Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

“UJehova Oyedwa” Ubutha Umkhaya Wakhe

“UJehova Oyedwa” Ubutha Umkhaya Wakhe

“UJehova Oyedwa” Ubutha Umkhaya Wakhe

‘Ngiyanincenga ukuba nigcine ubunye bomoya.’—EFE. 4:1, 3.

UNGACHAZA KANJANI?

Iyini injongo yesimiso sikaNkulunkulu sokuqondisa?

‘Sibugcina’ kanjani “ubunye bomoya”?

Yini eyosisiza ukuba ‘sibe nomusa komunye nomunye’?

1, 2. Iyini injongo kaJehova ngomhlaba nangesintu?

 UMKHAYA. Likukhumbuzani leli gama? Imfudumalo? Injabulo? Ukusebenza ngokubambisana ukuze kufinyelelwe umgomo ofanayo? Indawo ephephile ongakhula, ufunde futhi ucobelelane nabanye imibono kuyo? Cishe likukhumbuza lokho uma usemkhayeni okhathalelayo. UMsunguli womkhaya nguJehova ngokwakhe. (Efe. 3:14, 15) Injongo yakhe yayiwukuba zonke izidalwa zakhe ezisezulwini nasemhlabeni zijabulele umuzwa wokulondeka, ukwethembana nobunye bangempela.

2 Ngemva kokona, abantu ababange besaba ingxenye yomkhaya kaNkulunkulu wendawo yonke, kodwa lokho akuzange kuyibhuntshise injongo yakhe. Uzoqinisekisa ukuthi umhlaba oyiPharadesi ugcwala inzalo ka-Adamu no-Eva. (Gen. 1:28; Isaya 45:18) Wenze wonke amalungiselelo ukuze le njongo ifezeke. Incwadi yeBhayibheli yabase-Efesu, ekhuluma ngobunye, ngokuyinhloko, isibonisa amaningi ala malungiselelo. Ake sicabangele amavesi athile akule ncwadi futhi sibone indlela esingabambisana ngayo nenjongo kaJehova yokuhlanganisa indalo yakhe.

ISIMISO SOKUQONDISA NOMSEBENZI WASO

3. Siyini isimiso sikaNkulunkulu sokuqondisa okukhulunywa ngaso kweyabase-Efesu 1:10, futhi isigaba saso sokuqala saqala nini ukusebenza?

3 UMose watshela ama-Israyeli: “UJehova uNkulunkulu wethu unguJehova oyedwa.” (Dut. 6:4) Izenzo zikaJehova nenjongo yakhe kuyavumelana. Ngakho, “lapho kugcwala isilinganiso sezikhathi ezimisiwe,” uNkulunkulu wasungula ‘isimiso sokuqondisa’—okuwukuthi, ilungiselelo lokuhlanganisa zonke izidalwa zakhe ezihlakaniphile. (Funda eyabase-Efesu 1:8-10.) Lesi simiso sokuqondisa siyofeza injongo yaso ngezigaba ezimbili. Isigaba sokuqala silungiselela ibandla labagcotshiwe ukuphila ezulwini ngaphansi kukaJesu Kristu njengeNhloko yalo engokomoya. Lesi sigaba saqala ngePhentekoste lika-33 C.E. lapho uJehova eqala ukubutha labo abayobusa noKristu ezulwini. (IzE. 2:1-4) Njengoba abagcotshiwe kuye kwathiwa balungile ukuba banikwe ukuphila ngesisekelo somhlatshelo wesihlengo kaKristu, bavuma ngokungananazi ukuthi ‘bangabantwana bakaNkulunkulu’ bokutholwa.—Roma 3:23, 24; 5:1; 8:15-17.

4, 5. Siyini isigaba sesibili sokusebenza kwesimiso sokuqondisa?

4 Isigaba sesibili silungiselela labo abayohlala ePharadesi emhlabeni lapho sekubusa uMbuso kaKristu. “Isixuku esikhulu” sakha ingxenye yokuqala yaleli qembu. (IsAm. 7:9, 13-17; 21:1-5) Phakathi nokuBusa Kweminyaka Eyinkulungwane, siyohlangana nezigidigidi zabavusiwe. (IsAm. 20:12, 13) Cabanga indlela uvuko oluyobubonisa ngokwengeziwe ngayo ubunye bethu! Ekupheleni kweminyaka eyinkulungwane, ‘izinto ezisemhlabeni’ ziyobhekana novivinyo lokugcina. Labo abayozibonakalisa bethembekile bayokwamukelwa ‘njengabantwana bakaNkulunkulu’ basemhlabeni.—Roma 8:21; IsAm. 20:7, 8.

5 Zombili izigaba zesimiso sikaNkulunkulu sokuqondisa ziyaqhubeka namuhla—esabasezulwini nesabasemhlabeni. Kodwa njengabantu ngabanye, sibambisana kanjani manje nesimiso sikaNkulunkulu sokuqondisa?

‘GCINANI UBUNYE BOMOYA’

6. ImiBhalo ibonisa kanjani ukuthi amaKristu kumelwe ahlangane ndawonye?

6 ImiBhalo ibonisa ukuthi amaKristu kumelwe ahlangane ndawonye ngokoqobo. (1 Kor. 14:23; Heb. 10:24, 25) Lokho kuhilela okungaphezulu kakhulu kunokumane achithe isikhathi esithile ndawonye endaweni eyodwa, njengoba kwenza abantu abaya emakethe noma enkundleni yemidlalo. Ubunye bangempela budlulela ngalé kwalokho. Lobo bunye sibufinyelela lapho sisebenzisa lokho uJehova asifundisa kona futhi sivumele umoya wakhe ongcwele usilolonge.

7. Kusho ukuthini “ukugcina ubunye bomoya”?

7 Nakuba uJehova eye wathi abagcotshiweyo bakhe balungile njengamadodana, nezinye izimvu zilungile njengabangane ngesisekelo somhlatshelo wesihlengo kaKristu, izingxabano ziyoba khona uma nje sisaphila kulesi simiso sezinto. (Roma 5:9; Jak. 2:23) Ukube bekungenjalo, besingeke sibe khona isidingo seseluleko esiphefumulelwe sokuba siqhubeke ‘sibekezelelana.’ Sibufinyelela kanjani ubunye nesikholwa nabo? Kudingeka sihlakulele “[ukuthobeka] kwengqondo okuphelele nobumnene.” Ngaphezu kwalokho, uPawulu usinxusa ukuba sizame ngobuqotho “ukugcina ubunye bomoya esibophweni esihlanganisayo sokuthula.” (Funda eyabase-Efesu 4:1-3.) Ukusebenzisa lesi seluleko kuhilela ukuthobela ithonya lomoya kaNkulunkulu nokuwuvumela ukuba uveze izithelo zawo kithi. Lezo zithelo zisiza ekulungiseni izingxabano phakathi kwabantu, ngokungefani nemisebenzi yenyama, evame ukubangela ukwahlukana.

8. Imisebenzi yenyama ikubangela ngamuphi umqondo ukwahlukana?

8 Phawula indlela “imisebenzi yenyama” ebangela ngayo ukwahlukana. (Funda eyabaseGalathiya 5:19-21.) Ubufebe buhlukanisa umuntu obenzayo noJehova nebandla, futhi ukuphinga kungahlukanisa kabuhlungu abantwana nabazali nabangane bomshado abangenacala nalabo abashade nabo. Ukungcola konakalisa ubunye bomuntu noNkulunkulu nalabo abamthandayo. Umuntu oke wazama ukuhlanganisa izinto ezimbili ngengcina uyazi ukuthi zombili lezo zinto kumelwe azihlanze ngaphambi kokuzihlanganisa. Ukuziphatha okuxekethile kubonisa ukuyishaya indiva ngokuphelele imithetho kaNkulunkulu yokulunga. Yonke eminye imisebenzi yenyama ibangela ukwahlukana phakathi kwabantu naphakathi kwabo noNkulunkulu. Ukuziphatha okunjalo kungqubuzana ngokuphelele nobuntu bukaJehova.

9. Singazihlola kanjani ukuze sibone ukuthi ‘sizama ngenkuthalo ukugcina ubunye bomoya’?

9 Ngakho, ngamunye wethu kudingeka azibuze: ‘Ngizama ngobuqotho kangakanani “ukugcina ubunye bomoya esibophweni esihlanganisayo sokuthula”? Ngisabela kanjani lapho kuvela izinkinga? Lapho nginenkinga nothile, ingabe ngitshela wonke umuntu ngoba ngifuna abantu abazongisekela? Ingabe ngilindela abadala bangixazululele leyo nkinga kunokuba ngenze imizamo yokuba sibuyisane? Ingabe ngibalekela ukuxazulula izinkinga enginazo nabanye ngokubagcina bekude nami?’ Ingabe ukwenza kanjalo bekungabonisa ukuthi sibambisana nenjongo kaJehova yokuphinde abuthele ndawonye zonke izinto kuKristu?

10, 11. (a) Kubaluleke kangakanani ukuba sibe nokuthula nabafowethu? (b) Iziphi izenzo eziyobangela ukuthula nokuchuma ngokomoya?

10 UJesu wathi: “Khona-ke, uma uletha isipho sakho e-altare bese ukhumbula lapho ukuthi umfowenu unokuthile ngawe, shiya isipho sakho lapho phambi kwe-altare, uhambe; okokuqala yenza ukuthula nomfowenu, khona-ke, lapho usubuyile, unikele isipho sakho. Lungisa izindaba masinyane.” (Math. 5:23-25) UJakobe wabhala: “Imbewu yesithelo sokulunga ihlwanyelwa ngaphansi kwezimo zokuthula kulabo abenza ukuthula.” (Jak. 3:17, 18) Ngenxa yalokho, asikwazi ukuqhubeka senza okulungile ukuthula kube kungekho.

11 Ngokwesibonelo, kulinganiselwa ukuthi kwamanye amazwe akhahlanyezwe impi, umhlaba ongamaphesenti angaphezu kwangu-35 ubungasetshenziselwa ukulima ukube izakhamuzi bezingakhathazekile ngamabhomu agqitshiwe. Lapho ibhomu liqhuma, abalimi bashiya amasimu, abantu abakulawo mapulazi balahlekelwe umsebenzi bese abahlala emadolobheni beswela ukudla. Ngendlela efanayo, intuthuko yethu engokomoya iyathiyeka uma sinezici zobuntu ezingaphazamisa ukuthula nabafowethu. Kodwa ngokuba abasheshayo ukuthethelela nangokukhathalela inhlalakahle yabanye, sikhuthaza izimo eziletha ukuchuma kwangempela.

12. Abadala bangasisiza kanjani ukuba sibe nobunye?

12 Ngaphezu kwalokho, ‘izipho ezingabantu’ zingaba ithonya elinamandla lobunye. Siziphiwe ngenjongo yokuba zisisize ukuba “sifinyelele ubunye okholweni.” (Efe. 4:8, 13) Lapho abadala besebenza nathi enkonzweni engcwele futhi besinikeza iseluleko esisekelwe eZwini likaNkulunkulu ngokwalokho abakubona kithi, basisiza ukuba sithuthuke ekugqokeni ubuntu obusha. (Efe. 4:22-24) Eselulekweni sabo, uyayibona yini imizamo kaJehova yokukulungiselela ukuphila ezweni elisha lapho sekubusa iNdodana yakhe? Badala, ingabe nizama ukulungisa abanye ninalowo mgomo?—Gal. 6:1.

“YIBANI NOMUSA KOMUNYE NOMUNYE”

13. Kuyoba namuphi umphumela ukungasilaleli iseluleko esikweyabase-Efesu 4:25-32?

13 Eyabase-Efesu 4:25-29 ibalula ukuziphatha okufanele sikugweme ngokuqondile. Lokhu kuhlanganisa ukukhuluma amanga, ukuba nolaka noma ukuvilapha, nokukhuluma inkulumo ebolile kunokukhuluma amazwi amahle nakhayo. Uma umuntu engasilaleli lesi seluleko, angawenza lusizi umoya ongcwele kaNkulunkulu, ongamandla athuthukisa ubunye. (Efe. 4:30) Kubalulekile nokusebenzisa lokho uPawulu akubhala ngokulandelayo ngokuphathelene nokuthula nobunye: “Makususwe kini konke ukufutheka okubi nentukuthelo nolaka nokuklabalasa nokuhlambalaza kanye nabo bonke ububi. Kodwa yibani nomusa komunye nomunye, ninobubele besisa, nithethelelane ngokukhululekile njengoba nje noNkulunkulu anithethelela ngokukhululekile ngoKristu.”—Efe. 4:31, 32.

14. (a) Asikiselani amazwi athi “yibani nomusa”? (b) Yini eyosisiza ukuba sibe nomusa?

14 Amazwi athi “yibani nomusa” asikisela ukuthi kungenzeka besisilela ngezinga elithile ekuboniseni umusa nokuthi kudingeka sithuthukise. Yeka indlela okufaneleka ngayo ukuba sizijwayeze ukucabangela imizwa yabanye ngaphambi kweyethu! (Fil. 2:4) Kungenzeka sicabanga ukusho okuthile okungase kuhlekise noma okuyosenza sibonakale sihlakaniphile, kodwa ingabe kunomusa? Ukucabanga ngalokho kusengaphambili kuyosisiza ukuba ‘sibe nomusa.’

UKUFUNDA UTHANDO NENHLONIPHO EMKHAYENI

15. UPawulu wayebhekisele kusiphi isici sokusebenzelana kukaKristu nebandla kweyabase-Efesu 5:28?

15 IBhayibheli lifanisa ubuhlobo bukaKristu nebandla nobendoda nomkayo. Lokhu kufanele kuvele kugxilise kithi ukuthi indoda kudingeka iqondise emshadweni, futhi ibonise uthando nokukhathalela—nokuthi inkosikazi kufanele ibonise ukuzithoba. (Efe. 5:22-33) Lapho uPawulu ebhala ukuthi: “Ngale ndlela, amadoda kufanele athande omkawo njengemizimba yawo siqu,” wayekhuluma ngayiphi ‘indlela’? (Efe. 5:28) Amazwi akhe andulelayo abonisé indlela “noKristu alithanda [ngayo] ibandla futhi wazinikela ngenxa yalo, . . . elihlanza ngokuligeza ngamanzi esebenzisa izwi.” Ngempela, ukuze yenze ngokuvumelana nenjongo kaJehova yokuphinde abuthele ndawonye zonke izinto kuKristu, indoda kumelwe ikuphaphamele ukondla umkhaya wayo ngokomoya.

16. Kuba namuphi umphumela lapho abazali befeza imithwalo yabo engokomBhalo ekhaya?

16 Abazali benza kahle ngokukhumbula ukuthi bafeza isabelo abasinikwe uJehova. Kuyadabukisa ukuthi ezweni namuhla abaningi ‘abanalo uthando.’ (2 Thim. 3:1, 3) Obaba abaningi babalekela imithwalo yabo—okushiya abantwana babo becasukile futhi belimele. Kodwa uPawulu weluleka obaba abangamaKristu: “Ningabacasuli abantwana benu, kodwa qhubekani nibakhulisa ngesiyalo nangokuqondisa umqondo kukaJehova.” (Efe. 6:4) Ikhona yini enye indawo ngaphandle kwasemkhayeni abantwana abafunda kuyo okokuqala ngothando negunya? Abazali abaye bafundisa lezo zifundo ngokuphumelelayo baye benza ngokuvumelana nesimiso sikaJehova sokuqondisa. Ngokwenza imizi yethu ibe indawo yothando ngokulahla yonke intukuthelo, ulaka nokuhlambalaza, sifundisa abantwana bethu izifundo ezibalulekile mayelana nokubonisa uthando nenhlonipho ngegunya. Lokhu kuyobalungiselela ukuphila ezweni elisha likaNkulunkulu.

17. Yini edingekayo ukuze simelane noDeveli?

17 Kudingeka siqaphele ukuthi uDeveli, okunguye owaqala ukuphazamisa ukuthula endaweni yonke, uyomelana ngokuqinile nemizamo yethu yokwenza intando kaNkulunkulu. Akungabazeki ukuthi injongo yakhe iyafezeka njengoba sibona inani lezahlukaniso landa, abaningi bekhetha ukukipita kunokushada nemishado yongqingili yamukeleka. Thina asivumelanisi ukuziphatha kwethu noma isimo sethu sengqondo nemikhuba esiyibona emphakathini wanamuhla. Isibonelo sethu uKristu. (Efe. 4:17-21) Ngakho, sikhuthazwa ukuba ‘sigqoke zonke izembatho zempi ezivela kuNkulunkulu’ ukuze simelane ngokuphumelelayo noDeveli namademoni akhe.—Funda eyabase-Efesu 6:10-13.

‘QHUBEKANI NIHAMBA OTHANDWENI’

18. Siyini isihluthulelo sobunye bethu bobuKristu?

18 Uthando luyisihluthulelo sangempela sobunye bethu bobuKristu. Ngezinhliziyo ezigcwele uthando ‘ngeNkosi yethu eyodwa, ngoNkulunkulu wethu oyedwa’ nangomunye nomunye, sizimisele “ukugcina ubunye bomoya esibophweni esihlanganisayo sokuthula.” (Efe. 4:3-6) UJesu waluthandazela lolu thando: “Angiceleli laba kuphela, kodwa nalabo ababa nokholo kimi ngezwi labo; ukuze bonke babe munye, njengoba nje wena, Baba, umunye nami futhi nami ngimunye nawe, ukuba nabo babe munye nathi . . . Ngibazisile igama lakho futhi ngizolazisa, ukuze uthando ongithande ngalo lube kubo nami ngibe munye nabo.”—Joh. 17:20, 21, 26.

19. Yini ozimisele ukuyenza?

19 Uma ukungapheleli kwethu kudala impi ngaphakathi kithi, kwangathi uthando lungasishukumisela ukuba sithandaze njengomhubi: “Yenza inhliziyo yami ibe nobunye ukuze yesabe igama lakho.” (IHu. 86:11) Masizimisele ukumelana nemizamo kaDeveli yokusiqhelisa kuBaba wethu onothando nalabo abamukelayo. Zikhandleni ukuba ‘nibe ngabalingisi bakaNkulunkulu, njengabantwana abathandekayo, futhi niqhubeke nihamba othandweni’—emkhayeni, enkonzweni yethu nasebandleni.—Efe. 5:1, 2.

[Imibuzo Yesifundo]

[Isithombe ekhasini 29]

Eshiya isipho sakhe e-altare, uyahamba ayokwenza ukuthula nomfowabo

[Isithombe ekhasini 31]

Bazali, fundisani abantwana benu ukubonisa inhlonipho