Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Khonza UNkulunkulu Wenkululeko

Khonza UNkulunkulu Wenkululeko

Khonza UNkulunkulu Wenkululeko

“Yilokhu okushiwo uthando ngoNkulunkulu, ukuba sigcine imiyalo yakhe; futhi imiyalo yakhe ayiwona umthwalo.”—1 JOHANE 5:3.

UNGAPHENDULA?

USathane uzama kanjani ukwenza imithetho kaNkulunkulu ibonakale iwumthwalo?

Kungani kumelwe sibaqaphelisise abangane bethu?

Yini ezosisiza ukuba sihlale siqotho kuNkulunkulu wenkululeko?

1. UJehova uyibheka kanjani inkululeko, futhi wakubonisa kanjani lokho ekusebenzelaneni kwakhe no-Adamu no-Eva?

 UJEHOVA ungukuphela koMuntu onenkululeko ephelele. Noma kunjalo, akalokothi ayisebenzise kabi noma ayigodlele izinceku zakhe ngokuzilawula ngisho nasezintweni ezincane. Kunalokho, uzinike inkululeko yokuzikhethela eyenza zikwazi ukuzinqumela futhi zanelise zonke izifiso zazo ezifanele. Ngokwesibonelo, uNkulunkulu wanika u-Adamu no-Eva umyalo owodwa kuphela owenqabelayo—wokuba bangadli ‘emthini wolwazi lokuhle nokubi.’ (Gen. 2:17) Yeka ukuthi yayinkulu kangakanani inkululeko ababenayo ekufezeni intando yoMdali wabo!

2. Kungani abazali bethu bokuqala balahlekelwa inkululeko ababeyinikwe uNkulunkulu?

2 Kungani uNkulunkulu anika abazali bethu bokuqala inkululeko enkulu kangaka? Kungenxa yokuthi wabenza ngomfanekiso wakhe futhi wabanika unembeza, elindele kufanele ukuthi uthando lwabo ngaye njengoMdali wabo lwaluyobaqondisa endleleni efanele. (Gen. 1:27; Roma 2:15) Kuyadabukisa ukuthi u-Adamu no-Eva behluleka ukubonisa ukwazisa ngoMniki-kuphila wabo omangalisayo nangenkululeko ayebanikeze yona. Kunalokho, bakhetha inkululeko engafanele abayinikwa uSathane, yokuzinqumela okuhle nokubi. Kodwa kunokuba lokho kubalethele inkululeko eyengeziwe, abazali bethu bokuqala bazifaka ngokwabo ebugqilini besono kanjalo nenzalo yabo, okwaba nemiphumela eyinhlekelele.—Roma 5:12.

3, 4. USathane uzama kanjani ukusikhohlisa ngokuphathelene nezindinganiso zikaJehova?

3 Uma uSathane ayenga abantu ababili abaphelele—ingasaphathwa eyenqwaba yezidalwa zomoya—ukuba benqabe ubukhosi bukaNkulunkulu, angasikhohlisa nathi. Usasebenzisa amacebo afanayo. Uzama ukusidukisa ukuba sicabange ukuthi izindinganiso zikaNkulunkulu ziwumthwalo futhi zisiphuca injabulo. (1 Joh. 5:3) Lokho kucabanga kungaba namandla kakhulu uma sizihlanganisa njalo nabantu abacabanga kanjalo. Udade oneminyaka engu-24 ubudala owake waziphatha kabi ngokobulili wathi: “Ngathonywa kakhulu abangane ababi, ikakhulu ngoba ngangikwesaba ukuba nombono ohlukile kowontanga yami.” Mhlawumbe nawe uke wabhekana nokucindezela kontanga okunjalo.

4 Okudabukisayo ukuthi ngezinye izikhathi ithonya elibi lontanga lingavela nangaphakathi ebandleni lobuKristu. Omunye uFakazi osemusha wathi: “Ngake ngajwayelana nabasha abathile ababethandana nabantu abangebona oFakazi. Nokho, ekugcineni ngabona ukuthi lapho ngichitha isikhathi esiningi nabo, ngangiya ngiba njengabo. Ngaqala ukuba buthaka ngokomoya. Ngangingasakujabuleli ukudla okungokomoya emihlanganweni yebandla, futhi sekuqabukela ngiya ensimini. Lokhu kwangibonisa ukuthi kufanele ngihlukane nalaba bangane futhi nembala ngabayeka!” Ingabe uyaliqaphela ithonya abangane bakho abangaba nalo kuwe? Cabangela isibonelo esiseBhayibhelini esingaphelelwa isikhathi.—Roma 15:4.

WEBA IZINHLIZIYO ZABO

5, 6. U-Absalomu wabadukisa kanjani abanye, futhi ingabe icebo lakhe laphumelela?

5 IBhayibheli linezibonelo eziningi zalabo ababa ithonya elibi kwabanye. Esinye sazo u-Absalomu, indodana yeNkosi uDavide. U-Absalomu wayeyindoda ebukeka kahle kakhulu. Nokho, ngokuhamba kwesikhathi, njengoSathane, wavumela isifiso sokuhaha sakhula enhliziyweni yakhe, ngoba waqala ukufisa isihlalo sobukhosi sikayise, ayengenalo ilungelo lokusithola. * Emzamweni wakhe wobuqili wokuqhwaga ubukhosi, u-Absalomu wenza sengathi wayewakhathalela kakhulu ama-Israyeli akubo, ngesikhathi esifanayo esikisela ngeziphansi ukuthi inkosi nezinduna zayo yayingenandaba nawo. Yebo, njengoba nje uDeveli enza ensimini yase-Edene, u-Absalomu wazishaya umuntu osizayo, ebe enyundela uyise omzalayo ngonya.—2 Sam. 15:1-5.

6 Ingabe icebo lika-Absalomu lobuqili laphumelela? Laphumelela ngezinga elithile, ngoba ukulandisa kweBhayibheli kuthi: “U-Absalomu waqhubeka ezeba izinhliziyo zamadoda akwa-Israyeli.” (2 Sam. 15:6) Nokho, ekugcineni ukuqhosha kuka-Absalomu kwaholela ekuweni kwakhe. Ngokudabukisayo, kwaholela nasekufeni kwakhe nokwezinkulungwane ayeziphambile.—2 Sam. 18:7, 14-17.

7. Iziphi izifundo esingazifunda endabeni ka-Absalomu? (Bheka isithombe esisekhasini 14.)

7 Kungani lawo ma-Israyeli akhohliseka kalula kangako? Kungenzeka ayefisa izinto u-Absalomu ayewathembisa zona. Noma mhlawumbe athonywa ubuhle bakhe. Kunoma yikuphi, nakhu esiqiniseka ngakho: Ayengathembekile kuJehova nasenkosini ayeyimisile. Nanamuhla, uSathane uyaqhubeka esebenzisa “o-Absalomu” emzamweni wakhe wokweba izinhliziyo zezinceku zikaJehova. Bangase bathi, ‘Izindinganiso zikaJehova ziqine kakhulu. Buka nje bonke abantu abangamkhonzi uJehova. Bazijabulisa nganoma yini!’ Ingabe uyowabona lawo manga anyanyekayo futhi uhlale uqotho kuNkulunkulu? Uyoqaphela yini ukuthi “umthetho ophelele” kaJehova kuphela, umthetho kaKristu, ongakuholela enkululekweni yangempela? (Jak. 1:25) Uma kunjalo, wazise lowo mthetho, futhi ungalokothi ulingeke ukuba uyisebenzise kabi inkululeko yakho yobuKristu.—Funda eyoku-1 Petru 2:16.

8. Iziphi izibonelo ezingokoqobo ezibonisa ukuthi ukuzishaya indiva izindinganiso zikaJehova akuyilethi injabulo?

8 USathane uhlasela intsha ngokukhethekile. Umzalwane osevile eminyakeni engu-30 ubudala wathi ngeminyaka yobusha bakhe: “Ngangibheka izindinganiso zikaJehova zokuziphatha njengemingcele, hhayi njengesivikelo.” Ngenxa yalokho waziphatha kabi ngokobulili. Kodwa lokho akuzange kumlethele injabulo. Wathi: “Kwadlula iminyaka eminingi nginemizwa ejulile yecala nokuzisola.” Ekhumbula iminyaka yobusha bakhe, udade othile wabhala: “Ngemva kokuziphatha kabi, uzizwa ungajabule futhi ungelutho. Ngisho nakuba sekwadlula iminyaka engu-19, zisangifikela izinkumbulo ezimbi.” Omunye udade wathi: “Ukucabanga ukuthi ukuziphatha kwami kwakulimaze abantu engibathanda kakhulu kwangihlukumeza engqondweni, ngokomoya nangokomzwelo. Kunzima ukuphila ngaphandle komusa kaJehova.” USathane akafuni ucabange ngemiphumela enjalo yokona.

9. (a) Imiphi imibuzo engasisiza ukuba sihlaziye indlela esibheka ngayo uJehova nemithetho nezimiso zakhe? (b) Kungani kubalulekile ukumazi kahle uNkulunkulu?

9 Yeka ukuthi kudabukisa kanjani ukuthi intsha eningi eseqinisweni—ngisho nabaningana asebekhulile—kuye kwadingeka ifunde kabuhlungu ukuthi ngokuvamile ukuzijabulisa ngesono kuyilahlekisela kakhulu! (Gal. 6:7, 8) Ngakho zibuze: ‘Ngiyawabona yini amaqhinga kaSathane ukuthi ayini ngempela—inkohliso enonya? Ingabe ngibheka uJehova njengoMngane wami omkhulu, ohlale engitshela iqiniso nongifunela okungcono kakhulu? Ngiqiniseka ngokugcwele yini ukuthi akasoze angigodlela okuhle nokuyongilethela injabulo enkulu kakhulu?’ (Funda u-Isaya 48:17, 18.) Ukuze uphendule ngoyebo osuka enhliziyweni, kudingeka ungabi nje nolwazi olukha phezulu ngoJehova. Kudingeka umazi ngokuseduze futhi uqaphele ukuthi imithetho nezimiso eziseBhayibhelini zibonisa ukuthi uyakuthanda, hhayi ukuthi ufuna ukukucindezela.—IHu. 25:14.

THANDAZELA INHLIZIYO EHLAKANIPHILE NELALELAYO

10. Kungani kufanele silwele ukulingisa iNkosi uSolomoni eyayisencane?

10 Lapho eseyinsizwa, ngokuthobeka uSolomoni wathi emthandazweni: “Kodwa mina ngingumfana omncane nje. Angikwazi ukuphuma nokungena.” Wabe esecela inhliziyo ehlakaniphile nelalelayo. (1 AmaKh. 3:7-9, 12) UJehova wasiphendula leso sicelo esasisuka enhliziyweni, futhi uyokwenza okufanayo nakuwe, kungakhathaliseki ukuthi umncane noma umdala. Yiqiniso, uJehova ngeke akunike ukuqonda nokuhlakanipha ngokuyisimangaliso. Kodwa uyokwenza uhlakaniphe uma ulitadisha ngobuqotho iZwi lakhe, uthandazela umoya ongcwele futhi uwasebenzisa ngokugcwele amalungiselelo angokomoya asenzele wona ngebandla lobuKristu. (Jak. 1:5) Ngempela, ngalezi zindlela, uJehova wenza ngisho nezinceku zakhe ezisencane zihlakaniphe ngaphezu kwabo bonke abangasinaki iseluleko sakhe, ngisho nalabo okuthiwa ‘izihlakaniphi nongqondongqondo’ baleli zwe.—Luka 10:21; funda iHubo 119:98-100.

11-13. (a) Iziphi izifundo eziwusizo esingazifunda kumaHubo 26:4, izAga 13:20 nakweyoku-1 Korinte 15:33? (b) Ungazisebenzisa kanjani lezi zimiso ezingokomBhalo?

11 Kubalulekile ukuba sitadishe iBhayibheli futhi sizindle ngalokho esikufundayo. Ukucabangela imiBhalo elandelayo kukucacisa kahle lokhu. UmBhalo ngamunye unesimiso esibalulekile ngokuphathelene nohlobo lwabangane esilukhethayo: “Angizange ngihlale nabantu abangebona abeqiniso; futhi angingeni nalabo abafihla lokho abayikho.” (IHu. 26:4) “Ohamba nabahlakaniphile uyohlakanipha, kodwa osebenzelana neziphukuphuku kuyomhambela kabi.” (IzAga 13:20) “Ukuzihlanganisa nababi konakalisa imikhuba emihle.”—1 Kor. 15:33.

12 Iziphi izifundo eziwusizo esingazifunda kulawo mavesi? (1) UJehova ufuna sibakhethe abangane bethu. Ufuna ukusivikela ngokokuziphatha nangokomoya. (2) Abantu esizihlanganisa nabo bangaba ithonya elihle noma elibi kithi; lokho kumane kuyiqiniso elingenakuphikwa. Indlela la mavesi alotshwe ngayo ibonisa ukuthi uJehova uzama ukushukumisa izinhliziyo zethu. Kanjani? Phawula ukuthi alikho kula mavesi elibekwe njengomthetho, njengokuthi “akumelwe u- . . . ” Kunalokho, abhalwe njengamazwi alula eqiniso. Empeleni, uJehova uthi kithina: ‘Nanka amaqiniso. Uzosabela kanjani? Yini esenhliziyweni yakho?’

13 Okokugcina, ngenxa yokuthi la mavesi amathathu abekwe njengamaqiniso ayisisekelo, awaphelelwa isikhathi futhi angasetshenziswa ezimweni eziningi. Ngokwesibonelo, zibuze imibuzo enjengokuthi: Ngingakugwema kanjani ukuzihlanganisa nabantu “abafihla lokho abayikho”? Iziphi izimo engingase ngihlangane nabo kuzo? (IzAga 3:32; 6:12) Obani “abahlakaniphile” uJehova afuna ngizihlanganise nabo? Obani ‘abayiziphukuphuku’ afuna ngibagweme? (IHu. 111:10; 112:1; IzAga 1:7) Imiphi “imikhuba emihle” engiyoyonakalisa ngokukhetha abangane ababi? Ingabe abangane ababi ngiyobathola ezweni kuphela? (2 Pet. 2:1-3) Ubungayiphendula kanjani le mibuzo?

14. Ungakuthuthukisa kanjani ukuKhulekela Komkhaya wakho kwakusihlwa?

14 Ngemva kokuba ucabangele le miBhalo, kunganjani uhlole amanye amavesi embula ukucabanga kukaNkulunkulu ngezinto ezithinta wena noma umkhaya wakho? * Bazali, cabangelani ukuxoxa ngezihloko ezinjalo phakathi nokuKhulekela Komkhaya kwakusihlwa. Njengoba nenza kanjalo, ningakhohlwa ukuthi umgomo wenu ukusiza ilungu ngalinye lomkhaya ukuba lilwazise ngokugcwele uthando olujulile uNkulunkulu analo ngathi njengoba lwembulwe emithethweni nasezimisweni zakhe. (IHu. 119:72) Ngempela, ukutadisha ngale ndlela kufanele kwenze bonke emkhayeni basondelane futhi basondele nakuJehova.

15. Ungabona kanjani uma usuqala ukuba nenhliziyo ehlakaniphile nelalelayo?

15 Ungabona kanjani uma usuqala ukuba nenhliziyo ehlakaniphile nelalelayo? Enye indlela ukuqhathanisa indlela yakho yokucabanga neyabantu bokholo basendulo, njengeNkosi uDavide, eyabhala: “O Nkulunkulu wami, ngikujabulele ukwenza intando yakho, nomthetho wakho usezibilinini zami.” (IHu. 40:8) Ngokufanayo, umlobi weHubo 119 wathi: “Yeka indlela engiwuthanda ngayo umthetho wakho! Uyinto engiyikhathalela usuku lonke.” (IHu. 119:97) Uthando olunjalo alumane nje lube khona. Kunalokho, luwumphumela wokutadisha ngokujulile, ukuthandaza, ukuzindla nokuzibonela mathupha izibusiso eziningi eziwumphumela wokunamathela ezindinganisweni zikaNkulunkulu.—IHu. 34:8.

YILWELE INKULULEKO YAKHO YOBUKRISTU!

16. Yini okumelwe siyiqaphele uma sifuna ukunqoba lapho silwela inkululeko yangempela?

16 Kuwo wonke umlando, izizwe ziye zalwa izimpi ezinonya egameni lenkululeko. Ngakho, wena kufanele uzimisele kakhulu kangakanani-ke ukulwela inkululeko yakho yobuKristu! Qaphela ukuthi awulwi nje noSathane, izwe nomoya walo onoshevu. Kudingeka nokuba ulwe nokungapheleli kwakho, kuhlanganise nenhliziyo yakho ekhohlisayo. (Jer. 17:9; Efe. 2:3) Nokho, ngosizo lukaJehova unganqoba. Ngaphezu kwalokho, ukunqoba ngakunye—okukhulu noma okuncane—kuyoba nemiphumela okungenani emibili emihle. Owokuqala, uyokwenza inhliziyo kaJehova ijabule. (IzAga 27:11) Owesibili, njengoba unambitha amandla akhululayo ‘omthetho kaNkulunkulu ophelele nongowenkululeko,’ uyozimisela ngisho nangokwengeziwe ukuhlale ‘usendleleni enyinyekile’ eya ekuphileni okuphakade. Ngokuhamba kwesikhathi, uyojabulela inkululeko enkulu ngokwengeziwe eyotholwa abantu bakaJehova abaqotho.—Jak. 1:25; Math. 7:13, 14.

17. Kungani ukungapheleli kwethu kungafanele kusidikibalise, futhi uJehova usisiza kanjani?

17 Yiqiniso, sonke siyawenza amaphutha ngezinye izikhathi. (UmSh. 7:20) Lapho lokho kwenzeka, ungadangali ngokweqile noma uzizwe ungelutho. Uma ukhubeka, vuka uzithathe—ngisho noma lokho kusho ukucela usizo lwabadala bebandla. UJakobe wabhala: “Umthandazo [wabo] wokholo uyokwenza ongaphilile kahle aphile, uJehova amvuse. Futhi, uma enzile izono, uyothethelelwa.” (Jak. 5:15) Yebo, ungalokothi ukhohlwe ukuthi uNkulunkulu unesihe ngempela nokuthi wakudonsela ebandleni ngoba ebone okuthile okuhle kuwe. (Funda iHubo 103:8, 9.) Uma nje ulondoloza inhliziyo ephelele kuJehova, akasoze akulahla.—1 IziKr. 28:9.

18. Singenza kanjani ngokuvumelana nomthandazo kaJesu olotshwe kuJohane 17:15?

18 Lapho ethandaza enabaphostoli bakhe abangu-11 abathembekile, ngobusuku bakhe bokugcina, uJesu washo la mazwi angasoze alibaleka: “Babheke ngenxa yomubi.” (Joh. 17:15) UJesu wayengaceleli abaphostoli bakhe kuphela, kodwa bonke abalandeli bakhe. Ngakho, singaqiniseka ngokuthi uJehova uyowuphendula umthandazo kaJesu ngokusibheka phakathi nalezi zikhathi ezibucayi. “[UJehova] uyisihlangu kulabo abahamba ngobuqotho . . . Uyoyiqapha indlela yabathembekileyo bakhe.” (IzAga 2:7, 8) Yiqiniso, indlela yobuqotho inezinselele, kodwa iwukuphela kwendlela eya ekuphileni okuphakade nasenkululekweni yangempela. (Roma 8:21) Ungavumeli muntu akuchezukise kuyo!

[Imibhalo yaphansi]

^ par. 5 U-Absalomu wayesezelwe lapho uNkulunkulu enza isithembiso sokuthi kuyoba nothile owayesazovela ‘oyinzalo’ kaDavide owayezoba indlalifa yobukhosi. Ngakho-ke, kufanele ukuba wayazi ukuthi uJehova wayengakhethanga yena njengenkosi eyayiyolandela uDavide.—2 Sam. 3:3; 7:12.

^ par. 14 ImiBhalo eyizibonelo ezinhle zalokhu eyoku-1 Korinte 13:4-8, lapho uPawulu echaza khona uthando namaHubo 19:7-11, akhuluma ngezibusiso eziningi eziba umphumela wokulalela imithetho kaJehova.

[Imibuzo Yesifundo]

[Izithombe ekhasini 14]

Singababona kanjani o-Absalomu banamuhla futhi sibagweme?