Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

“Iphupho Lami Lifezekile”

“Iphupho Lami Lifezekile”

“Iphupho Lami Lifezekile”

Eminyakeni engu-15 edlule, u-Emilia wayeyiphayona elivamile. Nokho, kwadingeka ayiyeke inkonzo yesikhathi esigcwele. Eminyakeni yamuva, ubelokhu ecabanga ngaleso sikhathi esasijabulisa kakhulu ekuphileni kwakhe, ngakho waphinde wafuna ukwandisa inkonzo yakhe.

Noma kunjalo, umsebenzi ka-Emilia wokuziphilisa wawudla isikhathi sakhe esiningi futhi lesi sithiyo sasimphuca injabulo. Ngesinye isikhathi wake wabubula phambi kwasebenza nabo: “Ngifisa sengathi ngingasebenza amahora ambalwa!” Umqashi wakhe wezwa ngakho wabe esembuza ukuthi ingabe lokho kwakuyiqiniso yini. U-Emilia wavuma. Nokho, ukuze lokho kwenzeke kwakuzodingeka athole imvume kumqondisi wenkampani ngoba umthetho wenkampani wawufuna zonke izisebenzi zayo zisebenze isikhathi esigcwele. Udadewethu walungiselela ukuhlangana nomqondisi futhi wathandazela ukuthula nesibindi.

Kulowo mhlangano, ngomusa kodwa ngesibindi wacela ukuncishiselwa isikhathi sokusebenza. Wachaza ukuthi usebenzisa isikhathi asuke engasebenzi ngaso ekusizeni abanye, wathi: “Ngingomunye woFakazi BakaJehova, futhi ngisiza abantu ngokomoya. Namuhla abantu abaningi abasenazo izindinganiso zokuziphatha. Badinga izimiso nezindinganiso ezicacile, futhi ukuhlakanipha okuseBhayibhelini engikudlulisela kubo kubaluleke kakhulu kubo. Angifuni ukuba imisebenzi yami yangemva komsebenzi inciphise izinga lomsebenzi wami lapha, kodwa ngingathanda ukuba nesikhathi esikhululekile esengeziwe ukuze ngisize abantu. Kungakho ngidinga ukuncishiselwa isikhathi sami sokusebenza.”

Umqondisi wenkampani walalelisisa futhi wathi naye wake wacabanga ngokwenza umsebenzi wokusiza abantu. Wabe esethi: “Ngenxa yalezi zizathu ozibekile, nginomuzwa wokuthi kumelwe ngisamukele isicelo sakho. Kodwa uyaqaphela yini ukuthi lokho kuzolehlisa iholo lakho?” U-Emilia wavuma ukuthi wayekuqaphela lokho futhi wathi uma kudingeka, wayezokwenza ukuphila kwakhe kube lula. Wabe esenezela: “Umgomo obaluleke kunayo yonke kimi ukwenza okuthile okuzozuzisa abantu.” Umqondisi wathi: “Ngibathulela isigqoko abantu abazidelayo banikele ngesikhathi sabo ukuze basize abanye.”

Akekho oqashwe yileyo nkampani owake wasebenza ngaphansi kwezimo ezimvunayo. U-Emilia manje usevunyelwe ukuba asebenze izinsuku ezine kuphela ngesonto. Okwammangaza nakakhulu ukuthi wakhushulelwa iholo futhi usehola imali elingana neyasekuqaleni! Uthi: “Iphupho lami lifezekile, sengingaba iphayona elivamile futhi!”

Ingabe wake wacabanga ukuhlela izimo zakho ukuze uphayone noma uphinde ungenele inkonzo yamaphayona?

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 32]

Umqondisi wathi: “Ngibathulela isigqoko abantu abazidelayo banikele ngesikhathi sabo ukuze basize abanye”