Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

“Ngizoba Nengebhe Ngobani?”

“Ngizoba Nengebhe Ngobani?”

“Ngizoba Nengebhe Ngobani?”

“Nakuba ngingase ngivukelwe yimpi, ngisho nangaleso sikhathi ngiyolokhu nginethemba.”—IHU. 27:3.

NGOKWALA MAVESI, YINI ENGAKUSIZA UKUBA UHLAKULELE ISIBINDI?

IHubo 27:1

IHubo 27:4

IHubo 27:11

1. Yini iHubo 27 elizosisiza ukuba siyiqonde?

 KUNGANI umsebenzi wethu wokushumayela udlondlobala naphezu kwezimo zezwe eziya ziba zimbi? Kungani sinikela ngokuzithandela ngesikhathi nangamandla ethu kuyilapho iningi libhekene nezimo zomnotho eziwohlokayo? Singahlala kanjani sinesibindi kuyilapho abaningi benovalo ngekusasa? Ingoma ephefumulelwe yeNkosi uDavide, elotshwe kumaHubo 27, isinikeza izimpendulo.

2. Umuzwa wengebhe wenzani kumuntu, kodwa ikuphi ukuqiniseka esinakho?

2 UDavide uqala leli hubo ngala mazwi: “UJehova ungukukhanya kwami nensindiso yami. Ngizokwesaba bani? UJehova uyisiphephelo sokuphila kwami. Ngizoba nengebhe ngobani?” (IHu. 27:1) Ukwesaba kungasiqeda amandla, kodwa ingebhe ingenza ngisho nokungaphezulu kwalokho. Noma kunjalo akukho ngebhe okufanele ikhathaze umuntu owesaba uJehova. (1 Pet. 3:14) Lapho senza uJehova isiphephelo sethu, ‘siyohlala ngokulondeka singaphazanyiswa yingebhe yenhlekelele.’ (IzAga 1:33; 3:25) Kungani kunjalo?

“UJEHOVA UNGUKUKHANYA KWAMI NENSINDISO YAMI”

3. UJehova ungukukhanya kwethu ngamuphi umqondo, kodwa kumelwe senzeni?

3 Isingathekiso esithi “uJehova ungukukhanya kwami” sibonisa ukuthi uJehova usikhulula ekungazini nasebumnyameni obungokomoya. (IHu. 27:1) Ukukhanya okungokoqobo kungasenza sibone ingozi noma isikhubekiso esisendleleni yethu, kodwa akusisusi. Kumelwe senze ngokuhlakanipha ngokwalokho esikubonayo. Ngendlela efanayo, uJehova usembulela incazelo eyisisekelo yezenzakalo zezwe. Usiqaphelisa izingozi zalesi simiso sezinto. Usinika izimiso zeBhayibheli eziwusizo njalo, kodwa kumelwe sikusebenzise esikufundayo. Lapho senza kanjalo, singenza ngokuhlakanipha kunezitha noma abafundisi bethu.—IHu. 119:98, 99, 130.

4. (a) Kungani uDavide ayengase asho ngokuqiniseka ukuthi: ‘UJehova uyinsindiso yami’? (b) Kunini ngokukhethekile lapho uJehova eyoba khona insindiso yethu?

4 Amazwi kaDavide akumaHubo 27:1 abonisa ukuthi kumelwe ukuba wayekhumbula indlela uJehova ayemkhulule noma emsindise ngayo ngaphambili. Ngokwesibonelo, uJehova wayemkhulule “esidladleni sengonyama nasesidladleni sebhere.” UJehova wayemenze wanqoba nomdondoshiya uGoliyati. Kamuva, iNkosi uSawule yazama ukumgwaza ngomkhonto, kodwa isikhathi ngasinye uJehova wamkhulula. (1 Sam. 17:37, 49, 50; 18:11, 12; 19:10) Yingakho uDavide ayengasho ngokuqiniseka: ‘UJehova uyinsindiso yami’! UJehova uyophinde abe insindiso ezincekwini zakhe njengoba aba yiyo kuDavide. Kanjani? Ngokukhulula abakhulekeli bakhe ‘osizini olukhulu’ oluzayo.—IsAm. 7:14; 2 Pet. 2:9.

KHUMBULA IMPUMELELO NGAYINYE

5, 6. (a) Ukukhumbula izenzakalo ezidlule kusisiza kanjani ekuhlakuleleni isibindi? (b) Umlando wokusebenzelana kukaJehova nezinceku zakhe ukuqinisa kanjani isibindi?

5 Isici esibalulekile ekuhlakuleleni isibindi sisithola kumaHubo 27:2, 3. (Funda.) UDavide wakhumbula izigameko akhululwa kuzo uJehova. (1 Sam. 17:34-37) Lezo zinkumbulo zamnika isibindi sokubhekana ngisho nobunzima obukhulu kakhulu. Ingabe lokho oye wabhekana nakho ekuphileni nawe kukwenza uzizwe unesibindi? Ngokwesibonelo, ingabe wake wathandaza ngobuqotho ngenkinga ekucindezelayo wabe usubona indlela uJehova akunika ngayo ukuhlakanipha noma amandla okubhekana nayo ngokuphumelelayo? Noma uyayikhumbula yini indlela ezasuswa ngayo izithiyo enkonzweni yakho ejabulisayo noma indlela owakuvulekela ngayo umnyango omkhulu womsebenzi? (1 Kor. 16:9) Ukukhumbula lezo zenzakalo kukuthinta kanjani manje? Lezo zinkumbulo aziqhubeki yini zikuqinisekisa ukuthi uJehova angakusiza ukuba unqobe noma ukhuthazelele ngisho nezithiyo noma ubunzima obukhulu kakhulu?—Roma 5:3-5.

6 Kuthiwani uma uhulumeni onamandla ebengase abophe itulo lokuqothula oFakazi BakaJehova njengenhlangano? Baningi abantu ezikhathini zanamuhla abaye bazama ukwenza lokho kanye kodwa behluleka. Ukukhumbula indlela uJehova asizé ngayo abantu bakhe esikhathini esedlule kuyosenza sibe nesibindi sokubhekana nekusasa.—Dan. 3:28.

KWAZISE UKUKHULEKELA OKUHLANZEKILE

7, 8. (a) NgokweHubo 27:4, yini uDavide ayicela kuJehova? (b) Liyini ithempeli elikhulu likaJehova elingokomoya, futhi kukhulekelwa kanjani kulo?

7 Esinye isici esidingekayo ukuze sibe nesibindi, uthando lwethu ngokukhulekela kweqiniso. (Funda iHubo 27:4.) Osukwini lukaDavide, ‘indlu kaJehova’ kwakuyitabernakele. NguDavide ngokwakhe owenza amalungiselelo ethempeli eliwubukhazikhazi elalizokwakhiwa indodana yakhe uSolomoni. Ngemva kwamakhulu eminyaka, uJesu wembula ukuthi ukunikela inkonzo eyamukelekayo kuJehova kwakungeke kusaxhomeka kuleso sakhiwo esisodwa esikhulu esasibusiswe uNkulunkulu. (Joh. 4:21-23) KumaHebheru izahluko 8 kuya ku-10, umphostoli uPawulu wabonisa ukuthi kunethempeli elikhulu elingokomoya elaqala ukuba khona ngesikhathi sokubhapathizwa kukaJesu ngo-29 C.E., lapho eziletha ukuba enze intando kaJehova. (Heb. 10:10) Leli thempeli elikhulu elingokomoya liyilungiselelo elenziwe uJehova ukuze ngokholo lwethu emhlatshelweni kaJesu wesihlengo sikwazi ukusondela kuye ngokwamukelekayo. Sikhulekela kanjani kulo? Ngokuthandaza “ngezinhliziyo eziqotho ngesiqinisekiso esigcwele sokholo”; ngokumemezela obala ithemba lethu ngaphandle kokuntengantenga nangokucabangela, ukuvuselela nokukhuthaza abakhulekeli esikanye nabo lapho sihlangana ndawonye emihlanganweni yethu yebandla nasekukhulekeleni komkhaya. (Heb. 10:22-25) Ukulazisa leli lungiselelo lokukhulekela kweqiniso kuyasiqinisa kulezi zinsuku zokugcina ezibucayi.

8 Emhlabeni wonke, izinceku zikaJehova ezithembekile zandisa inkonzo yazo, zifunde ezinye izilimi futhi zithuthele ezindaweni ezinendingeko enkulu yabamemezeli boMbuso. Izenzo zazo zibonisa ukuthi, njengomhubi, kunento eyodwa eziyicela kuJehova. Zifuna ukujabulela ubuhle bukaJehova nokuhlanganyela enkonzweni engcwele kungakhathaliseki ukuthi kwenzekani.—Funda iHubo 27:6.

THEMBELA OSIZWENI LUKANKULUNKULU

9, 10. Sisho ukuthini isiqinisekiso esisithola kumaHubo 27:10?

9 UDavide wakuveza ngendlela ecacile ukwethembela kwakhe osizweni lukaJehova ngokuthi: “Noma kungenzeka ubaba nomama bangishiye, yebo uJehova yena ubeyongamukela.” (IHu. 27:10) Ngokwezenzakalo okukhulunywa ngazo kweyoku-1 Samuweli isahluko 22, singaphetha ngokuthi abazali bakaDavide abamlahlanga. Nokho, abaningi namuhla kuye kwadingeka bakhuthazelele ukulahlwa imikhaya yabo. Noma kunjalo, belahlwe ngaleyo ndlela, abaningi baye bathola usizo nesivikelo ebandleni lobuKristu.

10 Njengoba uJehova ekulungele ukusekela izinceku zakhe lapho abanye bezilahla, ngeke yini azisekele nalapho zibhekene nanoma yiluphi olunye usizi? Ngokwesibonelo, uma sikhathazeke ngokuthi sizowondla kanjani umkhaya, singeqiniseke yini ngokuthi uJehova uyosisiza? (Heb. 13:5, 6) Uyaziqonda izimo nezidingo zazo zonke izinceku zakhe ezithembekile.

11. Ukwethembela kwethu kuJehova kungaba naliphi ithonya kwabanye? Bonisa.

11 Cabanga ngendaba kaVictoria waseLiberia osafundelwa. Njengoba ayethuthukela ekubhapathizweni, indoda ayehlala nayo yamshiya nezingane ezintathu. Naphezu kokungabi nakhaya namsebenzi, waqhubeka ethuthuka ngokomoya. Ngemva kokubhapathizwa kwakhe, indodakazi yakhe eneminyaka engu-13, yake yathola isikhwama semali sigcwele imali. Ukuze bangalingeki, banquma ukungayibali ngisho nokuyibala. Kunalokho, bathinta ngokushesha isosha elalingumnikazi waso. Lathi kubo ukube bonke abantu bebethembeke njengoFakazi BakaJehova, umhlaba wonke ubuyoba indawo engcono nenokuthula. UVictoria wabonisa leli sosha isithembiso sikaJehova esiseBhayibhelini sezwe elisha. Lihlabeke umxhwele ngobuqotho bakhe, leli sosha lambonga ngemali ebhekile kweyayilahlekile. Ngempela, ukuba nokholo oluqinile emandleni kaJehova okusinakekela kuye kwazuzela oFakazi BakaJehova idumela elihle kakhulu lokwethembeka.

12. Sibonisani lapho siqhubeka sikhonza uJehova nalapho silahlekelwa okokuziphilisa? Bonisa.

12 Cabanga nangendlela uThomas, ummemezeli ongabhapathiziwe waseSierra Leone, okumelwe ukuba wazizwa ngayo. Waqala ukusebenza esikoleni samabanga aphakeme njengothisha engaholi cishe unyaka wonke esalinde ukuba kulunge yonke imininingwane ephathelene nesicelo sakhe somsebenzi. Yikuphi okokugcina okwakudingeka kuThomas ngaphambi kokuba athole umholo wakhe futhi akhokhelwe sonke isikhathi ayesesisebenzile? Kwakusamelwe abe nengxoxo nomqondisi wesikole ongumpristi yokuhlola ikhono lakhe. Lo mpristi wachaza ukuthi izinkolelo zoFakazi BakaJehova ziyangqubuzana nezesikole. Wama kwelokuthi uThomas akakhethe phakathi komsebenzi nezinkolelo zakhe ezisekelwe eBhayibhelini. Wawuyeka lowo msebenzi futhi wagcina engalitholanga neholo lakhe cishe lonyaka wonke. Wathola omunye umsebenzi wokulungisa imisakazo nomakhalekhukhwini. Njengoba lesi sibonelo neziningi ezifana naso zibonisa, ukwesaba ukuswela kungenza abanye babe nengebhe, kodwa akunakuqhathaniswa nokwethembela ngokuqinile kuMdali wazo zonke izinto noMvikeli wabantu bakhe.

13. Uqhubeka kanjani umsebenzi wokushumayela ngoMbuso emazweni antulayo?

13 Emazweni amaningi lapho izimo zokuphila zinzima khona, abamemezeli boMbuso bavame ukuba matasa ngokuphawulekayo. Kungani kunjalo? Elinye ihhovisi legatsha liyabhala: “Abaninikhaya abaningi abamukela izifundo zeBhayibheli abasebenzi, okubenza babe nesikhathi esiningi sokufunda phakathi nosuku. Nabazalwane banesikhathi esiningi sokushumayela. Abantu, ikakhulu abahlala ezindaweni ezikhahlamezeke kakhudlwana, akudingeki ukuba batshelwe ukuthi siphila ezinsukwini zokugcina; bayazibona izimo ezibazungezile.” Isithunywa sevangeli esesikhonze iminyaka engaphezu kwengu-12, ezweni lapho ngokwesilinganiso ummemezeli ngamunye eqhuba khona izifundo ezingaphezu kwezintathu, siyabhala: “Njengoba abamemezeli abaningi bephila ukuphila okulula okungenazo izithikamezo eziningi, ngokuvamile banesikhathi esiningi senkonzo yasensimini nesokuqhuba izifundo zeBhayibheli.”

14. UNkulunkulu angasivikela ngaziphi izindlela isixuku esikhulu?

14 UJehova uye wathembisa ukusiza, ukuvikela nokukhulula abantu bakhe njengeqembu ngokwenyama nangokomoya, futhi siyamethemba. (IHu. 37:28; 91:1-3) Isixuku esisinda “osizini olukhulu” ngempela kumelwe sibe sikhulu. (IsAm. 7:9, 14) Ngaleyo ndlela, leso sixuku, njengeqembu, siyovikelwa ekuqothulweni phakathi nayo yonke ingxenye esele yezinsuku zokugcina. Siyonikwa konke okudingekayo ukuze sikhuthazelele izilingo futhi sivikele ubuhlobo baso noJehova. UJehova uyobavikela abantu bakhe phakathi nayo yonke ingxenye yokugcina yosizi olukhulu.

“O JEHOVA, NGIFUNDISE INDLELA YAKHO”

15, 16. Sizuza kanjani lapho silalela isiqondiso sikaNkulunkulu? Bonisa.

15 Ukuze sihlale sinesibindi, kudingeka siqhubeke sifundiswa indlela kaNkulunkulu. Lokhu kubonakala esicelweni sikaDavide: “O Jehova, ngifundise indlela yakho, ungihole ngendlela yobuqotho ngenxa yezitha zami.” (IHu. 27:11) Ukwenza ngokuvumelana nalo mthandazo kusho ukulalelisisa noma isiphi isiqondiso esisekelwe eBhayibhelini esisithola enhlanganweni kaJehova bese sisisebenzisa ngokushesha. Abaningi abaye bazikhipha ezikweletini ezingadingekile bangakufakazela ukuthi ukusebenzisa iseluleko esihlakaniphile sokwenza ukuphila kube lula kubazuzisile phakathi nezinkinga zomnotho zamuva. Kunokuba bazithole besindwa izinto abangasakwazi ukuzikhokhela, bakhululekile ukuba bandise inkonzo yabo. Ngamunye wethu wenza kahle ngokuzibuza, ‘Ingabe ngikusebenzisa ngokushesha konke engikufunda eBhayibhelini nasezincwadini zesigaba senceku ethembekile neqondayo, ngisho nalapho kudingeka ngenze ukuzidela okuthile?’—Math. 24:45.

16 Uma sivumela uJehova ukuba asifundise futhi asihole endleleni yobuqotho, ngeke sibe nasizathu sokwesaba. Lapho iphayona elivamile elithile e-United States lifaka isicelo somsebenzi owawuyolisiza ukuba ligcine umkhaya walo wonke usenkonzweni yesikhathi esigcwele, umphathi walo walitshela ukuthi lalingeke liwuthole lowo msebenzi lingenazo iziqu zasekolishi. Ukube lokhu kwenzeka kuwe, wawuyozisola yini ngokuthi waphishekela inkonzo yesikhathi esigcwele kunemfundo ephakeme? Ngemva kwamasonto amabili, lo mphathi waxoshwa futhi enye imenenja yabuza lo mzalwane ngemigomo yakhe. Wayichazela ngokushesha ukuthi yena nomkakhe babeyizikhonzi zesikhathi esigcwele zoFakazi BakaJehova futhi befuna ukuqhubeka beyizo. Ngaphambi kokuba lo mzalwane asho okuthile, imenenja yathi: “Bengibona ukuthi kunokuthile okuhlukile ngawe! Lapho ubaba esegulela ukufa, kunababili enikholwa nabo ababefika bezomfundela iBhayibheli nsuku zonke. Ngathembisa enhliziyweni yami ukuthi uma kuvela ithuba lokusiza omunye woFakazi BakaJehova, ngiyomsiza.” Ngakusasa, lo mzalwane wanikezwa wona kanye umsebenzi umphathi wangaphambili ayenqabe ukumnika wona. Ngempela, lapho sibeka izithakazelo zoMbuso kuqala ekuphileni kwethu, uJehova uyasifeza isithembiso sakhe sokuthi ngeke siziswele izinto zokuphila esizidingayo.—Math. 6:33.

KUDINGEKA SIBE NOKHOLO NETHEMBA

17. Yini eyosenza sikwazi ukubhekana nekusasa ngokuqiniseka?

17 UDavide ube esegcizelela isidingo sokuba nokholo nethemba ngokuthi: “Ukube bengingenalo ukholo lokubona ubuhle bukaJehova ezweni labaphilayo—!” (IHu. 27:13) Ngempela, besiyoba yini nje ukube besingenalo ithemba esilinikwe uNkulunkulu futhi singaziqondi izinto okukhulunywa ngazo kumaHubo 27! Ngakho-ke, kwangathi singaqhubeka ngokuqiniseka sithandazela amandla nokukhululwa njengoba sibhekene nezenzakalo eziyoholela e-Armagedoni.—Funda iHubo 27:14.

[Imibuzo Yesifundo]

[Isithombe ekhasini 23]

UDavide wathola amandla ngokukhumbula izenzo zikaJehova zokukhulula

[Isithombe ekhasini 25]

Ingabe sibheka ubunzima bezomnotho njengethuba lokwandisa inkonzo yethu?