthi uJehova umazi kahle umuntu ngamunye. Uyakwazi esikwenza nsuku zonke nemikhuba yethu. Angaqonda ngisho nemicabango nezisusa zenhliziyo yethu.—Funda iHubo 139:1-6.

3, 4. (a) Okuhlangenwe nakho kukaDavide kubonisa kanjani ukuthi uJehova unesithakazelo kubantu ngabanye? (b) Imuphi umsebenzi omangalisayo uJehova awufezayo namuhla?

3 Ingabe kubonakala kungenakwenzeka ukuthi uNkulunkulu angaba nesithakazelo esinjalo kubantu abaphansi? Umhubi uDavide wayecabanga ngalo mbuzo lapho ethi kuJehova: “Lapho ngibona amazulu akho, imisebenzi yeminwe yakho, inyanga nezinkanyezi okulungiselele, uyini umuntu ofayo ukuba umkhumbule?” (IHu. 8:3, 4) Kungenzeka ukuthi okuhlangenwe nakho kwakhe okwamenza wabuza lo mbuzo. UJehova wayethole uDavide, indodana kaJese enguthumbu, ‘engumuntu ovumelana nenhliziyo yakhe,’ futhi emthathile ‘ekulandeleni umhlambi wezimvu ukuze abe umholi’ ka-Israyeli. (1 Sam. 13:14; 2 Sam. 7:8) Cabanga indlela okumelwe ukuba uDavide wazizwa ngayo lapho ebona ukuthi uMdali wendawo yonke wayenake izizindlo zakhe zangasese, imicabango yomfana ongumalusi!

4 Kumangalisa ngendlela efanayo ukucabanga ngesithakazelo esijulile uJehova asibonisa sona ngabanye namuhla. Uqoqela ndawonye ekukhulekeleni kweqiniso “izinto ezifiselekayo zazo zonke izizwe,” futhi usiza izinceku zakhe ukuba zigcine ubuqotho. (Hag. 2:7) Ukuze siyiqonde kangcono indlela uJehova asisiza ngayo ukuba sigcine ubuqotho, ake siqale sicabangele indlela adonsela ngayo abantu ekukhulekeleni kweqiniso.

UNKULUNKULU UYASIDONSA

5. UJehova ubadonsela kanjani abantu eNdodaneni yakhe? Bonisa.

5 UJesu wathi: “Akekho umuntu ongeza kimi ngaphandle kokuba uBaba ongithumileyo emdonsa.” (Joh. 6:44) Lawo mazwi abonisa ukuthi sidinga usizo lukaNkulunkulu ukuze sibe abafundi bakaKristu. UJehova ubadonsela kanjani abantu abanjengezimvu eNdodaneni yakhe? Ngokushunyayelwa kwezindaba ezinhle nangokusebenza komoya ongcwele. Ngokwesibonelo, lapho uPawulu nalabo ayenabo ohambweni lwezithunywa zevangeli beseFilipi, bahlangana nowesifazane ogama lakhe linguLidiya futhi baqala ukuxoxa naye ngezindaba ezinhle. Ukulandisa okuphefumulelwe kuthi: “UJehova wayivula kakhulu inhliziyo yakhe ukuba anake izinto ezazikhulunywa uPawulu.” Yebo, uNkulunkulu wamnika umoya wakhe ukuze amsize ukuba athole umqondo wesigijimi, okwaholela ekubhapathizweni kwakhe nabendlu yakhe.—IzE. 16:13-15.

6. UNkulunkulu wasidonsela kanjani sonke ekukhulekeleni kweqiniso?

6 Ingabe okwenzeka kuLidiya kwakuyinto engavamile? Lutho neze. Uma ungumKristu ozinikezele, nawe uNkulunkulu wakudonsela ekukhulekeleni kweqiniso. Njengoba nje uBaba wethu osezulwini abona okuthile okuhle enhliziyweni kaLidiya, kukhona okuhle akubonile nakuwe. Lapho uqala ukulalela izindaba ezinhle, uJehova wakunika umoya ongcwele ukuze akusize uziqonde. (1 Kor. 2:11, 12) Lapho sewenza umzamo wokusebenzisa owawukufunda, wayibusisa imizamo yakho yokwenza intando yakhe. Inhliziyo yakhe yajabula lapho unikezela ukuphila kwakho kuye. Ngempela, kusukela waqala ukuhamba endleleni eya ekuphileni, uJehova ubelokhu enawe esinyathelweni ngasinye owawusithatha.

7. Sazi kanjani ukuthi uNkulunkulu uyosisiza ukuba sihlale sithembekile?

7 Njengoba eye wasisiza ukuba siqale ukuhamba naye, uJehova akabe esesishiya manje ukuba sizibonele ukuthi singahlala kanjani sithembekile. Uyazi ukuthi njengoba nje singazizelanga ngokwethu eqinisweni, ngeke sakwazi ukuqhubeka siseqinisweni ngamandla ethu. Ebhalela amaKristu agcotshiwe, umphostoli uPetru wathi: “Nilondwa ngamandla kaNkulunkulu ngokholo ngenjongo yensindiso elungele ukwambulwa enkathini yokugcina yesikhathi.” (1 Pet. 1:5) Ngomqondo obanzi, la mazwi asebenza kuwo wonke amaKristu futhi ngamunye wethu namuhla kufanele abe nesithakazelo kuwo. Ngani? Ngoba sonke siyaludinga usizo lukaNkulunkulu ukuze sihlale sithembekile kuye.

UYASINQANDA EKUTHATHENI ISINYATHELO OKUNGESONA

8. Kungani kudingeka siqaphe ingozi yokuthatha isinyathelo okungesona?

8 Izingcindezi zokuphila nokungapheleli kwethu kungasenza silahlekelwe umbono ongokomoya futhi kusibeke engozini yokuthatha isinyathelo okungesona singanakile. (Funda eyabaseGalathiya 6:1.) Lokhu kuboniswa yilokho okwenzeka kuDavide.

9, 10. UJehova wamnqanda kanjani uDavide ekuthatheni isinyathelo okungesona, futhi usisiza kanjani namuhla?

9 Ngesikhathi ezingelwa iNkosi uSawule, uDavide wayebonise ukuzibamba okuncomekayo ngokungaziphindiseleli kuleyo nkosi enomhawu. (1 Sam. 24:2-7) Kodwa ngemva nje kwalokho, wanqotshwa imizwelo engaphelele. Wayedinga ukudla kwamadoda ayehamba nawo ngakho wacela usizo ngenhlonipho kumIsrayeli wakubo, uNabali. Lapho uNabali ephendula ngokumthuka, uDavide wathukuthela wangqangqa futhi waphuma eyoziphindiselela emadodeni ayo yonke indlu kaNabali, engaqapheli ukuthi ukubulala abantu abangenacala kwakuyomenza abe necala legazi kuNkulunkulu. Ukungenela ngesikhathi esifanele kuka-Abhigayili, umkaNabali, okwamnqanda ekwenzeni lelo phutha elibi. Eqaphela isandla sikaJehova kule ndaba, uDavide wathi kuye: “Makatuswe uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, okuthumele kulolu suku ukuba ungihlangabeze! Futhi makubusiswe ukuba nengqondo kwakho, ubusiswe nawe ongivimbele kulolu suku ukuba ngingangeni ecaleni legazi futhi ngenze ukuba isandla sami singisindise.”—1 Sam. 25:9-13, 21, 22, 32, 33.

10 Sifundani kulokhu kulandisa? UJehova wasebenzisa u-Abhigayili ukuba anqande uDavide ekuthatheni isinyathelo okungesona. Wenza okufanayo nakithi namuhla. Yiqiniso, akufanele silindele ukuthi uNkulunkulu uyothumela othile njalo lapho sesizokwenza iphutha; asinakucabanga nokuthi sazi kahle ukuthi uNkulunkulu uyokwenzenjani kunoma isiphi isimo, noma ukuthi yini ayoyivumela ukuba yenzeke ekufezekeni kwenjongo yakhe. (UmSh. 11:5) Noma kunjalo, singaqiniseka ngokuthi uJehova uyazibona njalo izimo zethu nokuthi uyosisiza ukuba sihlale sithembekile kuye. Uyasiqinisekisa: “Ngizokwenza ube nokuqondisisa ngikufundise indlela okufanele uhambe ngayo. Ngiyonika iseluleko iso lami likubhekile.” (IHu. 32:8) UJehova usinikeza kanjani iseluleko? Singazuza kanjani kuso? Kungani singaqiniseka ukuthi uJehova uhola abantu bakhe namuhla? Phawula indlela ephendulwa ngayo le mibuzo encwadini yesAmbulo.

UYASILONDA NGESELULEKO

11. UJehova ukwazi ngezinga elingakanani okwenzeka emabandleni abantu bakhe?

11 Embonweni osesahlukweni sesibili nesesithathu zencwadi yesAmbulo, uJesu Kristu okhazinyulisiwe uhlola amabandla ayisikhombisa ase-Asia Minor. Lo mbono ubonisa ukuthi uKristu akaboni kuphela imikhuba evamile kodwa nezimo ezithile ezikhona ebandleni ngalinye. Kwezinye izimo, uze akhulume nangabathile, futhi esimweni ngasinye, unikeza ukutusa noma iseluleko esifanelekayo. Kubonisani lokhu? Ekugcwalisekeni kwalo mbono, amabandla ayisikhombisa amelela amaKristu agcotshiwe angemva kuka-1914, futhi ngomqondo obanzi, iseluleko asinikeza amabandla ayisikhombisa sisebenza kuwo wonke amabandla abantu bakaNkulunkulu namuhla emhlabeni wonke. Ngakho, kuphephile ukuphetha ngokuthi uJehova uhola abantu bakhe ngeNdodana yakhe. Singazuza kanjani kuleso siqondiso?

12. Singamvumela kanjani uJehova ukuba aqondise izinyathelo zethu?

12 Enye indlela esingazuza ngayo esiqondisweni sikaJehova sothando iwukuba nesifundo somuntu siqu. UJehova usinikeza inqwaba yezeluleko ezingokomBhalo ngezincwadi zesigaba senceku ethembekile neqondayo. (Math. 24:45) Nokho, ukuze sizuze kuzo, kumelwe sizinike isikhathi sokuzifunda futhi sisebenzise lokho esikufundayo. Isifundo somuntu siqu singenye yezindlela uJehova ‘angasiqapha ngazo ukuba singakhubeki.’ (Jude 24) Ingabe wake wafunda okuthile ezincwadini zethu okwabonakala kulotshelwe wena? Yamukela lokho kulungiswa njengokuvela kuJehova. Njengoba umngane engase akuthinte ehlombe ekuqaphelisa okuthile, uJehova angasebenzisa umoya wakhe ukuze akubonise isici esithile ekuziphatheni noma ebuntwini bakho okudingeka usithuthukise—ngokungangabazeki nabanye abaningi abanjengawe. Ngokusabela ekuholeni komoya, sivumela uJehova ukuba aqondise izinyathelo zethu. (Funda iHubo 139:23, 24.) Ngakho, senza kahle ngokuhlola imikhuba yethu yokutadisha.

13. Kungani kuyoba ukuhlakanipha ukuba sihlole imikhuba yethu yokutadisha?

13 Ukuchitha isikhathi esiningi kwezokuzijabulisa kungadla isikhathi esisidingela isifundo somuntu siqu. Omunye umzalwane uthi: “Kulula ukweqiwa isifundo somuntu siqu. Ezokuzijabulisa zixhaphake ngezinga elingakaze libonwe, futhi zishibhile kunangaphambili. Ziyatholakala kuma-TV, kuma-computer nakomakhalekhukhwini. Sizungezwe yizo.” Uma singaqaphile, isikhathi okudingeka sisisebenzisele isifundo somuntu siqu esijulile singancipha kancane kancane size siphele. (Efe. 5:15-17) Ngamunye wethu wenza kahle ngokuzibuza: ‘Ngivame kangakanani ukuzinika isikhathi sokumba ngijule lapho ngitadisha iZwi likaNkulunkulu? Ingabe ngikwenza kuphela lapho ngilungiselela izinkulumo?’ Uma kunjalo, mhlawumbe kungaba ngcono sisebenzise ubusuku obubekelwa eceleni bokukhulekela komkhaya noma besifundo somuntu siqu ukuze simbe ukuhlakanipha okungokomoya esikunikezwa uJehova ukuze asilondele insindiso.—IzAga 2:1-5.

UYASIQINISA NGOKUSIKHUTHAZA

14. ImiBhalo ibonisa kanjani ukuthi uJehova uyayiqaphela imizwa yethu?

14 UDavide wabhekana nezimo eziningi ezicindezelayo ekuphileni kwakhe. (1 Sam. 30:3-6) Amazwi akhe aphefumulelwe embula ukuthi uJehova wayeyazi imizwa yakhe. (Funda iHubo 34:18; 56:8.) UNkulunkulu uyayazi neyethu. Lapho ‘sinenhliziyo eyaphukileyo’ noma ‘sinomoya ochobozekile,’ uyasondela kithi. Lokhu ngokwakho kungasinika induduzo ethile, njengoba kwamduduza noDavide, owahlabelela: “Ngizojabula ngithokoze ngomusa wakho wothando, ngokuthi ukubonile ukuhlupheka kwami; wazile ngezingcindezi zomphefumulo wami.” (IHu. 31:7) Kodwa uJehova wenza okungaphezu kokuqaphela ukucindezeleka kwethu. Uyasiqinisa ngokusiduduza nangokusikhuthaza. Enye indlela akwenza ngayo lokhu iyimihlangano yobuKristu.

15. Sifundani kokuhlangenwe nakho kuka-Asafa?

15 Okuhlangenwe nakho kuka-Asafa kubonisa enye yezinzuzo zokuba khona emihlanganweni. Ukugxila ezimweni eziwukungabi nabulungisa kwambangela ukuba angabaze ukubaluleka kokukhonza uNkulunkulu. U-Asafa wadikibala. Wachaza imizwa yakhe ngale ndlela: “Inhliziyo yami yenziwa yaba muncu ngazwiswa ubuhlungu obuhlabayo ezinsweni zami.” Ngenxa yalokho, wacishe wayeka ukukhonza uJehova. Yini eyamsiza ukuba alungise umbono wakhe? Wathi: “[Ngangena] endlini engcwele enkulu kaNkulunkulu.” Elapho, phakathi kwabakhulekeli bakaJehova, waphinde waba nombono ofanele. Wabona ukuthi ukuphumelela kwababi kwakungokwesikhashana nokuthi nakanjani uJehova wayeyozilungisa izinto. (IHu. 73:2, 13-22) Kungokufanayo nangathi. Ingcindezi yokubhekana nokungabi nabulungisa kwezwe likaSathane ingasithena amandla. Ukuhlangana nabafowethu kuyasiqabula futhi kusisize ukuba silondoloze injabulo yethu ekukhonzeni uJehova.

16. Singazuza kanjani esibonelweni sikaHana?

16 Nokho, kufanele wenzenjani uma kunesimo ebandleni esenza kube nzima ukuba uye emihlanganweni yebandla? Mhlawumbe kuye kwadingeka udele ilungelo lenkonzo futhi uzizwa unamahloni, noma kunomfowenu noma udadewenu enixabene naye. Uma kunjalo, ungase uthole isibonelo sikaHana siwusizo. (Funda eyoku-1 Samuweli 1:4-8.) Khumbula ukuthi wayekhathazeke kakhulu ngesimo esasikhona ekhaya esasihilela uzakwabo owayembangisa, uPhenina. Minyaka yonke isimo sasiba sibi nakakhulu lapho umkhaya uyokwenza imihlatshelo kuJehova eShilo. Kwakumcindezela kakhulu uHana kangangokuthi ‘wayekhala angadli.’ Noma kunjalo, akazange akuvumele lokhu kumenze angayi emikhosini yokukhulekela uJehova. UJehova wakuqaphela ukwethembeka kwakhe futhi wambusisa.—1 Sam. 1:11, 20.

17, 18. (a) Iziphi izindlela esithola ngazo isikhuthazo emihlanganweni yebandla? (b) Uzizwa kanjani ngendlela uJehova asinakekela ngayo ngesisa ukuze asisize sithole insindiso?

17 AmaKristu namuhla anesizathu esihle sokulingisa isibonelo sikaHana. Kudingeka sihlanganyele imihlangano ngokwethembeka. Njengoba sonke siye saqaphela, imihlangano isinikeza isikhuthazo esisidingayo. (Heb. 10:24, 25) Ubudlelwane obufudumele bobuKristu buyasiduduza. Amazwi nje ashiwo enkulumweni noma empendulweni angathinta inhliziyo yethu. Lapho sixoxa nesikholwa nabo ngaphambi noma ngemva komhlangano, bangasilalela noma basho amazwi asiduduzayo. (IzAga 15:23; 17:17) Njengoba sisebenzisa amazwi ethu siculela uJehova, umoya wethu uyavuseleleka. Ikakhulu lapho sigajwe ‘imicabango esincisha ukuthula,’ sidinga isikhuthazo esisithola emihlanganweni yebandla, lapho uJehova esiqinisa khona ‘ngenduduzo yakhe’ futhi asisekele ekuzimiseleni kwethu ukuhlale sithembekile.—IHu. 94:18, 19.

18 Njengoba ukusinakekela kukaNkulunkulu wethu ngesisa kusenza silondeke, sizizwa njengomhubi u-Asafa, owahlabelelela uJehova: “Usibambile isandla sami sokunene. Uyongihola ngeseluleko sakho.” (IHu. 73:23, 24) Yeka ukuthi sibonga kangakanani ngokuthi uJehova uyasilonda ukuze sisindiswe!

[Imibuzo Yesifundo]

[Isithombe ekhasini 28]

Nawe uye wadonswa uJehova

[Isithombe ekhasini 30]

Ukusebenzisa iseluleko sikaNkulunkulu kuyasilonda

[Isithombe ekhasini 31]

Isikhuthazo esisitholayo siyasiqinisa